Izimfihlakalo Zezulu #937

By Emanuel Swedenborg

Study this Passage

  
/ 10837  
  

937. Bonke lobubufakazi bukhombisa ukuthi iZwi leNkosi linjani engqondweni yalo engaphakathi. Okubonakala ngengqondo yalo engaphandle noma yemvelo kufiphele kangangoba kubonakala kuphela izisho ezikhuluma ngokutshala nokuvuna, ngokubanda nokushisa, ngehlobo nobusika, ngemini nobusuku. Nokho lezizisho ziqukethe izimfihlakalo zeSonto laseMandulo noma likamoya. Anjalo amazwi engqondo yemvelo yeZwi, ukuthi ayizikhongozelo kabanzi, yilelo nalelozwi noma lelogama liqukethe izimfihlakalo zasezulwini eziningi nezinkulu kan-ga ngoba kazinakubalwa, ngisho nengxenye eyodwa yazo enkulungwaneni iningi ngokungenakubalwa. Ngokuba lapho umuntu ebona kalufifi ngamazwi eZwi ayizikhongozelo kabanzi, izingelosi ziphiwa yiNkosi ukubona ngezin-dlela eziningi ngokungenasiphelo wonke umumo wokuzalwa kabusha, nesimo somuntu osazozalwa kabusha nesimo somuntu osezelwe kabusha, kanti umuntu kaboni lutho.

ISIQHUBEZO MALUNGANA NEZIHOGO.

LAPHA KUDALULWA OKUMALUNGANA NEZIHOGO ZABANTU ABAHAHAYO, NEJERU SALEMA ELINGCOLILE, NABAPHANDI BASEHLANE. FUTHI KUDALULWA OKUMALUNGANA NEZIHOGO EZINUKA UTHUVI ZALABO ABEBECWILE EMPILWENI YOKULANDELA UBUMNANDI.

  
/ 10837