From Swedenborg's Works

 

Izimfihlakalo Zezulu #0

Study this Passage

/ 10837  
  

IZIMFIHLO ZASEZULWINI EZIQUKETHWE EZIBHALWENI EZINGCWELE NOMA EZWINI LENKOSI ZISONJULULIWE KUQALWA ENCWADINI KAGENESIS KANYE NEZINTO EZIMANGALISAYO EZIBONWE EMHLABENI WEMIMOYA NASEZULWINI LEZINGELOSI

KULOTSHWE WU EMANUEL SWEDENBORG

KWAHUNYUSHWA KUSUSWA ESINGISINI KUYISWA ESIZULWINI UMQINGO WOKUQALA

IHUNYUSHWE NGU wuZAMOKUHLE T. ZUNGU

---

Arcana Coelestia: The Heavenly Arcana contained in the Holy Scripture or Word of the Lord unfolded in the Book of Genesis together with wonderful things seen in the World of Spirits and in the Heaven of Angels

By Emanuel Swedenborg

Translated into Zulu by Zamokuhle T. Zungu

---

UHLU LOMLOBI LWEZIHLOKO EZIQUKETHWE EMQINGWENI WOKUQALA.

IziMfihlo zeZulu ezisonjululwe eziBhalweni eziNgcwele noma eZwini leNkosi zikwiNcazelo, eyiNgqondo engaPhakathi yeZwi. Ukuthi lengqondo inhloboni kungabonwa kulezozinto ezikhonjiswe malungana nayo ngokusukela eLwazini lokuzazela mathupha ezinombolweni 1767-1777, 1869-1879; nasemongweni noma engqikithini yenkulumo (ezinombolweni 1-5, 64-66, 167, 605, 920, 937, 1143, 1224, 1404, 1405, 1408, 1409, 1502 ekugcineni, 1540, 1659, 1756, 1783, 1807).

IZinto eziMangalisayo ezibonwe eMhlabeni weMimoya naseZulwini leziNgelosi, kuqalwe ngazo futhi zajotshelelwa ezahlukweni ezimbalwa. Kulomqingo kukhona lezizihloko ezilandelayo:

Mayelana nokuVuswa komuntu kwabafileyo, nokungena kwakhe ekuphileni okuphakade (n. 168-181).

Isiqhubezo mayelana nokungena komuntu ekuphileni okuphakade (n. 182-189; naku 314-319).

Ukuthi ngaleyonkathi impilo yoMphefumulo noma yoMumoya injani (320-323).

Ezinye izibonelo zemicabanga yeMimoya yokuthi yayicabangani ngoMphefumulo noma ngoMumoya ngenkathi isesemzimbeni wemvelo (n. 443-448).

Mayelana neZulu kanye neNjabulo yaseZulwini (n. 449-459; 537-546; 547-553).

Mayelana namaBandla abumba noma enza iZulu (n. 684-691).

Mayelana nesiHogo (n. 692-700).

Mayelana neziHogo zalabo abebebuswa yiNzondo, ukuPhindisa, noluNyae ezimpilweni zabo zemvelo (n. 814-823).

Mayelana neziHogo zalabo abebebuswa wukuPhinga neSigweba; mayelana futhi neziHogo zabaKhohlisi nezabaThakathikazi (n. 824-831).

Mayelana neziHogo zabaHahayo; namayelana neJerusalema eliNgcolile, nabaPhangi eHlane; namayelana nothuvi obugcwele eziHogweni zalabo abebecwile ezinjabulweni zomzimba noma zezinzwa besaphila emhlabeni wemvelo (n. 938-946).

Mayelana nezinye iziHogo ezehlukile kulezi esezibalwe ngenhla (n. 947-970).

Mayelana neziNcithakalo (n. 1106-1113).

UHlu lomlobi lwezihloko eziqukethwe emqingweni wesikhombisa.

IziMfihlakalo zezulu ezisonjululwe ezibhalweni eziNgcwele noma ezwini leNkosi ziqukethwe ezincazelweni, eyingqondo engaphakathi yezwi. Izanduleliso ezendulela izahluko ezimbalwa ziyincazelo yalokhu okulandelayo: Ziyincazelo eyingqondo engaphakathi yamazwi eNkosi akuMathewu 25:34-36 (ezinombolweni 4954-4959).

Ziyisiqhubezo mayelana nokuqhamisana komuntu noMuntu oMkhulu: ukuqhamisana kwamanyonga nezitho ezixhumene nawo (ezinombolweni 5050-5062).

Ziyincazelo eyingqondo engaphakathi yamazwi eNkosi akuMathewu 25:37-46 (ezinombolweni 5063-5071).

Ziyisiqhubezo mayelana nokuqhamisana komuntu nomuntu omkhulu: ukuqhamisana kwezitho zomuntu zangaphakathi nezitho zomuntu omkhulu zangaphakathi (ezinombolweni 5171-5190).

Ziyisiqhubezo mayelana nokuqhamisana komuntu nomuntu omkhulu (ezinombolweni 5377-5396).

Ziyisiqhubezo mayelana nokuqhamisana komuntu nomuntu omkhulu: ukuqhamisana kwesikhumba, izinwele, namathambo (ezinombolweni 5552-5573).

Ziyisiqhubezo mayelana nokuqhamisana: ukuqhamisana kwezifo nomhlaba kamoya (ezinombolweni 5711-5727).

UHLU LOMLOBI LWEZIHLOKO EZIQUKETHWE KULOMQINGO.

Kuqukethwe izimfihlakalo zezulu ezethulwe ngencazelo yengqondo enga pha-kathi yeZibhalo ezingcwele noma yeZwi.

Okujotshelelwe ekugcineni kwezinye iZahluko kumayelana nezingelosi ka nye nemimoya okuhanqa umuntu (bheka izinombolo 5846-5866).

Isiqhubezo mayelana nezingelosi kanye nemimoya okuhanqe umuntu (bheka izinombolo 5976-5993).

Kujotshelelwe okumayelana nomngenela nobudlelwane bomphefumulo emzimbeni wemvelo (bheka izinombolo 6053-6058).

Isiqhubezo mayelana nomngenela nobudlelwane bomphefumulo emzimbeni wemvelo (6189-6215).

Isiqhubezo mayelana nomngenela nobudlelwane bomphefumulo emzimbeni wemvelo (6307-6327).

Isiqhubezo mayelana nomngenela nobudlelwane bomphefumulo emzimbeni wemvelo (bheka izinombolo 6466-6496).

Isiqhubezo mayelana nomngenela nobudlelwane bomphefumulo emzimbeni wemvelo (bheka izinombolo 6598-6626).

Okunye okulotshiwe (bheka amakhasi 503, 504).

/ 10837  
  

From Swedenborg's Works

 

Izimfihlakalo Zezulu #182

Study this Passage

  
/ 10837  
  

182. ISAHLUKO SESITHATHU

ISIQHUBEZO MALUNGANA NOKUNGENA EMPILWENI YAPHAKADE KWALABO ABAVUSWAKWABAFILEYO.

Lapho izingelosi zezulu lamazulu zibungaza ukumuntu osevusiwe, kazimshiyi, ngoba zibathanda bonke abavusiweyo. Kodwa uma umphefumulo womuntu usuwuhlobo lokuba ungabe usabungazwa yizingelosi zezulu lamazulu, ovusiweyo ulangazelela ukwehlukana nazo; nalapho sekufika lesisikhathi, kufika futhi nezingelosi zezulu lamazulu kuye maqede zimuphe usizo lokukhanya, ngo kuba ngaphambi kwalokhu ubengaboni lutho, kepha ubecabanga kuphela.

  
/ 10837  
  

From Swedenborg's Works

 

Izimfihlakalo Zezulu #5377

Study this Passage

  
/ 10837  
  

5377. ISIQHUBEZO SOKUQHAMISANA KOMUNTU NOMUNTU OMKHULUKAZI NALAPHA KUMAYELANA NOKUQHAMISANA KWEZITHO ZABO ZANGAPHAKATHI. Ekugcineni kwesahluko esandulelayo isihloko bekungukuqhamisana okuphakathi kwezitho ezithile zangaphakathi komuntu nezitho ezithile zangaphakathi komuntu omkhulu, okungukuthi, bekungukuqhamisana kwesibindi, amanyikwe, isisu, nezinye izitho komuntu nokomuntu omkhulu. Kulengxenye kusakhulunywa ngesihloko esifanayo, kodwa manje sekuzoqhutshekelwa ekuqhamisaneni kontwentwe lwesikhumba okusongwe ngalo izitho zesisu, izinso, izitho zokushobinga, isinye, namathumbu. Konke okukumuntu, okukumuntu ongaphandle nomuntu ongaphakathi kuqhamisana nokukumuntu omkhulu. Ngaphandle kwalokho kuqhamisana nomuntu omkhulu okungukuthi, nezulu, noma okuyinto efanayo, nomhlaba kamoya, kakukho lutho olungabakhona futhi luqhubeke nokubakhona. Lokhu kungenxa yokuthi kakukho lutho olungabakhona ngaphandle kokuxhumana nokuyandulelayo, kanjalo ngaphandle kokuxhumana naLowo ongowokuqala, oyiNkosi. Akukho lutho olungaxhumene nesiqalo salo, oluzimele ngokwalo, olungabakhona ngisho ngomzuzu owodwa. Ngokuba zonke izinto ezikhona futhi eziqhubeka nokubakhona zikhona kuphela ngenxa yokuxhumana nokwencika ezingqikithini eziwumsuka wazo; ngokuba ukuqhubeka nokubakhona kungukubakhona okunganqamukiyo noma okwenzeka ngayoyonke imizuzu.

[2] Ngakhokonke lokhu kuyalandela ukuthi zonke izingxenye zomuntu, kanye nazozonke izinto ezisemkhathini ziqhamisana nezinto ezikumuntu omkhulu. Ilanga liyaqhamisa, kanjalo nenyanga; ngokuba ezulwini yiNkosi eyiLanga, yiYo futhi eyiNyanga. Umlilo nokushisa kwelanga, kanye nokukhanya kwalo, kuyaqhamisa, ngokuba wuthando lweNkosi lokuthanda bonke abantu oluqhamisana nomlilo kanye nokushisa kwelanga lasemhlabeni wemvelo, neqiniso layo lobuNkulunkulu liqhamisana nokukhanya kwalo. Nezinkanyezi ziyaqhamisa, ekubeni ziqhamisana nemiphakathi yasezulwini nezindawo eyakhe kuzo. Lokhu kakusho ukuthi imiphakathi yasezulwini ihlala ezinkanyezini, kepha kusho ukuthi lemiphakathi ihlelwe ngendlela efanayo neyezinka nyezi. Zonke izinto ezingaphansi komthunzi welanga ziyaqhamisa zonke izilwane ezisehlelweni lezilwane nazozonke ezisehlelweni lezilimo. Ngaphandle kokungena komngenela womhlaba kamoya kulezizinhlelo, zonke izilwane nazozonke izilimo zingafa nokufa zibe yize.

[3] Ulwazi lwami lokuzibonela mathupha selungenze ngalumuka ngalezizinto, ngokuba ngikhonjisiwe ukuthi izinto eziningi ehlelweni lezilwane, kanye nezinto kakhulu ehlelweni lezilimo, ziqhamisana nani olusemhlabeni kamoya; ngikhonjisiwe futhi nokuthi ngaphandle komngenela womhlaba kamoya kazinakuqhubeka nokubakhona. Ngokuba lapho kususwa okwandulelayo, nakanjani okulandelayo futhi okuxhumene nokwandulelayo kuyasuka, nakanjalo lapho okwandulelayo kunqunywa noma kwahlukaniswa nokulandelayo. Njengoba ukuqhamisana kumayelana ikakhulu nokuqhamisana komuntu nezulu, nokuqhamisana komuntu neNkosi ngesu lokuqhamisana komuntu nezulu, ngakhoke isimilo sokuqhamisa salowo nalowomuntu sikhamelela ukuthi lowo nalowomuntu ubukeka kanjani empilweni yangemuva kokufa ekukhanyeni kwasezulwini. Nalokhu kuyincazelo yokuthi kungani izingelosi zibukeke zikhanya futhi zizinhle ngokungakuchazwa, nokuthi kungani imimoya yasesihogweni igqunkqe futhi imibi ngokungakhulumekiyo.

  
/ 10837