From Swedenborg's Works

 

Izimfihlakalo Zezulu #0

Study this Passage

/ 10837  
  

IZIMFIHLO ZASEZULWINI EZIQUKETHWE EZIBHALWENI EZINGCWELE NOMA EZWINI LENKOSI ZISONJULULIWE KUQALWA ENCWADINI KAGENESIS KANYE NEZINTO EZIMANGALISAYO EZIBONWE EMHLABENI WEMIMOYA NASEZULWINI LEZINGELOSI

KULOTSHWE WU EMANUEL SWEDENBORG

KWAHUNYUSHWA KUSUSWA ESINGISINI KUYISWA ESIZULWINI UMQINGO WOKUQALA

IHUNYUSHWE NGU wuZAMOKUHLE T. ZUNGU

---

Arcana Coelestia: The Heavenly Arcana contained in the Holy Scripture or Word of the Lord unfolded in the Book of Genesis together with wonderful things seen in the World of Spirits and in the Heaven of Angels

By Emanuel Swedenborg

Translated into Zulu by Zamokuhle T. Zungu

---

UHLU LOMLOBI LWEZIHLOKO EZIQUKETHWE EMQINGWENI WOKUQALA.

IziMfihlo zeZulu ezisonjululwe eziBhalweni eziNgcwele noma eZwini leNkosi zikwiNcazelo, eyiNgqondo engaPhakathi yeZwi. Ukuthi lengqondo inhloboni kungabonwa kulezozinto ezikhonjiswe malungana nayo ngokusukela eLwazini lokuzazela mathupha ezinombolweni 1767-1777, 1869-1879; nasemongweni noma engqikithini yenkulumo (ezinombolweni 1-5, 64-66, 167, 605, 920, 937, 1143, 1224, 1404, 1405, 1408, 1409, 1502 ekugcineni, 1540, 1659, 1756, 1783, 1807).

IZinto eziMangalisayo ezibonwe eMhlabeni weMimoya naseZulwini leziNgelosi, kuqalwe ngazo futhi zajotshelelwa ezahlukweni ezimbalwa. Kulomqingo kukhona lezizihloko ezilandelayo:

Mayelana nokuVuswa komuntu kwabafileyo, nokungena kwakhe ekuphileni okuphakade (n. 168-181).

Isiqhubezo mayelana nokungena komuntu ekuphileni okuphakade (n. 182-189; naku 314-319).

Ukuthi ngaleyonkathi impilo yoMphefumulo noma yoMumoya injani (320-323).

Ezinye izibonelo zemicabanga yeMimoya yokuthi yayicabangani ngoMphefumulo noma ngoMumoya ngenkathi isesemzimbeni wemvelo (n. 443-448).

Mayelana neZulu kanye neNjabulo yaseZulwini (n. 449-459; 537-546; 547-553).

Mayelana namaBandla abumba noma enza iZulu (n. 684-691).

Mayelana nesiHogo (n. 692-700).

Mayelana neziHogo zalabo abebebuswa yiNzondo, ukuPhindisa, noluNyae ezimpilweni zabo zemvelo (n. 814-823).

Mayelana neziHogo zalabo abebebuswa wukuPhinga neSigweba; mayelana futhi neziHogo zabaKhohlisi nezabaThakathikazi (n. 824-831).

Mayelana neziHogo zabaHahayo; namayelana neJerusalema eliNgcolile, nabaPhangi eHlane; namayelana nothuvi obugcwele eziHogweni zalabo abebecwile ezinjabulweni zomzimba noma zezinzwa besaphila emhlabeni wemvelo (n. 938-946).

Mayelana nezinye iziHogo ezehlukile kulezi esezibalwe ngenhla (n. 947-970).

Mayelana neziNcithakalo (n. 1106-1113).

UHlu lomlobi lwezihloko eziqukethwe emqingweni wesikhombisa.

IziMfihlakalo zezulu ezisonjululwe ezibhalweni eziNgcwele noma ezwini leNkosi ziqukethwe ezincazelweni, eyingqondo engaphakathi yezwi. Izanduleliso ezendulela izahluko ezimbalwa ziyincazelo yalokhu okulandelayo: Ziyincazelo eyingqondo engaphakathi yamazwi eNkosi akuMathewu 25:34-36 (ezinombolweni 4954-4959).

Ziyisiqhubezo mayelana nokuqhamisana komuntu noMuntu oMkhulu: ukuqhamisana kwamanyonga nezitho ezixhumene nawo (ezinombolweni 5050-5062).

Ziyincazelo eyingqondo engaphakathi yamazwi eNkosi akuMathewu 25:37-46 (ezinombolweni 5063-5071).

Ziyisiqhubezo mayelana nokuqhamisana komuntu nomuntu omkhulu: ukuqhamisana kwezitho zomuntu zangaphakathi nezitho zomuntu omkhulu zangaphakathi (ezinombolweni 5171-5190).

Ziyisiqhubezo mayelana nokuqhamisana komuntu nomuntu omkhulu (ezinombolweni 5377-5396).

Ziyisiqhubezo mayelana nokuqhamisana komuntu nomuntu omkhulu: ukuqhamisana kwesikhumba, izinwele, namathambo (ezinombolweni 5552-5573).

Ziyisiqhubezo mayelana nokuqhamisana: ukuqhamisana kwezifo nomhlaba kamoya (ezinombolweni 5711-5727).

UHLU LOMLOBI LWEZIHLOKO EZIQUKETHWE KULOMQINGO.

Kuqukethwe izimfihlakalo zezulu ezethulwe ngencazelo yengqondo enga pha-kathi yeZibhalo ezingcwele noma yeZwi.

Okujotshelelwe ekugcineni kwezinye iZahluko kumayelana nezingelosi ka nye nemimoya okuhanqa umuntu (bheka izinombolo 5846-5866).

Isiqhubezo mayelana nezingelosi kanye nemimoya okuhanqe umuntu (bheka izinombolo 5976-5993).

Kujotshelelwe okumayelana nomngenela nobudlelwane bomphefumulo emzimbeni wemvelo (bheka izinombolo 6053-6058).

Isiqhubezo mayelana nomngenela nobudlelwane bomphefumulo emzimbeni wemvelo (6189-6215).

Isiqhubezo mayelana nomngenela nobudlelwane bomphefumulo emzimbeni wemvelo (6307-6327).

Isiqhubezo mayelana nomngenela nobudlelwane bomphefumulo emzimbeni wemvelo (bheka izinombolo 6466-6496).

Isiqhubezo mayelana nomngenela nobudlelwane bomphefumulo emzimbeni wemvelo (bheka izinombolo 6598-6626).

Okunye okulotshiwe (bheka amakhasi 503, 504).

/ 10837  
  

From Swedenborg's Works

 

Izimfihlakalo Zezulu #922

Study this Passage

  
/ 10837  
  

922. Ukuthi “wathatha kuzozonke izilwane ezihlambulukileyo nakuzozonke izinyoni ezihlambulukileyo” kufanekisa ukulunga okuphuma esiseni senhliziyo, namaqiniso enkolo. Lokhu sekukhonjisiwe ngaphambili, ukuthi; nge “silwane” kufanekiswa ukulunga kwesisa senhliziyo kukhonjiswe ezinombolweni 45, 46, 142, 143, 246, nokuthi nge “nyoni” kufanekiswa amaqiniso enkolo kukhonjiswe ezinombolweni 40, 776. Iminikelo eshisiwe yayenziwa ngezinkomo, ngezimvi, ngezimbuzi, ngamahobhe nangamajuba asemancane (Levitikusi 1:2-17; Numeri 15:2-15; 28-31). Lezizilwane zazihlanzekile, kuyileso naleso sifanekisa isici esithile sasezulwini. Njengoba lezozilwane zazisho izici ezithile zasezulwini kubantu beSonto laseMandulo, nakumaSonto alandelayo lezozici zazifanekiswa, kuyachacha ukuthi iminikelo eshisiwe nemihlatshelo yayingelutho olunye ngaphandle kwezifanekiso ezihambisana nenkonzo engaphakathi, nokuthi lapho lezizifanekiso zahlukanisiwe nenkonzo engaphakathi lawomaSonto aba ngamaSonto akhonza izithixo. Noma yimuphi umuntu ocabanga aqondise angabona lokhu, ngokuba liyini ialthari ngaphandle kwento eyenziwe ngetshe? Futhi uyini umnikelo oshisiwe nomhla tshelo ngaphandle kokubulala isilwane? Ukuze inkonzo ibengcwele noma ibe ngeyoBunkulunkulu kumele ifanekise noma ibe nezifanekiso ezithile ezifanekisa izici zezulu ezaziwa nezivunywa ngabakhonzayo, nabakhonza Lowo abamkho nzayo nofanekiswa ngazo ngokusukela kuzo.

[2] Akekho umuntu, ngaphandle kongenasifiso sokuqonda ngisho okuncane ngeNkosi, ongebone noma ongebenalwazi lokuthi lezizinto zazifanekisa iNkosi. Kungesu lezinto ezingaphakathi, eziyisisa senhliziyo nenkolo ephuma kuso, ukubonakala, ukuvunywa, nokukholeka kwaLowo ofanekiswayo, njengoba lokhu kusobala kubaPhrofethi, njengakuJeremiya lapho kuthiwa khona:

Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu kaIsrayeli: Thasiselani ni iminikelo yenu yokushiswa emihlatshelweni yenu, nidle inyama. Ngokuba angikhulumanga koyihlo, angibayalelanga ngezindaba zeminikelo nemihlatshelo mhla ngibakhipha ezweni laseGibhithe. Kepha ngaba yala kuphela lento yokuthi: Lalelani izwi laMi, ngiyokuba nguNkulunkulu wenu (Jeremiya 7:21-23).

Ukuzwa noma “ukulalela izwi laKhe” kungukuhlonipha umthetho, nawowonke lomthetho uqondiswe kumyalo owodwa wokuthi abantu kumele bathande uNkulunkulu ngaphezu kwakhokonke, futhi bathande umakhelwane wabo kanjengoba bezithanda bona, ngoba kulokhu kuncike uMthetho nabaPhrofethi (Mathewu 22:37-40; 7:12).

KumaHubo kaDavidi kuthiwa:

O Jehova, umhlatshelo nomnikelo awukuthandi; umnikelo wokushiswa nomnikelo wesono awukubizi. Ngiyathanda ukwenza intando yaKho, Nkulunkulu wami, nomthetho waKho usenhliziyweni yami (AmaHubo 40:6, 8).

[3] KuSamuweli owathi kuSawuli:

UJehova uyenamela kakhulu yini iminikelo yokushiswa nemihlatshelo, njengalokhu enamele ukulalelwa kwezwi likaJehova, na? Bheka, ukuhlonipha kungcono kunomhlatshelo, nokulalela kungcono kunamanoni ezinqama (1 Samuweli 15:22).

Ukuthi “ukulalela izwi laKhe” kufanekisani kusobala kuMikha, lapho kuthiwa khona:

Ngiyofika phambi kukaJehova ngiphethe iminikelo yokushiswa, nginamathole anonyaka owodwa na? UJehova uyokwenamela izinkulungwane zezinqama, nezinkulungwane ngezinkulungwane zemifula yamafutha na? Ukukhom-bisile okulungileyo, wena muntu; uJehova kafuni lutho kuwe ngaphandle kokwenza ukulunga kuphela nokuthanda umusa, nokuzithoba ngokuhamba noNkulunkulu wakho (Mika 6:6-8).

Yilezizinto—ukwenza ukulunga nokuthanda umusa—ezifanekiswa ngeminikelo eshisiweyo nangemihlatshelo yezilwane nezinyoni ezihlambulukileyo.

KuAmose kuthiwa:

Noma ninikela kiMi ngeminikelo yenu yokushiswa nezipho, angiyamukeli, futhi kangibheki iminikelo yenu yokubonga yamathole khuluphalisiwe. Ukwahlulela makugobhoze njengamanzi, nokulunga njengomfula onamandla (Amose 5:22, 24).

“Ukwahlulela” kufanekisa iqiniso. Ukulunga neqiniso kuphuma esiseni senhliziyo , futhi kuwumnikelo oshisiweyo nomhlatshelo womuntu ongaphakathi.

KuHoseya kuthiwa:

Ngithanda umusa, hhayi umhlatshelo, ngifuna nokumazi uNkulunkulu kuneminikelo yokushiswa (Hoseyah 6:6).

Ngokusukela kuzozonke lezizimpinda ezicashuniwe kuyachacha ukuthi imihlatshelo neminikelo yokushiswa kunjani uma singekho isisa senhliziyo nenkolo kungekho kukho. Kuyachacha nokuthi ngenxa yokuthi “izilwane nezinyoni ezihlam bulukileyo” zifanekisa ukulunga kwesisa senhliziyo nenkolo, kanjalo futhi zikhomba lokhokulunga.

  
/ 10837  
  

From Swedenborg's Works

 

Izimfihlakalo Zezulu #1143

Study this Passage

  
/ 10837  
  

1143. Yize lawo kwabe kungamagama alezozizwe ezabe ziyiSonto laseMandulo, nokho engqondweni yawo engaphakathi asho noma afanekisa izinto ezithile ezikhona, okungukuthi, afanekisa izinhlobo zezinkonzo ezahlukahlukile. Ezulwini kakwaziwa lutho ngamagama abantu, ngamagama amazwe, ngamagama ezizwe, nangamagama afana nalawa; izingelosi kazinawo umqondo noma isithombe esikhonjwa yilawomagama kepha zinesithombe zezinto ezikhona ezifanekiswa ngalawomagama. IZwi leNkosi linempilo ngenxa yengqondo yalo engaphakathi. Ingqondo engaphakathi yeZwi injengomphefumulo omzimba wawo uyingqondo engaphandle. Nalapho umzimba ufa, umphefumulo uqhubeka noku –phila, nalapho umphefumulo uqhubeka nokuphila, kawube usazazi izinto eziphathelene nomzimba wemvelo, ngakho-ke lapho lowomphefumulo usuyingilosi kawube usayazi ingqondo yemvelo noma engaphandle yeZwi kodwa wazi umphefumulo noma ingqondo yalo engaphakathi. Laliwuloluhlobo ilungu leSonto laseMandulondulo. Ukuba ilungu laleloSonto liyaphila namuhla, beliyothi lapho lifunda iZwi lingaboni noma lingaqondi lutho olushiwo ngamazwi alo engqondo yemvelo noma engaphandle, kepha beliyobona noma liqonde okushiwo yingqondo yalo engaphakathi. Imbala kulelolungu bekuyokuba sengathi amazwi engqondo yemvelo kawekho, kanjalo beliyobambelela empilweni noma emphefumulweni weZwi. Ingqondo engaphakathi ikulolonke iZwi, ngisho nasengxenyeni yalo ewumlando, okuwumlando owenzeka ngempela njengokulandwa, kepha ongenalo nelilodwa izwi kuwo elingafihlile imfihlakalo ethile esengqondweni yalo engaphakathi. Nalezizimfihlakalo kazibonaze zibonakale kubantu abagxilise imiqondo yabo ezenzekweni zomlando ezilandelanayo. Ngakhoke kulesiSahluko esiphezu kwaso, amagama aphathwa kuso ngengqondo yangaphandle noma yomlando, kufanekiswa abantu noma izizwe ezazingamalungu eSonto laseMandulo. Nokho engqondweni yalawomagama engaphakathi kufanekiswa izimfundiso zawo ezisuselwe kuleloSonto.

  
/ 10837