From Swedenborg's Works

 

Izimfihlakalo Zezulu #0

Study this Passage

/ 10837  
  

IZIMFIHLO ZASEZULWINI EZIQUKETHWE EZIBHALWENI EZINGCWELE NOMA EZWINI LENKOSI ZISONJULULIWE KUQALWA ENCWADINI KAGENESIS KANYE NEZINTO EZIMANGALISAYO EZIBONWE EMHLABENI WEMIMOYA NASEZULWINI LEZINGELOSI

KULOTSHWE WU EMANUEL SWEDENBORG

KWAHUNYUSHWA KUSUSWA ESINGISINI KUYISWA ESIZULWINI UMQINGO WOKUQALA

IHUNYUSHWE NGU wuZAMOKUHLE T. ZUNGU

---

Arcana Coelestia: The Heavenly Arcana contained in the Holy Scripture or Word of the Lord unfolded in the Book of Genesis together with wonderful things seen in the World of Spirits and in the Heaven of Angels

By Emanuel Swedenborg

Translated into Zulu by Zamokuhle T. Zungu

---

UHLU LOMLOBI LWEZIHLOKO EZIQUKETHWE EMQINGWENI WOKUQALA.

IziMfihlo zeZulu ezisonjululwe eziBhalweni eziNgcwele noma eZwini leNkosi zikwiNcazelo, eyiNgqondo engaPhakathi yeZwi. Ukuthi lengqondo inhloboni kungabonwa kulezozinto ezikhonjiswe malungana nayo ngokusukela eLwazini lokuzazela mathupha ezinombolweni 1767-1777, 1869-1879; nasemongweni noma engqikithini yenkulumo (ezinombolweni 1-5, 64-66, 167, 605, 920, 937, 1143, 1224, 1404, 1405, 1408, 1409, 1502 ekugcineni, 1540, 1659, 1756, 1783, 1807).

IZinto eziMangalisayo ezibonwe eMhlabeni weMimoya naseZulwini leziNgelosi, kuqalwe ngazo futhi zajotshelelwa ezahlukweni ezimbalwa. Kulomqingo kukhona lezizihloko ezilandelayo:

Mayelana nokuVuswa komuntu kwabafileyo, nokungena kwakhe ekuphileni okuphakade (n. 168-181).

Isiqhubezo mayelana nokungena komuntu ekuphileni okuphakade (n. 182-189; naku 314-319).

Ukuthi ngaleyonkathi impilo yoMphefumulo noma yoMumoya injani (320-323).

Ezinye izibonelo zemicabanga yeMimoya yokuthi yayicabangani ngoMphefumulo noma ngoMumoya ngenkathi isesemzimbeni wemvelo (n. 443-448).

Mayelana neZulu kanye neNjabulo yaseZulwini (n. 449-459; 537-546; 547-553).

Mayelana namaBandla abumba noma enza iZulu (n. 684-691).

Mayelana nesiHogo (n. 692-700).

Mayelana neziHogo zalabo abebebuswa yiNzondo, ukuPhindisa, noluNyae ezimpilweni zabo zemvelo (n. 814-823).

Mayelana neziHogo zalabo abebebuswa wukuPhinga neSigweba; mayelana futhi neziHogo zabaKhohlisi nezabaThakathikazi (n. 824-831).

Mayelana neziHogo zabaHahayo; namayelana neJerusalema eliNgcolile, nabaPhangi eHlane; namayelana nothuvi obugcwele eziHogweni zalabo abebecwile ezinjabulweni zomzimba noma zezinzwa besaphila emhlabeni wemvelo (n. 938-946).

Mayelana nezinye iziHogo ezehlukile kulezi esezibalwe ngenhla (n. 947-970).

Mayelana neziNcithakalo (n. 1106-1113).

UHlu lomlobi lwezihloko eziqukethwe emqingweni wesikhombisa.

IziMfihlakalo zezulu ezisonjululwe ezibhalweni eziNgcwele noma ezwini leNkosi ziqukethwe ezincazelweni, eyingqondo engaphakathi yezwi. Izanduleliso ezendulela izahluko ezimbalwa ziyincazelo yalokhu okulandelayo: Ziyincazelo eyingqondo engaphakathi yamazwi eNkosi akuMathewu 25:34-36 (ezinombolweni 4954-4959).

Ziyisiqhubezo mayelana nokuqhamisana komuntu noMuntu oMkhulu: ukuqhamisana kwamanyonga nezitho ezixhumene nawo (ezinombolweni 5050-5062).

Ziyincazelo eyingqondo engaphakathi yamazwi eNkosi akuMathewu 25:37-46 (ezinombolweni 5063-5071).

Ziyisiqhubezo mayelana nokuqhamisana komuntu nomuntu omkhulu: ukuqhamisana kwezitho zomuntu zangaphakathi nezitho zomuntu omkhulu zangaphakathi (ezinombolweni 5171-5190).

Ziyisiqhubezo mayelana nokuqhamisana komuntu nomuntu omkhulu (ezinombolweni 5377-5396).

Ziyisiqhubezo mayelana nokuqhamisana komuntu nomuntu omkhulu: ukuqhamisana kwesikhumba, izinwele, namathambo (ezinombolweni 5552-5573).

Ziyisiqhubezo mayelana nokuqhamisana: ukuqhamisana kwezifo nomhlaba kamoya (ezinombolweni 5711-5727).

UHLU LOMLOBI LWEZIHLOKO EZIQUKETHWE KULOMQINGO.

Kuqukethwe izimfihlakalo zezulu ezethulwe ngencazelo yengqondo enga pha-kathi yeZibhalo ezingcwele noma yeZwi.

Okujotshelelwe ekugcineni kwezinye iZahluko kumayelana nezingelosi ka nye nemimoya okuhanqa umuntu (bheka izinombolo 5846-5866).

Isiqhubezo mayelana nezingelosi kanye nemimoya okuhanqe umuntu (bheka izinombolo 5976-5993).

Kujotshelelwe okumayelana nomngenela nobudlelwane bomphefumulo emzimbeni wemvelo (bheka izinombolo 6053-6058).

Isiqhubezo mayelana nomngenela nobudlelwane bomphefumulo emzimbeni wemvelo (6189-6215).

Isiqhubezo mayelana nomngenela nobudlelwane bomphefumulo emzimbeni wemvelo (6307-6327).

Isiqhubezo mayelana nomngenela nobudlelwane bomphefumulo emzimbeni wemvelo (bheka izinombolo 6466-6496).

Isiqhubezo mayelana nomngenela nobudlelwane bomphefumulo emzimbeni wemvelo (bheka izinombolo 6598-6626).

Okunye okulotshiwe (bheka amakhasi 503, 504).

/ 10837  
  

From Swedenborg's Works

 

Izimfihlakalo Zezulu #684

Study this Passage

  
/ 10837  
  

684. Mathathu amazulu. Kwelokuqala kuhlala imimoya elungileyo; kwelesibili kuhlala imimoya eyizingelosi; kwelesithathu kuhlala izingelosi. Elinye izulu lingaphakathi futhi licwebile kunelilandelayo, okusho ukuthi amazulu kawafani futhi ahlukene geqe. Izulu lokuqala lahlukaniswe laba ngamabandla amaningi ngokungenakubalwa, kan-jalo nelesibili nelesithathu, nalelo nalelobandla linamalungu amaningi ahambisana noma enza izinto njen-gomuntu oyedwa ngenxa yokuvumelana nokubantonye kwawo. Khonalapho amabandla enza umuntu oyedwa. Amabandla ahlukahlukene ngenxa yokwahlukahlukana kothando lwawo olwenanayo nenkolo yawo eNkosini. Lokhu kwahlukahlukana kuningi kangangoba kungabalwe ngisho ukwahlukana kwawo kabanzi. Ngisho umahluko ungabamncane kangakanani nokho ungena khaxa ehlelweni lalolonke ibandla liphelele, kanjalo lowomahluko welekelela ekufezeni ukuphelela kokuvumelana kwalolonke ibandla, njengoba nokuvumelana kwalolonke ibandla kwesekela ukuvumelana phakathi kwamalungu alo. Ngakhoke yilelo nalelolungu lethula okuthile kwenjabulo yawowonke amalungu. Yileyo naleyongelosi nalelo nalelobandla kuyizithombe zezulu kabanzi ngalendlela, futhi kungafaniswa nezulu elincane.

  
/ 10837  
  

From Swedenborg's Works

 

Izimfihlakalo Zezulu #1285

Study this Passage

  
/ 10837  
  

1285. Ukuthi “wonke umhlaba wawunolimi lunye” kufanekisa ukuthi yonke indawo abantu babenemfundiso eyodwa noma efanayo kabanzi kusobala ngokufanekiswa ngo “limi” eZwini, okuyinto okuzokhulunywa ngayo khona manje. Lesisahlukwana, ngalamazwi amafuphi, sichaza isimo seSonto laseMandulo njengoba sasinjalo, ukungukuthi, lalibambelele emfundisweni eyodwa kabanzi. Isahlukwana esilandelayo sichaza ukuthi leliSonto laqala kanjani ukuhlanekezelwa nokonakaliswa, nasezahlukwaneni ezilandela lezo kuze kufinyelele esahlukwaneni 9 kuchazwa ukuthi laphendukezelwa kanjani ngokugcwele yaze yaphela nya inkonzo yalo yangaphakathi. Ngemuva kwesahlukwana 9 isihloko yiSonto laseMandulo lesibili elasungulwa wU-Ebere, nokokugcina isihloko yiSonto laseMandulo lesithathu elaliwukuqala kweSonto lamaJuda. Ngokuba ngemuva kukaZamcolo kwabakhona amaSonto amathathu alandelanayo.

[2] Malungana nokushiwo ngeSonto laseMandulo lokuqala—ukuthi yize laligcwele kuwowonke umhlaba, nokho ulimi lwalo lwalulunye, futhi kulolonke leloSonto kwakukhulunywa ngokufanayo, okungukuthi, kwakukhona imfundiso eyodwa kabanzi nangemininingwane, nokuthi yize kwakufundiswa imfundiso eyodwa kabanzi nangemininingwane, nokho izinhlobo zenkonzo, yangaphakathi neyangaphandle, zazahlukahlukene, njengoba kukhonjisiwe eSahlukweni esandulelayo lapho leso nalesosizwe esibaliwe sasifanekisa inkonzo namasiko okwahlukile—isimo yilesi: Izulu libunjwe ngemiphakathi noma ngamabandla amaningi ngokungenakubalwa. Lemiphakathi yahlukahlukene kodwa intonye, ngokuba iNkosi iyihola njengomphakathi owodwa; (bheka osekushiwo ngalokhu ezinombolweni 457, 551, 684, 685, 690). Kumuntu kukhona okufuze lokhukwahlukahlukana kwemiphakathi yasezulwini, ngokuthi, yize ngaphakathi komzimba wakhe kukhona izingxenye eziningi kangaka, njengezinye izitho nezicubu zakhe ezinezingxenye ezingaphakathi ngokungenakubalwa, kuyileyo naleyongxenye isebenza ngendlela eyahlukile, nokho zonke izingxenye zikhalinywa noma ziholwa wumphefumulo njengento eyodwa. Kukhona futhi okufuze lokhu emzimbeni womuntu, onezindlela ezahlukene zokuqanula amandla nobukhuphekhuphe kwawo. Nokho zonke lezozindlela zikhalinywa wubukhuphekhuphe benhliziyo eyodwa namaphaphu awodwa, nokuwubukhuphekhuphe obenza ntonye. Isizathu sokuba inhliziyo namaphaphu noma izingxenye ezahlukene zisebenze njengento eyodwa ngalendlela wukuthi ezulwini kukhona umngenela owodwa owamukelwa yileyo naleyongelosi ngokuhambisana noma ngokusukela esimilweni sayo. Lowomngenela uwumngenela wezinkanuko eziphuma eNkosini, emuseni waYo nasempilweni yaYo. Yize umngenela umunye, nokho zonke khona zivumelana nawo noma ziholwa yiwo njengantonye. Nalokhu kwenzeka ngesu lothando olwenananayo lwezingelosi.

[3] Sasinjalo isimo sasinjalo ngeSonto laseMandulo lokuqala ngoba yize kwakukhona kulo izinhlobo zenkonzo yangaphakathi neyangaphandle eziningi, kabanzi ezaziziningi kangangesibalo sezizwe, nangokwemininingwane ezaziziningi kangangesibalo semindeni ebumbe izizwe, ikakhulu kangangesibalo samalungu aleloSonto, nokho bonke babeno “limi olulodwa” no “kukhuluma okufanayo”; okungukuthi, babenemfundiso eyodwa kabanzi nangokwemininingwane. Imfundiso isuke iyodwa uma bonke benothando olwenananayo noma benesisa senhliziyo. Uthando olwenananayo noma isisa senhliziyo sigunya izinto ukuba zibentonye yize zahlukene, ngokuba senza into eyodwa ngezinto ezahlukene. Uma bonke abantu bebuswa yisisa senhliziyo noma wuthando olwenananayo, noma bangaba baningi kangakanani, ngisho bangaba yizinkulungwane ngezinkulungwane, babanehloso eyodwa ewusizo lwabobonke, umbuso weNkosi, neNkosi uqobo. Ukwahlukahlukana ngemfundiso nangezinhlobo zenkonzo kufana nokwahlukahlukana kwezinzwa zomzimba nokwezigxenye zomzimba ezingaphakathi, njengoba sekuphawuliwe ezihlanganyela ekupheleliseleni wonke umzimba. Imbala iNkosi igobhoza ingene kumuntu maqede isebenze ngezindlela ezahlukahlukene ngesu lesisa senhliziyo ngokuhambisana nesimilo somuntu. Ngokungena isebenze ngaleyondlela kumuntu iNkosi ihlela lowo nalowomuntu ngehlelo elimfanele, emhlabeni nasezulwini. Ngalendlela kwenzeka intando yaYo, njengoba naYo uqobo ifundisa ukuthi intando yaYo mayenziwe “emhlabeni njengasezulwini”.

  
/ 10837