From Swedenborg's Works

 

Izimfihlakalo Zezulu #1

Study this Passage

  
/ 10837  
  

1. INCWADI KAGENESIS

Kakho umuntu ongabona ngokusukela engqondweni yemvelo yeZwi yeThestamente eliDala ukuthi lengxenye yeZwi imumethe izimfihlo zasezulwini ezijulile, nokuthi konke okuqukethwe kuyo, kabanzi nangemininingwane, kuphathelene neNkosi, nezulu laYo, nesonto, nenkolo, nazozonke izinto ezixhumene nalezizinto. Ngokuba engqondweni yemvelo noma yamabala yalengxenye yeZwi, umuntu angabona kuphela—kabanzi—ukuthi zonke izinto kuyo ziphathelene namasiko nemithetho eSonto lamaJuda. Nokho iqiniso elimsulwa wukuthi kulolo nke leloZwi kukhona okungaphakathi okungaveli nakancane kokungaphandle ngaphandle kokuyingcosane okwadalulwa futhi kwachazwa yiNkosi kuBafundi baYo; njengokuthi imihlabelo ifanekisa iNkosi; ukuthi izwe laseK-hanana neJerusalema kufanekisa izulu—okuyisizathu sokuba kubizwe ngeKhanana lasezulwini nangeJerusalema lasezulwini—nokuthi iPharadisi lifanekisa okufanayo. (Mathewu 6:33)

  
/ 10837  
  

From Swedenborg's Works

 

Izimfihlakalo Zezulu #1224

Study this Passage

  
/ 10837  
  

1224. Ngokusukela kulemiziyo kusobala ukuthi lamagama afanekisani engqondweni engaphakathi yeZwi, okungukufanekisa ukuthi iSonto laseMandulo, elaliyiSonto langaphakathi, laliphiwe inhlakanipho, inkalipho, ulwazi, nolwazi noma iziminya zeqiniso nezokulunga. Lezizinto ziqukethwe engqondweni engaphakathi yize zingabonakali engqondweni yemvelo ngaphandle kokuthi lababantu bayimisuka noma bangoyise bezizwe ezishiwo ngalawomagama, nokunomphumela wokuba kungabonakali lutho kuwo oluyimfundiso, kungasaphathwa ukubonakala kokukamoya nokwezulu lamazulu. Kunjalo nakubaPhrofethi lapho kwesinye isikhathi kuye kubekhona uhlu lwamagama afanekisa izinto zempela engqondweni engaphakathi, nalawomagama abekwe ngokulandelana ngendlela noma ngehlelo elikhangayo.

  
/ 10837  
  

From Swedenborg's Works

 

Izimfihlakalo Zezulu #2861

Study this Passage

  
/ 10837  
  

2861. Ukuthi ngamazwi “Kwathi emva kwalokho” kufanekiswa osekufeziwe maqondana nabantu abangaphakathi kweSonto kuchachiswa wukufanekiswa kwezinto zempela nga “mazwi”. Olimini lwakuqala izinto zempela zibizwa nga “mazwi”, ngakhoke ukuthi “ngemva kwalokho” kufanekisa izinto esezifeziwe. Isihloko sesigaba esandulela lesi, kusukela esahlukwaneni 13 kuya kulesisahlukwana esikuso manje, bekuyinsindiso yabantu abawuhlobo lwasezulwini likamoya besindiswa nguBuntu beNkosi boBunkulunkulu, imbala insindiso yalabo abaphiwe ukulunga abangaphakathi kweSonto. Laba yibona abanamandla okuba ngabantu bezulu likamoya ngempela ngoba baneZwi nakanjalo banamaqiniso enkolo. Kungesu lamaqiniso emfundiso ehambisana nokulunga kwempilo okwenza ukuba umuntu abe ngumuntu wezulu likamoya. Konke okwezulu likamoya kusukela ekuxhumaneni noma ekuhambisaneni kwalokhu kokubili. Kepha abezizwe abangaphandle kweSonto, ngenxa yokungabinalo iZwi, kanjalo ngenxa yokungabinawo amaqiniso enkolo besaphila emhlabeni, yize benokulunga kwesisa senhliziyo, nokho kabanakuba ngabantu bezulu likamoya ngokugcwele baze bafundiswe amaqiniso enkolo. Nangesizathu sokuthi abantu abaningi abangaphandle kweSonto emhlabeni bangefundiswe, labo phakathi kwabo ababephilisana ngesisa senhliziyo nangokuhloniphana, ngesondlo nangomusa koBunkulunkulu, bayafundiswa ngemuva kokufa. Laphoke bayawavuma amaqiniso enkolo ngaphandle kobunzima noma kokungabaza maqede babe ngabezulu likamoya. Ngokuba sinjalo isimo nesimiselo sabantu abangaphandle kweSonto empilweni yangemuva kokufa (bheka izinombolo 2589-2604).

[2] Njengoba isihloko kusukela esahlukwaneni 13 kuze kube manje bekuyinsindiso yabantu abangaphakathi kweSonto ngesu loBuntu beNkosi boBunkulunkulu, ngakhoke isihloko kusukela manje kuze kube sekugcineni kweSahluko yinsindiso yabantu abangaphandle kweSonto. Yilababantu abafanekiswa ngabantwana abazalelwa uNahori, umfowabo kaAbrahama, bezalwa nguMilkha umkakhe noRewuma isancinza sakhe. Lokhu futhi kuhambisana nokulandelana komcabango. Umuntu ongayazi ingqondo engaphakathi yeZwi angacabanga ukuthi lamagama abantu ayekhombisa izizukulwane zendlu kaThera njekuphela, okwethulwe ngenxa kaRibhekha owaba ngumfazi kaIsaka, nangenxa kaBethweli omadodakazi akhe amabili, uLeya noRasheli, agcina engabafazi bakaJakobe. Kephake empeleni, njengoba sekuphawuliwe futhi kwakhonjiswa ngenhla, onke amagama aseZwini afanekisa izinto zempela (bheka izinombolo 1224, 1264, 1876, 1888. Ukuba amagama aseZwini abengafanekisi izinto zempela iZwi belingeke libe ngeloBunkulunkulu kodwa beliyokuba ngelomhlaba. Ngokusukela kulokhu kungaba sobala futhi ukuthi amazwi alandelayo amalungana neSonto leNkosi lasezulwini likamoya kuleyomcabango olandelanayo, nokho lisesimweni sabantu abangaphandle kwalo. Umkhondo walo ususelwe emuva kusukela kuNahori, umfowabo kaAbrahama, ukuze kufanekiswe abantu abasebuhlotsheni bobuzalwane obudalwa wukulunga, njengoba kukhonjiswe ngezansi enombolweni 2863.

  
/ 10837