സ്വീഡൻബർഗിന്റെ കൃതികളിൽ നിന്ന്

 

Izimfihlakalo Zezulu #1224

ഈ ഭാഗം പഠിക്കുക

  
/ 10837  
  

1224. Ngokusukela kulemiziyo kusobala ukuthi lamagama afanekisani engqondweni engaphakathi yeZwi, okungukufanekisa ukuthi iSonto laseMandulo, elaliyiSonto langaphakathi, laliphiwe inhlakanipho, inkalipho, ulwazi, nolwazi noma iziminya zeqiniso nezokulunga. Lezizinto ziqukethwe engqondweni engaphakathi yize zingabonakali engqondweni yemvelo ngaphandle kokuthi lababantu bayimisuka noma bangoyise bezizwe ezishiwo ngalawomagama, nokunomphumela wokuba kungabonakali lutho kuwo oluyimfundiso, kungasaphathwa ukubonakala kokukamoya nokwezulu lamazulu. Kunjalo nakubaPhrofethi lapho kwesinye isikhathi kuye kubekhona uhlu lwamagama afanekisa izinto zempela engqondweni engaphakathi, nalawomagama abekwe ngokulandelana ngendlela noma ngehlelo elikhangayo.

  
/ 10837  
  

സ്വീഡൻബർഗിന്റെ കൃതികളിൽ നിന്ന്

 

Izimfihlakalo Zezulu #1143

ഈ ഭാഗം പഠിക്കുക

  
/ 10837  
  

1143. Yize lawo kwabe kungamagama alezozizwe ezabe ziyiSonto laseMandulo, nokho engqondweni yawo engaphakathi asho noma afanekisa izinto ezithile ezikhona, okungukuthi, afanekisa izinhlobo zezinkonzo ezahlukahlukile. Ezulwini kakwaziwa lutho ngamagama abantu, ngamagama amazwe, ngamagama ezizwe, nangamagama afana nalawa; izingelosi kazinawo umqondo noma isithombe esikhonjwa yilawomagama kepha zinesithombe zezinto ezikhona ezifanekiswa ngalawomagama. IZwi leNkosi linempilo ngenxa yengqondo yalo engaphakathi. Ingqondo engaphakathi yeZwi injengomphefumulo omzimba wawo uyingqondo engaphandle. Nalapho umzimba ufa, umphefumulo uqhubeka noku –phila, nalapho umphefumulo uqhubeka nokuphila, kawube usazazi izinto eziphathelene nomzimba wemvelo, ngakho-ke lapho lowomphefumulo usuyingilosi kawube usayazi ingqondo yemvelo noma engaphandle yeZwi kodwa wazi umphefumulo noma ingqondo yalo engaphakathi. Laliwuloluhlobo ilungu leSonto laseMandulondulo. Ukuba ilungu laleloSonto liyaphila namuhla, beliyothi lapho lifunda iZwi lingaboni noma lingaqondi lutho olushiwo ngamazwi alo engqondo yemvelo noma engaphandle, kepha beliyobona noma liqonde okushiwo yingqondo yalo engaphakathi. Imbala kulelolungu bekuyokuba sengathi amazwi engqondo yemvelo kawekho, kanjalo beliyobambelela empilweni noma emphefumulweni weZwi. Ingqondo engaphakathi ikulolonke iZwi, ngisho nasengxenyeni yalo ewumlando, okuwumlando owenzeka ngempela njengokulandwa, kepha ongenalo nelilodwa izwi kuwo elingafihlile imfihlakalo ethile esengqondweni yalo engaphakathi. Nalezizimfihlakalo kazibonaze zibonakale kubantu abagxilise imiqondo yabo ezenzekweni zomlando ezilandelanayo. Ngakhoke kulesiSahluko esiphezu kwaso, amagama aphathwa kuso ngengqondo yangaphandle noma yomlando, kufanekiswa abantu noma izizwe ezazingamalungu eSonto laseMandulo. Nokho engqondweni yalawomagama engaphakathi kufanekiswa izimfundiso zawo ezisuselwe kuleloSonto.

  
/ 10837