Van Swedenborgs Werken

 

Izimfihlakalo Zezulu #1

Bestudeer deze passage

  
/ 10837  
  

1. INCWADI KAGENESIS

Kakho umuntu ongabona ngokusukela engqondweni yemvelo yeZwi yeThestamente eliDala ukuthi lengxenye yeZwi imumethe izimfihlo zasezulwini ezijulile, nokuthi konke okuqukethwe kuyo, kabanzi nangemininingwane, kuphathelene neNkosi, nezulu laYo, nesonto, nenkolo, nazozonke izinto ezixhumene nalezizinto. Ngokuba engqondweni yemvelo noma yamabala yalengxenye yeZwi, umuntu angabona kuphela—kabanzi—ukuthi zonke izinto kuyo ziphathelene namasiko nemithetho eSonto lamaJuda. Nokho iqiniso elimsulwa wukuthi kulolo nke leloZwi kukhona okungaphakathi okungaveli nakancane kokungaphandle ngaphandle kokuyingcosane okwadalulwa futhi kwachazwa yiNkosi kuBafundi baYo; njengokuthi imihlabelo ifanekisa iNkosi; ukuthi izwe laseK-hanana neJerusalema kufanekisa izulu—okuyisizathu sokuba kubizwe ngeKhanana lasezulwini nangeJerusalema lasezulwini—nokuthi iPharadisi lifanekisa okufanayo. (Mathewu 6:33)

  
/ 10837  
  

Van Swedenborgs Werken

 

Izimfihlakalo Zezulu #1784

Bestudeer deze passage

  
/ 10837  
  

1784. Isahlukwana 1: Ngemuva kwalokho kwafika izwi likaJehova kU-Abrama ngombono, lithi: Ungesabi, Abrama, ngiyisihlangu kuwe, umvuzo wakho omkhulu kakhulu. Ukuthi “Ngemuva kwalokho kwafika izwi likaJehova kU-Abrama ngombono” kufanekisa ukuthi emuva kokulwa kweNkosi ngenkathi iseyingane, okwakuhambisana nezilingo kwakulandela ukwambulelwa; ngo “mbono” kufanekiswa ukwambulelwa kwangaphakathi okuyiphahla lokubona ngengqondo noma lokuqonda. Ukuthi “Ungesabi, Abrama, ngiyisihlangu kuwe” kufanekisa ukuvikelwa ebubini nasemangeni, okuwukuvikela okwethembekileyo. Ukuthi “umvuzo wakho omkhulu kakhulu” kufanekisa inhloso ezuzwa ngokunqoba izilingo.

  
/ 10837  
  

Van Swedenborgs Werken

 

Izimfihlakalo Zezulu #182

Bestudeer deze passage

  
/ 10837  
  

182. ISAHLUKO SESITHATHU

ISIQHUBEZO MALUNGANA NOKUNGENA EMPILWENI YAPHAKADE KWALABO ABAVUSWAKWABAFILEYO.

Lapho izingelosi zezulu lamazulu zibungaza ukumuntu osevusiwe, kazimshiyi, ngoba zibathanda bonke abavusiweyo. Kodwa uma umphefumulo womuntu usuwuhlobo lokuba ungabe usabungazwa yizingelosi zezulu lamazulu, ovusiweyo ulangazelela ukwehlukana nazo; nalapho sekufika lesisikhathi, kufika futhi nezingelosi zezulu lamazulu kuye maqede zimuphe usizo lokukhanya, ngo kuba ngaphambi kwalokhu ubengaboni lutho, kepha ubecabanga kuphela.

  
/ 10837