1869. ISIQHUBEZO MAYELANA NEZIBHALO EZINGCWELE NOMA IZWI.
Ukuthi ziningi kangakanani izinto eziqukethwe wumusho owodwa weZwi ngakhonjiswa khona ngesu lokuvulwa kubonakale imiqondo ebumba umcabango. Lokhu kuyenzeka empilweni engemuva kokufa—ekubeni lokhu kungezinye zezimangaliso zakuleyompilo—futhi kwenzeka ngendlela echache kangangokuba imiqondo uqobo lwayo iba yizakheko ezibonakala ngamehlo, sengathi imiqondo iyizithombe ezigqamile. Ngavulelwa ngakhonjiswa kanjalo imiqondo yomuntu obephila impilo yesisa senhliziyo noma yothando olwenananayo, nobethola injabulo noma ubumnandi obukhulu ngokufunda iZwi esaphila emhlabeni. Kwabonakala kulemiqondo yakhe izinto eziningi ezinhle, kanye nalezo ezazimnandi futhi zithokozisa kakhulu. Ngatshelwa nokuthi izinto ezibonakala emiqondweni eyizakheko zingabuye zivulwe ingaphakathi lazo futhi, nalapho zivulwa futhi kubonakala izinto ezinhle nezimnandi ngaphezulu, kanye nalezo ezibumba injabulo uqobo. Yonke imiqondo yezingelosi iwuloluhlobo, ngokuba ivuleka ngokusukela eNkosini uQobo.
[2] Emimoyeni eyayimangaliswa wukuthi empilweni yangemuva kokufa imiqondo yomcabango ingavulwa ibonakale ngalendlela, iqiniso lakho lakhonjiswa ngesu lesibonelo sokubona kweso, okuwukubona okubuthuntu nokufiphele kangangokuba izinto zemvelo ezincane kakhulu nezinemininingwane eminingi ngokungenakubalwa kazibonakali kulo, ngaphandle kokubonakala zifiphele, zimnyama futhi zingenasimo. Kodwa lapho lezizinto zibukwa ngemasikilophu (microscope) imininingwane noma okungaphakathi kwazo kuyabonakala, futhi kubonakala kuxhumene ngokulandelana okuthandekayo nangehlelo elihle ngokubabazekayo. Kusobala futhi ukuthi imininingwane yalezizinto ezincane ibingavuleka nangaphezulu kwalokho ukuba ibibukwa ngemasikilophu enamandla kakhulu. Lesisibonelo sakwenza kwachacha kuleyomimoya ukuthi isimilo sokubona kwangaphakathi sinjani, okumisebe yakho kayilutho olunye ngaphandle kwemiqondo; ngokuba oqotsheni lwayo lemiqondo iqatha kangangoba kakukho lutho oluqatha ngaphezu kwayo kulesosiyingi, yize umuntu ekuphika lokho. Nokho okunye okumalungana nemiqondo kuzophawulwa kamuva ngomusa weNkosi woBunkulunkulu.