1784. Isahlukwana 1: Ngemuva kwalokho kwafika izwi likaJehova kU-Abrama ngombono, lithi: Ungesabi, Abrama, ngiyisihlangu kuwe, umvuzo wakho omkhulu kakhulu. Ukuthi “Ngemuva kwalokho kwafika izwi likaJehova kU-Abrama ngombono” kufanekisa ukuthi emuva kokulwa kweNkosi ngenkathi iseyingane, okwakuhambisana nezilingo kwakulandela ukwambulelwa; ngo “mbono” kufanekiswa ukwambulelwa kwangaphakathi okuyiphahla lokubona ngengqondo noma lokuqonda. Ukuthi “Ungesabi, Abrama, ngiyisihlangu kuwe” kufanekisa ukuvikelwa ebubini nasemangeni, okuwukuvikela okwethembekileyo. Ukuthi “umvuzo wakho omkhulu kakhulu” kufanekisa inhloso ezuzwa ngokunqoba izilingo.
Izimfihlakalo Zezulu #315
315. Kodwa uma ewuhlobo lomuntu noma lomphefumulo ongathandi ukwaziswa ngalezizinto, uye afune ukusuka noma ukwahlukana nomgwamanqa walezozingelosi, okuyinto nazo izingelosi lezo ezisheshe ziyazi kahle, ngokuba ngemva kokufa, yonke imiqondo ebumba imicabango yomuntu iba sobala. Lapho lowomuntu eseshisekela ukusuka ezingelosini, kakuzona ezimhlubukayo, kepha wuye ozishiyayo. Izingelosi zithanda bonke abantu abavuswayo, futhi kayikho into ezinika injabulo njengokusiza lowo nalowomphefumulo, nokuwufundisa, nokuwudlulisela ezulwini. Ubumnandi bazo obungaphezu kwabobonke obunye, zibuthola ngokwenza lomsebenzi.