სვედენბორგის ნაშრომებიდან

 

Izimfihlakalo Zezulu # 0

შეისწავლეთ ეს პასაჟი.

/ 10837  
  

IZIMFIHLO ZASEZULWINI EZIQUKETHWE EZIBHALWENI EZINGCWELE NOMA EZWINI LENKOSI ZISONJULULIWE KUQALWA ENCWADINI KAGENESIS KANYE NEZINTO EZIMANGALISAYO EZIBONWE EMHLABENI WEMIMOYA NASEZULWINI LEZINGELOSI

KULOTSHWE WU EMANUEL SWEDENBORG

KWAHUNYUSHWA KUSUSWA ESINGISINI KUYISWA ESIZULWINI UMQINGO WOKUQALA

IHUNYUSHWE NGU wuZAMOKUHLE T. ZUNGU

---

Arcana Coelestia: The Heavenly Arcana contained in the Holy Scripture or Word of the Lord unfolded in the Book of Genesis together with wonderful things seen in the World of Spirits and in the Heaven of Angels

By Emanuel Swedenborg

Translated into Zulu by Zamokuhle T. Zungu

---

UHLU LOMLOBI LWEZIHLOKO EZIQUKETHWE EMQINGWENI WOKUQALA.

IziMfihlo zeZulu ezisonjululwe eziBhalweni eziNgcwele noma eZwini leNkosi zikwiNcazelo, eyiNgqondo engaPhakathi yeZwi. Ukuthi lengqondo inhloboni kungabonwa kulezozinto ezikhonjiswe malungana nayo ngokusukela eLwazini lokuzazela mathupha ezinombolweni 1767-1777, 1869-1879; nasemongweni noma engqikithini yenkulumo (ezinombolweni 1-5, 64-66, 167, 605, 920, 937, 1143, 1224, 1404, 1405, 1408, 1409, 1502 ekugcineni, 1540, 1659, 1756, 1783, 1807).

IZinto eziMangalisayo ezibonwe eMhlabeni weMimoya naseZulwini leziNgelosi, kuqalwe ngazo futhi zajotshelelwa ezahlukweni ezimbalwa. Kulomqingo kukhona lezizihloko ezilandelayo:

Mayelana nokuVuswa komuntu kwabafileyo, nokungena kwakhe ekuphileni okuphakade (n. 168-181).

Isiqhubezo mayelana nokungena komuntu ekuphileni okuphakade (n. 182-189; naku 314-319).

Ukuthi ngaleyonkathi impilo yoMphefumulo noma yoMumoya injani (320-323).

Ezinye izibonelo zemicabanga yeMimoya yokuthi yayicabangani ngoMphefumulo noma ngoMumoya ngenkathi isesemzimbeni wemvelo (n. 443-448).

Mayelana neZulu kanye neNjabulo yaseZulwini (n. 449-459; 537-546; 547-553).

Mayelana namaBandla abumba noma enza iZulu (n. 684-691).

Mayelana nesiHogo (n. 692-700).

Mayelana neziHogo zalabo abebebuswa yiNzondo, ukuPhindisa, noluNyae ezimpilweni zabo zemvelo (n. 814-823).

Mayelana neziHogo zalabo abebebuswa wukuPhinga neSigweba; mayelana futhi neziHogo zabaKhohlisi nezabaThakathikazi (n. 824-831).

Mayelana neziHogo zabaHahayo; namayelana neJerusalema eliNgcolile, nabaPhangi eHlane; namayelana nothuvi obugcwele eziHogweni zalabo abebecwile ezinjabulweni zomzimba noma zezinzwa besaphila emhlabeni wemvelo (n. 938-946).

Mayelana nezinye iziHogo ezehlukile kulezi esezibalwe ngenhla (n. 947-970).

Mayelana neziNcithakalo (n. 1106-1113).

UHlu lomlobi lwezihloko eziqukethwe emqingweni wesikhombisa.

IziMfihlakalo zezulu ezisonjululwe ezibhalweni eziNgcwele noma ezwini leNkosi ziqukethwe ezincazelweni, eyingqondo engaphakathi yezwi. Izanduleliso ezendulela izahluko ezimbalwa ziyincazelo yalokhu okulandelayo: Ziyincazelo eyingqondo engaphakathi yamazwi eNkosi akuMathewu 25:34-36 (ezinombolweni 4954-4959).

Ziyisiqhubezo mayelana nokuqhamisana komuntu noMuntu oMkhulu: ukuqhamisana kwamanyonga nezitho ezixhumene nawo (ezinombolweni 5050-5062).

Ziyincazelo eyingqondo engaphakathi yamazwi eNkosi akuMathewu 25:37-46 (ezinombolweni 5063-5071).

Ziyisiqhubezo mayelana nokuqhamisana komuntu nomuntu omkhulu: ukuqhamisana kwezitho zomuntu zangaphakathi nezitho zomuntu omkhulu zangaphakathi (ezinombolweni 5171-5190).

Ziyisiqhubezo mayelana nokuqhamisana komuntu nomuntu omkhulu (ezinombolweni 5377-5396).

Ziyisiqhubezo mayelana nokuqhamisana komuntu nomuntu omkhulu: ukuqhamisana kwesikhumba, izinwele, namathambo (ezinombolweni 5552-5573).

Ziyisiqhubezo mayelana nokuqhamisana: ukuqhamisana kwezifo nomhlaba kamoya (ezinombolweni 5711-5727).

UHLU LOMLOBI LWEZIHLOKO EZIQUKETHWE KULOMQINGO.

Kuqukethwe izimfihlakalo zezulu ezethulwe ngencazelo yengqondo enga pha-kathi yeZibhalo ezingcwele noma yeZwi.

Okujotshelelwe ekugcineni kwezinye iZahluko kumayelana nezingelosi ka nye nemimoya okuhanqa umuntu (bheka izinombolo 5846-5866).

Isiqhubezo mayelana nezingelosi kanye nemimoya okuhanqe umuntu (bheka izinombolo 5976-5993).

Kujotshelelwe okumayelana nomngenela nobudlelwane bomphefumulo emzimbeni wemvelo (bheka izinombolo 6053-6058).

Isiqhubezo mayelana nomngenela nobudlelwane bomphefumulo emzimbeni wemvelo (6189-6215).

Isiqhubezo mayelana nomngenela nobudlelwane bomphefumulo emzimbeni wemvelo (6307-6327).

Isiqhubezo mayelana nomngenela nobudlelwane bomphefumulo emzimbeni wemvelo (bheka izinombolo 6466-6496).

Isiqhubezo mayelana nomngenela nobudlelwane bomphefumulo emzimbeni wemvelo (bheka izinombolo 6598-6626).

Okunye okulotshiwe (bheka amakhasi 503, 504).

/ 10837  
  

სვედენბორგის ნაშრომებიდან

 

Izimfihlakalo Zezulu # 1409

შეისწავლეთ ეს პასაჟი.

  
/ 10837  
  

1409. Ukuthi izenzeko zomlando njengoba zichaziwe ziyafanekisa, kodwa onke amagama achazayo amamuthe incazelo kamoya kubasobala ngosekuphawuliwe kwabuye kwakhonjiswa malungana nezifanekiso nangezinto ezimumethe incazelo kamoya ezinombolweni 665, 920, 1361 Kodwa njengoba izifanekiso ziqala lapha, ilungile enye incazelo efuphi ngalokhu. ISonto laseMandulondulo, elaliyiSonto lezulu lamazulu, lalithatha zonke izinto zemvelo, zomhlaba, nezomzimba, okwakuvele kuyizinto ezazaziwa ngesu lezinzwa zabantu balo, njengezinto ezingelutho olunye ngaphandle kwezinto ezifileyo. Kodwa ngesizathu sokuthi zonke izinto emhlabeni ziveza umqondo othile wombuso weNkosi, nakanjalo ziveza umqondo othile wezinto zezulu lamazulu nezezulu likamoya, ngakhoke abantu baleloSonto babengacabangi ngalezozinto ababezibona phambi kwabo noma bezazi ngesu lezinzwa, kepha babecabanga ngezinto zezulu lamazulu nangezinto zezulu likamoya. Empeleni babengacabangi ngokusukela kulezozinto kepha babecabanga ngesu lazo. Ngalendlela izinto ezazifile kubo zazivuka ziphile.

[2] Lezozinto ezazigodle noma zimumethe incazelo kamoya zaziqoqwe yizizukulwane zabantu baleloSonto ezindebeni zabo mathupha, maqede izizukulwane zaguqula lezozinto zaba yizimfundiso ezaba yiZwi leSonto laseMandulo ngemuva kukaZamcolo. Lezizimfundiso eSontweni laseMandulo kwakuyizinto ezimumethe incazelo kamoya, ngokuba ngazo bafunda izinto zangaphakathi, nangokusukela kuzo babecabanga ngezinto zikamoya nangezinto zezulu lamazulu. Kepha lapho lezizimfundiso seziqala ukushabalala, nalapho abantu beSonto laseMandulo bengasazazi izinto zangaphakathi ezifundiswayo, baqala ukuthatha zona lezizinto zemvelo nezomhlaba ezinencazelo kamoya njengezinto ezingcwele, bazikhonza, bengasenawo nomncane umcabango wokuthi ziyafanekisa, lezozinto zemvelo nomhlaba zaqala ukuba yizifanekiso. Ngalokhu kwavumbuka iSonto elifanekisayo elaqala ngoAbrama nangemuva kwakhe lasungulwa ezizukulwaneni zikaJakobe. Ngokusukela kulokhu, makwaziwe ukuthi izifanekiso zasuka zavumbuka ezintweni ezazimumethe incazelo kamoya eSontweni laseMandulo, nokuthi lezozinto ezazimumethe incazelo kamoya zazisuka emiqondweni yezulu lamazulu yeSonto laseMandulondulo.

[3] Ukuthi izifanekiso zinjani kubasobala ngezingxenye zeZwi eziwumlando, lapho zonke izenzo zalabokhokho, okungukuthi, izenzo zikaAbrama, zikaIsaka, nezikaJakobe, nakamuva zikaMose, zabAhluleli, nezamakhosi akwaJuda nawakwaIsrayeli, zingelutho olunye ngaphandle kwezifanekiso. Nanjengoba sekuke kwaphawulwa ngenhla, eZwini ngo “Abrama” kufanekiswa iNkosi, nangoba ufanekisa iNkosi, ngakho-ke ufanekisa umuntu wezulu lamazulu. No “Isaka” ufanekisa iNkosi, nangalokho ufanekisa umuntu kamoya, kanti no “Jakobe” ufanekisa iNkosi, nangalokho ufanekisa umuntu wemvelo ohambisana noma ofanelene nomuntu kamoya.

[4] Kodwa ubunjalo bezifanekiso buwukuba isimilo somuntu ofanekisayo singakhankanywa noma singabhekwa, kubhekwe kuphela lokho akufanekisayo. Ngokuba onke amakhosi akwaJuda nakwaIsrayeli, noma ngabe isimilo sawo sasinjani, ayefanekisa uBukhosi beNkosi, nabobonke abaphristi, noma ngabe babenhloboni yabantu, babefanekisa uBuphristi baYo. Kanjalo abantu ababi nabantu abalungileyo babekwazi ukufanekisa iNkosi, nezinto zezulu lamazulu nezezulu likamoya zombuso waYo, ngokuba, njengoba sekuphawuliwe kwabuye kwakhonjiswa, izifanekiso zazingahlanganise lutho noma zahluke geqe kumuntu ofanekisayo. Ngakho-ke yonke imilando eseZwini iyafanekisa, nanjengoba lokhu kuyiqiniso, kuyalandela ukuthi amagama aseZwini ayaqhamisa noma amumethe incazelo kamoya, okungukuthi, asho okwahlukile engqondweni engaphakathi kokushiwo engqondweni yemvelo noma engaphandle.

  
/ 10837  
  

სვედენბორგის ნაშრომებიდან

 

Izimfihlakalo Zezulu # 1143

შეისწავლეთ ეს პასაჟი.

  
/ 10837  
  

1143. Yize lawo kwabe kungamagama alezozizwe ezabe ziyiSonto laseMandulo, nokho engqondweni yawo engaphakathi asho noma afanekisa izinto ezithile ezikhona, okungukuthi, afanekisa izinhlobo zezinkonzo ezahlukahlukile. Ezulwini kakwaziwa lutho ngamagama abantu, ngamagama amazwe, ngamagama ezizwe, nangamagama afana nalawa; izingelosi kazinawo umqondo noma isithombe esikhonjwa yilawomagama kepha zinesithombe zezinto ezikhona ezifanekiswa ngalawomagama. IZwi leNkosi linempilo ngenxa yengqondo yalo engaphakathi. Ingqondo engaphakathi yeZwi injengomphefumulo omzimba wawo uyingqondo engaphandle. Nalapho umzimba ufa, umphefumulo uqhubeka noku –phila, nalapho umphefumulo uqhubeka nokuphila, kawube usazazi izinto eziphathelene nomzimba wemvelo, ngakho-ke lapho lowomphefumulo usuyingilosi kawube usayazi ingqondo yemvelo noma engaphandle yeZwi kodwa wazi umphefumulo noma ingqondo yalo engaphakathi. Laliwuloluhlobo ilungu leSonto laseMandulondulo. Ukuba ilungu laleloSonto liyaphila namuhla, beliyothi lapho lifunda iZwi lingaboni noma lingaqondi lutho olushiwo ngamazwi alo engqondo yemvelo noma engaphandle, kepha beliyobona noma liqonde okushiwo yingqondo yalo engaphakathi. Imbala kulelolungu bekuyokuba sengathi amazwi engqondo yemvelo kawekho, kanjalo beliyobambelela empilweni noma emphefumulweni weZwi. Ingqondo engaphakathi ikulolonke iZwi, ngisho nasengxenyeni yalo ewumlando, okuwumlando owenzeka ngempela njengokulandwa, kepha ongenalo nelilodwa izwi kuwo elingafihlile imfihlakalo ethile esengqondweni yalo engaphakathi. Nalezizimfihlakalo kazibonaze zibonakale kubantu abagxilise imiqondo yabo ezenzekweni zomlando ezilandelanayo. Ngakhoke kulesiSahluko esiphezu kwaso, amagama aphathwa kuso ngengqondo yangaphandle noma yomlando, kufanekiswa abantu noma izizwe ezazingamalungu eSonto laseMandulo. Nokho engqondweni yalawomagama engaphakathi kufanekiswa izimfundiso zawo ezisuselwe kuleloSonto.

  
/ 10837