From Swedenborg's Works

 

Izimfihlakalo Zezulu #1

Study this Passage

  
/ 10837  
  

1. INCWADI KAGENESIS

Kakho umuntu ongabona ngokusukela engqondweni yemvelo yeZwi yeThestamente eliDala ukuthi lengxenye yeZwi imumethe izimfihlo zasezulwini ezijulile, nokuthi konke okuqukethwe kuyo, kabanzi nangemininingwane, kuphathelene neNkosi, nezulu laYo, nesonto, nenkolo, nazozonke izinto ezixhumene nalezizinto. Ngokuba engqondweni yemvelo noma yamabala yalengxenye yeZwi, umuntu angabona kuphela—kabanzi—ukuthi zonke izinto kuyo ziphathelene namasiko nemithetho eSonto lamaJuda. Nokho iqiniso elimsulwa wukuthi kulolo nke leloZwi kukhona okungaphakathi okungaveli nakancane kokungaphandle ngaphandle kokuyingcosane okwadalulwa futhi kwachazwa yiNkosi kuBafundi baYo; njengokuthi imihlabelo ifanekisa iNkosi; ukuthi izwe laseK-hanana neJerusalema kufanekisa izulu—okuyisizathu sokuba kubizwe ngeKhanana lasezulwini nangeJerusalema lasezulwini—nokuthi iPharadisi lifanekisa okufanayo. (Mathewu 6:33)

  
/ 10837  
  

From Swedenborg's Works

 

Izimfihlakalo Zezulu #1783

Study this Passage

  
/ 10837  
  

1783. INGQONDO ENGAPHAKATHI. Njengoba sekuke kwaphawulwa, okukhulunywa ngakho kulesiSahluko kuyizinto ezenzeka ngempela; okungukuthi, kuyiqiniso ukuthi uJehova wakhuluma noAbrama njengoba kuchaziwe; U-Abrama wathenjiswa izwe laseKhanani njengefa; empeleni wayalwa njengoba kushiwo ukuba ahlele isithokazi, imbuzikazi, inqama, ihobhe, nephuphu lejuba; amanqe ehlela ngempela ezidunjini; wabulala ngempela ubuthongo obujulile, nakulokho kulala lwamshaya ngempela uvalo lokwesaba ubumnyama; nalapho ilanga selishonile wakubona ngempela okufana neziko elishunqayo nelangabi lomlilo elalidabula phakathi kwezingxenye zezilwane ezabe zahlukanisiwe; neminye imininingwane eshiwo. Lezizinto zenzeka ngempela emlandweni, kodwa zonke lezozenzeko, ngisho nezincane kakhulu, ziyafanekisa; ngisho namazwi noma amagama asetshenziswe ekuchazeni lezozenzeko, nezingxenye ezincane zalawomagama, agodle incazelo kamoya, okungukuthi, yonke imininingwane yalowomagama imumethe ingqondo engaphakathi. Ngokuba yilowo nalowomniningwane weZwi ufunzelelwe, nanjengoba yonke ifunzelelwe, ngakhoke kayinakuba nomsuka ngaphandle kowasezulwini; okungukuthi, kucashe izinto zezulu lamazulu nezinto zezulu likamoya ekujuleni kwalo. Ukuba iZwi belingazimumethe lezizinto ngabe kakulona iZwi leNkosi.

[2] Izinto zezulu lamazulu nezinto zezulu likamoya yizona ezimumethwe engqondweni engaphakathi yeZwi. Lapho lengqondo ivela obala, ingqondo yemvelo inyamalala sengathi kayikho, nalapho futhi kunakwa ingqondo yemvelo noma engaphandle kuphela ingqondo engaphakathi inyamalala sengathi kayikho. Ubudlelwane obuphakathi kwalezizingqondo zombili bufana nobudlelwane bokukhanya kwasezulwini ekukhanyeni kwasemhlabeni, nangokuphendukisa, bufana nobudlelwane bokukhanya kwasemhlabeni ekukhanyeni kwasezulwini. Lapho kubonakala ukukhanya kwasezulwini, ukukhanya kwasemhlabeni bufana nesigayegaye, nalokhu ngaziswe khona ngokuzibonela mathupha. Kepha lapho umuntu esekukhanyeni kwasemhlabeni, ukukhanya kwasezulwini, uma ekubona, kungaba yisigayegaye. Kunjalo nangomqondo womuntu: kumuntu onaka inhlakanipho yobuntu kuphela noma ulwazi lwasemhlabeni kuphela, inhlakanipho yasezulwini ibonakala iyinto efiphele neyize; kodwa kumuntu onenhlakanipho yasezulwini, inhlakanipho yobuntu efiphele neyize kakhulu, nokuyinto eyisigayegaye, ngaphandle uma leyonhlakanipho ihlatshwa yimisebe yokukhanya kwasezulwini.

  
/ 10837  
  

From Swedenborg's Works

 

Izimfihlakalo Zezulu #938

Study this Passage

  
/ 10837  
  

938. Abantu abangamagovu noma abayimiheduluka benyanyeka kunabobonke abanye abantu, ekubeni bengacabangi lutho ngempilo yangemuva kokufa, ngomphefumulo, nangomuntu ongaphakathi. Abazi ngisho nokuthi liyini izulu, ngokuba izinga labo lokucabanga liphansi kunawabobonke abanye abantu. Imicabanga yabo bayicwilisa ngokugcwele eminakweni yomzimba neyomhlaba. Umphumela walokho wukuthi ngemuva kokufa, noma lapho sebengena empilweni yangemuva kokufa, kuthatha isikhathi eside ukuba babone ukuthi sebeyimimoya , becabanga ukuthi basemzimbeni wemvelo. Imiqondo ephuma emicabangweni yabo ethonywe yiminako yomzimba nomhlaba wemvelo, iguquka ibe ngamalutha okuzikhohlisa asabekayo. Okunswempu nokho kuyiqiniso elimsulwa wukuthi abangamagovu ahaha noma aheduluka kakhulu, ngemuva kokufa bazibona bematasatasa besebenza emalawini lapho kuhlala khona imali yabo, nokuyizindawo eziphithiza amagundane. Nokho yize ama-gundane angabahlupha kangakanani kabahoxi kulawomalawu bengakakhathali, kanjalo ekugcineni baphume kulamathuna.

  
/ 10837