From Swedenborg's Works

 

Izimfihlakalo Zezulu #0

Study this Passage

/ 10837  
  

IZIMFIHLO ZASEZULWINI EZIQUKETHWE EZIBHALWENI EZINGCWELE NOMA EZWINI LENKOSI ZISONJULULIWE KUQALWA ENCWADINI KAGENESIS KANYE NEZINTO EZIMANGALISAYO EZIBONWE EMHLABENI WEMIMOYA NASEZULWINI LEZINGELOSI

KULOTSHWE WU EMANUEL SWEDENBORG

KWAHUNYUSHWA KUSUSWA ESINGISINI KUYISWA ESIZULWINI UMQINGO WOKUQALA

IHUNYUSHWE NGU wuZAMOKUHLE T. ZUNGU

---

Arcana Coelestia: The Heavenly Arcana contained in the Holy Scripture or Word of the Lord unfolded in the Book of Genesis together with wonderful things seen in the World of Spirits and in the Heaven of Angels

By Emanuel Swedenborg

Translated into Zulu by Zamokuhle T. Zungu

---

UHLU LOMLOBI LWEZIHLOKO EZIQUKETHWE EMQINGWENI WOKUQALA.

IziMfihlo zeZulu ezisonjululwe eziBhalweni eziNgcwele noma eZwini leNkosi zikwiNcazelo, eyiNgqondo engaPhakathi yeZwi. Ukuthi lengqondo inhloboni kungabonwa kulezozinto ezikhonjiswe malungana nayo ngokusukela eLwazini lokuzazela mathupha ezinombolweni 1767-1777, 1869-1879; nasemongweni noma engqikithini yenkulumo (ezinombolweni 1-5, 64-66, 167, 605, 920, 937, 1143, 1224, 1404, 1405, 1408, 1409, 1502 ekugcineni, 1540, 1659, 1756, 1783, 1807).

IZinto eziMangalisayo ezibonwe eMhlabeni weMimoya naseZulwini leziNgelosi, kuqalwe ngazo futhi zajotshelelwa ezahlukweni ezimbalwa. Kulomqingo kukhona lezizihloko ezilandelayo:

Mayelana nokuVuswa komuntu kwabafileyo, nokungena kwakhe ekuphileni okuphakade (n. 168-181).

Isiqhubezo mayelana nokungena komuntu ekuphileni okuphakade (n. 182-189; naku 314-319).

Ukuthi ngaleyonkathi impilo yoMphefumulo noma yoMumoya injani (320-323).

Ezinye izibonelo zemicabanga yeMimoya yokuthi yayicabangani ngoMphefumulo noma ngoMumoya ngenkathi isesemzimbeni wemvelo (n. 443-448).

Mayelana neZulu kanye neNjabulo yaseZulwini (n. 449-459; 537-546; 547-553).

Mayelana namaBandla abumba noma enza iZulu (n. 684-691).

Mayelana nesiHogo (n. 692-700).

Mayelana neziHogo zalabo abebebuswa yiNzondo, ukuPhindisa, noluNyae ezimpilweni zabo zemvelo (n. 814-823).

Mayelana neziHogo zalabo abebebuswa wukuPhinga neSigweba; mayelana futhi neziHogo zabaKhohlisi nezabaThakathikazi (n. 824-831).

Mayelana neziHogo zabaHahayo; namayelana neJerusalema eliNgcolile, nabaPhangi eHlane; namayelana nothuvi obugcwele eziHogweni zalabo abebecwile ezinjabulweni zomzimba noma zezinzwa besaphila emhlabeni wemvelo (n. 938-946).

Mayelana nezinye iziHogo ezehlukile kulezi esezibalwe ngenhla (n. 947-970).

Mayelana neziNcithakalo (n. 1106-1113).

UHlu lomlobi lwezihloko eziqukethwe emqingweni wesikhombisa.

IziMfihlakalo zezulu ezisonjululwe ezibhalweni eziNgcwele noma ezwini leNkosi ziqukethwe ezincazelweni, eyingqondo engaphakathi yezwi. Izanduleliso ezendulela izahluko ezimbalwa ziyincazelo yalokhu okulandelayo: Ziyincazelo eyingqondo engaphakathi yamazwi eNkosi akuMathewu 25:34-36 (ezinombolweni 4954-4959).

Ziyisiqhubezo mayelana nokuqhamisana komuntu noMuntu oMkhulu: ukuqhamisana kwamanyonga nezitho ezixhumene nawo (ezinombolweni 5050-5062).

Ziyincazelo eyingqondo engaphakathi yamazwi eNkosi akuMathewu 25:37-46 (ezinombolweni 5063-5071).

Ziyisiqhubezo mayelana nokuqhamisana komuntu nomuntu omkhulu: ukuqhamisana kwezitho zomuntu zangaphakathi nezitho zomuntu omkhulu zangaphakathi (ezinombolweni 5171-5190).

Ziyisiqhubezo mayelana nokuqhamisana komuntu nomuntu omkhulu (ezinombolweni 5377-5396).

Ziyisiqhubezo mayelana nokuqhamisana komuntu nomuntu omkhulu: ukuqhamisana kwesikhumba, izinwele, namathambo (ezinombolweni 5552-5573).

Ziyisiqhubezo mayelana nokuqhamisana: ukuqhamisana kwezifo nomhlaba kamoya (ezinombolweni 5711-5727).

UHLU LOMLOBI LWEZIHLOKO EZIQUKETHWE KULOMQINGO.

Kuqukethwe izimfihlakalo zezulu ezethulwe ngencazelo yengqondo enga pha-kathi yeZibhalo ezingcwele noma yeZwi.

Okujotshelelwe ekugcineni kwezinye iZahluko kumayelana nezingelosi ka nye nemimoya okuhanqa umuntu (bheka izinombolo 5846-5866).

Isiqhubezo mayelana nezingelosi kanye nemimoya okuhanqe umuntu (bheka izinombolo 5976-5993).

Kujotshelelwe okumayelana nomngenela nobudlelwane bomphefumulo emzimbeni wemvelo (bheka izinombolo 6053-6058).

Isiqhubezo mayelana nomngenela nobudlelwane bomphefumulo emzimbeni wemvelo (6189-6215).

Isiqhubezo mayelana nomngenela nobudlelwane bomphefumulo emzimbeni wemvelo (6307-6327).

Isiqhubezo mayelana nomngenela nobudlelwane bomphefumulo emzimbeni wemvelo (bheka izinombolo 6466-6496).

Isiqhubezo mayelana nomngenela nobudlelwane bomphefumulo emzimbeni wemvelo (bheka izinombolo 6598-6626).

Okunye okulotshiwe (bheka amakhasi 503, 504).

/ 10837  
  

From Swedenborg's Works

 

Izimfihlakalo Zezulu #182

Study this Passage

  
/ 10837  
  

182. ISAHLUKO SESITHATHU

ISIQHUBEZO MALUNGANA NOKUNGENA EMPILWENI YAPHAKADE KWALABO ABAVUSWAKWABAFILEYO.

Lapho izingelosi zezulu lamazulu zibungaza ukumuntu osevusiwe, kazimshiyi, ngoba zibathanda bonke abavusiweyo. Kodwa uma umphefumulo womuntu usuwuhlobo lokuba ungabe usabungazwa yizingelosi zezulu lamazulu, ovusiweyo ulangazelela ukwehlukana nazo; nalapho sekufika lesisikhathi, kufika futhi nezingelosi zezulu lamazulu kuye maqede zimuphe usizo lokukhanya, ngo kuba ngaphambi kwalokhu ubengaboni lutho, kepha ubecabanga kuphela.

  
/ 10837  
  

From Swedenborg's Works

 

Izimfihlakalo Zezulu #1540

Study this Passage

  
/ 10837  
  

1540. INGQONDO ENGAPHAKATHI. Njengoba sekuke kwaphawulwa, imilando eseZwini eyenzeka ngempela iqale eSahlukweni esandulelayo. Yonke eminye imilando, kuze kufinyelele eSahlukweni esandulelayo, noma, kuze kufinyelele lapho kukhulunywa khona ngoEbere, bekuyimilando eqanjiwe. Isiqhubezo somlando kaAbrama lapha sifanekisa engqondweni engaphakathi iNkosi, ikakhulu sifanekisa impilo yaYo ngaphambi kokuhlanganiswa koMuntu waYo ongaphandle noMuntu waYo ongaphakathi baze babentonye noma basebenze njengoMuntu oyedwa, okungukuthi, ngaphambi kokuba uMuntu ongaphandle naYe abe ngowezulu lamazulu nowoBunkulunkulu. Imininingwane yomlando ifanekisa iNkosi, kanti amazwi uqobo afanekisa lezozinto ezifanekiswa ngawo, Kodwa ngoba imininingwane namazwi kuyizincazelo zomlando nakanjani umfundi ugxila kukho, ikakhulu namuhla lapho abantu abaningi, imbala cishe bonke abantu, bengakholwa nakancane ukuthi kukhona ingqondo engaphakathi, kungasaphathwa ukuthi kukhona ingqondo engaphakathi kulelo nalelogama eZwini. Mhlawumbe namanje ngeke bakholwe ukuthi lengqondo ikhona yize isikhonjiswe ngokuchache kangaka kuze kube manje. Kukhona esinye futhi isizathu sokuba ingqondo engaphakathi yehluke kangaka engqondweni engaphandle, kangangokuba ingabonakali. Nokho ukuthi lengqondo ikhona bangakwazi ngokuthi umlando uwodwa kawuyona ingxenye yeZwi, ngokuba kabukho uBunkulunkulu kuwo uma wahlukanisiwe nengqondo yawo yangaphakathi, ekubeni lapho ufana nje nayoyonke eminye imilando nezindaba zezwe. Yingqondo engaphakathi eyenza ukuba umlando oseZwini ubengcwele noma ube noBunkulunkulu. Ukuthi ingqondo engaphakathi yiyona eyiZwi uqobo kuyachacha ngezinto eziningi esezambuliwe, njengokuthi:

Ngayibiza indodana yaMi ukuba iphume eGibhithe (Mathewu 2:15) ;

Nokunye okuningi okufana nalokhu. NeNkosi uQobo, ngemuva koVuko lwaYo, yafundisa abafundi baYo okwakulotshwe ngaYo kuMose nakubaPhrofethi (Luka 24:27), kanjalo yabafundisa ukuthi akukho lutho olulotshwe eZwini olungekho malungana naYo, nombuso waYo, nangeSonto laYo. Lezozinto ezilotshiwe zeZwi zingezezulu likamoya nezezulu lamazulu, kodwa ingqondo yazo yemvelo isikhathi esiningi iqukethe izinto zomhlaba, zomzimba, nezemvelo ezingeke nakancane zibe yiZwi leNkosi. Namuhla abantu kabaqondi lutho ngaphandle kwezinto zomhlaba, nomzimba, nezemvelo. Kabazi nakancane ukuthi izinto zikamoya nezinto zezulu lamazulu ziyini. Kwakwehlukile ngomuntu noma ngelungu leSonto laseMandulondulo nangelungu leSonto laseMandulo. Ukuba lamawomalungu ayephila namuhla efunda iZwi ayengeke ayinake ingqondo yalo yemvelo, ayezoyithatha njengento engelutho, kodwa ayezonaka ingqondo yalo engaphakathi kuphela. Amalungu alawomaSonto ayamangala ukuthi umuntu angaliqonda kanjani iZwi ngenye indlela. Ngakho-ke zonke izincwadi zabantu basemandulondulo nabasendulo zilotshwe ngendlela yokuba zibe nencazelo engaphakathi eyahlukile encazelweni yangaphandle.

  
/ 10837