Okususelwe Emisebenzini kaSwedenborg

 

Izimfihlakalo Zezulu #1784

Funda lesi Sigaba

  
Yiya esigabeni / 10837  
  

1784. Isahlukwana 1: Ngemuva kwalokho kwafika izwi likaJehova kU-Abrama ngombono, lithi: Ungesabi, Abrama, ngiyisihlangu kuwe, umvuzo wakho omkhulu kakhulu. Ukuthi “Ngemuva kwalokho kwafika izwi likaJehova kU-Abrama ngombono” kufanekisa ukuthi emuva kokulwa kweNkosi ngenkathi iseyingane, okwakuhambisana nezilingo kwakulandela ukwambulelwa; ngo “mbono” kufanekiswa ukwambulelwa kwangaphakathi okuyiphahla lokubona ngengqondo noma lokuqonda. Ukuthi “Ungesabi, Abrama, ngiyisihlangu kuwe” kufanekisa ukuvikelwa ebubini nasemangeni, okuwukuvikela okwethembekileyo. Ukuthi “umvuzo wakho omkhulu kakhulu” kufanekisa inhloso ezuzwa ngokunqoba izilingo.

  
Yiya esigabeni / 10837  
  

Okususelwe Emisebenzini kaSwedenborg

 

Izimfihlakalo Zezulu #1106

Funda lesi Sigaba

  
Yiya esigabeni / 10837  
  

1106. Kukhona abantu okwathi lapho besaphila emhlabeni bamunca amanga enkolo yokholo lwabo ngen-xa yobunguphane nokungazi kwabo, kodwa nokho benonembeza othile ohambisana nemigomonqangi yokholo lwabo. Loluhlobo lwabantu kaluphilanga njengabanye abantu—kaluphilanga ngenzondo, ngokuphindisa, nangokuphinga. Lolohlobo lwabantu kaluvunyelwa ukungena emiphakathini yasezulwini umanje isaqhutshwa ngamanga, ngokuba lapho lababantu bekulesosimo bangadunga leyomiphakathi. Ngakhoke balindiswa emhlabeni ongezansana kancane isikhathi esithile ukuze kukhishwe imigomo engamanga kubo. Isikhathi abasihlala kulowomhlaba, eside noma esifishane, sikhanyelelwa wuhlobo lwamanga, impilo ephuma kuwona, nezinga lokugxila kwaleyomigomo engamanga. Abanye babo bezwa ubuhlungu obukhulu, kanti abanye bezwa ubuhlungu obun-cane ngenkathi belapho. Ubuhlungu ababuzwayo yibona obubizwa nge “zincithakalo”, eziphathwa kakhulu eZwini. Lapho sesiphelile isikhathi sabo sencithakalo benyuselwa ezulwini, nanjengabantu abayizifiki bamukela imfundiso yamaqiniso enkolo, efundiswa yizingelosi ezibamukelayo noma abafikela kuzo.

  
Yiya esigabeni / 10837