9912. Ngamazwi “ngokuluhlaza lonke” kufanekiswa ukuthi ngesu lomngenela wokulunga kwasembusweni wasezulwini lamazulu. Lokhu kuchachiswa wukufanekiswa kothando lweqiniso kwezulu lamazulu ngo “kuluhlaza”, (bheka inombolo 9466), nakanjalo okuwukulunga kothando olwenananayo; nokulunga kothando olwenananayo kungukulunga kwangaphandle kombuso wezulu lamazulu; ngokuba ukulunga emazulwini kuqhubeka ngehlelo kusuka engaphakathini kuze kufinyelele onqenqemeni, futhi kungena onqenqemeni ngehlelo elifanayo nehlelo okuphuma ngalo; ngokuba ukuphuma noma ukuqhubeka kungukungena. (Ukuthi ukulunga kuqhubeka ngaliphi ihlelo kungabonwa enombolweni 9873). Yilokhu kulunga kwangaphandle kombuso wezulu lamazulu okugobhoza kungene ekulungeni kwangaphakathi kombuso wezulu likamoya okufanekiswa nge “jazi”. Kulokhu kulunga kwangaphandle kombuso wezulu lamazulu kuphuma ukulunga kombuso wezulu likamoya, okuwukulunga kwesisa senhliziyo esiqondiswe kumakhelwane. Lesi yisizathu sokuba lonke ijazi libe luhlaza. Maqondana nomngenela wokulunga, okwenzekayo yilokhu: Akukho ukulunga okungukulunga oqotsheni lwakho uma kungagodlile engaphakathini lakho ukulunga kwangaphakathi okuwumsuka walokho kulunga. Ukulunga kwangaphakathi okuwumsuka yikhona okuyingqikithi engenakusala; okwenza ukuba lokhu kulunga kwangaphakathi kube sekulungeni okulandelayo, njengokuba semzimbeni komphefumulo wawo. Yilokhu kulunga okulandelayo okuthiwa kuphuma kokunye ukulunga okuphakathi kunalokho. Ukuthi ukulunga kwesisa senhliziyo okuqondiswe kumakhelwane kuphuma ekulungeni okwenananayo, okuwukulunga okungaphakathi noma okungaphambili kunokulunga okuqondiswe kumakhelwane, kukhonjisiwe izikhathi ezimbalwa ngaphambili. Ukulunga kothando olwenananayo kungukulunga kobusulwa kwangaphandle, nangaphandle kokuba isisa senhliziyo sigodle ukulunga kobusulwa, kakukhona ukulunga kwesisa senhliziyo (bheka izinombolo 2526, 2780, 3183, 4797, 6765, 7840, 9262), ngakhoke kakukhona ukulunga kwesisa senhliziyo uma kungagodlile ukulunga kothando olwenananayo. Lesi yisizathu sokuba kwakumele lonke libe luhlaza; ngokuba “okuluhlaza” kufanekisa ukulunga kothando olwenananayo, noma okuyinto efanayo, kufanekisa ukulunga kwangaphandle kobusulwa; nge “jazi” kufanekiswa iqiniso loBunkulunkulu elisesimweni salo embusweni wezulu likamoya, okuyinto efana ncamashi nokulunga kwesisa senhliziyo (bheka inombolo 9825).


