Izimfihlakalo Zezulu #1783

By Emanuel Swedenborg

Study this Passage

  
/ 10837  
  

1783. INGQONDO ENGAPHAKATHI. Njengoba sekuke kwaphawulwa, okukhulunywa ngakho kulesiSahluko kuyizinto ezenzeka ngempela; okungukuthi, kuyiqiniso ukuthi uJehova wakhuluma noAbrama njengoba kuchaziwe; U-Abrama wathenjiswa izwe laseKhanani njengefa; empeleni wayalwa njengoba kushiwo ukuba ahlele isithokazi, imbuzikazi, inqama, ihobhe, nephuphu lejuba; amanqe ehlela ngempela ezidunjini; wabulala ngempela ubuthongo obujulile, nakulokho kulala lwamshaya ngempela uvalo lokwesaba ubumnyama; nalapho ilanga selishonile wakubona ngempela okufana neziko elishunqayo nelangabi lomlilo elalidabula phakathi kwezingxenye zezilwane ezabe zahlukanisiwe; neminye imininingwane eshiwo. Lezizinto zenzeka ngempela emlandweni, kodwa zonke lezozenzeko, ngisho nezincane kakhulu, ziyafanekisa; ngisho namazwi noma amagama asetshenziswe ekuchazeni lezozenzeko, nezingxenye ezincane zalawomagama, agodle incazelo kamoya, okungukuthi, yonke imininingwane yalowomagama imumethe ingqondo engaphakathi. Ngokuba yilowo nalowomniningwane weZwi ufunzelelwe, nanjengoba yonke ifunzelelwe, ngakhoke kayinakuba nomsuka ngaphandle kowasezulwini; okungukuthi, kucashe izinto zezulu lamazulu nezinto zezulu likamoya ekujuleni kwalo. Ukuba iZwi belingazimumethe lezizinto ngabe kakulona iZwi leNkosi.

[2] Izinto zezulu lamazulu nezinto zezulu likamoya yizona ezimumethwe engqondweni engaphakathi yeZwi. Lapho lengqondo ivela obala, ingqondo yemvelo inyamalala sengathi kayikho, nalapho futhi kunakwa ingqondo yemvelo noma engaphandle kuphela ingqondo engaphakathi inyamalala sengathi kayikho. Ubudlelwane obuphakathi kwalezizingqondo zombili bufana nobudlelwane bokukhanya kwasezulwini ekukhanyeni kwasemhlabeni, nangokuphendukisa, bufana nobudlelwane bokukhanya kwasemhlabeni ekukhanyeni kwasezulwini. Lapho kubonakala ukukhanya kwasezulwini, ukukhanya kwasemhlabeni bufana nesigayegaye, nalokhu ngaziswe khona ngokuzibonela mathupha. Kepha lapho umuntu esekukhanyeni kwasemhlabeni, ukukhanya kwasezulwini, uma ekubona, kungaba yisigayegaye. Kunjalo nangomqondo womuntu: kumuntu onaka inhlakanipho yobuntu kuphela noma ulwazi lwasemhlabeni kuphela, inhlakanipho yasezulwini ibonakala iyinto efiphele neyize; kodwa kumuntu onenhlakanipho yasezulwini, inhlakanipho yobuntu efiphele neyize kakhulu, nokuyinto eyisigayegaye, ngaphandle uma leyonhlakanipho ihlatshwa yimisebe yokukhanya kwasezulwini.

  
/ 10837