来自斯威登堡的著作

 

Izimfihlakalo Zezulu#1404

学习本章节

  
/10837  
  

1404. KuleziZahluko ezinomlando wangempela lelo nalelogama nomusho kufanekisa into eyehlukile engqondweni yangaphakathi kuleyo eshiwo engqondweni yemvelo. Nokho uqobo lwemininingwane yomlando iyafanekIsaya Ngo “Abrama”, okuqalwe ukukhuluma ngaye, ufanekisa iNkosi kabanzi, kodwa ikakhulu ufanekisa umuntu wezulu lamazulu. U “Isaka” okukhulunywa ngaye emuva kwalokho, naye ufanekisa iNkosi kabanzi, ikakhulu umuntu wezulu likamoya; no “Jakobe” okugcinwa ngaye ufanekisa iNkosi kabanzi, ikakhulu umuntu wemvelo. Kanjalo bafanekisa okungokweNkosi, okungokombuso waYo, nokungokweSonto.

  
/10837  
  

来自斯威登堡的著作

 

Izimfihlakalo Zezulu#504

学习本章节

  
/10837  
  

504. Izahlukwana 10, 11: Emva kokuzalwa kukaKhenani uEnoshe waphila iminyaka engamakhulu ayisishiyagalombili neshumi nanhlanu, wazala amadodana namadodakazi. Zonke izinsuku zikaEnoshe zaziyiminyaka engamakhulu ayisishiyagalolunye nanhlanu; wayesefa. Lapha kufanekiswa osekushiwo ngenhla nge “zinsuku” nangesibalo se “minyaka”, nanga “madodana namadodakazi”, nango “kufa” kwakhe.

  
/10837