From Swedenborg's Works

 

Izimfihlakalo Zezulu #0

Study this Passage

/ 10837  
  

IZIMFIHLO ZASEZULWINI EZIQUKETHWE EZIBHALWENI EZINGCWELE NOMA EZWINI LENKOSI ZISONJULULIWE KUQALWA ENCWADINI KAGENESIS KANYE NEZINTO EZIMANGALISAYO EZIBONWE EMHLABENI WEMIMOYA NASEZULWINI LEZINGELOSI

KULOTSHWE WU EMANUEL SWEDENBORG

KWAHUNYUSHWA KUSUSWA ESINGISINI KUYISWA ESIZULWINI UMQINGO WOKUQALA

IHUNYUSHWE NGU wuZAMOKUHLE T. ZUNGU

---

Arcana Coelestia: The Heavenly Arcana contained in the Holy Scripture or Word of the Lord unfolded in the Book of Genesis together with wonderful things seen in the World of Spirits and in the Heaven of Angels

By Emanuel Swedenborg

Translated into Zulu by Zamokuhle T. Zungu

---

UHLU LOMLOBI LWEZIHLOKO EZIQUKETHWE EMQINGWENI WOKUQALA.

IziMfihlo zeZulu ezisonjululwe eziBhalweni eziNgcwele noma eZwini leNkosi zikwiNcazelo, eyiNgqondo engaPhakathi yeZwi. Ukuthi lengqondo inhloboni kungabonwa kulezozinto ezikhonjiswe malungana nayo ngokusukela eLwazini lokuzazela mathupha ezinombolweni 1767-1777, 1869-1879; nasemongweni noma engqikithini yenkulumo (ezinombolweni 1-5, 64-66, 167, 605, 920, 937, 1143, 1224, 1404, 1405, 1408, 1409, 1502 ekugcineni, 1540, 1659, 1756, 1783, 1807).

IZinto eziMangalisayo ezibonwe eMhlabeni weMimoya naseZulwini leziNgelosi, kuqalwe ngazo futhi zajotshelelwa ezahlukweni ezimbalwa. Kulomqingo kukhona lezizihloko ezilandelayo:

Mayelana nokuVuswa komuntu kwabafileyo, nokungena kwakhe ekuphileni okuphakade (n. 168-181).

Isiqhubezo mayelana nokungena komuntu ekuphileni okuphakade (n. 182-189; naku 314-319).

Ukuthi ngaleyonkathi impilo yoMphefumulo noma yoMumoya injani (320-323).

Ezinye izibonelo zemicabanga yeMimoya yokuthi yayicabangani ngoMphefumulo noma ngoMumoya ngenkathi isesemzimbeni wemvelo (n. 443-448).

Mayelana neZulu kanye neNjabulo yaseZulwini (n. 449-459; 537-546; 547-553).

Mayelana namaBandla abumba noma enza iZulu (n. 684-691).

Mayelana nesiHogo (n. 692-700).

Mayelana neziHogo zalabo abebebuswa yiNzondo, ukuPhindisa, noluNyae ezimpilweni zabo zemvelo (n. 814-823).

Mayelana neziHogo zalabo abebebuswa wukuPhinga neSigweba; mayelana futhi neziHogo zabaKhohlisi nezabaThakathikazi (n. 824-831).

Mayelana neziHogo zabaHahayo; namayelana neJerusalema eliNgcolile, nabaPhangi eHlane; namayelana nothuvi obugcwele eziHogweni zalabo abebecwile ezinjabulweni zomzimba noma zezinzwa besaphila emhlabeni wemvelo (n. 938-946).

Mayelana nezinye iziHogo ezehlukile kulezi esezibalwe ngenhla (n. 947-970).

Mayelana neziNcithakalo (n. 1106-1113).

UHlu lomlobi lwezihloko eziqukethwe emqingweni wesikhombisa.

IziMfihlakalo zezulu ezisonjululwe ezibhalweni eziNgcwele noma ezwini leNkosi ziqukethwe ezincazelweni, eyingqondo engaphakathi yezwi. Izanduleliso ezendulela izahluko ezimbalwa ziyincazelo yalokhu okulandelayo: Ziyincazelo eyingqondo engaphakathi yamazwi eNkosi akuMathewu 25:34-36 (ezinombolweni 4954-4959).

Ziyisiqhubezo mayelana nokuqhamisana komuntu noMuntu oMkhulu: ukuqhamisana kwamanyonga nezitho ezixhumene nawo (ezinombolweni 5050-5062).

Ziyincazelo eyingqondo engaphakathi yamazwi eNkosi akuMathewu 25:37-46 (ezinombolweni 5063-5071).

Ziyisiqhubezo mayelana nokuqhamisana komuntu nomuntu omkhulu: ukuqhamisana kwezitho zomuntu zangaphakathi nezitho zomuntu omkhulu zangaphakathi (ezinombolweni 5171-5190).

Ziyisiqhubezo mayelana nokuqhamisana komuntu nomuntu omkhulu (ezinombolweni 5377-5396).

Ziyisiqhubezo mayelana nokuqhamisana komuntu nomuntu omkhulu: ukuqhamisana kwesikhumba, izinwele, namathambo (ezinombolweni 5552-5573).

Ziyisiqhubezo mayelana nokuqhamisana: ukuqhamisana kwezifo nomhlaba kamoya (ezinombolweni 5711-5727).

UHLU LOMLOBI LWEZIHLOKO EZIQUKETHWE KULOMQINGO.

Kuqukethwe izimfihlakalo zezulu ezethulwe ngencazelo yengqondo enga pha-kathi yeZibhalo ezingcwele noma yeZwi.

Okujotshelelwe ekugcineni kwezinye iZahluko kumayelana nezingelosi ka nye nemimoya okuhanqa umuntu (bheka izinombolo 5846-5866).

Isiqhubezo mayelana nezingelosi kanye nemimoya okuhanqe umuntu (bheka izinombolo 5976-5993).

Kujotshelelwe okumayelana nomngenela nobudlelwane bomphefumulo emzimbeni wemvelo (bheka izinombolo 6053-6058).

Isiqhubezo mayelana nomngenela nobudlelwane bomphefumulo emzimbeni wemvelo (6189-6215).

Isiqhubezo mayelana nomngenela nobudlelwane bomphefumulo emzimbeni wemvelo (6307-6327).

Isiqhubezo mayelana nomngenela nobudlelwane bomphefumulo emzimbeni wemvelo (bheka izinombolo 6466-6496).

Isiqhubezo mayelana nomngenela nobudlelwane bomphefumulo emzimbeni wemvelo (bheka izinombolo 6598-6626).

Okunye okulotshiwe (bheka amakhasi 503, 504).

/ 10837  
  

From Swedenborg's Works

 

Izimfihlakalo Zezulu #314

Study this Passage

  
/ 10837  
  

314. ISIQHUBEZO MALUNGANA NOKUNGENA KOMUNTU EMPILWENI YAPHAKADE.

Ngemuva kokuba umuntu, okungukuthi, umphefumulo wakhe, esevuselwe ekukhanyeni, ukuze abone izinto ezimkakile, izingelosi zikamoya okukhulunywe ngazo zimnika lonke usizo alufisayo ekulesosimo. Zimazisa futhi nangezinto ezikhona empilweni yakhe entsha, nalapho enesifiso sokuzibona, zimkhombisa izimangaliso nobucwazicwazi kwezulu.

  
/ 10837  
  

From Swedenborg's Works

 

Izimfihlakalo Zezulu #1164

Study this Passage

  
/ 10837  
  

1164. Ukuthi nge “Kushe” noma ngezwe laseTopiya kufanekiswa iziminya zengaphakathi leZwi abantu abazigxilisa ngazo emigomeni engamanga kusobala kuJeremiya, lapho kuthiwa khona:

IGibhithe yenyuka njengomfula, amanzi alo agubha njengemifula; lithi ngiyokwenyuka, ngisibekele umhlaba; ngiyochitha umuzi nabahlala kuwo. Yenyukani, nina mahhashi, nihlanye zinqola, aphume amaqhawe, uKushe noPhuthi ababambe izihlangu (Jeremiya 46:8, 9).

Lapha nge “Gibhithe” kufanekiswa abantu abangakholwalutho abangaluqondi ngesu lolwazi. Umphumela walokho wukungabaza, ukuphika, nokuhlanekezela zonke izinto, okufanekiswa ngo “kwenyuka, nokusibekela umhlaba, nokuchitha umuzi”. Ngo “Kushe” lapha kufanekiswa olunye futhi ulwazi kabanzi lwengaphakathi leZwi abantu abazigxilisa ngesu lalo emigomeni yabo engamanga. U “Phuthi” ufanekisa ulwazi olususelwe engqondweni yemvelo yeZwi esuselwe kwimbonakalo yezinzwa zomzimba.

[2] KuHezekeli kuthiwa:

Inkemba iyokwehlela eGibhithe, kuyokuba lusizi eKushe lapho abagwaziweyo bewa eGibhithe; bayothatha uquqaba lwalo, kuchithwe nezisekelo zalo. UKushe, noPhuthi, noLude, nayoyonke ingxubevange yezizwe, nayoyonke iErebi neKhubi, namadodana ezwe lesivumelwano, bayokuwa ngenkemba (Hezekeli 30:4-6).

Kakho umuntu ongaba ngisho noluncane ulwazi lokuthi kufanekiswani ngalamazwi ngaphandle kokuwaqonda ngokusukela engqondweni yawo engaphakathi. Namagama agagulwayo kulezizahlukwana abengeke asho lutho ukuba abengakhombi izinto zempela noma ezikhona. Lapha-ke, nge “Gibhithe” kufanekiswa ulwazi oluyisu lokudingida noma lokuphenya izimfihlakalo zenkolo. I “Kushe nePhuthi” zibizwa nge “zisekelo zeGibhithe” ngoba kokubili kufanekisa ulwazi oluphuma eZwini.

[3] Kuye futhi uHezekeli kuthiwa:

Ngalolosuku kuyophuma izithunywa phambi kwaMi ngemikhumbi ukwesabisa amaKushe anokuzethemba, kube lusizi phezu kwawo ngosuku lweGibhithe (Hezekeli 30:9).

Nga “maKushe” lapha kufanekiswa lololwazi oluthathwe eZwini olugxilisa amanga achanyuselwe yiziminya. noma wulwazi lwenkumbulo. Kuye futhi lomPhrofethi kuthiwa:

Ngiyokwenza izwe laseGibhithe libe yihlane lamahlane nencithakalo, kusukela embhoshongweni waseSevene kuze kube semngceleni waseKushe (Hezekeli 29:10).

Lapha nge “Gibhithe” kufanekiswa ulwazi olusenkumbulweni noma iziminya, kanti ngo “Kushe” kufanekiswa ulwazi lwezinto zengaphakathi leZwi, eziyimingcele lapho ulwazi lungenakudlula khona.

[4] KuIsaya kuthiwa:

Inkosi yaseAsiriya iyohola abathunjiweyo baseGibhithe nabathunjiweyo baseKushe, abasha nabadala, benqunu, bengafake nazicathulo, izinqe zivele obala, okuwubunqunu beGibhithe. Bayongenwa yingebhe, babenHhloni ngeKushe ithemba labo nangeGibhithe udumo lwabo (Isaya 20:4, 5).

Lapha ngo “Kushe” kufanekiswa ulwazi oluphuma eZwini okugxiliswa ngalo amanga adaleka ngeziminya. Nge “Asiriya” kufanekiswa ukucabanga noma ukuzindla okwedukileyo noma okuholela eku “thunjweni” [ekwedukeni] kwabantu. KuNahume kuthiwa:

IKushe neGibhithe kwabe kungamandla alo, angenakuphela; uPhuthi namaLubi (abaseLibhiya) babengabasizi bakho (Nahume 3:9).

Lokhu kushiwo malungana neSonto elibhubhile, nalapha, ngendlela efanayo “iGibhithe” ifanekisa iziminya, ne “Kushe” ifanekisa ulwazi.

[5] Lapha nge “Kushe” nange “Gibhithe” kushiwo iziminya nolwazi okungamaqiniso awusizo kubantu abankolo yabo yesekelwe noma iqhutshwa yisisa senhliziyo. I “Kushe” ne “Gibhithe” kusetshenziswe kuIsaya ngendlela evumayo, kanje:

Usho kanje uJehova, uthi: Okukhandlekelweyo kwaseGibhithe, nokuzuziweyo kwaseKushe nokwaseSheba, abantu abade, kuyokuza kuWe kube ngokwaKho. Bayokulandela bafike beboshwe ngamaketango, beze bakukhothamele, bakhuleke kuWe. Bayokhuleka kuWe bathi: UNkulunkulu ukuWe, kakho omunye ngaphandle kukaNkulunkulu (Isaya 45:14).

Lapha, ngo “kukhandlekelweyo kwaseGibhithe” kufanekiswa ulwazi; impahla noma “okuzuziweyo kwaseKushe nama or kwase Sheba” kufanekisa ulwazi lwezinto zikamoya eziwusizo kubantu abavuma iNkosi; ngokuba bahlinzekwe ngalolonke ulwazi nangazozonke iziminya.

[6] KuDaniyeli kuthiwa:

Inkosi yasenyakatho iyobusa phezu kwengcebo kwenqolobane engasese yegolide nesiliva, naphezu kwakho okungamagugu aseGibhithe; amaLubi (abaseLibhiya) namaKushe bayolandela ezinyathelweni zayo (Daniyeli 11:43).

Ngo “Phuthi noKushe” kushiwo ulwazi oluphuma noma olukhishwe eZwini, kanti nge “Gibhithe” kufanekiswa iziminya KuZefaniya kuthiwa:

Kusukela phesheya kwemifula yaseKushe kukhona abangidumisayo (Zefaniya 3:10).

Lapha kushiwo labo abangenalwazi, kanjalo kushiwo abezizwe. KumaHubo kaDavidi kuthiwa:

Izikhulu ziyovela eGibhithe, iKushe iyokwelulela ngokushesha izandla zayo kuNkulunkulu (AmaHubo 68:31).

[7] Lapha nge “Gibhithe” kufanekiswa ulwazi, kanti nge “Kushe” kufanekiswa iziminya. Kuye futhi lomPhrofethi kuthiwa:

Ngizobala uRahabi neBabele phakathi kwalabo abangaziyo; bheka, iFilistiya neTire kanye neKushe. IKushe yazalelwa khona lapho [emzini kaNkulunkulu] (AmaHubo 87:4).

Ngo “Kushe” kufanekiswa ulwazi oluphuma eZwini, yingakho kuthiwa “wazalelwa emzini kaNkulunkulu”. Njengoba u “Kushe” efanekisa ulwazi lwangaphakathi lweZwi kanye nenkalipho ezuzwa ngalo, ngakhoke kuthiwa umfula wesibili ophuma esivandeni saseYideni “wawuzungelezela lonke izwe laseKushe”. Malungana nalokhu ungabheka osekuphawuliwe enombolweni 117.

  
/ 10837