Izimfihlakalo Zezulu #1767

By Emanuel Swedenborg

Study this Passage

  
/ 10837  
  

1767. 1 . ISAHLUKO 15.

MALUNGANA NOKUTHI IZIBHALO EZINGCWELE, NOMA IZWI, LIZIFIHLE KANJANI IZINTO ZOBUNKULUNKULU KULO, OKUYIZINTO EZIBONAKALA NGOKUCHACHILE EMIMOYENI ELUNGILEYO NASEZINGELOSINI.

Lapho iZwi leNkosi lifundwa ngumuntu othanda iZwi futhi ephila impilo yesisa senhliziyo—ngisho noma imbala lifundwa ngumuntu owumnguphane kumbe ongazithwele futhi okholwa wukuthi okulotshwe eZwini kuyiqiniso, engakazibumbeli imibono ephambene neqiniso lenkolo elicashe engqondweni engaphakathi—iNkosi yethula lokho okufundwayo phambi kwezingelosi ngendlela enhle nemnandi, isebenzisa nezifanekiso. Ikwethula lokho ngokwahlukahlukana okumangalisayo, kuyilowo nalowomahluko uhambisana nasosonke isimo sengelosi ngalesosikhathi, kangangoba yonke imininingwane eyethulwayo ibonakala sengathi iyaphila. Lempilo yilokho okungaphakathi kweZwi okuyikhona okwasuselwa kukho iZwi maqede lehliselwa emhlabeni ngomgudu odlula ezulwini. Ngesizathu salokhu, yize engqondweni yalo engaphandle libukeka lilihlaza noma lingenanhlonipho, nokho engaphakathini leZwi leNkosi kufihlwe izinto zikamoya nezinto zezulu lamazulu, okuyizinto ezibonakala ngokuchachile emimoyeni elungileyo nasezingelosini lapho lifundwa ngumuntu osemhlabeni wemvelo.

Footnotes:

1. Azikho Izigaba 1765 no 1766 olimini lwesiLathini

  
/ 10837