From Swedenborg's Works

 

Izimfihlakalo Zezulu #1

Study this Passage

  
/ 10837  
  

1. INCWADI KAGENESIS

Kakho umuntu ongabona ngokusukela engqondweni yemvelo yeZwi yeThestamente eliDala ukuthi lengxenye yeZwi imumethe izimfihlo zasezulwini ezijulile, nokuthi konke okuqukethwe kuyo, kabanzi nangemininingwane, kuphathelene neNkosi, nezulu laYo, nesonto, nenkolo, nazozonke izinto ezixhumene nalezizinto. Ngokuba engqondweni yemvelo noma yamabala yalengxenye yeZwi, umuntu angabona kuphela—kabanzi—ukuthi zonke izinto kuyo ziphathelene namasiko nemithetho eSonto lamaJuda. Nokho iqiniso elimsulwa wukuthi kulolo nke leloZwi kukhona okungaphakathi okungaveli nakancane kokungaphandle ngaphandle kokuyingcosane okwadalulwa futhi kwachazwa yiNkosi kuBafundi baYo; njengokuthi imihlabelo ifanekisa iNkosi; ukuthi izwe laseK-hanana neJerusalema kufanekisa izulu—okuyisizathu sokuba kubizwe ngeKhanana lasezulwini nangeJerusalema lasezulwini—nokuthi iPharadisi lifanekisa okufanayo. (Mathewu 6:33)

  
/ 10837  
  

From Swedenborg's Works

 

Izimfihlakalo Zezulu #824

Study this Passage

  
/ 10837  
  

824. ISAHLUKO 8. ISIQHUBEZO MALUNGANA NEZIHOGO.

LAPHA KUKHULUNYWA NGABANTU ABABENEMPILO YOKUPHINGA NEZENZO ZOGQOYI OLUNGENAMNGCELE; NEZIHOGO ZABAKHOHLISI NABATHAKATHI.

Ngaphansi kwesithende sonyawo lwasokunene kukhona isihogo sabantu abebethola ubumnandi ngolunya kanye nokuphinga besaphila emhlabeni wemvelo. Ngokwenza unya nangokuphinga babethola ubum-nandi nenjabulo okwedlula bonke obunye ubumnandi nenjabulo. Kuyinto emangalisayo ukuthi abantu abebenonya besaphila emhlabeni yibona futhi abebephinga ngokwedlulele. Banesimilo esinjalo abantu abahlala kulesosihogo. Kulesosihogo bagila ububi ngezenzo ezinolunya olungakhulumeki. Ngamalutha abo okuzikhohlisa bazakhela izitsha ezifana nezitsha zokugxoba noma zokucubuza amakhambi, futhi banezikhali zokuchofoza, abagazinga ngazo noma wubani abangamchofoza. Bazakhela futhi izimbazo ezibanzi, ezifana nezimbazo ezisetshen-ziswa ukujuqula labo abanqunywayo, nemigxala ababhodlozana ngayo ngolunya, nezinye izenzo zolunya ezesabekayo. Kulesosihogo kukhona futhi amaJuda ayephatha abezizwe ngolunya olufanayo emhlabeni wemvelo. Namuhla, lesisihogo siyakhula, ikakhulu sandiswa ngabantu basemazweni aMakhrestu asebethola bonke ubumnandi bempilo yabo ekuphingeni, okungabantu futhi abavame ukuba nolunya. Kwesinye isikhathi injabulo noma ubum-nandi babo buguquka bube yiphunga lothuvi womuntu, eliphafuka ngamandla lapho lesisihogo sivulwa. Lelophunga ngike ngalihogela emhlabeni wemimoya maqede ngawa phansi ngaquleka ngenxa yobubi balo. Lelophunga lathuvi elinuka kabi kakhulu ligasela ligcwale kusosonke lesosihogo ngezikhawu. Wubumnandi ababuthola ngokuphinga obuguquka bube yiphunga elibi ngokwedlulele. Ngokuhamba kwesikhathi, ngemuva kokuhlala isikhathi esithile bekulelohlazo, bayekwa bodwa, bahlale ekuhluphekeni befana nogebhezi lwamathambo, yize bephila.

  
/ 10837  
  

From Swedenborg's Works

 

Izimfihlakalo Zezulu #167

Study this Passage

  
/ 10837  
  

167. Kodwa ukuba kukhona umuntu owaziyo ukuthi zingakanani izimfihlakalo eziqukethwe kuleso nalesosahlukwana, ubeyokhexa umlomo. Ngokuba yileso naleso sahlukwana siqukethe izimfihlo noma izimfihlakalo eziningi kangangoba kazinakubalwa, yize lokhu kungabonakali nakancane engqondweni yemvelo ezilotshwe ngayo. Ngamafuphi, amazwi engqondo yemvelo, alotshwe ngayo, afanekiswe ngokuchachile emhlabeni wemimoya, futhi afanekiswe ngendlela noma ngehlelo elihle ngokumangalisayo. Ngokuba umhlaba kamoya uwumhlaba ofanekisayo, futhi nomayini efanekiswe ngokuchachile kuwo kuqondwa yimimoya eyizingelosi zezulu likamoya noma lesibili ngisho nangayoyonke imininingwane yakho. Nalokhu okuqondwa yimimoya eyizingelosi zezulu lesibili kuqondwa yizingelosi zezulu lamazulu noma lesithathu ngokugcwele, ngesu lemiqondo yobungelosi engakhulumekiyo. Ngokusukela kumusa weNkosi izingelosi zezulu lesithathu zikuqonda lokhu ngokwahlukahlukana okungenamkhawulo. Linjalo iZwi leN-kosi.

  
/ 10837