From Swedenborg's Works

 

Izimfihlakalo Zezulu #1

Study this Passage

  
/ 10837  
  

1. INCWADI KAGENESIS

Kakho umuntu ongabona ngokusukela engqondweni yemvelo yeZwi yeThestamente eliDala ukuthi lengxenye yeZwi imumethe izimfihlo zasezulwini ezijulile, nokuthi konke okuqukethwe kuyo, kabanzi nangemininingwane, kuphathelene neNkosi, nezulu laYo, nesonto, nenkolo, nazozonke izinto ezixhumene nalezizinto. Ngokuba engqondweni yemvelo noma yamabala yalengxenye yeZwi, umuntu angabona kuphela—kabanzi—ukuthi zonke izinto kuyo ziphathelene namasiko nemithetho eSonto lamaJuda. Nokho iqiniso elimsulwa wukuthi kulolo nke leloZwi kukhona okungaphakathi okungaveli nakancane kokungaphandle ngaphandle kokuyingcosane okwadalulwa futhi kwachazwa yiNkosi kuBafundi baYo; njengokuthi imihlabelo ifanekisa iNkosi; ukuthi izwe laseK-hanana neJerusalema kufanekisa izulu—okuyisizathu sokuba kubizwe ngeKhanana lasezulwini nangeJerusalema lasezulwini—nokuthi iPharadisi lifanekisa okufanayo. (Mathewu 6:33)

  
/ 10837  
  

From Swedenborg's Works

 

Izimfihlakalo Zezulu #5711

Study this Passage

  
/ 10837  
  

5711. ISIQHUBEZO NGOKUQHAMISANA KOMUNTU KOMKHULU OMKHULUKAZI.

LAPHA KUMAYELANA NOKUQHAMISANA KWEZIFO ZASEMHLABENI WEMVELO NEZASEMHLABENI KAMOYA.

Njengoba isihloko lapha kuzokuba wukuqhamisana kwezifo zasemhlabe ni wemvelo nezifo zasemhlabeni kamoya, kumele kwaziwe ukuthi zonke izifo zoluntu ziqhamisana nezifo ezisemhlabeni kamoya. Ngokuba kakukho lutho olukhona emhlabeni wemvelo olungaqhamisani nokuthile okusemhlabeni kamoya; ekubeni okwemvelo kungenawo umsuka okusuka kuwo lapho okukamoya kungekho, ongumsuka obanga ukuba okwemvelo kubekhona ngokunganqamukiyo. Izinto ezisemhlabeni wemvelo kazilutho olunye ngaphandle kwemiphumela; isisusa salemiphumela sisemhla beni kamoya, kanti okuqhuba lezozisusa, okuyizinhloso, kungaphakathi kakhulu, ezulwini. Awukho umphumela ongaqhubeka nokubakhona uma isisusa sawo singekho engaphakathini lomphumela ngokunganqamukiyo; ngokuba lapho isisusa sinqamuka nomphumela waso uyanqamuka. Oqotsheni lwawo umphumela kawulutho olunye ngaphandle kwesisusa sawo; kepha engaphandleni laso isisusa sigqoka umphumela okwazi ukusebenza njengesisusa esiyingini noma ezingeni elingaphansi kwelaso. Uku hlobana okuphakathi kwesisusa nomphumela waso kuyafana nokuhlobana okuphakathi kwenhloso nesisusa sayo. Asikho isisusa esingabakhona uma inhloso yaso ingekho engaphakathini laso; ngokuba ngaphandle kwenhloso yaso isisusa kasibi nahlelo, nalapho lingekho ihlelo kakubikhona lutho. Ngokusukela kulokhu kuyachacha ukuthi ingqikithi yomphumela yisisusa sawo, nengqikithi yesisusa yinhloso yayo, nokuthi inhloso ehlose ukufeza ukulunga ingeyasezulwini futhi iphuma eNkosini. Ngakhoke umphumela kakuwona umphumela uma isisusa singekho engaphakathini lawo futhi sikhona ngokunganqamukiyo, nesisusa kasisona isisusa uma inhloso ingekho engaphakathini laso ngokunganqamukiyo. Ngokufanayo inhloso ehlose ukulunga kakuyona inhloso ehlose ukulunga uma ingagodlile uBunkulunkulu obuphuma eNkosini. Nga lokhu kuyachacha nokuthi njengoba zonke izinto zikhona ngokusukela kuNkulunkulu, kanjalo zonke izinto ziqhubeka nokubakhona ngokusukela kuNkulunkulu.

  
/ 10837