სვედენბორგის ნაშრომებიდან

 

Izimfihlakalo Zezulu # 1

შეისწავლეთ ეს პასაჟი.

  
/ 10837  
  

1. INCWADI KAGENESIS

Kakho umuntu ongabona ngokusukela engqondweni yemvelo yeZwi yeThestamente eliDala ukuthi lengxenye yeZwi imumethe izimfihlo zasezulwini ezijulile, nokuthi konke okuqukethwe kuyo, kabanzi nangemininingwane, kuphathelene neNkosi, nezulu laYo, nesonto, nenkolo, nazozonke izinto ezixhumene nalezizinto. Ngokuba engqondweni yemvelo noma yamabala yalengxenye yeZwi, umuntu angabona kuphela—kabanzi—ukuthi zonke izinto kuyo ziphathelene namasiko nemithetho eSonto lamaJuda. Nokho iqiniso elimsulwa wukuthi kulolo nke leloZwi kukhona okungaphakathi okungaveli nakancane kokungaphandle ngaphandle kokuyingcosane okwadalulwa futhi kwachazwa yiNkosi kuBafundi baYo; njengokuthi imihlabelo ifanekisa iNkosi; ukuthi izwe laseK-hanana neJerusalema kufanekisa izulu—okuyisizathu sokuba kubizwe ngeKhanana lasezulwini nangeJerusalema lasezulwini—nokuthi iPharadisi lifanekisa okufanayo. (Mathewu 6:33)

  
/ 10837  
  

სვედენბორგის ნაშრომებიდან

 

Izimfihlakalo Zezulu # 320

შეისწავლეთ ეს პასაჟი.

  
/ 10837  
  

320. ISAHLUKO SESINE.

MAYELANA NESIMO SEMPILO YOMPHEFUMULO NOMA YOMUMOYA.

Malungana nesihloko sempilo kabanzi yemiphefumulo, okungukuthi, yabantu abasandakufa basebeba yimimoya, ulwazi esengiluzuzile ngaso lukubeka ngokuchachile kimi ukuthi lapho umuntu engena empilweni engemuva kokufa, akazi ukuthi usengene kwenye impilo, kepha ucabanga ukuthi usesemhlabeni wemvelo, ucabanga ngisho nokuthi usesemzimbeni wakhe wemvelo. Kangangoba lapho etshelwa ukuthi usewumumoya, uyamangala, ashaqeke. Ushaqeka ngoba, okokuqala, uzibona ewumuntu ophelele ngokusukela ezinzweni zakhe, ezinkanukweni zakhe, nemicabango yakhe. Ushaqeka futhi ngoba esaphila emhlabeni wemvelo wayengakholwa ukuthi kukhona into ewumumoya, noma, njengoba kwenzeka kwabanye abantu, ukuthi kanti umumoya uyilento abayibonayo.

  
/ 10837