Aus Swedenborgs Werken

 

Izimfihlakalo Zezulu #1

studieren Sie diesen Abschnitt

  
/ 10837  
  

1. INCWADI KAGENESIS

Kakho umuntu ongabona ngokusukela engqondweni yemvelo yeZwi yeThestamente eliDala ukuthi lengxenye yeZwi imumethe izimfihlo zasezulwini ezijulile, nokuthi konke okuqukethwe kuyo, kabanzi nangemininingwane, kuphathelene neNkosi, nezulu laYo, nesonto, nenkolo, nazozonke izinto ezixhumene nalezizinto. Ngokuba engqondweni yemvelo noma yamabala yalengxenye yeZwi, umuntu angabona kuphela—kabanzi—ukuthi zonke izinto kuyo ziphathelene namasiko nemithetho eSonto lamaJuda. Nokho iqiniso elimsulwa wukuthi kulolo nke leloZwi kukhona okungaphakathi okungaveli nakancane kokungaphandle ngaphandle kokuyingcosane okwadalulwa futhi kwachazwa yiNkosi kuBafundi baYo; njengokuthi imihlabelo ifanekisa iNkosi; ukuthi izwe laseK-hanana neJerusalema kufanekisa izulu—okuyisizathu sokuba kubizwe ngeKhanana lasezulwini nangeJerusalema lasezulwini—nokuthi iPharadisi lifanekisa okufanayo. (Mathewu 6:33)

  
/ 10837  
  

Aus Swedenborgs Werken

 

Izimfihlakalo Zezulu #1783

studieren Sie diesen Abschnitt

  
/ 10837  
  

1783. INGQONDO ENGAPHAKATHI. Njengoba sekuke kwaphawulwa, okukhulunywa ngakho kulesiSahluko kuyizinto ezenzeka ngempela; okungukuthi, kuyiqiniso ukuthi uJehova wakhuluma noAbrama njengoba kuchaziwe; U-Abrama wathenjiswa izwe laseKhanani njengefa; empeleni wayalwa njengoba kushiwo ukuba ahlele isithokazi, imbuzikazi, inqama, ihobhe, nephuphu lejuba; amanqe ehlela ngempela ezidunjini; wabulala ngempela ubuthongo obujulile, nakulokho kulala lwamshaya ngempela uvalo lokwesaba ubumnyama; nalapho ilanga selishonile wakubona ngempela okufana neziko elishunqayo nelangabi lomlilo elalidabula phakathi kwezingxenye zezilwane ezabe zahlukanisiwe; neminye imininingwane eshiwo. Lezizinto zenzeka ngempela emlandweni, kodwa zonke lezozenzeko, ngisho nezincane kakhulu, ziyafanekisa; ngisho namazwi noma amagama asetshenziswe ekuchazeni lezozenzeko, nezingxenye ezincane zalawomagama, agodle incazelo kamoya, okungukuthi, yonke imininingwane yalowomagama imumethe ingqondo engaphakathi. Ngokuba yilowo nalowomniningwane weZwi ufunzelelwe, nanjengoba yonke ifunzelelwe, ngakhoke kayinakuba nomsuka ngaphandle kowasezulwini; okungukuthi, kucashe izinto zezulu lamazulu nezinto zezulu likamoya ekujuleni kwalo. Ukuba iZwi belingazimumethe lezizinto ngabe kakulona iZwi leNkosi.

[2] Izinto zezulu lamazulu nezinto zezulu likamoya yizona ezimumethwe engqondweni engaphakathi yeZwi. Lapho lengqondo ivela obala, ingqondo yemvelo inyamalala sengathi kayikho, nalapho futhi kunakwa ingqondo yemvelo noma engaphandle kuphela ingqondo engaphakathi inyamalala sengathi kayikho. Ubudlelwane obuphakathi kwalezizingqondo zombili bufana nobudlelwane bokukhanya kwasezulwini ekukhanyeni kwasemhlabeni, nangokuphendukisa, bufana nobudlelwane bokukhanya kwasemhlabeni ekukhanyeni kwasezulwini. Lapho kubonakala ukukhanya kwasezulwini, ukukhanya kwasemhlabeni bufana nesigayegaye, nalokhu ngaziswe khona ngokuzibonela mathupha. Kepha lapho umuntu esekukhanyeni kwasemhlabeni, ukukhanya kwasezulwini, uma ekubona, kungaba yisigayegaye. Kunjalo nangomqondo womuntu: kumuntu onaka inhlakanipho yobuntu kuphela noma ulwazi lwasemhlabeni kuphela, inhlakanipho yasezulwini ibonakala iyinto efiphele neyize; kodwa kumuntu onenhlakanipho yasezulwini, inhlakanipho yobuntu efiphele neyize kakhulu, nokuyinto eyisigayegaye, ngaphandle uma leyonhlakanipho ihlatshwa yimisebe yokukhanya kwasezulwini.

  
/ 10837  
  

Aus Swedenborgs Werken

 

Izimfihlakalo Zezulu #1868

studieren Sie diesen Abschnitt

  
/ 10837  
  

1868. Ukuthi ngalezizizwe kufanekiswa lezizinto kungathatha isikhathi eside kakhulu ukufakazela ngokusukela eZwini; futhi kasikho isidingo sokukufakazela ngoba kakushiwo lutho olunye ngazo ngaphandle kokugagula amabizo azo. Amanye amabizo azo sekuke kwakhulunywa ngawo, njengokuthi “amaRefa” afanekisa inkolo ephuma emangeni noma imigobezelo engamanga (ezinombolweni 567, 581, 1673); “amaAmori” afanekisa ububi (1680); “amaKhanani” afanekisa ububi (ngenhla esahlukwaneni 16); “amaPherizi” afanekisa amanga ((1574). Ukuthi ezinye izizwe zifanekisani ngayinye kuzokhulunywa ngakho kamuva ngomusa weNkosi woBunkulunkulu.

[2] Malungana nezizwe okwakumele zixoshwe embusweni weNkosi, ngemuva kokufa kayikho into ethandwa yimimoya emibi nengodevela ukwedlula ukuvumbuluka emhlabeni wemimoya izohlupha imimoya elungileyo. Kepha njalo lapho ivela obala iyaxoshwa, ngokufanayo nalapho amanga nobubi okukumuntu ozalwa kabusha kunqotshwa futhi kuhlakazwa, nasesikhundleni sakho kokubili kutshalwa amaqiniso nokulunga kwasembusweni weNkosi.

[3] Lamanga nobubi kwakufanekiswa ngezizwe ezaxoshwa wuzalo lukaJakobe ezweni laseKhanani. Kwakufanekiswa futhi ngawo amaJuda axoshwa kamuva ezweni laseKhanani. Nezinye izizwe zakudala ezazifanekisa lamanga nobubi, njengamaHori axoshwa eNtabeni iSeyiri axoshwa wuzalo lukaEsawu, nokuphawulwa kuDuteronomi2:12, 22; namaAvim axoshwa ngamaKhafitori, okuphawulwe kuDuteronomi2:23; namaEmi noma amaRefa axoshwa ngamaMowabi, okuphawulwe kuDuteronomi2:9-11; kanye namaZamuzumi axoshwa ngamaAmoni, okuphawulwe kuDuteronomi2:19-21; nezinye izizwe eziningi eziphathwa kubaPhrofethi.

  
/ 10837