From Swedenborg's Works

 

Izimfihlakalo Zezulu #0

Study this Passage

/ 10837  
  

IZIMFIHLO ZASEZULWINI EZIQUKETHWE EZIBHALWENI EZINGCWELE NOMA EZWINI LENKOSI ZISONJULULIWE KUQALWA ENCWADINI KAGENESIS KANYE NEZINTO EZIMANGALISAYO EZIBONWE EMHLABENI WEMIMOYA NASEZULWINI LEZINGELOSI

KULOTSHWE WU EMANUEL SWEDENBORG

KWAHUNYUSHWA KUSUSWA ESINGISINI KUYISWA ESIZULWINI UMQINGO WOKUQALA

IHUNYUSHWE NGU wuZAMOKUHLE T. ZUNGU

---

Arcana Coelestia: The Heavenly Arcana contained in the Holy Scripture or Word of the Lord unfolded in the Book of Genesis together with wonderful things seen in the World of Spirits and in the Heaven of Angels

By Emanuel Swedenborg

Translated into Zulu by Zamokuhle T. Zungu

---

UHLU LOMLOBI LWEZIHLOKO EZIQUKETHWE EMQINGWENI WOKUQALA.

IziMfihlo zeZulu ezisonjululwe eziBhalweni eziNgcwele noma eZwini leNkosi zikwiNcazelo, eyiNgqondo engaPhakathi yeZwi. Ukuthi lengqondo inhloboni kungabonwa kulezozinto ezikhonjiswe malungana nayo ngokusukela eLwazini lokuzazela mathupha ezinombolweni 1767-1777, 1869-1879; nasemongweni noma engqikithini yenkulumo (ezinombolweni 1-5, 64-66, 167, 605, 920, 937, 1143, 1224, 1404, 1405, 1408, 1409, 1502 ekugcineni, 1540, 1659, 1756, 1783, 1807).

IZinto eziMangalisayo ezibonwe eMhlabeni weMimoya naseZulwini leziNgelosi, kuqalwe ngazo futhi zajotshelelwa ezahlukweni ezimbalwa. Kulomqingo kukhona lezizihloko ezilandelayo:

Mayelana nokuVuswa komuntu kwabafileyo, nokungena kwakhe ekuphileni okuphakade (n. 168-181).

Isiqhubezo mayelana nokungena komuntu ekuphileni okuphakade (n. 182-189; naku 314-319).

Ukuthi ngaleyonkathi impilo yoMphefumulo noma yoMumoya injani (320-323).

Ezinye izibonelo zemicabanga yeMimoya yokuthi yayicabangani ngoMphefumulo noma ngoMumoya ngenkathi isesemzimbeni wemvelo (n. 443-448).

Mayelana neZulu kanye neNjabulo yaseZulwini (n. 449-459; 537-546; 547-553).

Mayelana namaBandla abumba noma enza iZulu (n. 684-691).

Mayelana nesiHogo (n. 692-700).

Mayelana neziHogo zalabo abebebuswa yiNzondo, ukuPhindisa, noluNyae ezimpilweni zabo zemvelo (n. 814-823).

Mayelana neziHogo zalabo abebebuswa wukuPhinga neSigweba; mayelana futhi neziHogo zabaKhohlisi nezabaThakathikazi (n. 824-831).

Mayelana neziHogo zabaHahayo; namayelana neJerusalema eliNgcolile, nabaPhangi eHlane; namayelana nothuvi obugcwele eziHogweni zalabo abebecwile ezinjabulweni zomzimba noma zezinzwa besaphila emhlabeni wemvelo (n. 938-946).

Mayelana nezinye iziHogo ezehlukile kulezi esezibalwe ngenhla (n. 947-970).

Mayelana neziNcithakalo (n. 1106-1113).

UHlu lomlobi lwezihloko eziqukethwe emqingweni wesikhombisa.

IziMfihlakalo zezulu ezisonjululwe ezibhalweni eziNgcwele noma ezwini leNkosi ziqukethwe ezincazelweni, eyingqondo engaphakathi yezwi. Izanduleliso ezendulela izahluko ezimbalwa ziyincazelo yalokhu okulandelayo: Ziyincazelo eyingqondo engaphakathi yamazwi eNkosi akuMathewu 25:34-36 (ezinombolweni 4954-4959).

Ziyisiqhubezo mayelana nokuqhamisana komuntu noMuntu oMkhulu: ukuqhamisana kwamanyonga nezitho ezixhumene nawo (ezinombolweni 5050-5062).

Ziyincazelo eyingqondo engaphakathi yamazwi eNkosi akuMathewu 25:37-46 (ezinombolweni 5063-5071).

Ziyisiqhubezo mayelana nokuqhamisana komuntu nomuntu omkhulu: ukuqhamisana kwezitho zomuntu zangaphakathi nezitho zomuntu omkhulu zangaphakathi (ezinombolweni 5171-5190).

Ziyisiqhubezo mayelana nokuqhamisana komuntu nomuntu omkhulu (ezinombolweni 5377-5396).

Ziyisiqhubezo mayelana nokuqhamisana komuntu nomuntu omkhulu: ukuqhamisana kwesikhumba, izinwele, namathambo (ezinombolweni 5552-5573).

Ziyisiqhubezo mayelana nokuqhamisana: ukuqhamisana kwezifo nomhlaba kamoya (ezinombolweni 5711-5727).

UHLU LOMLOBI LWEZIHLOKO EZIQUKETHWE KULOMQINGO.

Kuqukethwe izimfihlakalo zezulu ezethulwe ngencazelo yengqondo enga pha-kathi yeZibhalo ezingcwele noma yeZwi.

Okujotshelelwe ekugcineni kwezinye iZahluko kumayelana nezingelosi ka nye nemimoya okuhanqa umuntu (bheka izinombolo 5846-5866).

Isiqhubezo mayelana nezingelosi kanye nemimoya okuhanqe umuntu (bheka izinombolo 5976-5993).

Kujotshelelwe okumayelana nomngenela nobudlelwane bomphefumulo emzimbeni wemvelo (bheka izinombolo 6053-6058).

Isiqhubezo mayelana nomngenela nobudlelwane bomphefumulo emzimbeni wemvelo (6189-6215).

Isiqhubezo mayelana nomngenela nobudlelwane bomphefumulo emzimbeni wemvelo (6307-6327).

Isiqhubezo mayelana nomngenela nobudlelwane bomphefumulo emzimbeni wemvelo (bheka izinombolo 6466-6496).

Isiqhubezo mayelana nomngenela nobudlelwane bomphefumulo emzimbeni wemvelo (bheka izinombolo 6598-6626).

Okunye okulotshiwe (bheka amakhasi 503, 504).

/ 10837  
  

From Swedenborg's Works

 

Izimfihlakalo Zezulu #684

Study this Passage

  
/ 10837  
  

684. Mathathu amazulu. Kwelokuqala kuhlala imimoya elungileyo; kwelesibili kuhlala imimoya eyizingelosi; kwelesithathu kuhlala izingelosi. Elinye izulu lingaphakathi futhi licwebile kunelilandelayo, okusho ukuthi amazulu kawafani futhi ahlukene geqe. Izulu lokuqala lahlukaniswe laba ngamabandla amaningi ngokungenakubalwa, kan-jalo nelesibili nelesithathu, nalelo nalelobandla linamalungu amaningi ahambisana noma enza izinto njen-gomuntu oyedwa ngenxa yokuvumelana nokubantonye kwawo. Khonalapho amabandla enza umuntu oyedwa. Amabandla ahlukahlukene ngenxa yokwahlukahlukana kothando lwawo olwenanayo nenkolo yawo eNkosini. Lokhu kwahlukahlukana kuningi kangangoba kungabalwe ngisho ukwahlukana kwawo kabanzi. Ngisho umahluko ungabamncane kangakanani nokho ungena khaxa ehlelweni lalolonke ibandla liphelele, kanjalo lowomahluko welekelela ekufezeni ukuphelela kokuvumelana kwalolonke ibandla, njengoba nokuvumelana kwalolonke ibandla kwesekela ukuvumelana phakathi kwamalungu alo. Ngakhoke yilelo nalelolungu lethula okuthile kwenjabulo yawowonke amalungu. Yileyo naleyongelosi nalelo nalelobandla kuyizithombe zezulu kabanzi ngalendlela, futhi kungafaniswa nezulu elincane.

  
/ 10837  
  

From Swedenborg's Works

 

Izimfihlakalo Zezulu #2853

Study this Passage

  
/ 10837  
  

2853. Ngamazwi “Ngenzalo yakho ziyobusiswa izizwe zonke zomhlaba” kufanekiswa ukusindiswa kwabobonke abantu abanokulunga. Lokhu kuchachiswa ngukufanekiswa kokunothiswa ngokulunga kwasezulwini lamazulu nokulunga kwasezulwini likamoya ngoku “busiswa”, okukhulunywe ngakho ezinombolweni 981, 1096, 1420, 1422, nanjengoba isihloko lapha abantu abasindiswayo, “ukubusiswa” kufanekisa ukusindiswa, ngokuba njengoba kwaziwa kahle, “ukubusiswa” kusho izinto eziningi; kuchachiswa futhi ngukufanekiswa kwenkolo ephuma esiseni senhliziyo nge “nzalo”, okuyinto okukhulunywe ngayo ezinombo lweni 1025, 1447, 1610; ekugcineni kuchachiswa ngukufanekiswa kwalabo abaphiwe ukulunga nge “zizwe zomhlaba”, okukhulunywe ngakho ezinombolweni 1159, 1258-1260, 1416, 1849.

[2] Okunye ngaphezu kwalokhu, lamazwi aqukethe lemfihlakalo: Ngesu leSonto, elifanekiswa lapha ngo “mhlaba” (bheka izinombolo 662, 1066, 1068, 1262) nabantu abangaphandle kweSonto bayasindiswa, ngokuba nge “nzalo yakho”, njengoba sekuphawuliwe, kufanekiswa inkolo ephuma esiseni senhliziyo . Inkolo ephuma esiseni senhliziyo ibakhona kulabo kuphela abangaphakathi eSontweni njengoba lenkolo, oqotsheni lwayo, iyiqiniso elifundiswa yimfundiso yeSonto futhi ehambisana nokulunga kwempilo. Ngokuba iqiniso elimsulwa wukuthi umbuso weNkosi uyibobonke abantu abaphiwe ukulunga, nokungabantu engani basakazeke kuwowonke umhlaba kodwa bantonye, njengamalungu omzimba owodwa. Kunjalo nangombuso weNkosi osemazulwini. Lonke izulu libonakala njengomuntu oyedwa ophelele, nokuyisizathu sokuba libizwe ngoMuntu oMkhulu (bheka izinombolo 684, 1276). Nokuyinto emangalisayo futhi engakaziwa kuze kube manje wukuthi zonke izingxenye zomzimba womuntu ziqhamisana namabandla noma nemiphakathi yasezulwini. Ngalesisizathu kuye kuthiwe umphakathi othile ungowendima yekhanda, othile ungowendima yeso, nothile ungowendima yesifuba, njalo. Lokhu kuqhamisana kuzokhulunywa ngakho esigabeni sakho kodwa ngomusa weNkosi woBunkulunkulu.

[3] Kuyafana nangeSonto leNkosi emhlabeni. Lapha emhlabeni iSonto lifana nehliziyo namaphaphu, kanti abantu abangaphandle kweSonto bafana nezingxenye zomzimba ezisekelwa — nezithola impilo yazo — yinhliziyo namaphaphu. Ngalokhu kuyachacha ukuthi ngaphandle kokubakhona kweSonto ndawanathile emhlabeni isizwe sabantu sasingeke siqhubeke nokubakhona, njengoba nomzimba ungenakubakhona ngaphandle kwenhliziyo namaphaphu (bheka izinombolo 468, 637, 931, 2054). Kungenxa yalesisizathu ukuba njalo lapho iSonto, noma yiliphi, lifinyelela ekupheleni kwalo, okungukuthi, lapho lingaselona iSonto ngenxa yokuphela kwesisa senhliziyo kulo, iNkosi isungula elinye iSonto elisha ngeSondlo saYo soBunkulunkulu. Ngokwesibonelo, lapho sekubhubhe iSonto laseMandulondulo, elalibizwa ngoMuntu, iNkosi yasungula elisha elalibizwa ngoNowa. Lelike laliyiSonto laseNdulo elalikhona ngemuva kukaZamcolo. Nalapho selonakala, seliwa ekubeni yiSonto, kwasungulwa iSonto elifanekisayo lamaJudah namaIsrayeli. Nalapho leli selingasekho iNkosi yazizela mathupha emhlabeni yamisa elinye iSonto elisha. INkosi yakwenza lokho ukuze izulu lihlanganiswe nesizwe sabantu ngesu leSonto. Yilokhuke futhi okufanekiswa ngamazwi “ngenzalo yakho ziyobusiswa izizwe zonke zomhlaba”.

  
/ 10837