From Swedenborg's Works

 

Izimfihlakalo Zezulu #0

Study this Passage

/ 10837  
  

IZIMFIHLO ZASEZULWINI EZIQUKETHWE EZIBHALWENI EZINGCWELE NOMA EZWINI LENKOSI ZISONJULULIWE KUQALWA ENCWADINI KAGENESIS KANYE NEZINTO EZIMANGALISAYO EZIBONWE EMHLABENI WEMIMOYA NASEZULWINI LEZINGELOSI

KULOTSHWE WU EMANUEL SWEDENBORG

KWAHUNYUSHWA KUSUSWA ESINGISINI KUYISWA ESIZULWINI UMQINGO WOKUQALA

IHUNYUSHWE NGU wuZAMOKUHLE T. ZUNGU

---

Arcana Coelestia: The Heavenly Arcana contained in the Holy Scripture or Word of the Lord unfolded in the Book of Genesis together with wonderful things seen in the World of Spirits and in the Heaven of Angels

By Emanuel Swedenborg

Translated into Zulu by Zamokuhle T. Zungu

---

UHLU LOMLOBI LWEZIHLOKO EZIQUKETHWE EMQINGWENI WOKUQALA.

IziMfihlo zeZulu ezisonjululwe eziBhalweni eziNgcwele noma eZwini leNkosi zikwiNcazelo, eyiNgqondo engaPhakathi yeZwi. Ukuthi lengqondo inhloboni kungabonwa kulezozinto ezikhonjiswe malungana nayo ngokusukela eLwazini lokuzazela mathupha ezinombolweni 1767-1777, 1869-1879; nasemongweni noma engqikithini yenkulumo (ezinombolweni 1-5, 64-66, 167, 605, 920, 937, 1143, 1224, 1404, 1405, 1408, 1409, 1502 ekugcineni, 1540, 1659, 1756, 1783, 1807).

IZinto eziMangalisayo ezibonwe eMhlabeni weMimoya naseZulwini leziNgelosi, kuqalwe ngazo futhi zajotshelelwa ezahlukweni ezimbalwa. Kulomqingo kukhona lezizihloko ezilandelayo:

Mayelana nokuVuswa komuntu kwabafileyo, nokungena kwakhe ekuphileni okuphakade (n. 168-181).

Isiqhubezo mayelana nokungena komuntu ekuphileni okuphakade (n. 182-189; naku 314-319).

Ukuthi ngaleyonkathi impilo yoMphefumulo noma yoMumoya injani (320-323).

Ezinye izibonelo zemicabanga yeMimoya yokuthi yayicabangani ngoMphefumulo noma ngoMumoya ngenkathi isesemzimbeni wemvelo (n. 443-448).

Mayelana neZulu kanye neNjabulo yaseZulwini (n. 449-459; 537-546; 547-553).

Mayelana namaBandla abumba noma enza iZulu (n. 684-691).

Mayelana nesiHogo (n. 692-700).

Mayelana neziHogo zalabo abebebuswa yiNzondo, ukuPhindisa, noluNyae ezimpilweni zabo zemvelo (n. 814-823).

Mayelana neziHogo zalabo abebebuswa wukuPhinga neSigweba; mayelana futhi neziHogo zabaKhohlisi nezabaThakathikazi (n. 824-831).

Mayelana neziHogo zabaHahayo; namayelana neJerusalema eliNgcolile, nabaPhangi eHlane; namayelana nothuvi obugcwele eziHogweni zalabo abebecwile ezinjabulweni zomzimba noma zezinzwa besaphila emhlabeni wemvelo (n. 938-946).

Mayelana nezinye iziHogo ezehlukile kulezi esezibalwe ngenhla (n. 947-970).

Mayelana neziNcithakalo (n. 1106-1113).

UHlu lomlobi lwezihloko eziqukethwe emqingweni wesikhombisa.

IziMfihlakalo zezulu ezisonjululwe ezibhalweni eziNgcwele noma ezwini leNkosi ziqukethwe ezincazelweni, eyingqondo engaphakathi yezwi. Izanduleliso ezendulela izahluko ezimbalwa ziyincazelo yalokhu okulandelayo: Ziyincazelo eyingqondo engaphakathi yamazwi eNkosi akuMathewu 25:34-36 (ezinombolweni 4954-4959).

Ziyisiqhubezo mayelana nokuqhamisana komuntu noMuntu oMkhulu: ukuqhamisana kwamanyonga nezitho ezixhumene nawo (ezinombolweni 5050-5062).

Ziyincazelo eyingqondo engaphakathi yamazwi eNkosi akuMathewu 25:37-46 (ezinombolweni 5063-5071).

Ziyisiqhubezo mayelana nokuqhamisana komuntu nomuntu omkhulu: ukuqhamisana kwezitho zomuntu zangaphakathi nezitho zomuntu omkhulu zangaphakathi (ezinombolweni 5171-5190).

Ziyisiqhubezo mayelana nokuqhamisana komuntu nomuntu omkhulu (ezinombolweni 5377-5396).

Ziyisiqhubezo mayelana nokuqhamisana komuntu nomuntu omkhulu: ukuqhamisana kwesikhumba, izinwele, namathambo (ezinombolweni 5552-5573).

Ziyisiqhubezo mayelana nokuqhamisana: ukuqhamisana kwezifo nomhlaba kamoya (ezinombolweni 5711-5727).

UHLU LOMLOBI LWEZIHLOKO EZIQUKETHWE KULOMQINGO.

Kuqukethwe izimfihlakalo zezulu ezethulwe ngencazelo yengqondo enga pha-kathi yeZibhalo ezingcwele noma yeZwi.

Okujotshelelwe ekugcineni kwezinye iZahluko kumayelana nezingelosi ka nye nemimoya okuhanqa umuntu (bheka izinombolo 5846-5866).

Isiqhubezo mayelana nezingelosi kanye nemimoya okuhanqe umuntu (bheka izinombolo 5976-5993).

Kujotshelelwe okumayelana nomngenela nobudlelwane bomphefumulo emzimbeni wemvelo (bheka izinombolo 6053-6058).

Isiqhubezo mayelana nomngenela nobudlelwane bomphefumulo emzimbeni wemvelo (6189-6215).

Isiqhubezo mayelana nomngenela nobudlelwane bomphefumulo emzimbeni wemvelo (6307-6327).

Isiqhubezo mayelana nomngenela nobudlelwane bomphefumulo emzimbeni wemvelo (bheka izinombolo 6466-6496).

Isiqhubezo mayelana nomngenela nobudlelwane bomphefumulo emzimbeni wemvelo (bheka izinombolo 6598-6626).

Okunye okulotshiwe (bheka amakhasi 503, 504).

/ 10837  
  

From Swedenborg's Works

 

Izimfihlakalo Zezulu #919

Study this Passage

  
/ 10837  
  

919. Isahlukwana 20: UNowa wamakhela uJehova ialthari, wathatha kuzozonke izilwane ezihlambulukileyo, nakuzozonke izinyoni ezihlambulukileyo, wanikela umnikelo wokushiswa e-althari. Ukuthi “uNowa wakhela uJehova i-althari” kusho okufanekisa iNkosi. Ukuthi “wathatha kuzozonke izilwane ezihlambulukileyo nakuzozonke izinyoni ezihlambulukileyo” kufanekisa ukulunga okuphuma esiseni senhliziyo, namaqiniso enkolo. Ukuthi “wanikela umnikelo wokushiswa e-althari” kufanekisa yonke inkonzo esukela kulokhokulunga namaqiniso.

  
/ 10837  
  

From Swedenborg's Works

 

Izimfihlakalo Zezulu #3686

Study this Passage

  
/ 10837  
  

3686. Ngamazwi “khona u-Esawu wabona ukuthi amadodakazi aseKhanani mabi emehlweni ka-Isaka uyise” kufanekiswa ukuqandelela nokuhlinzeka kweNkosi, kokuba izinkanuko zokukhanukela leloqiniso—okuyizinkanuko obekuxhunywe kuzo ukulunga komuntu ongaphandle kwaze kwaba yilesosikhathi—zingakufaneli lokho kuxhunywaniswa noma zingaholeli kulokho kuxhunywaniswa. Lokhu kuchachiswa wukufanekiswa lapha kokuqandelela nokuhlinzeka ngo “kubona” (bheka izinombolo 2837, 2839); kuchachiswa futhi wukufanekiswa koKulunga koBunkulunkulu koBuntu beNkosi ngo “Esawu”, osekukhulunyiwe ngakho ngaphambili. Kuchachiswa futhi wukufanekiswa kwezinkanuko zokukhanukela iqiniso ezisuka emsukeni ongenabuqotho noma ongalungile nga “madodakazi aseKhanani” (bheka izinombolo 3470, 3620, 3621, 3622), lapha okungamadodakazi kaHethi. Kuchachiswa futhi wukufanekiswa kokungafaneli ukuxhunywaniswa noma kokungaholeli ekuxhumaneni ngesu lokulunga komuntu ongaphandle, okufanekiswa ngo “Esawu”, nokulunga komuntu ongaphakathi, okufanekiswa ngo “Isaka” ngo “kuba mubi emehlweni ka-Isaka uyise”. Ngakhokonke lokhu kusobala ukuthi lamazwi afanekisa ukuqandelela nokuhlinzeka kweNkosi kokuba izinkanuko zokukhanukela leloqiniso zingakufaneli ukuxhunywaniswa ngenxa yomsuka wazo ongalungile. Iqiniso eliphelele lalokhu lingabonakala encazelweni eyethulwe eSahlukweni 26:34, 35, lapho kukhulunywa khona ngamadodakazi kaHethi, u-Esawu azithathela kuwo amakhosikazi. Iqiniso eliphelele lingatholwa futhi eSahlukweni 27:46, lapho kuthiwa khona uJakobe angazithatheli inkosikazi kumadodakazi aseKhanani [kaHethi]. Isizathu sokuba lapha nga “madodakazi aseKhanani” kufanekiswe izinkanuko zokukhanukela iqiniso ezingaphumi emsukeni oyiwonawona, kanti ngenhla nga “madodakazi aseKhanani” bekufanekiswa izinkanuko zokukhanukela amanga nobubi (bheka izinombolo 3662, 3683), wukuthi amaHethi aseKhanani ayengabantu bezizwe noma ababengaphandle kweSonto leNkosi ngaleyonkathi, futhi ayengacwilile emangeni nasebubini kangako noma njengezinye izizwe zaseKhanani—njengamaKhanani, ama-Amori, namaPherizi. Yingakho amaHethi ayefanekisa iSonto leNkosi lezulu likamoya phakathi kwabezizwe (bheka izinombolo 2913, 2986).

[2] Ukuthi iSonto laseMandulondulo, elaliyiSonto lezulu lamazulu, futhi elalikhona ngaphambi kukaZamcolo, lalisezweni laseKhanani, kungabonwa enombolweni 567. Nokuthi iSonto laseMandulo elalingemuva kukaZamcolo nalo lalisezweni laseKhanani, futhi linakweminye imibuso, kungabonwa ngenhla ezinombolweni 1238, 2385. Ngenxa yalamaSonto zonke izizwe zalelozwe, nazozonke izifunda zalo, nayoyonke imifula yakhona, kwafanekisa; ngokuba abantu beSonto laseMandulondulo, ababengabantu abawuhlobo lwasezulwini lamazulu, babebona ngengqondo izinto zombuso weNkosi ngesu lezinto zemvelo ababezibona ngamehlo (bheka izinombolo 920, 1409, 2896, 2897, 2995), kanjalo-ke babebona izinto zombuso weNkosi lapho bebona izifunda nemifula yalelozwe. Ngemuva kwenkathi yaleloSonto, ukubona izinto zombuso weNkosi ngengqondo kwasala eSontweni laseMandulo, nakanjalo kwasala izifanekiso zezindawo zalelozwe. Okunye, neZwi leSonto laseMandulo, okukhulunywe ngalo ezinombolweni 2897-2899, lalinamagama afanekisayo, ngesizathu esifanayo, njengeZwi elalikhona ngemuva kwaleloSonto elibizwa ngo “Mose naBaphrofethi”. Yingakho u-Abrahama wayalwa ukuba aye eKhanani, wethenjiswa nokuthi izizukulwane zakhe ziyodla ifa lalelolizwe. Nokuba izizukulwane zakhe zidle ifa lalelolizwe kwangasukeli ekubeni izizukulwane zazingcono kunezinye izizwe, ngoba zaziphakathi kwezizwe ezimbi kunazozonke (bheka izinombolo 1167, 3373), kepha zaziyodla ifa lalelolizwe ukuze ngazo kusungulwe iSonto elifanekisayo elinganaki amagama abantu nezindawo kepha elinaka izinto ezifanekiswa ngabantu nezindawo (bheka inombolo 3670), ukuze futhi amagama ayeseSontweni laseMandulondulo nelaseMandulo alondolozeke.

  
/ 10837