Izimfihlakalo Zezulu # 4230

By ემანუელ შვედენბორგი

შეისწავლეთ ეს პასაჟი.

  
/ 10837  
  

4230. Lapho kubhubha iSonto elidala, nalapho sekuzosungulwa iSonto eliSha, yilapho kwenzeka khona uLwahlulelo lokuGcina. Yilenkathi eshiwo eZwini ngo “Lwahlulelo lokuGcina” (bheka izinombolo 2117-2133, 3353, 4057 yilenkathi futhi eshiwo ngo “kuza kweNdodana yoMuntu”. Yilokhu kuza okuyisihloko manje esiphambi kwethu, nokuwukuza abafundi beNkosi ababebuza ngakho bethi:

Sitshele ukuthi lokhu kuyo kuyokuba nini; nesibonakaliso sokuza kwaKho nesokuphela kwezwe siyokuba nini (Mathewu 24:3).

Ngakhoke manje sekusele incazelo yezinto ezabikezelwa yiNkosi maqondana nesikhathi soKuza kwaYo noKuphela kwenkathi okuwuLwahlulelo lokuGcina. Kepha nokho kulesi Sanduleliso seSahluko 6 kuzochazwa kuphela okuqukethwe ezahlukwaneni 32-35, okulotshwe lokhu kuzo:

Fundani umfanekiso emkhiwaneni. Lapho igatsha lawo selithamba, lihluma amaqabunga, niyazi ukuthi ihlobo seliseduze. Kanjalo nani, lapho nibona konke lokhu, yazini ukuthi iNdodana yoMuntu iseduze ngasemnyango. Ngiqinisile ngithi kini: Lesisizukulwane kasiyukudlula kungakenzeki konke lokhu. Kuyodlula izulu nomhlaba, kepha amazwi aMi kawasoze adlula.

Ingqondo engaphakathi yalamazwi iyalandela.

  
/ 10837