From Swedenborg's Works

 

Izimfihlakalo Zezulu #1756

Study this Passage

  
/ 10837  
  

1756. Konke lokhu okwethulwe ngenhla kuyizinto eziqukethwe yingqondo engaphakathi yalesiSahluko esiphezu kwaso; kodwa konke ukulandelana kwemicabango, nobuhle bakho, kakunakubonakala uma zonke izinto, yileyo naleyo ichazwa ngokusukela encazelweni yamagama, njengoba kungabonakala uma imicabango iqondwa njengomqondo owodwa. Lapho lemicabango yalesiSahluko iqondwa ngengomqondo owodwa leyomicabango ehlakazekile noma esabalele ibonakala ihlangene ngokumangalisayo futhi ixhumene. Lesisimo sifana nesomuntu olalele omunye umuntu ekhuluma kodwa olalele anake noma ahlaziye amagama asetshenziswayo. Lapho-ke umuntu olalele kawutholi umqondo ophelele njengoba ebezowuthola ukuba ubenganakile amagama noma amazwi ngalinye nokufanekiswa ngawo. Ngokuba ubuhlobo obuphakathi kwengqondo engaphakathi yeZwi nengqondo engaphandle noma yemvelo yeZwi buyafana nobuhlobo obuphakathi kwenkulumo namazwi ayo lapho izwi ngalinye lenkulumo lingahlaziywa, ikakhulu lapho linganakwa, nalapho umqondo ugxiliswa engqondweni yezinto ezifanekiswa ngamagama noma ngamazwi omuntu okhulumayo.

[2] Indlela yokubhala yasemandulondulo yayifanekisa izinto zempela kumbe izihloko ezithile ngabantu nangezisho, okwakuyizihloko nezisho okwakufanekiswa ngakho izinto ezazehluke geqe kulabobantu noma kulezozisho. Abalobi bangaleyonkathi babeloba imilando yabo ngalendlela, beloba kanjalo malungana nempilo noma nezenzeko zomphakathi kanye nangempilo yangasese. Imbala babebhala ngendlela yokuba kungabikho lutho emibhalweni yabo eyayifanele ukuqondwa njengoba ilotshiwe, kodwa kufanele kuqondwe okunye okumumethwe ngamazwi noma ngamagama elotshwe ngawo. Umkhuba wokubhala ngalendlela babenawo kangangoba babethula zonke izinhlobo zezinkanuko njengezithixo nezithixokazi ezakhonzwa kamuva ngabahedeni noma ngamaqaba njengezinto ezinoBunkulunkulu, njengoba abantu abafundileyo bekwazi lokhu ngoba izincwadi ezilotshwe ngaleyondlela zisekhona nanamhlanje. Loluhlobo lokuloba lwalusuka kubantu basemandulondulo ababephila ngaphambi kukaZamcolo, ababefanekisa izinto zasezulwini nezinto zoBunkulunkulu ngesu lezinto zemvelo ezisemkhathini nasemhlabeni. Ngokufanekisa kanjalo babegcwalisa imiqondo nemiphefumulo yabo ngezintokozo nangobumnandi lapho bebuka izinto zemvelo ezisemkhathini, ikakhulu lezozinto ezazikhanga ngesimo, ngesakheko nangehlelo kwazo. Yingakho zonke izincwadi zeSonto langaleyonkathi zazilotshwe ngaleyondlela. UJobe ungenye yezincwadi ezilotshwe ngalendlela; neCulo lamaCulo likaSolomoni lilotshwe ngendlela elingisa eyalezozincwadi. Zombili izincwadi ezigagulwa wuMose kuNumeri 21:14, 27, zazilotshwe ngaleyondlela, kanye nezinye izincwadi eziningi esezashabalala.

[3] Ngenxa yokuthi loluhlobo lokuloba lwalusuka emandulondulo, ngakhoke lwaluhlonishwa kakhulu ngabantu abangaphandle kweSonto kanye nozalo lukaJakobe, luhlonishwa kangangoba konke okwakungalotshiwe ngalolohlobo noma ngaleyondlela kwakungathathwa njengento yoBunkulunkulu. Yingakho futhi labobantu begunywa noma bevuswa wumumoya obikezelayo, babekhuluma ngendlela efanayo, okuyinto eyayenzeka ngezizathu ezifihlakele. Wayekhuluma ngaleyondlela uJakobe (Genesise 49:3-27) ; uMose wayekhuluma ngaleyondlela (Eksodusi 15:1-21) ; naku (Duteronomi33:2 ekugcineni) ; uBhalamu, owayengomunye wamadodana asempumalanga yeSiriya, lapho iSonto laseMandulo laqhubeka nokusimama (Numeri 23:7-10; 19-24; 24:5-9; 17-24) ; uDebhora noBharakhi (AbAhluleli 5:2 ekugcineni) ; uHanna (1 Samuweli 2:2-10), nabanye abaningi. Yize, ngaphandle kwengcosane, babengaqondi futhi bengazi ukuthi amazwi ababewaphimisa ayefanekisa izinto zasezulwini zombuso weNkosi neSonto, nokho babengenwa yitwetwe nokumangala, ngoba bezwa ukuthi kukhona okoBunkulunkulu nokungcwele kubona.

[4] Kodwa abantu abafundileyo emhlabeni bebengakakwazi ukuthi imilando eseZwini ibhalwe ngendlela efanayo, okungukuthi, ukuthi amagama agagulwa kulo nezisho ezithile okusetshenziswe ekufanekiseni izinto zezulu lamazulu nezinto zezulu likamoya zombuso weNkosi, ngaphandle kokuthi iZwi lifunzelelwe ngisho nangechashaza uqobo lwalo, nokuthi lowo nalowomniningwane okulo umumethe imfihlakalo ethile.

  
/ 10837  
  

From Swedenborg's Works

 

Izimfihlakalo Zezulu #1659

Study this Passage

  
/ 10837  
  

1659. INGQONDO ENGAPHAKATHI. Imininingwane equkethwe kulesiSahluko ibonakala sengathi kayifanekisi lutho, ngokuba isihloko sikhuluma ngezimpi ezaziphakathi kwamakhosi athile njekuphela, nangokubuyiswa kukaLothi ngU-Abrama, nasekugcineni sikhulume ngoMelkhizedeki; okuyizinto ezenza kube sengathi imininingwane yaso kayimumethe ngisho neyodwa imfihlakalo yasezulwini. Nokho njengayoyonke imininingwane efana nale, lemininingwane ifihle izimfihlakalo ezijule kakhulu engqondweni engaphakathi, okuyizimfihlakalo ezibekwe ngokulandelana nalezo ezandulelayo, futhi ezilandelwa ngezinye ezixhumene nazo kulolohhume lwezimfihlakalo ezilandelanayo.

[2] Emininingwaneni eyandulelayo bekukhulunywa ngeNkosi nangokufundiswa kwayo; bekukhulunywa futhi nangoMuntu waYo ongaphandle okwakumele ahlanganiswe noMuntu waYo ongaphakathi ngesu lolwazi neziminya. Kepha ngesizathu sokuthi uMuntu waYo ongaphandle, njengoba sekuphawuliwe, wayenofuzo ayeluthathe kunina olwalugodle izinto ezazivimbela ukuhlanganiswa koMuntu ongaphandle kuMuntu ongaphakathi, okwakuyizinto okwakumele zikhishwe noma zilahlwe ngesu lokulwa nazo nangokulingwa ngaphambi kokuba bahlangane—okungukuthi, ngaphambi kokuba iNgqikithi yeNkosi yoBuntu ihlanganiswe neNgqikithi yaYo yoBunkulunkulu—ngakhoke lesiSahluko sikhuluma ngalokhokulwa noma ngalezozimpi zokulingwa. Lokhokulwa engqondweni engaphakathi kulinganiswa futhi kufanekiswa ngezimpi njengoba zichaziwe. ESontweni kwaziwa kahle ukuthi uMelkhizedeki wayemele iNkosi, nokuthi kanjalo lapho kuphathwa uMelkhizedeki eZwini kufanekiswa iNkosi. Ngalokhu, umuntu anganquma ukuthi akuyona yodwa imininingwane emalungana noMelkhizedeki efanekisayo kodwa yonke eminye imininingwane iyafanekisa; ngokuba kwakungeke kulotshwe ngisho elincane izwi noma igama eZwini elingehliswanga livela ezulwini, kanjalo izingelosi ezingaboni kulo izinto zasezulwini.

[3] Okunye, ezinkathini zasemandulondulo ziningi izinto noma izenzeko ezazifanekiswa ngezimpi, abantu ababezibiza nge “Zimpi zikaJehova”. Lezo “Zimpi” zazingafanekisi lutho olunye ngaphandle kwezimpi nokulwa kweSonto kanye nabantu balo, okungukuthi, ukulwa nezilingo zabo—ezingelutho olunye ngaphandle kokulwa nobubi okungaphakathi kubo, kanjalo ukulwa nebandla likadeveli elivusa ububi babo lizame nokubhubisa iSonto labo. Ukuthi nge “zimpi” eZwini kakufanekiswa lutho olunye kubasobala ngokuthi iZwi kaliyukuba naso esinye isihloko ngaphansi kweNkosi, umbuso waYo, neSonto, ekubeni kungelona elobuntu kepha lingeloBunkulunkulu, kanjalo lingelezulu kungelona elomhlaba wemvelo. Ngalesisizathu izimpi okukhulunywa ngazo engqondweni yemvelo yeZwi kungefanekise lutho olunye engqondweni engaphakathi ngaphandle kokulwa komuntu nobubi bakhe obungaphakathi. Lokhu kuzochacha kakhulu kulokhu okulandelayo.

  
/ 10837