From Swedenborg's Works

 

Izimfihlakalo Zezulu #1784

Study this Passage

  
/ 10837  
  

1784. Isahlukwana 1: Ngemuva kwalokho kwafika izwi likaJehova kU-Abrama ngombono, lithi: Ungesabi, Abrama, ngiyisihlangu kuwe, umvuzo wakho omkhulu kakhulu. Ukuthi “Ngemuva kwalokho kwafika izwi likaJehova kU-Abrama ngombono” kufanekisa ukuthi emuva kokulwa kweNkosi ngenkathi iseyingane, okwakuhambisana nezilingo kwakulandela ukwambulelwa; ngo “mbono” kufanekiswa ukwambulelwa kwangaphakathi okuyiphahla lokubona ngengqondo noma lokuqonda. Ukuthi “Ungesabi, Abrama, ngiyisihlangu kuwe” kufanekisa ukuvikelwa ebubini nasemangeni, okuwukuvikela okwethembekileyo. Ukuthi “umvuzo wakho omkhulu kakhulu” kufanekisa inhloso ezuzwa ngokunqoba izilingo.

  
/ 10837  
  

From Swedenborg's Works

 

Izimfihlakalo Zezulu #315

Study this Passage

  
/ 10837  
  

315. Kodwa uma ewuhlobo lomuntu noma lomphefumulo ongathandi ukwaziswa ngalezizinto, uye afune ukusuka noma ukwahlukana nomgwamanqa walezozingelosi, okuyinto nazo izingelosi lezo ezisheshe ziyazi kahle, ngokuba ngemva kokufa, yonke imiqondo ebumba imicabango yomuntu iba sobala. Lapho lowomuntu eseshisekela ukusuka ezingelosini, kakuzona ezimhlubukayo, kepha wuye ozishiyayo. Izingelosi zithanda bonke abantu abavuswayo, futhi kayikho into ezinika injabulo njengokusiza lowo nalowomphefumulo, nokuwufundisa, nokuwudlulisela ezulwini. Ubumnandi bazo obungaphezu kwabobonke obunye, zibuthola ngokwenza lomsebenzi.

  
/ 10837