From Swedenborg's Works

 

Izimfihlakalo Zezulu #1

Study this Passage

  
/ 10837  
  

1. INCWADI KAGENESIS

Kakho umuntu ongabona ngokusukela engqondweni yemvelo yeZwi yeThestamente eliDala ukuthi lengxenye yeZwi imumethe izimfihlo zasezulwini ezijulile, nokuthi konke okuqukethwe kuyo, kabanzi nangemininingwane, kuphathelene neNkosi, nezulu laYo, nesonto, nenkolo, nazozonke izinto ezixhumene nalezizinto. Ngokuba engqondweni yemvelo noma yamabala yalengxenye yeZwi, umuntu angabona kuphela—kabanzi—ukuthi zonke izinto kuyo ziphathelene namasiko nemithetho eSonto lamaJuda. Nokho iqiniso elimsulwa wukuthi kulolo nke leloZwi kukhona okungaphakathi okungaveli nakancane kokungaphandle ngaphandle kokuyingcosane okwadalulwa futhi kwachazwa yiNkosi kuBafundi baYo; njengokuthi imihlabelo ifanekisa iNkosi; ukuthi izwe laseK-hanana neJerusalema kufanekisa izulu—okuyisizathu sokuba kubizwe ngeKhanana lasezulwini nangeJerusalema lasezulwini—nokuthi iPharadisi lifanekisa okufanayo. (Mathewu 6:33)

  
/ 10837  
  

From Swedenborg's Works

 

Izimfihlakalo Zezulu #938

Study this Passage

  
/ 10837  
  

938. Abantu abangamagovu noma abayimiheduluka benyanyeka kunabobonke abanye abantu, ekubeni bengacabangi lutho ngempilo yangemuva kokufa, ngomphefumulo, nangomuntu ongaphakathi. Abazi ngisho nokuthi liyini izulu, ngokuba izinga labo lokucabanga liphansi kunawabobonke abanye abantu. Imicabanga yabo bayicwilisa ngokugcwele eminakweni yomzimba neyomhlaba. Umphumela walokho wukuthi ngemuva kokufa, noma lapho sebengena empilweni yangemuva kokufa, kuthatha isikhathi eside ukuba babone ukuthi sebeyimimoya , becabanga ukuthi basemzimbeni wemvelo. Imiqondo ephuma emicabangweni yabo ethonywe yiminako yomzimba nomhlaba wemvelo, iguquka ibe ngamalutha okuzikhohlisa asabekayo. Okunswempu nokho kuyiqiniso elimsulwa wukuthi abangamagovu ahaha noma aheduluka kakhulu, ngemuva kokufa bazibona bematasatasa besebenza emalawini lapho kuhlala khona imali yabo, nokuyizindawo eziphithiza amagundane. Nokho yize ama-gundane angabahlupha kangakanani kabahoxi kulawomalawu bengakakhathali, kanjalo ekugcineni baphume kulamathuna.

  
/ 10837  
  

From Swedenborg's Works

 

Izimfihlakalo Zezulu #605

Study this Passage

  
/ 10837  
  

605. INGQONDO ENGAPHAKATHI

Okuyisihloko noma okukhulunywa ngakho kulezizahlukwana wukubunjwa kweSonto elisha elibizwa ngo “Nowa”. Ukubunjwa kwaleliSonto kuchazwa njengemgomkhumbi okuyongeniswa kuwo zonke izinhlobo zezil-wane. Kodwa ngaphambi kokuba umuntu waleSonto angeniswe kulo, njengokujwayelekile, kwakumele nakanjani adlule ezilingweni, ezichazwa ngokuphakanyiswa komkhumbi, uthwalwe, umiswe emanzini kazamcolo. Ekugcineni, ukuthi lowomuntu waba ngumuntu wezulu likamoya wempela, umuntu owayesekhululiwe, uchazwa njengamanzi kazamcolo abohlayo nangeminye imininingwane elandelayo. Kakho umuntu onengqondo yemvelo yeZwi yodwa ongaba nolwazi noma ongayibona lencazelo, nomphumela wokungayazi lencazelo wukuthi yonke iminining wane okukhulunywa ngayo lapha ixhunyaniswa ngokulandelani njengomlando, ikhiqize uhide lwezigigaba zomlando. Nokho lokhukulandelanisa imininingwane njengomlando, okwakuyinto eyayibanika injabulo enkulu kakhulu, kwakuwuhlobo lokukhuluma kwabantu bangaleyonkathi, nokwakuwuhlobo lokuba zonke izinto zazigoqwe ngemifanekiso, zaphicwa maqede zethulwa njengomlando; nokuxhumana kwezigigaba njengomlando owodwa babekuthanda futhi kwakufanelene nohlobo lwesimilo sabo. Ngokuba abantu bangaleyonkathi yasemandulo babengagebele ezintweni elwazini olusenkumbulweni njenganamuhla, kepha babegebele emicabangweni ejulile nemiphumela yayo kwakuyizinto ezichazwa lapha. Lokhu kwakuyinhlakanipho yabantu basemandulo.

  
/ 10837