From Swedenborg's Works

 

Izimfihlakalo Zezulu #0

Study this Passage

/ 10837  
  

IZIMFIHLO ZASEZULWINI EZIQUKETHWE EZIBHALWENI EZINGCWELE NOMA EZWINI LENKOSI ZISONJULULIWE KUQALWA ENCWADINI KAGENESIS KANYE NEZINTO EZIMANGALISAYO EZIBONWE EMHLABENI WEMIMOYA NASEZULWINI LEZINGELOSI

KULOTSHWE WU EMANUEL SWEDENBORG

KWAHUNYUSHWA KUSUSWA ESINGISINI KUYISWA ESIZULWINI UMQINGO WOKUQALA

IHUNYUSHWE NGU wuZAMOKUHLE T. ZUNGU

---

Arcana Coelestia: The Heavenly Arcana contained in the Holy Scripture or Word of the Lord unfolded in the Book of Genesis together with wonderful things seen in the World of Spirits and in the Heaven of Angels

By Emanuel Swedenborg

Translated into Zulu by Zamokuhle T. Zungu

---

UHLU LOMLOBI LWEZIHLOKO EZIQUKETHWE EMQINGWENI WOKUQALA.

IziMfihlo zeZulu ezisonjululwe eziBhalweni eziNgcwele noma eZwini leNkosi zikwiNcazelo, eyiNgqondo engaPhakathi yeZwi. Ukuthi lengqondo inhloboni kungabonwa kulezozinto ezikhonjiswe malungana nayo ngokusukela eLwazini lokuzazela mathupha ezinombolweni 1767-1777, 1869-1879; nasemongweni noma engqikithini yenkulumo (ezinombolweni 1-5, 64-66, 167, 605, 920, 937, 1143, 1224, 1404, 1405, 1408, 1409, 1502 ekugcineni, 1540, 1659, 1756, 1783, 1807).

IZinto eziMangalisayo ezibonwe eMhlabeni weMimoya naseZulwini leziNgelosi, kuqalwe ngazo futhi zajotshelelwa ezahlukweni ezimbalwa. Kulomqingo kukhona lezizihloko ezilandelayo:

Mayelana nokuVuswa komuntu kwabafileyo, nokungena kwakhe ekuphileni okuphakade (n. 168-181).

Isiqhubezo mayelana nokungena komuntu ekuphileni okuphakade (n. 182-189; naku 314-319).

Ukuthi ngaleyonkathi impilo yoMphefumulo noma yoMumoya injani (320-323).

Ezinye izibonelo zemicabanga yeMimoya yokuthi yayicabangani ngoMphefumulo noma ngoMumoya ngenkathi isesemzimbeni wemvelo (n. 443-448).

Mayelana neZulu kanye neNjabulo yaseZulwini (n. 449-459; 537-546; 547-553).

Mayelana namaBandla abumba noma enza iZulu (n. 684-691).

Mayelana nesiHogo (n. 692-700).

Mayelana neziHogo zalabo abebebuswa yiNzondo, ukuPhindisa, noluNyae ezimpilweni zabo zemvelo (n. 814-823).

Mayelana neziHogo zalabo abebebuswa wukuPhinga neSigweba; mayelana futhi neziHogo zabaKhohlisi nezabaThakathikazi (n. 824-831).

Mayelana neziHogo zabaHahayo; namayelana neJerusalema eliNgcolile, nabaPhangi eHlane; namayelana nothuvi obugcwele eziHogweni zalabo abebecwile ezinjabulweni zomzimba noma zezinzwa besaphila emhlabeni wemvelo (n. 938-946).

Mayelana nezinye iziHogo ezehlukile kulezi esezibalwe ngenhla (n. 947-970).

Mayelana neziNcithakalo (n. 1106-1113).

UHlu lomlobi lwezihloko eziqukethwe emqingweni wesikhombisa.

IziMfihlakalo zezulu ezisonjululwe ezibhalweni eziNgcwele noma ezwini leNkosi ziqukethwe ezincazelweni, eyingqondo engaphakathi yezwi. Izanduleliso ezendulela izahluko ezimbalwa ziyincazelo yalokhu okulandelayo: Ziyincazelo eyingqondo engaphakathi yamazwi eNkosi akuMathewu 25:34-36 (ezinombolweni 4954-4959).

Ziyisiqhubezo mayelana nokuqhamisana komuntu noMuntu oMkhulu: ukuqhamisana kwamanyonga nezitho ezixhumene nawo (ezinombolweni 5050-5062).

Ziyincazelo eyingqondo engaphakathi yamazwi eNkosi akuMathewu 25:37-46 (ezinombolweni 5063-5071).

Ziyisiqhubezo mayelana nokuqhamisana komuntu nomuntu omkhulu: ukuqhamisana kwezitho zomuntu zangaphakathi nezitho zomuntu omkhulu zangaphakathi (ezinombolweni 5171-5190).

Ziyisiqhubezo mayelana nokuqhamisana komuntu nomuntu omkhulu (ezinombolweni 5377-5396).

Ziyisiqhubezo mayelana nokuqhamisana komuntu nomuntu omkhulu: ukuqhamisana kwesikhumba, izinwele, namathambo (ezinombolweni 5552-5573).

Ziyisiqhubezo mayelana nokuqhamisana: ukuqhamisana kwezifo nomhlaba kamoya (ezinombolweni 5711-5727).

UHLU LOMLOBI LWEZIHLOKO EZIQUKETHWE KULOMQINGO.

Kuqukethwe izimfihlakalo zezulu ezethulwe ngencazelo yengqondo enga pha-kathi yeZibhalo ezingcwele noma yeZwi.

Okujotshelelwe ekugcineni kwezinye iZahluko kumayelana nezingelosi ka nye nemimoya okuhanqa umuntu (bheka izinombolo 5846-5866).

Isiqhubezo mayelana nezingelosi kanye nemimoya okuhanqe umuntu (bheka izinombolo 5976-5993).

Kujotshelelwe okumayelana nomngenela nobudlelwane bomphefumulo emzimbeni wemvelo (bheka izinombolo 6053-6058).

Isiqhubezo mayelana nomngenela nobudlelwane bomphefumulo emzimbeni wemvelo (6189-6215).

Isiqhubezo mayelana nomngenela nobudlelwane bomphefumulo emzimbeni wemvelo (6307-6327).

Isiqhubezo mayelana nomngenela nobudlelwane bomphefumulo emzimbeni wemvelo (bheka izinombolo 6466-6496).

Isiqhubezo mayelana nomngenela nobudlelwane bomphefumulo emzimbeni wemvelo (bheka izinombolo 6598-6626).

Okunye okulotshiwe (bheka amakhasi 503, 504).

/ 10837  
  

From Swedenborg's Works

 

Izimfihlakalo Zezulu #1807

Study this Passage

  
/ 10837  
  

1807. Ukuthi ngamazwi “Bheka, manje, ngasezulwini” kufanekiswa ukuqhanyiswa kombuso weNkosi lapho kubukwa umkhathi ngameso engqondo kusobala ngokuqhanyiswa nge “zulu”. Engqondweni engaphakathi yeZwi nge “zulu” kakushiwo lesisibhakabhaka esiphezulu esibonakala ngameso, kodwa kushiwo umbuso weNkosi kabanzi nangokwemininingwane. Lapho umuntu obona izinto zangaphakathi ngesu lezinto zangaphandle ebuka isibhakabhaka kacabangi nakancane ngesibhakabhaka nezinkanyezi kodwa ucabanga ngezulu lezingelosi. Nalapho ebuka ilanga kacabangi nakancane ngalo kodwa ucabanga ngeNkosi, okuyiYona eyiLanga lasezulwini. Kwenzeka okufanayo nalapho ebuka inyanga nezinkanyezi. Ngakhoke nalapho ebuka ukungabi namkhawulo kwesibhakabhaka kacabangi ngokungabi namkhawulo kwaso kodwa ucabanga ngokungabi namkhawulo nokungabi nasiphelo kwamandla eNkosi. Kwenzeka kanjalo ngazozonke izinto azibukayo, ngokuba kakulutho olusemhlabeni wemvelo olungafanekisi okuthile kwasempilweni yangemuva kokufa.

[2] Kwenzeka okufanayo nangezinto eziphansi emhlabeni, njengokuthi, lapho umuntu obona okungaphakathi ngesu lokungaphandle ebuka uvivi lokusa kacabangi ngalo kodwa ucabanga ngokuvela kwazozonke izinto eNkosini nokuqhubekela kwazo ekukhanyeni kwasemini okuyinhlakanipho. Kunjalo nalapho ebuka izivande, imithi, nezimbali, iso lakhe kaligxili emthini othile, ezimbalini zawo, emaqabungeni awo, nasezithelweni zawo, kodwa ligxila ezintweni zasezulwini ezifanekiswa ngalezizinto. Futhi iso lakhe kaligxili embalini, ebuhleni bayo, nasekuthandekeni kwayo kodwa ligxila kulezozinto ezifanekiswa ngalezizinto empilweni yangemuva kokufa. Ngokuba kayikho neyodwa into ephezulu esibhakabhakeni nasemhlabeni phansi enhle nethandekayo engafanekisi okuthile okusemmbusweni weNkosi; namalungana nalokhu ungabheka okuphawulwe enombolweni 1632 ngenhla. Kuyilokhu “ukubheka ngasezulwini” okufanekisa ukuqhanyiswa kommbuso weNkosi lapho kubukwa umkhathi ngamehlo engqondo.

[3] Isizathu sokuba kungabikho neyodwa into ephezulu esibhakabhakeni nasemhlabeni phansi enhle nethandekayo engafanekisi okuthile okusembusweni weNkosi wukuthi lezozinto zabakhona futhi ziqhubeka nokubakhona, okungukuthi, zigcinwa ebukhoneni ngesu lomngenela ophuma eNkosini odlula ezulwini. Lokhu kufana nokwenzeka ngomzimba womuntu, obakhona futhi ugcinwe ukhona ngesu lomphefumulo, nokuyisizathu sokuba zonke izinto ezisemzimbeni zifanekise izinto ezisemphefumulweni kabanzi nangokwemininingwane. Okusemphefumulweni wumsebenzi owusizo nenhloso, kanti okusemzimbeni wukufezwa kwalowomsebenzi nenhloso. Yonke imiphumela, ngendlela efanayo, ifanekisa imisebenzi okuyiyona eyisisusa saleyomiphumela, kanti imisebenzi ewusizo ifanekisa inhloso okuyiyona eyandulelayo noma engamaqaliso.

[4] Abantu abagxila emiqondweni yoBunkulunkulu kabazinaki noma kabazikhathazi ngezinto ezibonakala ngamehlo abo enyama, kodwa ngazo nakuzo baqonda noma babona izinto zangaphakathi ngokunganqamukiyo. Izinto ezingaphakathi kunazozonke yilezo ezingezombuso weNkosi, kanjalo yilezo eziyinhloso esemqoka kunazozonke. Kunjalo nangeZwi leNkosi. Umuntu ogxila ekuqondeni imiqondo yoBunkulunkulu kabonaze azikhathaze ngengqondo engaphandle noma yemvelo yeZwi, kodwa uthatha ingqondo yalo engaphandle njengento emele nefanekisa izinto zezulu lamazulu nezinto zezulu likamoya zeSonto nezommbuso weNkosi. Kulowomuntu umsebenzi wengqondo yemvelo wukuba kuphela yisu lokuba akwazi ukucabanga ngezinto zeSonto nangezinto zommbuso weNkosi. Kwakunjalo nokubuka kweNkosi izinto zemvelo.

  
/ 10837  
  

From Swedenborg's Works

 

Izimfihlakalo Zezulu #1659

Study this Passage

  
/ 10837  
  

1659. INGQONDO ENGAPHAKATHI. Imininingwane equkethwe kulesiSahluko ibonakala sengathi kayifanekisi lutho, ngokuba isihloko sikhuluma ngezimpi ezaziphakathi kwamakhosi athile njekuphela, nangokubuyiswa kukaLothi ngU-Abrama, nasekugcineni sikhulume ngoMelkhizedeki; okuyizinto ezenza kube sengathi imininingwane yaso kayimumethe ngisho neyodwa imfihlakalo yasezulwini. Nokho njengayoyonke imininingwane efana nale, lemininingwane ifihle izimfihlakalo ezijule kakhulu engqondweni engaphakathi, okuyizimfihlakalo ezibekwe ngokulandelana nalezo ezandulelayo, futhi ezilandelwa ngezinye ezixhumene nazo kulolohhume lwezimfihlakalo ezilandelanayo.

[2] Emininingwaneni eyandulelayo bekukhulunywa ngeNkosi nangokufundiswa kwayo; bekukhulunywa futhi nangoMuntu waYo ongaphandle okwakumele ahlanganiswe noMuntu waYo ongaphakathi ngesu lolwazi neziminya. Kepha ngesizathu sokuthi uMuntu waYo ongaphandle, njengoba sekuphawuliwe, wayenofuzo ayeluthathe kunina olwalugodle izinto ezazivimbela ukuhlanganiswa koMuntu ongaphandle kuMuntu ongaphakathi, okwakuyizinto okwakumele zikhishwe noma zilahlwe ngesu lokulwa nazo nangokulingwa ngaphambi kokuba bahlangane—okungukuthi, ngaphambi kokuba iNgqikithi yeNkosi yoBuntu ihlanganiswe neNgqikithi yaYo yoBunkulunkulu—ngakhoke lesiSahluko sikhuluma ngalokhokulwa noma ngalezozimpi zokulingwa. Lokhokulwa engqondweni engaphakathi kulinganiswa futhi kufanekiswa ngezimpi njengoba zichaziwe. ESontweni kwaziwa kahle ukuthi uMelkhizedeki wayemele iNkosi, nokuthi kanjalo lapho kuphathwa uMelkhizedeki eZwini kufanekiswa iNkosi. Ngalokhu, umuntu anganquma ukuthi akuyona yodwa imininingwane emalungana noMelkhizedeki efanekisayo kodwa yonke eminye imininingwane iyafanekisa; ngokuba kwakungeke kulotshwe ngisho elincane izwi noma igama eZwini elingehliswanga livela ezulwini, kanjalo izingelosi ezingaboni kulo izinto zasezulwini.

[3] Okunye, ezinkathini zasemandulondulo ziningi izinto noma izenzeko ezazifanekiswa ngezimpi, abantu ababezibiza nge “Zimpi zikaJehova”. Lezo “Zimpi” zazingafanekisi lutho olunye ngaphandle kwezimpi nokulwa kweSonto kanye nabantu balo, okungukuthi, ukulwa nezilingo zabo—ezingelutho olunye ngaphandle kokulwa nobubi okungaphakathi kubo, kanjalo ukulwa nebandla likadeveli elivusa ububi babo lizame nokubhubisa iSonto labo. Ukuthi nge “zimpi” eZwini kakufanekiswa lutho olunye kubasobala ngokuthi iZwi kaliyukuba naso esinye isihloko ngaphansi kweNkosi, umbuso waYo, neSonto, ekubeni kungelona elobuntu kepha lingeloBunkulunkulu, kanjalo lingelezulu kungelona elomhlaba wemvelo. Ngalesisizathu izimpi okukhulunywa ngazo engqondweni yemvelo yeZwi kungefanekise lutho olunye engqondweni engaphakathi ngaphandle kokulwa komuntu nobubi bakhe obungaphakathi. Lokhu kuzochacha kakhulu kulokhu okulandelayo.

  
/ 10837