From Swedenborg's Works

 

Izimfihlakalo Zezulu #0

Study this Passage

/ 10837  
  

IZIMFIHLO ZASEZULWINI EZIQUKETHWE EZIBHALWENI EZINGCWELE NOMA EZWINI LENKOSI ZISONJULULIWE KUQALWA ENCWADINI KAGENESIS KANYE NEZINTO EZIMANGALISAYO EZIBONWE EMHLABENI WEMIMOYA NASEZULWINI LEZINGELOSI

KULOTSHWE WU EMANUEL SWEDENBORG

KWAHUNYUSHWA KUSUSWA ESINGISINI KUYISWA ESIZULWINI UMQINGO WOKUQALA

IHUNYUSHWE NGU wuZAMOKUHLE T. ZUNGU

---

Arcana Coelestia: The Heavenly Arcana contained in the Holy Scripture or Word of the Lord unfolded in the Book of Genesis together with wonderful things seen in the World of Spirits and in the Heaven of Angels

By Emanuel Swedenborg

Translated into Zulu by Zamokuhle T. Zungu

---

UHLU LOMLOBI LWEZIHLOKO EZIQUKETHWE EMQINGWENI WOKUQALA.

IziMfihlo zeZulu ezisonjululwe eziBhalweni eziNgcwele noma eZwini leNkosi zikwiNcazelo, eyiNgqondo engaPhakathi yeZwi. Ukuthi lengqondo inhloboni kungabonwa kulezozinto ezikhonjiswe malungana nayo ngokusukela eLwazini lokuzazela mathupha ezinombolweni 1767-1777, 1869-1879; nasemongweni noma engqikithini yenkulumo (ezinombolweni 1-5, 64-66, 167, 605, 920, 937, 1143, 1224, 1404, 1405, 1408, 1409, 1502 ekugcineni, 1540, 1659, 1756, 1783, 1807).

IZinto eziMangalisayo ezibonwe eMhlabeni weMimoya naseZulwini leziNgelosi, kuqalwe ngazo futhi zajotshelelwa ezahlukweni ezimbalwa. Kulomqingo kukhona lezizihloko ezilandelayo:

Mayelana nokuVuswa komuntu kwabafileyo, nokungena kwakhe ekuphileni okuphakade (n. 168-181).

Isiqhubezo mayelana nokungena komuntu ekuphileni okuphakade (n. 182-189; naku 314-319).

Ukuthi ngaleyonkathi impilo yoMphefumulo noma yoMumoya injani (320-323).

Ezinye izibonelo zemicabanga yeMimoya yokuthi yayicabangani ngoMphefumulo noma ngoMumoya ngenkathi isesemzimbeni wemvelo (n. 443-448).

Mayelana neZulu kanye neNjabulo yaseZulwini (n. 449-459; 537-546; 547-553).

Mayelana namaBandla abumba noma enza iZulu (n. 684-691).

Mayelana nesiHogo (n. 692-700).

Mayelana neziHogo zalabo abebebuswa yiNzondo, ukuPhindisa, noluNyae ezimpilweni zabo zemvelo (n. 814-823).

Mayelana neziHogo zalabo abebebuswa wukuPhinga neSigweba; mayelana futhi neziHogo zabaKhohlisi nezabaThakathikazi (n. 824-831).

Mayelana neziHogo zabaHahayo; namayelana neJerusalema eliNgcolile, nabaPhangi eHlane; namayelana nothuvi obugcwele eziHogweni zalabo abebecwile ezinjabulweni zomzimba noma zezinzwa besaphila emhlabeni wemvelo (n. 938-946).

Mayelana nezinye iziHogo ezehlukile kulezi esezibalwe ngenhla (n. 947-970).

Mayelana neziNcithakalo (n. 1106-1113).

UHlu lomlobi lwezihloko eziqukethwe emqingweni wesikhombisa.

IziMfihlakalo zezulu ezisonjululwe ezibhalweni eziNgcwele noma ezwini leNkosi ziqukethwe ezincazelweni, eyingqondo engaphakathi yezwi. Izanduleliso ezendulela izahluko ezimbalwa ziyincazelo yalokhu okulandelayo: Ziyincazelo eyingqondo engaphakathi yamazwi eNkosi akuMathewu 25:34-36 (ezinombolweni 4954-4959).

Ziyisiqhubezo mayelana nokuqhamisana komuntu noMuntu oMkhulu: ukuqhamisana kwamanyonga nezitho ezixhumene nawo (ezinombolweni 5050-5062).

Ziyincazelo eyingqondo engaphakathi yamazwi eNkosi akuMathewu 25:37-46 (ezinombolweni 5063-5071).

Ziyisiqhubezo mayelana nokuqhamisana komuntu nomuntu omkhulu: ukuqhamisana kwezitho zomuntu zangaphakathi nezitho zomuntu omkhulu zangaphakathi (ezinombolweni 5171-5190).

Ziyisiqhubezo mayelana nokuqhamisana komuntu nomuntu omkhulu (ezinombolweni 5377-5396).

Ziyisiqhubezo mayelana nokuqhamisana komuntu nomuntu omkhulu: ukuqhamisana kwesikhumba, izinwele, namathambo (ezinombolweni 5552-5573).

Ziyisiqhubezo mayelana nokuqhamisana: ukuqhamisana kwezifo nomhlaba kamoya (ezinombolweni 5711-5727).

UHLU LOMLOBI LWEZIHLOKO EZIQUKETHWE KULOMQINGO.

Kuqukethwe izimfihlakalo zezulu ezethulwe ngencazelo yengqondo enga pha-kathi yeZibhalo ezingcwele noma yeZwi.

Okujotshelelwe ekugcineni kwezinye iZahluko kumayelana nezingelosi ka nye nemimoya okuhanqa umuntu (bheka izinombolo 5846-5866).

Isiqhubezo mayelana nezingelosi kanye nemimoya okuhanqe umuntu (bheka izinombolo 5976-5993).

Kujotshelelwe okumayelana nomngenela nobudlelwane bomphefumulo emzimbeni wemvelo (bheka izinombolo 6053-6058).

Isiqhubezo mayelana nomngenela nobudlelwane bomphefumulo emzimbeni wemvelo (6189-6215).

Isiqhubezo mayelana nomngenela nobudlelwane bomphefumulo emzimbeni wemvelo (6307-6327).

Isiqhubezo mayelana nomngenela nobudlelwane bomphefumulo emzimbeni wemvelo (bheka izinombolo 6466-6496).

Isiqhubezo mayelana nomngenela nobudlelwane bomphefumulo emzimbeni wemvelo (bheka izinombolo 6598-6626).

Okunye okulotshiwe (bheka amakhasi 503, 504).

/ 10837  
  

From Swedenborg's Works

 

Izimfihlakalo Zezulu #921

Study this Passage

  
/ 10837  
  

921. Ukuthi “uNowa wamakhela uJehova ialthari” kufanekisa okumele iNkosi kusobala ngalokhu okuqedwa ukwethulwa ngenhla. Onke amasiko eSonto laseMandulo ayemele noma efanekisa iNkosi, njengamasiko eSonto lamaJuda. Nokho kamuva umfanekiso weNkosi osemqoka kunayoyonke kwaba yialthari kanye nomnikelo oshisiweyo, nangenxa yokuthi lomnikelo kwakungowezilwane nezinyoni ezihlambulukileyo, wawuhambisana nokwakufanekiswa ngezilwane nezinyoni, izilwane ezihlambululukileyo zifanekisa ukulunga kwesisa senhliziyo, nezinyoni ezihlambulukileyo zifanekisa amaqiniso enkolo. Lapho abantu beSonto laseMandulo benikela ngaleminikelo, babefanekisa ukupha iNkosi lokhokulunga noma lawomaqiniso. Akukho lutho olunye olungaphiwa iNkosi maqede ithokoze. Kepha izizukulwane saleloSonto, njengabezizwe, namaJuda sayiphendukezela leminikelo, ngokuba zazingazi ngisho nokwazi ukuthi leyominikelo inalokhokufanekisa, ekubeni inkonzo yazo yabe ingeyezin-to zangaphandle kuphela.

[2] Ukuthi ialthari labe liwumfanekisa osemqoka ofanekisa iNkosi kusobala ngokuthi ama-althari ayekhona ngisho kwabezizwe ngaphambi kokusungulwa kwamasiko angcwele emaSontweni, ngaphambi kokwakhiwa kweKisi leSivumelwano, nangaphambi kokwakhiwa kweThempeli. Lokhu kusobala ngokuya kukaAbrama entabeni engasempumalanga kwaseBethele, wakha ialthari khona, wakhuleka kulo egameni likaJehova (Genesise 12:8); kusobala futhi nangokuyalezwa kukaAbraham ukuba anikele ngoIsaka njengomnikelo oshisiweyo ealthari (Genesise 22:2, 9); kusobala ngokwakhiwa kwealthari eLuze noma eBethele lakhiwa wuJakobe (Genesise 35:6, 7); nangokwakhiwa kwealthari nguMose phansi kwentaba, wanikela umnikelo kulo (Eksodusi 24:4-6). Konke lokhukwakhiwa kwama-althari kwenzeka ngaphambi kokumiswa kwehlelo lweminikelo eSontweni lamaJuda, nangaphambi kokwakhiwa kweKisi, kamuva elaba yindawo yokukhonzela ngenkathi amaJuda esehlane. Ukuthi nabezizwe babenama-althari kusobala ngokushiwo ngoBhileyamu, ukuthi watshela uBhalaki ukuthi makakhe ama-althari ayisikhombisa, alungise amaduna ayisikhombisa nezinqama eziyisikhombisa (Numeri 23:17, 15-18, 29, 30), kuaobala futhi nangomyalezo wokuba kudilizwe ama-althari ezizwe (Duteronomi 7:5; AbAhl. 2:2). Ngakhoke inkonzo eNgcwele exuba ama-althari neminikelo yayingeyona into entsha ngenkathi imiswa kumaJuda. Empeleni abantu babakha ama-althari, ikakhulu yokugubha izikhumbuzo ezithile, ngaphambi kokuba nomqondo wokuhlabela amaduna nezinye izilwane njengeminikelo kuwo.

[3] Ukuthi “ialthari” lifanekisa okumele iNkosi, nango “mnikelo oshisiweyo” kufanekiswa inkonzo yaYo, kuchache kakhulu kubaPhrofethi nakuDuteronomi kaMose lapho isihloko kunguLevi okunguyena owayethweswe ubuphristi, lapho kuthiwa khona:

Bayofundisa uJakobe izahlulelo zaKho, noIsrayeli umthetho waKho. Bayobeka impepho phambi kwamakhala aKho, nomnikelo oshiswa wonke ealthari laKho (Duteronomi 33:10),

Okungamazwi afanekisa yonke inkonzo. “Ukufundisa uJakobe izahlulelo zaKhe, noIsrayeli umthetho waKhe” kumele inkonzo engaphakathi, kanti “ukubeka impepho phambi kwamakhala aKhe, nomnikelo oshiswa wonke ealthari” ku mele inkonzo engaphandle ehambisana nengaphakathi, okungukuthi, lapha kukhulunywa ngayoyonke inkonzo iphelele.

KuIsaya kuthiwa:

Ngalolosuku umuntu uyobheka uMenzi wakhe namehlo akhe ayobuka oNgcwele kaIsrayeli. Kayukubheka kumaal-thari, awum sebenzi wezandla zakhe (Isaya 17:7, 8).

Lapha, kuyachacha ukuthi “ukubheka kuma-althari” kusho inkonzo kabanzi efanekisayo eyayizoqedwa. Kuye futhi lomPhrofethi kuthiwa:

Ngalolosuku kuyobakhona ialthari kuJehova phakathi kwezwe laseGibhithe, nensika kuJehova emngceleni walo (Isaya 19:19).

Nalapha futhi nge “althari” kufanekiswa inkonzo engaphandle.

[4] KuSiLilo sika Jeremiya kuthiwa:

INkosi ililahlile ialthari laYo, yanengwa yindlu yaYo engcwele (IsiLilo 2:7).

Nge “althari” lapha kushiwo inkonzo efanekisayo esiphenduke yaba yinkonzo yokukhonza izithixo. KuHoseya kuthiwa:

UEfrayimi wandise ama-althari okona, kuye abengama-althari ezono (Hoseya 8:11).

Nga “maalthari” lapha kushiwo yonke inkonzo efanekisayo eyahlukanisiwe nenkonzo engaphakathi, ngakhoke ngawo kushiwo inkonzo efanekisayo esiphenduke inkonzo yezithixo. Kuye futhi lomPhrofethi kuthiwa:

Izindawo eziphakemeyo zaseAveni, isono sakwaIsrayeli, ziyo chithwa. Ameva namakhakhasi ayomila emaalthari abo (Hoseya 10:8).

Lapha futhi nga “maalthari” kushiwo inkonzo yokukhonza izithixo.

KuAmose kuthiwa:

Mhla ngihambela uIsrayeli ngeziphambeko zakhe, ngiyohambela nama-althari aseBethele, nezimpondo zealthari ziyonqu nywa (Amose 3:14).

Nalapha “ama-althari” amele inkonzo efanekisayo esiphenduke yaba yinkonzo yokukhonza izithixo.

[5] KumaHubo kaDavidi kuthiwa:

Kuyongiletha entabeni yaKho engcwele, nasezindlini zaKho, lapho ngiyoze ngifike kulo ialthari likaNkulunkulu, kuNkulunkulu wenjabulo yokwethaba kwami (AmaHubo 43:3, 4).

Lapha kusobala ukuthi “ialthari” limele iNkosi. Ngakhoke ukwakha ialthari kweSonto laseMandulo nokweSonto lamaJuda kwakuwukwakhiwe kwesifanekiso seNkosi. Nangoba ukukhonza iNkosi kwakwenziwa ikakhulu ngesu leminikelo eshisiwe nemihlatshelo, nalokho kwakuyinkonzo efanekisayo ikakhulu, kuyachacha ukuthi ialthari uqobo lisho inkonzo efanekisayo.

  
/ 10837  
  

From Swedenborg's Works

 

Izimfihlakalo Zezulu #1143

Study this Passage

  
/ 10837  
  

1143. Yize lawo kwabe kungamagama alezozizwe ezabe ziyiSonto laseMandulo, nokho engqondweni yawo engaphakathi asho noma afanekisa izinto ezithile ezikhona, okungukuthi, afanekisa izinhlobo zezinkonzo ezahlukahlukile. Ezulwini kakwaziwa lutho ngamagama abantu, ngamagama amazwe, ngamagama ezizwe, nangamagama afana nalawa; izingelosi kazinawo umqondo noma isithombe esikhonjwa yilawomagama kepha zinesithombe zezinto ezikhona ezifanekiswa ngalawomagama. IZwi leNkosi linempilo ngenxa yengqondo yalo engaphakathi. Ingqondo engaphakathi yeZwi injengomphefumulo omzimba wawo uyingqondo engaphandle. Nalapho umzimba ufa, umphefumulo uqhubeka noku –phila, nalapho umphefumulo uqhubeka nokuphila, kawube usazazi izinto eziphathelene nomzimba wemvelo, ngakho-ke lapho lowomphefumulo usuyingilosi kawube usayazi ingqondo yemvelo noma engaphandle yeZwi kodwa wazi umphefumulo noma ingqondo yalo engaphakathi. Laliwuloluhlobo ilungu leSonto laseMandulondulo. Ukuba ilungu laleloSonto liyaphila namuhla, beliyothi lapho lifunda iZwi lingaboni noma lingaqondi lutho olushiwo ngamazwi alo engqondo yemvelo noma engaphandle, kepha beliyobona noma liqonde okushiwo yingqondo yalo engaphakathi. Imbala kulelolungu bekuyokuba sengathi amazwi engqondo yemvelo kawekho, kanjalo beliyobambelela empilweni noma emphefumulweni weZwi. Ingqondo engaphakathi ikulolonke iZwi, ngisho nasengxenyeni yalo ewumlando, okuwumlando owenzeka ngempela njengokulandwa, kepha ongenalo nelilodwa izwi kuwo elingafihlile imfihlakalo ethile esengqondweni yalo engaphakathi. Nalezizimfihlakalo kazibonaze zibonakale kubantu abagxilise imiqondo yabo ezenzekweni zomlando ezilandelanayo. Ngakhoke kulesiSahluko esiphezu kwaso, amagama aphathwa kuso ngengqondo yangaphandle noma yomlando, kufanekiswa abantu noma izizwe ezazingamalungu eSonto laseMandulo. Nokho engqondweni yalawomagama engaphakathi kufanekiswa izimfundiso zawo ezisuselwe kuleloSonto.

  
/ 10837