来自斯威登堡的著作

 

Izimfihlakalo Zezulu#0

学习本章节

/10837  
  

IZIMFIHLO ZASEZULWINI EZIQUKETHWE EZIBHALWENI EZINGCWELE NOMA EZWINI LENKOSI ZISONJULULIWE KUQALWA ENCWADINI KAGENESIS KANYE NEZINTO EZIMANGALISAYO EZIBONWE EMHLABENI WEMIMOYA NASEZULWINI LEZINGELOSI

KULOTSHWE WU EMANUEL SWEDENBORG

KWAHUNYUSHWA KUSUSWA ESINGISINI KUYISWA ESIZULWINI UMQINGO WOKUQALA

IHUNYUSHWE NGU wuZAMOKUHLE T. ZUNGU

---

Arcana Coelestia: The Heavenly Arcana contained in the Holy Scripture or Word of the Lord unfolded in the Book of Genesis together with wonderful things seen in the World of Spirits and in the Heaven of Angels

By Emanuel Swedenborg

Translated into Zulu by Zamokuhle T. Zungu

---

UHLU LOMLOBI LWEZIHLOKO EZIQUKETHWE EMQINGWENI WOKUQALA.

IziMfihlo zeZulu ezisonjululwe eziBhalweni eziNgcwele noma eZwini leNkosi zikwiNcazelo, eyiNgqondo engaPhakathi yeZwi. Ukuthi lengqondo inhloboni kungabonwa kulezozinto ezikhonjiswe malungana nayo ngokusukela eLwazini lokuzazela mathupha ezinombolweni 1767-1777, 1869-1879; nasemongweni noma engqikithini yenkulumo (ezinombolweni 1-5, 64-66, 167, 605, 920, 937, 1143, 1224, 1404, 1405, 1408, 1409, 1502 ekugcineni, 1540, 1659, 1756, 1783, 1807).

IZinto eziMangalisayo ezibonwe eMhlabeni weMimoya naseZulwini leziNgelosi, kuqalwe ngazo futhi zajotshelelwa ezahlukweni ezimbalwa. Kulomqingo kukhona lezizihloko ezilandelayo:

Mayelana nokuVuswa komuntu kwabafileyo, nokungena kwakhe ekuphileni okuphakade (n. 168-181).

Isiqhubezo mayelana nokungena komuntu ekuphileni okuphakade (n. 182-189; naku 314-319).

Ukuthi ngaleyonkathi impilo yoMphefumulo noma yoMumoya injani (320-323).

Ezinye izibonelo zemicabanga yeMimoya yokuthi yayicabangani ngoMphefumulo noma ngoMumoya ngenkathi isesemzimbeni wemvelo (n. 443-448).

Mayelana neZulu kanye neNjabulo yaseZulwini (n. 449-459; 537-546; 547-553).

Mayelana namaBandla abumba noma enza iZulu (n. 684-691).

Mayelana nesiHogo (n. 692-700).

Mayelana neziHogo zalabo abebebuswa yiNzondo, ukuPhindisa, noluNyae ezimpilweni zabo zemvelo (n. 814-823).

Mayelana neziHogo zalabo abebebuswa wukuPhinga neSigweba; mayelana futhi neziHogo zabaKhohlisi nezabaThakathikazi (n. 824-831).

Mayelana neziHogo zabaHahayo; namayelana neJerusalema eliNgcolile, nabaPhangi eHlane; namayelana nothuvi obugcwele eziHogweni zalabo abebecwile ezinjabulweni zomzimba noma zezinzwa besaphila emhlabeni wemvelo (n. 938-946).

Mayelana nezinye iziHogo ezehlukile kulezi esezibalwe ngenhla (n. 947-970).

Mayelana neziNcithakalo (n. 1106-1113).

UHlu lomlobi lwezihloko eziqukethwe emqingweni wesikhombisa.

IziMfihlakalo zezulu ezisonjululwe ezibhalweni eziNgcwele noma ezwini leNkosi ziqukethwe ezincazelweni, eyingqondo engaphakathi yezwi. Izanduleliso ezendulela izahluko ezimbalwa ziyincazelo yalokhu okulandelayo: Ziyincazelo eyingqondo engaphakathi yamazwi eNkosi akuMathewu 25:34-36 (ezinombolweni 4954-4959).

Ziyisiqhubezo mayelana nokuqhamisana komuntu noMuntu oMkhulu: ukuqhamisana kwamanyonga nezitho ezixhumene nawo (ezinombolweni 5050-5062).

Ziyincazelo eyingqondo engaphakathi yamazwi eNkosi akuMathewu 25:37-46 (ezinombolweni 5063-5071).

Ziyisiqhubezo mayelana nokuqhamisana komuntu nomuntu omkhulu: ukuqhamisana kwezitho zomuntu zangaphakathi nezitho zomuntu omkhulu zangaphakathi (ezinombolweni 5171-5190).

Ziyisiqhubezo mayelana nokuqhamisana komuntu nomuntu omkhulu (ezinombolweni 5377-5396).

Ziyisiqhubezo mayelana nokuqhamisana komuntu nomuntu omkhulu: ukuqhamisana kwesikhumba, izinwele, namathambo (ezinombolweni 5552-5573).

Ziyisiqhubezo mayelana nokuqhamisana: ukuqhamisana kwezifo nomhlaba kamoya (ezinombolweni 5711-5727).

UHLU LOMLOBI LWEZIHLOKO EZIQUKETHWE KULOMQINGO.

Kuqukethwe izimfihlakalo zezulu ezethulwe ngencazelo yengqondo enga pha-kathi yeZibhalo ezingcwele noma yeZwi.

Okujotshelelwe ekugcineni kwezinye iZahluko kumayelana nezingelosi ka nye nemimoya okuhanqa umuntu (bheka izinombolo 5846-5866).

Isiqhubezo mayelana nezingelosi kanye nemimoya okuhanqe umuntu (bheka izinombolo 5976-5993).

Kujotshelelwe okumayelana nomngenela nobudlelwane bomphefumulo emzimbeni wemvelo (bheka izinombolo 6053-6058).

Isiqhubezo mayelana nomngenela nobudlelwane bomphefumulo emzimbeni wemvelo (6189-6215).

Isiqhubezo mayelana nomngenela nobudlelwane bomphefumulo emzimbeni wemvelo (6307-6327).

Isiqhubezo mayelana nomngenela nobudlelwane bomphefumulo emzimbeni wemvelo (bheka izinombolo 6466-6496).

Isiqhubezo mayelana nomngenela nobudlelwane bomphefumulo emzimbeni wemvelo (bheka izinombolo 6598-6626).

Okunye okulotshiwe (bheka amakhasi 503, 504).

/10837  
  

来自斯威登堡的著作

 

Izimfihlakalo Zezulu#6465

学习本章节

  
/10837  
  

6465. Ngamazwi “wabuthelwa kubantu bakhe” kufanekiswa ukuthi ukulunga kukamoya noma kwasezulwini likamoya kwakumumethwe wukulunga namaqiniso komuntu ongaphandle okwakusuka kukho lokho kulunga kwasezulwini likamoya. Lokhu kuchachiswa wokushiwo ngenhla enombolweni 6451, lapho kukhona amazwi afanayo; bheka okwethuliwe kulenombolo mayelana nokuvuka kanye nokuphila kokulunga kukamoya — okufanekiswa ngo “Israyeli” — okumumethwe wukulunga neqiniso kwezinzwa zomzimba zomuntu ongaphandle okufanekiswa nga “madodana akhe” nange “zizwe eziyishumi nambili”. Mayelana nomqondo wokuvuka kwezinto zangaphakathi ezimumethwe yizinto zangaphandle, kumele kwaziwe ukuthi zonke izinto zehlelo lemvelo, hhayi kumuntu kuphela, zibakhona ngesu lokudalwa okulandelanayo, okuwukudalwa okuwuhlobo lokuba okudalwa kamuva kubakhona ngesu lokudalwe ngaphambi kwakho. Ngalendlela lokho nalokho okudaliwe kubakhona njengendalo eyahlukene nayoyonke enye indalo; nokho okudalwe kamuva kunokunye kwencika kulokho okudalwe ngaphambi kwakho, futhi kwencike kangangokuba kakunakubakhona ngaphandle kokudalwe ngaphambi kwakho. Ngokuba okudalwe kamuva kugxiliswa wukuxhumana nokudalwe ngaphambi kwakho nesimo sakho silondolozwa wokudalwe ngaphambi kwakho. Ngalokhu kuyachacha ukuthi okudalwe kamuva kugodla konke okwandulelayo ngokuhleleka kwakho; injalo nendlela noma inkambiso yamandla aphuma ezintweni ezandulelayo. Kunjalo nangezinto zomuntu zangaphakathi ezandulela ezangaphandle, nangezinto zakhe zempilo.

[2] Umuntu ongakuqondi ukudalwa noma ukubakhona kwezinto zomuntu zangaphakathi nezangaphandle ngalendlela, kanakuqonda nakancane ukuthi uyini umuntu ongaphandle nomuntu ongaphakathi, futhi kanakuqonda nakancane ukuthi kukhona umngenela womuntu ongaphakathi ongena kumuntu ongaphandle, kungasaphathwa ukuqonda ukuthi umumoya womuntu uyavuka futhi uyaphila ngemuva komuntu ongaphandle, nokuthi lowomumoya womuntu unjani lapho usuwahlukaniswe wukufa nomzimba noma nomuntu ongaphandle. Uma umuntu ecabanga ukuthi izinto zangaphandle ziya ngokuya zicweba zize zibe yizinto zangaphakathi, nangalokho kuya ngokuya zicweba zingahlukani, nakanjalo zingahlukaniswa ngesu lokudalwa kwezinto ezilandelanayo, lowomuntu akakwazi ukungacabangi ukuthi lapho okwangaphandle kufa nokwangaphakathi kuyafa. Ngokuba lowomuntu ucabanga ukuthi okwangaphandle nokwangaphakathi kakunakwahlukana; nokuthi ngenxa yokungahlukani kwakho okubangwa wukuqhubekela kokungaphandle kokungaphakathi, ucabanga ukuthi lapho okunye kufa, nokunye kuyafa ngoba okufayo kudonsa okungafiyo. Lezizinto zethulwa ukuze kwaziwe ukuthi ingaphakathi nengaphandle kwahlukene; nokuthi ingaphakathi nengaphandle kwelamana ngehlelo; nokuthi zikhona zonke izinto zangaphakathi ezintweni zangaphandle, noma okuyinto efanayo, ukuthi konke okwandulelayo kukhona kokwelamayo, okuyisihloko salamazwi esiphezu kwawo engqondweni engaphakathi.

  
/10837