From Swedenborg's Works

 

Izimfihlakalo Zezulu #182

Study this Passage

  
/ 10837  
  

182. ISAHLUKO SESITHATHU

ISIQHUBEZO MALUNGANA NOKUNGENA EMPILWENI YAPHAKADE KWALABO ABAVUSWAKWABAFILEYO.

Lapho izingelosi zezulu lamazulu zibungaza ukumuntu osevusiwe, kazimshiyi, ngoba zibathanda bonke abavusiweyo. Kodwa uma umphefumulo womuntu usuwuhlobo lokuba ungabe usabungazwa yizingelosi zezulu lamazulu, ovusiweyo ulangazelela ukwehlukana nazo; nalapho sekufika lesisikhathi, kufika futhi nezingelosi zezulu lamazulu kuye maqede zimuphe usizo lokukhanya, ngo kuba ngaphambi kwalokhu ubengaboni lutho, kepha ubecabanga kuphela.

  
/ 10837  
  

From Swedenborg's Works

 

Izimfihlakalo Zezulu #1540

Study this Passage

  
/ 10837  
  

1540. INGQONDO ENGAPHAKATHI. Njengoba sekuke kwaphawulwa, imilando eseZwini eyenzeka ngempela iqale eSahlukweni esandulelayo. Yonke eminye imilando, kuze kufinyelele eSahlukweni esandulelayo, noma, kuze kufinyelele lapho kukhulunywa khona ngoEbere, bekuyimilando eqanjiwe. Isiqhubezo somlando kaAbrama lapha sifanekisa engqondweni engaphakathi iNkosi, ikakhulu sifanekisa impilo yaYo ngaphambi kokuhlanganiswa koMuntu waYo ongaphandle noMuntu waYo ongaphakathi baze babentonye noma basebenze njengoMuntu oyedwa, okungukuthi, ngaphambi kokuba uMuntu ongaphandle naYe abe ngowezulu lamazulu nowoBunkulunkulu. Imininingwane yomlando ifanekisa iNkosi, kanti amazwi uqobo afanekisa lezozinto ezifanekiswa ngawo, Kodwa ngoba imininingwane namazwi kuyizincazelo zomlando nakanjani umfundi ugxila kukho, ikakhulu namuhla lapho abantu abaningi, imbala cishe bonke abantu, bengakholwa nakancane ukuthi kukhona ingqondo engaphakathi, kungasaphathwa ukuthi kukhona ingqondo engaphakathi kulelo nalelogama eZwini. Mhlawumbe namanje ngeke bakholwe ukuthi lengqondo ikhona yize isikhonjiswe ngokuchache kangaka kuze kube manje. Kukhona esinye futhi isizathu sokuba ingqondo engaphakathi yehluke kangaka engqondweni engaphandle, kangangokuba ingabonakali. Nokho ukuthi lengqondo ikhona bangakwazi ngokuthi umlando uwodwa kawuyona ingxenye yeZwi, ngokuba kabukho uBunkulunkulu kuwo uma wahlukanisiwe nengqondo yawo yangaphakathi, ekubeni lapho ufana nje nayoyonke eminye imilando nezindaba zezwe. Yingqondo engaphakathi eyenza ukuba umlando oseZwini ubengcwele noma ube noBunkulunkulu. Ukuthi ingqondo engaphakathi yiyona eyiZwi uqobo kuyachacha ngezinto eziningi esezambuliwe, njengokuthi:

Ngayibiza indodana yaMi ukuba iphume eGibhithe (Mathewu 2:15) ;

Nokunye okuningi okufana nalokhu. NeNkosi uQobo, ngemuva koVuko lwaYo, yafundisa abafundi baYo okwakulotshwe ngaYo kuMose nakubaPhrofethi (Luka 24:27), kanjalo yabafundisa ukuthi akukho lutho olulotshwe eZwini olungekho malungana naYo, nombuso waYo, nangeSonto laYo. Lezozinto ezilotshiwe zeZwi zingezezulu likamoya nezezulu lamazulu, kodwa ingqondo yazo yemvelo isikhathi esiningi iqukethe izinto zomhlaba, zomzimba, nezemvelo ezingeke nakancane zibe yiZwi leNkosi. Namuhla abantu kabaqondi lutho ngaphandle kwezinto zomhlaba, nomzimba, nezemvelo. Kabazi nakancane ukuthi izinto zikamoya nezinto zezulu lamazulu ziyini. Kwakwehlukile ngomuntu noma ngelungu leSonto laseMandulondulo nangelungu leSonto laseMandulo. Ukuba lamawomalungu ayephila namuhla efunda iZwi ayengeke ayinake ingqondo yalo yemvelo, ayezoyithatha njengento engelutho, kodwa ayezonaka ingqondo yalo engaphakathi kuphela. Amalungu alawomaSonto ayamangala ukuthi umuntu angaliqonda kanjani iZwi ngenye indlela. Ngakho-ke zonke izincwadi zabantu basemandulondulo nabasendulo zilotshwe ngendlela yokuba zibe nencazelo engaphakathi eyahlukile encazelweni yangaphandle.

  
/ 10837