From Swedenborg's Works

 

Izimfihlakalo Zezulu #0

Study this Passage

/ 10837  
  

IZIMFIHLO ZASEZULWINI EZIQUKETHWE EZIBHALWENI EZINGCWELE NOMA EZWINI LENKOSI ZISONJULULIWE KUQALWA ENCWADINI KAGENESIS KANYE NEZINTO EZIMANGALISAYO EZIBONWE EMHLABENI WEMIMOYA NASEZULWINI LEZINGELOSI

KULOTSHWE WU EMANUEL SWEDENBORG

KWAHUNYUSHWA KUSUSWA ESINGISINI KUYISWA ESIZULWINI UMQINGO WOKUQALA

IHUNYUSHWE NGU wuZAMOKUHLE T. ZUNGU

---

Arcana Coelestia: The Heavenly Arcana contained in the Holy Scripture or Word of the Lord unfolded in the Book of Genesis together with wonderful things seen in the World of Spirits and in the Heaven of Angels

By Emanuel Swedenborg

Translated into Zulu by Zamokuhle T. Zungu

---

UHLU LOMLOBI LWEZIHLOKO EZIQUKETHWE EMQINGWENI WOKUQALA.

IziMfihlo zeZulu ezisonjululwe eziBhalweni eziNgcwele noma eZwini leNkosi zikwiNcazelo, eyiNgqondo engaPhakathi yeZwi. Ukuthi lengqondo inhloboni kungabonwa kulezozinto ezikhonjiswe malungana nayo ngokusukela eLwazini lokuzazela mathupha ezinombolweni 1767-1777, 1869-1879; nasemongweni noma engqikithini yenkulumo (ezinombolweni 1-5, 64-66, 167, 605, 920, 937, 1143, 1224, 1404, 1405, 1408, 1409, 1502 ekugcineni, 1540, 1659, 1756, 1783, 1807).

IZinto eziMangalisayo ezibonwe eMhlabeni weMimoya naseZulwini leziNgelosi, kuqalwe ngazo futhi zajotshelelwa ezahlukweni ezimbalwa. Kulomqingo kukhona lezizihloko ezilandelayo:

Mayelana nokuVuswa komuntu kwabafileyo, nokungena kwakhe ekuphileni okuphakade (n. 168-181).

Isiqhubezo mayelana nokungena komuntu ekuphileni okuphakade (n. 182-189; naku 314-319).

Ukuthi ngaleyonkathi impilo yoMphefumulo noma yoMumoya injani (320-323).

Ezinye izibonelo zemicabanga yeMimoya yokuthi yayicabangani ngoMphefumulo noma ngoMumoya ngenkathi isesemzimbeni wemvelo (n. 443-448).

Mayelana neZulu kanye neNjabulo yaseZulwini (n. 449-459; 537-546; 547-553).

Mayelana namaBandla abumba noma enza iZulu (n. 684-691).

Mayelana nesiHogo (n. 692-700).

Mayelana neziHogo zalabo abebebuswa yiNzondo, ukuPhindisa, noluNyae ezimpilweni zabo zemvelo (n. 814-823).

Mayelana neziHogo zalabo abebebuswa wukuPhinga neSigweba; mayelana futhi neziHogo zabaKhohlisi nezabaThakathikazi (n. 824-831).

Mayelana neziHogo zabaHahayo; namayelana neJerusalema eliNgcolile, nabaPhangi eHlane; namayelana nothuvi obugcwele eziHogweni zalabo abebecwile ezinjabulweni zomzimba noma zezinzwa besaphila emhlabeni wemvelo (n. 938-946).

Mayelana nezinye iziHogo ezehlukile kulezi esezibalwe ngenhla (n. 947-970).

Mayelana neziNcithakalo (n. 1106-1113).

UHlu lomlobi lwezihloko eziqukethwe emqingweni wesikhombisa.

IziMfihlakalo zezulu ezisonjululwe ezibhalweni eziNgcwele noma ezwini leNkosi ziqukethwe ezincazelweni, eyingqondo engaphakathi yezwi. Izanduleliso ezendulela izahluko ezimbalwa ziyincazelo yalokhu okulandelayo: Ziyincazelo eyingqondo engaphakathi yamazwi eNkosi akuMathewu 25:34-36 (ezinombolweni 4954-4959).

Ziyisiqhubezo mayelana nokuqhamisana komuntu noMuntu oMkhulu: ukuqhamisana kwamanyonga nezitho ezixhumene nawo (ezinombolweni 5050-5062).

Ziyincazelo eyingqondo engaphakathi yamazwi eNkosi akuMathewu 25:37-46 (ezinombolweni 5063-5071).

Ziyisiqhubezo mayelana nokuqhamisana komuntu nomuntu omkhulu: ukuqhamisana kwezitho zomuntu zangaphakathi nezitho zomuntu omkhulu zangaphakathi (ezinombolweni 5171-5190).

Ziyisiqhubezo mayelana nokuqhamisana komuntu nomuntu omkhulu (ezinombolweni 5377-5396).

Ziyisiqhubezo mayelana nokuqhamisana komuntu nomuntu omkhulu: ukuqhamisana kwesikhumba, izinwele, namathambo (ezinombolweni 5552-5573).

Ziyisiqhubezo mayelana nokuqhamisana: ukuqhamisana kwezifo nomhlaba kamoya (ezinombolweni 5711-5727).

UHLU LOMLOBI LWEZIHLOKO EZIQUKETHWE KULOMQINGO.

Kuqukethwe izimfihlakalo zezulu ezethulwe ngencazelo yengqondo enga pha-kathi yeZibhalo ezingcwele noma yeZwi.

Okujotshelelwe ekugcineni kwezinye iZahluko kumayelana nezingelosi ka nye nemimoya okuhanqa umuntu (bheka izinombolo 5846-5866).

Isiqhubezo mayelana nezingelosi kanye nemimoya okuhanqe umuntu (bheka izinombolo 5976-5993).

Kujotshelelwe okumayelana nomngenela nobudlelwane bomphefumulo emzimbeni wemvelo (bheka izinombolo 6053-6058).

Isiqhubezo mayelana nomngenela nobudlelwane bomphefumulo emzimbeni wemvelo (6189-6215).

Isiqhubezo mayelana nomngenela nobudlelwane bomphefumulo emzimbeni wemvelo (6307-6327).

Isiqhubezo mayelana nomngenela nobudlelwane bomphefumulo emzimbeni wemvelo (bheka izinombolo 6466-6496).

Isiqhubezo mayelana nomngenela nobudlelwane bomphefumulo emzimbeni wemvelo (bheka izinombolo 6598-6626).

Okunye okulotshiwe (bheka amakhasi 503, 504).

/ 10837  
  

From Swedenborg's Works

 

Izimfihlakalo Zezulu #1808

Study this Passage

  
/ 10837  
  

1808. Ukuthi ngamazwi “ubale izinkanyezi” kufanekiswa ukuqhanyiswa kokulunga namaqiniso ekubukeni kwakhe kwengqondo lapho umuntu ebuka umlaza wezinkanyezi esibhakabhakeni, kusobala ngokusanda kuphawulwa khonamanje ngenhla, nangokuqhanyiswa nokufanekiswa kokulunga namaqiniso nge “zinkanyezi”. Izinkanyezi zivamile ukuphathwa eZwini, nakuzozonke izindawo lapho ziphathwa khona zifanekisa ukulunga namaqiniso, nangengqondo ephikayo (emelene) noma ephambene zifanekisa ububi namanga. Noma okuyinto efanayo, zifanekisa imiphakathi yezingelosi, nangengqondo ephambene zifanekisa imimoya emibi nezinhlangano zayo. Lapho kufanekiswa izingelosi noma imiphakathi yezingelosi izinkanyezi kazinyakazi, kodwa lapho kufanekiswa imimoya emibi noma izinhlangano zayo izinkanyezi ziyazula, njengoba lokhu ngizibonele kwenzeka mathupha.

[2] Ukuthi zonke izinto ezisesibhakabhakeni phezulu nezisemhlabeni phansi zifanekisa izinto zezulu lamazulu nezinto zezulu likamoya sekusobala ngobufakazi obuchachile bokuthi izinto ezifana nalezo ezibonakala esibhakabhakeni sasemhlabeni ziyabonakala nasemhlabeni wemimoya, futhi zibonakala ngokuchache sengathi zibonakala emini. Lapho zibonakala emhlabeni wemimoya kazilutho olunye ngaphandle kwezifanekiso. Ngokwesibonelo, lapho kubonakala isibhakabhaka esinezinkanyezi ezinganyakaziyo, kwaziwa khonamanjalo ukuthi lezozinkanyezi zifanekisa ukulunga namaqiniso; kanti lapho izinkanyezi zibonakala zizula noma ziyaluza kwaziwa ngokuphazima kweso ukuthi lezozinkanyezi zifanekisa ububi namanga. Nangendlela izinkanyezi ezikhanya zibenyezele ngayo kwaziwa uhlobo lwaleyomiphakathi yemimoya, nokunye okuningi. Ngakho-ke uma umuntu efisa ukuba nenhlakanipho ekucabangeni kwakhe kumele aqale ngokwazi ukuthi uyini umsuka wazozonke izinto zasemhlabeni, okungukuthi, umsuka wazozonke izinto yiNkosi. Isizathu sokuba lezizinto [ubunjalo bezinkanyezi] zingazethuli emhlabeni wemvelo ngesu lemiqondo engeyona eyemvelo noma yomzimba kodwa zizethule ngesu loqobo lwezinto zemvelo, wukuthi zonke izinto, zezulu lamazulu nezezulu likamoya, ezisuka eNkosini ziyaphila futhi zibucayi, noma ziwuqobo, ngakhoke zizibonakalisa njengoqobo lwezinto ehlelweni lwemvelo, (bheka okuphawulwe enombolweni 1632).

[3] Ukuthi nge “zinkanyezi” kuqhanyiswa futhi kufanekiswa ukulunga namaqiniso kuba sobala ezindaweni eziningi eZwini, njengakuIsaya lapho kuthiwa khona:

Izinkanyezi zezulu nawondwenjana [namaza] bazo kakukhanyi. Ilanga limnyama ekuphumeni kwalo, nenyanga kayikukhiphi ukukhanya kwayo. Ngiyokuwujezisa umhlaba ngenxa yobubi bawo, nababi ngenkohlakalo yabo (Isaya 13:10, 11).

Isihloko lapha wusuku lokujeziswa. Noma wubani angabona ukuthi lapha nge “zinkanyezi” nango “ndwenjana” noma nga “maza” kakushiwo izinkanyezi namaza kodwa kushiwo amaqiniso nokulunga; nange “langa” kushiwo uthando, kanti nge “nyanga” kufanekiswa inkolo; ngokuba kukhulunywa lapha ngobubi namanga okugodle ubumnyama.

[4] KuHezekeli kuthiwa:

Lapho sengikucimile ngiyosibekela amazulu: ngiyogqunkqisa izinkanyezi zawo. Ngiyosibekela ilanga ngefu, nenyanga ingakhanyisi ngokukhanya kwayo. Zonke izinkanyezi ezikhanyayo ngiyozenza zibe mnyama phezu kwakho, ngifake ubumnyama phezu kwezwe lakho (Hezekeli 32:7, 8).

Nalapha kukhulunywa ngobumnyama obulethwa ngububi namanga. KuJoweli kuthiwa:

Umhlaba wazamazama phambi kwaKhe, amazulu athuthumela. Ilanga nenyanga kwaba mnyama, nezinkanyezi zahoxisa ukukhanya kwazo (Joweli 2:10; 3:15).

Nalapha kufanekiswa okufanayo. KumaHubo kaDavidi kuthiwa:

Dumisani uJehova wenalanga nawe nyanga, nimdumise ninazinkanyezi zonke ezikhanyayo! Mdumiseni ninamazulu amazulu! (AmaHubo 148:3, 4).

Lapha futhi kufanekiswa okufanayo.

[5] Ukuthi nge “zinkanyezi” kakushiwo izinkanyezi zesibhakabhaka kodwa kushiwo ukulunga namaqiniso, noma okuyinto efanayo, kushiwo abantu abasempilweni yokulunga namaqiniso, njengezingelosi, kubekwe ngembaba kwisAmbulo sikaJohane, lapho kuthiwa khona:

Ngabona iNdodana yoMuntu iphethe izinkanyezi eziyisikhombisa esandleni saYo sokunene. Yathi: imfihlakalo yezinkanyezi eziyisikhombisa ozibone esandleni saMi sokunene, nezinti zezibani eziyisikhombisa yile: izinkanyezi eziyisikhombisa ziyizingelosi zamaSonto ayisikhombisa, kanti izinto zezibani eziyisikhombias ozibonile zingamaSonto ayisikhombisa (Isambulo 1:16, 20).

[6] Kuyo futhi lencwadi kuthiwa:

Ingelosi yesine yashaya icilongo, kwashayeka ingxenye yesithathu yelanga, nengxenye yesithathu yenyanga, kanye nengxenye yesithathu yezinkanyezi, okuyinto eyabangela ukuba ingxenye yesithathu yakho kokuthathu ifiphale, nemini ingakhanyi ngengxenye yayo yesithathu, kanjalo nobusuku (Isambulo 8:12).

Lapha kuyachacha ukuthi okwafiphala kwakuwukulunga neqiniso. KuDaniyeli kuthiwa:

Kwamila uphondo oluncane olwakhula kakhulu ngaseningizimu, nangasempumalanga nangasezweni elihle. Lwakhula kwaze kwaba nasebandleni lasezulwini, lwaphonsa phansi emhlabeni abanye bebandla, nezinye zezinkanyezi, lwakunyathela (Daniyeli 8:9, 10).

Ngokusobala “ibandla lasezulwini” ne “zinkanyezi” kumele ukulunga namaqiniso okwagxotshwa ngezinyawo noma “okwanyathelwayo”.

[7] Lezizimpinda ezingenhla zikhombisa nokuthi amazwi eNkosi afanekisani lapho kuMathewu ithi:

Ekupheleni kwenkathi, ngemuva kancane kosizi lwalezozinsuku, ilanga liyofiphazwa, nenyanga kayiyukukhanya, nezinkanyezi ziyokuwa ezulwini, namandla amazulu ayozanyazanyiswa (Mathewu 24:29).

KuLuka kuthiwa:

Kuyobakhona izibonakaliso elangeni nasenyangeni nasezinkanyezini, nasemhlabeni usizi luyokwehlela izizwe ezilahle ithemba, ngokuduma kolwandle nolwandlekazi (Luka 21:25).

Lapha nge “langa”, nge “nyanga”, nge “zinkanyezi”, nango “lwandle” kakushiwo lezizinto kodwa kushiwo izinto ezifanekiswa ngazo; okungukuthi, “ilanga” lifanekisa izinto zothando zasezulwini lamazulu, “inyanga” ifanekisa izinto zezulu likamoya, “izinkanyezi” zifanekisa ukulunga namaqiniso, noma iziminya zokulunga neqiniso, okwafiphala ekupheleni kwenkathi lapho kwakungasekho nkolo, okungukuthi, lapho sasingasekho isisa senhliziyo.

  
/ 10837