From Swedenborg's Works

 

Izimfihlakalo Zezulu #0

Study this Passage

/ 10837  
  

IZIMFIHLO ZASEZULWINI EZIQUKETHWE EZIBHALWENI EZINGCWELE NOMA EZWINI LENKOSI ZISONJULULIWE KUQALWA ENCWADINI KAGENESIS KANYE NEZINTO EZIMANGALISAYO EZIBONWE EMHLABENI WEMIMOYA NASEZULWINI LEZINGELOSI

KULOTSHWE WU EMANUEL SWEDENBORG

KWAHUNYUSHWA KUSUSWA ESINGISINI KUYISWA ESIZULWINI UMQINGO WOKUQALA

IHUNYUSHWE NGU wuZAMOKUHLE T. ZUNGU

---

Arcana Coelestia: The Heavenly Arcana contained in the Holy Scripture or Word of the Lord unfolded in the Book of Genesis together with wonderful things seen in the World of Spirits and in the Heaven of Angels

By Emanuel Swedenborg

Translated into Zulu by Zamokuhle T. Zungu

---

UHLU LOMLOBI LWEZIHLOKO EZIQUKETHWE EMQINGWENI WOKUQALA.

IziMfihlo zeZulu ezisonjululwe eziBhalweni eziNgcwele noma eZwini leNkosi zikwiNcazelo, eyiNgqondo engaPhakathi yeZwi. Ukuthi lengqondo inhloboni kungabonwa kulezozinto ezikhonjiswe malungana nayo ngokusukela eLwazini lokuzazela mathupha ezinombolweni 1767-1777, 1869-1879; nasemongweni noma engqikithini yenkulumo (ezinombolweni 1-5, 64-66, 167, 605, 920, 937, 1143, 1224, 1404, 1405, 1408, 1409, 1502 ekugcineni, 1540, 1659, 1756, 1783, 1807).

IZinto eziMangalisayo ezibonwe eMhlabeni weMimoya naseZulwini leziNgelosi, kuqalwe ngazo futhi zajotshelelwa ezahlukweni ezimbalwa. Kulomqingo kukhona lezizihloko ezilandelayo:

Mayelana nokuVuswa komuntu kwabafileyo, nokungena kwakhe ekuphileni okuphakade (n. 168-181).

Isiqhubezo mayelana nokungena komuntu ekuphileni okuphakade (n. 182-189; naku 314-319).

Ukuthi ngaleyonkathi impilo yoMphefumulo noma yoMumoya injani (320-323).

Ezinye izibonelo zemicabanga yeMimoya yokuthi yayicabangani ngoMphefumulo noma ngoMumoya ngenkathi isesemzimbeni wemvelo (n. 443-448).

Mayelana neZulu kanye neNjabulo yaseZulwini (n. 449-459; 537-546; 547-553).

Mayelana namaBandla abumba noma enza iZulu (n. 684-691).

Mayelana nesiHogo (n. 692-700).

Mayelana neziHogo zalabo abebebuswa yiNzondo, ukuPhindisa, noluNyae ezimpilweni zabo zemvelo (n. 814-823).

Mayelana neziHogo zalabo abebebuswa wukuPhinga neSigweba; mayelana futhi neziHogo zabaKhohlisi nezabaThakathikazi (n. 824-831).

Mayelana neziHogo zabaHahayo; namayelana neJerusalema eliNgcolile, nabaPhangi eHlane; namayelana nothuvi obugcwele eziHogweni zalabo abebecwile ezinjabulweni zomzimba noma zezinzwa besaphila emhlabeni wemvelo (n. 938-946).

Mayelana nezinye iziHogo ezehlukile kulezi esezibalwe ngenhla (n. 947-970).

Mayelana neziNcithakalo (n. 1106-1113).

UHlu lomlobi lwezihloko eziqukethwe emqingweni wesikhombisa.

IziMfihlakalo zezulu ezisonjululwe ezibhalweni eziNgcwele noma ezwini leNkosi ziqukethwe ezincazelweni, eyingqondo engaphakathi yezwi. Izanduleliso ezendulela izahluko ezimbalwa ziyincazelo yalokhu okulandelayo: Ziyincazelo eyingqondo engaphakathi yamazwi eNkosi akuMathewu 25:34-36 (ezinombolweni 4954-4959).

Ziyisiqhubezo mayelana nokuqhamisana komuntu noMuntu oMkhulu: ukuqhamisana kwamanyonga nezitho ezixhumene nawo (ezinombolweni 5050-5062).

Ziyincazelo eyingqondo engaphakathi yamazwi eNkosi akuMathewu 25:37-46 (ezinombolweni 5063-5071).

Ziyisiqhubezo mayelana nokuqhamisana komuntu nomuntu omkhulu: ukuqhamisana kwezitho zomuntu zangaphakathi nezitho zomuntu omkhulu zangaphakathi (ezinombolweni 5171-5190).

Ziyisiqhubezo mayelana nokuqhamisana komuntu nomuntu omkhulu (ezinombolweni 5377-5396).

Ziyisiqhubezo mayelana nokuqhamisana komuntu nomuntu omkhulu: ukuqhamisana kwesikhumba, izinwele, namathambo (ezinombolweni 5552-5573).

Ziyisiqhubezo mayelana nokuqhamisana: ukuqhamisana kwezifo nomhlaba kamoya (ezinombolweni 5711-5727).

UHLU LOMLOBI LWEZIHLOKO EZIQUKETHWE KULOMQINGO.

Kuqukethwe izimfihlakalo zezulu ezethulwe ngencazelo yengqondo enga pha-kathi yeZibhalo ezingcwele noma yeZwi.

Okujotshelelwe ekugcineni kwezinye iZahluko kumayelana nezingelosi ka nye nemimoya okuhanqa umuntu (bheka izinombolo 5846-5866).

Isiqhubezo mayelana nezingelosi kanye nemimoya okuhanqe umuntu (bheka izinombolo 5976-5993).

Kujotshelelwe okumayelana nomngenela nobudlelwane bomphefumulo emzimbeni wemvelo (bheka izinombolo 6053-6058).

Isiqhubezo mayelana nomngenela nobudlelwane bomphefumulo emzimbeni wemvelo (6189-6215).

Isiqhubezo mayelana nomngenela nobudlelwane bomphefumulo emzimbeni wemvelo (6307-6327).

Isiqhubezo mayelana nomngenela nobudlelwane bomphefumulo emzimbeni wemvelo (bheka izinombolo 6466-6496).

Isiqhubezo mayelana nomngenela nobudlelwane bomphefumulo emzimbeni wemvelo (bheka izinombolo 6598-6626).

Okunye okulotshiwe (bheka amakhasi 503, 504).

/ 10837  
  

From Swedenborg's Works

 

Izimfihlakalo Zezulu #920

Study this Passage

  
/ 10837  
  

920. Kilesisahlukwana kuchazwa inkonzo kabanzi yabantu beSonto laseMandulo, okungukuthi, ichazwa nge “althari nomnikelo walo wokushiswa”, okwakuyizici ezisemqoka zenkonzo efanekisayo. Nokho kumele kuqalwe ngokudalula ukuthi inkonzo yabantu beSonto laseMandulondulo yayinjani, nokuthi yasukela kanjani inkonzo yokukhonza iNkosi ngesu lemifanekiso enkonzweni yeSonto laseMandulundulo. Kumuntu weSonto laseMandulondulo yayingekho enye inkonzo ngaphandle kwenkonzo engaphakathi efana neyasezulwini, ngokuba abantu baleloSonto babesondelene noma bexhumene nezulu kangangoba babentonye nalo. Lokho kuxhumana kwabe kungubona noma ukuqonda okufana nokwasezulwini osekukhulunyiwe kaningana ngakho ngenhla. Ngakhoke ekubeni labobantu babengahlukene nezingelosi, babengabantu bangaphakathi. Imbala babezizwa futhi beziqon-da ngezinzwa zomzimba izinto zangaphandle zomzimba nezemhlaba wemvelo, kodwa babengazinaki. Kuzozonke izinto ababeziqonda ngesu lezinzwa zabo zomzimba babeqonda okoBunkulunkulu nokwezulu. Njengesibonelo sokuthi lapho bebona intaba ephakeme babengabi nomqondo wentaba kepha babebanomqondo wokuphakama, nangesu lalomqondo ngentaba ephakeme babeqonda izulu neNkosi. Yingakho kwaze kwathiwa iNkosi “ihlala ekuphakameni okuphakeme kakhulu”, yabizwa nango “Phakeme noPhezulu kakhulu”, nokuba kamuva iNkosi ikhonzelwe ezintabeni. Babeqonda kanjalo ngakhokonke ababekubona ngamehlo. Esinye isibonelo salokhu wukuthi lapho bekhangela ukusa babengaqondi ukusa kosuku kodwa babeqonda isenzeko sasezulwini esifana nokusa kanye nokusanguluka kwemiqondo yabantu. Kungenxa yalokhu ukuba iNkosi yayibizwa ngoKusa, ngeMpumalanga nangeNtathakusa. Nalapho bebona umuthi, izithelo zawo, namaqabunga awo babengazinaki lezizinto kodwa ngazo babebona umfanekiso womuntu. Ngesithelo babebona uthando nesisa senhliziyo, nangamaqabunga babebona inkolo. Kungalesisizathu ukuba umuntu weSonto wayengafaniswa nomuthi nanepharadisi, nokukuye kufaniswa nezithelo namaqabunga njekuphela, kodwa futhi wayebizwa ngomuthi.

[2] Sinjalo isimilo sabantu abagunywa yimiqondo yasezulwini yezingelosi. Bonke abantu bangaba nolwazi lokuthi umqondo kabanzi ubusa yonke imininingwane eyizingxenye zawo. Kunjalo nangazonke izinto ezizwiwa nezaziwa ngezinzwa zomzimba, kanye nalezo ezibonwayo nezizwiwa ngezindlebe. Imbala umuntu kazinaki lezozinto, ngaphandle kuphela kangangebanga zingena emqondwe ni kabanzi womuntu. Ake sibheke isibonelo somuntu onesimilo sokuhlala eneme ; konke lowomuntu akuzwayo nakubonayo kuba sengathi kuyamthokozisa futhi kuyamhlekisa. Kepha konke okuzwiwa nokubonwa wumuntu ohlala edabukile noma elusizi kuba sengathi kumbangela usizi futhi kuyamdabukisa. Kwenzeka kanjalo nakwezinye izinhlobo zezimilo, ngokuba inkanuko yabo kabanzi ikuzozonke izingxenye eziyibumbile futhi yenza ukuba leyo naleyogxenye ibonwe futhi izwi we enkanukweni kabanzi. Ezinye izinto noma izici kaziveli nokuvela, kodwa kuba sengathi kazikho noma kazisho lutho. Kwakunjalo nakumuntu weSonto laseMandulondulo. Nomayini ayeyibona ngamehlo akhe yayinobuzulu noma yayimumethe okungokwasezuwini, ngakhoke konke ayekubona, kuye kwakuba sengathi kuyaphila.

[3] Konke lokhu kuchachisa ukuthi inkonzo eNgcwele yomuntu weSonto laseMandulondulo yayinjani, ukuthi kwakuyinkonzo yangaphakathi, ingeyona nakancane eyangaphandle. Kodwa lapho iSonto liya ngokuya libhubha ezizukulwaneni zalo, lokhokuqonda noma ukubona okwakuwumphumela wokuxhumana kwaleloSonto nezulu ngqo kwaya ngokuya kushabalala, kwaqala nesimo sezinto esisha. Ezintweni lezozizukulwane ezazizazi ngesu lezinzwa zomzimba, zazingasaboni lutho lwasezulwini njengoba kwakwenzeka kuqala, kodwa zasezibona okwasemhlabeni wemvelo kuphela. Nalapho beya ngokuya bebona okwasemhlabeni kuphela, nokubona kwabo okwasezulwini kwakuya ngokuya kushabalala. Ekugcineni, isizukulwane sokugcina esasiphila ngaphambi kukaZamcolo, sasingasaboni noma sasingasaqondi noluncane lwasezulwini ezintweni ezazisibona ngamehlo, kodwa sibona kuphela okomhlaba, okwezinzwa, nokwemvelo. Yilokhu okwaba nomphumela wokwahlukanisa uluntu nezulu, kwadala ukuba ukuxhumana kwezulu noluntu kungabibikho ngaphandle kokuxhumana ngendlela ejikeleza noma eqhele kakhulu. Kusukela lapho, ukuxhumana komuntu nomhlaba kamoya kwaguquka kwaba wukuxhumana nesihogo, nasesihogweni umuntu wathola umqondo wakhe kabanzi, okuphuma kuwo yonke imiqondo yezingxenye noma yemininingwane, njengoba kusanda kuphawulwa. Ngalenkathike, lapho umqondo wasezulwini uziveza kuye, wawungasho lutho. Ekugcineni lesosizukulwane esase sixhumene nesihogo sasingasafuni ngisho ukuvuma ukuthi kukhona okukamoya noma okwezulu lamazulu. Kanjalo isimo somuntu saguquka sagumbuqa.

[4] Ngenxa yokuthi iNkosi yayikwazi kungakenzeki ukuthi isimo somuntu siyogumbuqa ngalendlela, yahlinzeka ukulondolozwa kwemfundiso emalungana nenkolo ukuze abantu bazi ngesu layo ukuthi okwezulu lamazulu kuyini nokuthi okwezulu likamoya noma okukamoya kuyini. Leyomfundiso yayaqoqwe kumalungu eSonto laseMandulondulo ngabantu esesikhulumile ngabo ababizwa ngoKhayini nababizwa ngoEnokhi. Yingakho kuthiwa uKhayini wabekwa uphawu ukuze abambonayo bangambulali, kuthiwa futhi uEnokhi wathathwa wuNkulunkulu. Malungana nalababantu bobabili, ungabheka iSahluko 4:15, ezinombolweni 393, 394, nakwiSahluko 5:24. Leyomfundiso yayifundisa kuphela ngezinto eziyizimpawu, kanjalo ngezinto eziyinkinga. Okungukuthi, yayifundisa ngezinto zemvelo ezazifanekisa izinto zikamoya, njengezintaba, ezazifanekisa izinto zasezulwini neNkosi; ukusa nempumalanga, nakho okwakufanekisa izinto zasezulwini neNkosi; izinhlobonhlobo zemithi nezithelo zazo, ezazifanekisa umuntu nezinto zasezulwini ezikuyena; njalo. Lezizinto zabe ziyizihloko zaleyomfundiso, nezabe ziqoqelwe ndawonye zisuselwe ezimpawini ezifanekisayo zeSonto laseMandulondulo. Nendlela yokubhala kwabantu ababenaleyomfundiso yayifuze indlela okubhalwe ngayo leyomfundiso. Nanjengoba kuleyomifanekisa yemfundiso yabo babethanda, im-bala babebona, okoBunkulunkulu nokwezulu, nangenxa futhi yokuthi imfundiso kwakungeyasemandulondulo, baqala futhi bavunyelwa ukwenza imifanekiso yemfundiso isisekelo senkonzo yabo. Kwaqala kanjalo ikukhonzela kwabo ezintabeni, ezixhotsheni zemithi, phakathi kwemithi, nokumisa izinsika noma izithombe, kwalandela ukukhonza ealthari nokushisa umnikelo, okwagcina kuyizici ezimqoka kunazozonke kuyoyonke inkonzo yabo. Len-konzo yaqalwa yiSonto laseMandulo, yanda ezizukulwaneni zalo nasezizweni ezaziwomakhelwane, kanye nezinye izinto eziningi ezibuye zidalulwe kamuva ngomusa weNkosi woBunkulunkulu.

  
/ 10837  
  

From Swedenborg's Works

 

Izimfihlakalo Zezulu #1143

Study this Passage

  
/ 10837  
  

1143. Yize lawo kwabe kungamagama alezozizwe ezabe ziyiSonto laseMandulo, nokho engqondweni yawo engaphakathi asho noma afanekisa izinto ezithile ezikhona, okungukuthi, afanekisa izinhlobo zezinkonzo ezahlukahlukile. Ezulwini kakwaziwa lutho ngamagama abantu, ngamagama amazwe, ngamagama ezizwe, nangamagama afana nalawa; izingelosi kazinawo umqondo noma isithombe esikhonjwa yilawomagama kepha zinesithombe zezinto ezikhona ezifanekiswa ngalawomagama. IZwi leNkosi linempilo ngenxa yengqondo yalo engaphakathi. Ingqondo engaphakathi yeZwi injengomphefumulo omzimba wawo uyingqondo engaphandle. Nalapho umzimba ufa, umphefumulo uqhubeka noku –phila, nalapho umphefumulo uqhubeka nokuphila, kawube usazazi izinto eziphathelene nomzimba wemvelo, ngakho-ke lapho lowomphefumulo usuyingilosi kawube usayazi ingqondo yemvelo noma engaphandle yeZwi kodwa wazi umphefumulo noma ingqondo yalo engaphakathi. Laliwuloluhlobo ilungu leSonto laseMandulondulo. Ukuba ilungu laleloSonto liyaphila namuhla, beliyothi lapho lifunda iZwi lingaboni noma lingaqondi lutho olushiwo ngamazwi alo engqondo yemvelo noma engaphandle, kepha beliyobona noma liqonde okushiwo yingqondo yalo engaphakathi. Imbala kulelolungu bekuyokuba sengathi amazwi engqondo yemvelo kawekho, kanjalo beliyobambelela empilweni noma emphefumulweni weZwi. Ingqondo engaphakathi ikulolonke iZwi, ngisho nasengxenyeni yalo ewumlando, okuwumlando owenzeka ngempela njengokulandwa, kepha ongenalo nelilodwa izwi kuwo elingafihlile imfihlakalo ethile esengqondweni yalo engaphakathi. Nalezizimfihlakalo kazibonaze zibonakale kubantu abagxilise imiqondo yabo ezenzekweni zomlando ezilandelanayo. Ngakhoke kulesiSahluko esiphezu kwaso, amagama aphathwa kuso ngengqondo yangaphandle noma yomlando, kufanekiswa abantu noma izizwe ezazingamalungu eSonto laseMandulo. Nokho engqondweni yalawomagama engaphakathi kufanekiswa izimfundiso zawo ezisuselwe kuleloSonto.

  
/ 10837