Од делата на Сведенборг

 

Izimfihlakalo Zezulu #1

Проучи го овој пасус

  
/ 10837  
  

1. INCWADI KAGENESIS

Kakho umuntu ongabona ngokusukela engqondweni yemvelo yeZwi yeThestamente eliDala ukuthi lengxenye yeZwi imumethe izimfihlo zasezulwini ezijulile, nokuthi konke okuqukethwe kuyo, kabanzi nangemininingwane, kuphathelene neNkosi, nezulu laYo, nesonto, nenkolo, nazozonke izinto ezixhumene nalezizinto. Ngokuba engqondweni yemvelo noma yamabala yalengxenye yeZwi, umuntu angabona kuphela—kabanzi—ukuthi zonke izinto kuyo ziphathelene namasiko nemithetho eSonto lamaJuda. Nokho iqiniso elimsulwa wukuthi kulolo nke leloZwi kukhona okungaphakathi okungaveli nakancane kokungaphandle ngaphandle kokuyingcosane okwadalulwa futhi kwachazwa yiNkosi kuBafundi baYo; njengokuthi imihlabelo ifanekisa iNkosi; ukuthi izwe laseK-hanana neJerusalema kufanekisa izulu—okuyisizathu sokuba kubizwe ngeKhanana lasezulwini nangeJerusalema lasezulwini—nokuthi iPharadisi lifanekisa okufanayo. (Mathewu 6:33)

  
/ 10837  
  

Од делата на Сведенборг

 

Izimfihlakalo Zezulu #1782

Проучи го овој пасус

  
/ 10837  
  

1782. Nge “sithokazi”, “imbuzi yensikazi”, nange “nqama” kufanekiswa izinto zeSonto zezulu lamazulu, kanti nge “hobhe” nange “phuphu lejuba” kufanekiswa izinto zeSonto zezulu likamoya (isahlukwana 9). ISonto lalikolunye uhlangothi, neNkosi ikolunye (isahlukwana 10). INkosi yayizohlakaza ububi namanga kweSonto (isahlukwana 11). Kepha amanga ayezoqhubeka nokuhlupha iSonto (izahlukwana 12, 13). Kuyodingeka iSonto likhululwe kulawomanga (isahlukwana 14), kanjalo noma ngalokho iNkosi iyoduduzeka (isahlukwana 15). Nokho ububi buyongena eSontweni bulibuse (isahlukwana 16), ekugcineni kungabusi lutho olunye eSontweni ngaphandle kwamanga nezingqoyi (isahlukwana 17). Ngaleyonkathike kuyofika umbuso weNkosi kanye neSonto elisha, nokwanda kwalo kuyachazwa (esahlukwaneni 18). Amanga nobubi okwakuzohlakazwa eSontweni kufanekiswa ngezizwe ezigaguliwe (ezahlukwaneni 19-21).

  
/ 10837  
  

Од делата на Сведенборг

 

Izimfihlakalo Zezulu #1869

Проучи го овој пасус

  
/ 10837  
  

1869. ISIQHUBEZO MAYELANA NEZIBHALO EZINGCWELE NOMA IZWI.

Ukuthi ziningi kangakanani izinto eziqukethwe wumusho owodwa weZwi ngakhonjiswa khona ngesu lokuvulwa kubonakale imiqondo ebumba umcabango. Lokhu kuyenzeka empilweni engemuva kokufa—ekubeni lokhu kungezinye zezimangaliso zakuleyompilo—futhi kwenzeka ngendlela echache kangangokuba imiqondo uqobo lwayo iba yizakheko ezibonakala ngamehlo, sengathi imiqondo iyizithombe ezigqamile. Ngavulelwa ngakhonjiswa kanjalo imiqondo yomuntu obephila impilo yesisa senhliziyo noma yothando olwenananayo, nobethola injabulo noma ubumnandi obukhulu ngokufunda iZwi esaphila emhlabeni. Kwabonakala kulemiqondo yakhe izinto eziningi ezinhle, kanye nalezo ezazimnandi futhi zithokozisa kakhulu. Ngatshelwa nokuthi izinto ezibonakala emiqondweni eyizakheko zingabuye zivulwe ingaphakathi lazo futhi, nalapho zivulwa futhi kubonakala izinto ezinhle nezimnandi ngaphezulu, kanye nalezo ezibumba injabulo uqobo. Yonke imiqondo yezingelosi iwuloluhlobo, ngokuba ivuleka ngokusukela eNkosini uQobo.

[2] Emimoyeni eyayimangaliswa wukuthi empilweni yangemuva kokufa imiqondo yomcabango ingavulwa ibonakale ngalendlela, iqiniso lakho lakhonjiswa ngesu lesibonelo sokubona kweso, okuwukubona okubuthuntu nokufiphele kangangokuba izinto zemvelo ezincane kakhulu nezinemininingwane eminingi ngokungenakubalwa kazibonakali kulo, ngaphandle kokubonakala zifiphele, zimnyama futhi zingenasimo. Kodwa lapho lezizinto zibukwa ngemasikilophu (microscope) imininingwane noma okungaphakathi kwazo kuyabonakala, futhi kubonakala kuxhumene ngokulandelana okuthandekayo nangehlelo elihle ngokubabazekayo. Kusobala futhi ukuthi imininingwane yalezizinto ezincane ibingavuleka nangaphezulu kwalokho ukuba ibibukwa ngemasikilophu enamandla kakhulu. Lesisibonelo sakwenza kwachacha kuleyomimoya ukuthi isimilo sokubona kwangaphakathi sinjani, okumisebe yakho kayilutho olunye ngaphandle kwemiqondo; ngokuba oqotsheni lwayo lemiqondo iqatha kangangoba kakukho lutho oluqatha ngaphezu kwayo kulesosiyingi, yize umuntu ekuphika lokho. Nokho okunye okumalungana nemiqondo kuzophawulwa kamuva ngomusa weNkosi woBunkulunkulu.

  
/ 10837