From Swedenborg's Works

 

Izimfihlakalo Zezulu #1

Study this Passage

  
/ 10837  
  

1. INCWADI KAGENESIS

Kakho umuntu ongabona ngokusukela engqondweni yemvelo yeZwi yeThestamente eliDala ukuthi lengxenye yeZwi imumethe izimfihlo zasezulwini ezijulile, nokuthi konke okuqukethwe kuyo, kabanzi nangemininingwane, kuphathelene neNkosi, nezulu laYo, nesonto, nenkolo, nazozonke izinto ezixhumene nalezizinto. Ngokuba engqondweni yemvelo noma yamabala yalengxenye yeZwi, umuntu angabona kuphela—kabanzi—ukuthi zonke izinto kuyo ziphathelene namasiko nemithetho eSonto lamaJuda. Nokho iqiniso elimsulwa wukuthi kulolo nke leloZwi kukhona okungaphakathi okungaveli nakancane kokungaphandle ngaphandle kokuyingcosane okwadalulwa futhi kwachazwa yiNkosi kuBafundi baYo; njengokuthi imihlabelo ifanekisa iNkosi; ukuthi izwe laseK-hanana neJerusalema kufanekisa izulu—okuyisizathu sokuba kubizwe ngeKhanana lasezulwini nangeJerusalema lasezulwini—nokuthi iPharadisi lifanekisa okufanayo. (Mathewu 6:33)

  
/ 10837  
  

From Swedenborg's Works

 

Izimfihlakalo Zezulu #605

Study this Passage

  
/ 10837  
  

605. INGQONDO ENGAPHAKATHI

Okuyisihloko noma okukhulunywa ngakho kulezizahlukwana wukubunjwa kweSonto elisha elibizwa ngo “Nowa”. Ukubunjwa kwaleliSonto kuchazwa njengemgomkhumbi okuyongeniswa kuwo zonke izinhlobo zezil-wane. Kodwa ngaphambi kokuba umuntu waleSonto angeniswe kulo, njengokujwayelekile, kwakumele nakanjani adlule ezilingweni, ezichazwa ngokuphakanyiswa komkhumbi, uthwalwe, umiswe emanzini kazamcolo. Ekugcineni, ukuthi lowomuntu waba ngumuntu wezulu likamoya wempela, umuntu owayesekhululiwe, uchazwa njengamanzi kazamcolo abohlayo nangeminye imininingwane elandelayo. Kakho umuntu onengqondo yemvelo yeZwi yodwa ongaba nolwazi noma ongayibona lencazelo, nomphumela wokungayazi lencazelo wukuthi yonke iminining wane okukhulunywa ngayo lapha ixhunyaniswa ngokulandelani njengomlando, ikhiqize uhide lwezigigaba zomlando. Nokho lokhukulandelanisa imininingwane njengomlando, okwakuyinto eyayibanika injabulo enkulu kakhulu, kwakuwuhlobo lokukhuluma kwabantu bangaleyonkathi, nokwakuwuhlobo lokuba zonke izinto zazigoqwe ngemifanekiso, zaphicwa maqede zethulwa njengomlando; nokuxhumana kwezigigaba njengomlando owodwa babekuthanda futhi kwakufanelene nohlobo lwesimilo sabo. Ngokuba abantu bangaleyonkathi yasemandulo babengagebele ezintweni elwazini olusenkumbulweni njenganamuhla, kepha babegebele emicabangweni ejulile nemiphumela yayo kwakuyizinto ezichazwa lapha. Lokhu kwakuyinhlakanipho yabantu basemandulo.

  
/ 10837  
  

From Swedenborg's Works

 

Izimfihlakalo Zezulu #537

Study this Passage

  
/ 10837  
  

537. Umumoya othile wazixhuma ohlangothini lwami lwasokhohlo, wangibuza ukuthi ngiyazi yini ukuthi un-gangena kanjani ezulwini. Ngavunyelwa ukuwazisa lomoya ukuthi ukungeniswa ezulwini kungokweNkosi kuphela, ekubeni kuyiYona kuphela eyazi isimilo somuntu. Abantu abaningi abasandukufika emhlabeni wemimoya bephuma emhlabeni wemvelo banjengalomumoya; into esemqoka kubo, neyokuqala abayicelayo, wukungena ezulwini, bengenalo noluncane ulwazi lokuthi izulu liyini nokuthi injabulo yakhona injani. Abazi ukuthi izulu liwuthando olwenananayo, nenjabulo yakhona iwumphumela yothando olwenananayo. Ngenxa yokungazi kwabo, baqala ngokwaziswa noma ngokufundiswa ngokuthi izulu nenjabulo yalo kuyini, kwesinye isikhathi bafundiswe ngesu lokuzizwela lezizinto mathupha. Isibonelo: kwakukhona umumoya owawusandukufika emhlabeni wemimoya, ngendlela efana neyalowaya nawo wawulangazelela izulu, kepha ukuze uqonde ukuthi izulu linjani, kwavulwa ingaphakathi lawo ukuze futhi uzizwele mathupha okuthile kwenjabulo yasezulwini. Kodwa wanele wazizwela leyonjabulo waqala ukububula nokuzibhonqa, wancenga nokuba ukhululwe, uthi ungephile ngenxa yobuhlungu nosizi; ngalokho, ingaphakathi lawo elalibhekiswe ezulwini laphinde lavalwa, nangaleyondlela wabuyiselwa esimweni sawo sakuqala. Lokhu kukhombisa uhlobo lweminjunju kanembeza nolobuhlungu okuzwiwa yilabo abavunyelwa ukungena ezulwini kafuphi bengebona abantu bakhona.

  
/ 10837