From Swedenborg's Works

 

Izimfihlakalo Zezulu #1

Study this Passage

  
/ 10837  
  

1. INCWADI KAGENESIS

Kakho umuntu ongabona ngokusukela engqondweni yemvelo yeZwi yeThestamente eliDala ukuthi lengxenye yeZwi imumethe izimfihlo zasezulwini ezijulile, nokuthi konke okuqukethwe kuyo, kabanzi nangemininingwane, kuphathelene neNkosi, nezulu laYo, nesonto, nenkolo, nazozonke izinto ezixhumene nalezizinto. Ngokuba engqondweni yemvelo noma yamabala yalengxenye yeZwi, umuntu angabona kuphela—kabanzi—ukuthi zonke izinto kuyo ziphathelene namasiko nemithetho eSonto lamaJuda. Nokho iqiniso elimsulwa wukuthi kulolo nke leloZwi kukhona okungaphakathi okungaveli nakancane kokungaphandle ngaphandle kokuyingcosane okwadalulwa futhi kwachazwa yiNkosi kuBafundi baYo; njengokuthi imihlabelo ifanekisa iNkosi; ukuthi izwe laseK-hanana neJerusalema kufanekisa izulu—okuyisizathu sokuba kubizwe ngeKhanana lasezulwini nangeJerusalema lasezulwini—nokuthi iPharadisi lifanekisa okufanayo. (Mathewu 6:33)

  
/ 10837  
  

From Swedenborg's Works

 

Izimfihlakalo Zezulu #1224

Study this Passage

  
/ 10837  
  

1224. Ngokusukela kulemiziyo kusobala ukuthi lamagama afanekisani engqondweni engaphakathi yeZwi, okungukufanekisa ukuthi iSonto laseMandulo, elaliyiSonto langaphakathi, laliphiwe inhlakanipho, inkalipho, ulwazi, nolwazi noma iziminya zeqiniso nezokulunga. Lezizinto ziqukethwe engqondweni engaphakathi yize zingabonakali engqondweni yemvelo ngaphandle kokuthi lababantu bayimisuka noma bangoyise bezizwe ezishiwo ngalawomagama, nokunomphumela wokuba kungabonakali lutho kuwo oluyimfundiso, kungasaphathwa ukubonakala kokukamoya nokwezulu lamazulu. Kunjalo nakubaPhrofethi lapho kwesinye isikhathi kuye kubekhona uhlu lwamagama afanekisa izinto zempela engqondweni engaphakathi, nalawomagama abekwe ngokulandelana ngendlela noma ngehlelo elikhangayo.

  
/ 10837  
  

From Swedenborg's Works

 

Izimfihlakalo Zezulu #1888

Study this Passage

  
/ 10837  
  

1888. Ukukhombisa ukuthi ingqondo engaphandle yeZwi iqhamisa izimfihlakalo zoBunkulunkulu futhi iyisikhongozelo, kanjalo iyinqolobane equkethe izinto zezulu lamazulu nezinto zezulu likamoya, ake sithathe izibonelo ezimbili ezizochachisa umumo ngazozonke ezinye izinto zeZwi. Isibonelo sokuqala ngesikaDavidi, esikhombisa ukuthi ngoDavidi kakushiwo uDavidi kodwa kufanekiswa iNkosi. Isibonelo sesibili wukuthi amabizo noma amagama kawafanekisi lutho olunye ngaphandle kwezinto zempela. KuHezekeli, ngoDavidi kuthiwa:

Inceku yaMi uDavidi iyokuba yiNkosi phezu kwabo, bonke bayokuba noMalusi oyedwa. Bayohlala ezweni, bona, nabantwana babo, nabantwana babantwana babo kuze kube phakade. UDavidi inceku yaMi uyokuba yiNkosana yabo kuze kube phakade (Hezekeli 37:24, 25).

NakuHoseya kuthiwa:

Abantwana bakaIsrayeli bayobuya bafune uJehova uNkulunkulu wabo, noDavidi inkosi yabo (Hoseya 3:5).

Lezizethembiso zalotshwa ngabaphrofethi ababephila kamuva kunoDavidi, nokho bakubeka ngokusobala ukuthi uyokuba yinkosi nenkosana yabo. Ngalokhu kungaba sobala kunoma wubani ukuthi engqodweni engaphakathi ngoDavidi kufanekiswa iNkosi. Kufanekiswa iNkosi kuzozonke izindawo zeZwi, ngisho nasezingxenyeni eziwumlando, lapho uDavidi egagulwa khona ngegama.

[2] Malungana namagama emibuso, izifunda, imizi noma amadolobha, nabantu, ekufanekiseni kwakho izinto zempela, kusobala kubaPhrofethi. Ake sithathe lesisibonelo esikuIsaya:

Isho kanje iNkosi uJehova Sebawoti, ithi: We bantu baMi, enakhe eSiyoni, ningalesabi iSiriya; liyonishaya ngentonga yalo, liphakamisele kini udondolo lwalo ngendlela yaseGibhithe. UJehova Sebawoti uyolivusela isiswebhu njengasekubulaweni kwabakwaMidiyani edwaleni likaOrebhi, nentonga yalo iyokuba phezu kolwandle, ayiphakamise ngendlela yaseGibhithe. Liyokuza eAyathi; ledlulele eMigroni; lethule impahla yalo eMikhimashi. Bayodabula iMibhara. Siyongenisa eGeba. IRama liyoqhaqhazela. IGebiya likaSawuli liyobaleka. Zamuluka ngezwi lakho, Ndodakazi kaGalimi. Qaphela wena Layishi. Lila wena Anathoti. UMadimena uyoshangashanga. Abakhileyo eGebhimi bayoqoqana. Namhlanje liseNobi ukuzohlala. Intaba yendodakazi yeSiyoni, igquma laseJerusalema, iyonikina isibhakela sayo. Bheka, iNkosi uJehova Sebawoti iyocaba izihlahla zehlathi ngembazo, neLebhanoni iyowiswa ngonamandla (Isaya 10:24,26-34).

[3] Kuncane okuphathwa kulezizahlukwana ngaphandle kwamagama ezindawo kanye nabantu, nokugagulwa kwalamagama bekungeke kube yinto enomqondo ukuba lamagama kawafanekisi izinto zempela; nalapho umqondo womuntu ugxila kulamagama kakubibikho ukunaka noma ukuvuma ukuthi lamagama ayiZwi le –Nkosi. Ekubeni empeleni ngubani ongakholwa ukuthi wonke lamagama afihle izimfihlakalo zezulu engqondweni yawo engaphakathi? Noma ongakholwa ukuthi ngawo kufanekiswa isimo sabantu abazama ukungena kumbe ukuqonda izimfihlakalo zenkolo ngesu lokuhlaziya okuphuma eziminyeni zolwazi? Noma ongakholwa ukuthi ngalelo nalelogama kuchazwa isici esithile salesosimo? Noma ongakholwa ukuthi lokho kuhlaziya kuhlakazwa noma kuchithwa yiNkosi ngesu lezinto zothando zezulu lamazulu nezinto zenkolo zezulu likamoya? Ukuthi nge “Siriya” kufanekiswa ukuhlaziya noma ukuzindla, okuyisihloko kulezizahlukwana ezicashunwe kuIsaya ezingenhla, kuba sobala ngokuphawulwe nge “Siriya” ezinombolweni 119, 1186; nokuthi nge “Gibhithe” kufanekiswa ulwazi lweziminya oluphawulwe ezinombolweni 1164, 1165, 1462 (okuyizinombolo ongazibheka, uqiniseke ukuthi lokhu kuyiqiniso yini noma kakusilo). Lokhu kuyiqiniso ngawowonke amagama aseZwini nangemisho ekulo.

  
/ 10837