Из Сведенборгових дела

 

Izimfihlakalo Zezulu # 1

Проучите овај одломак

  
/ 10837  
  

1. INCWADI KAGENESIS

Kakho umuntu ongabona ngokusukela engqondweni yemvelo yeZwi yeThestamente eliDala ukuthi lengxenye yeZwi imumethe izimfihlo zasezulwini ezijulile, nokuthi konke okuqukethwe kuyo, kabanzi nangemininingwane, kuphathelene neNkosi, nezulu laYo, nesonto, nenkolo, nazozonke izinto ezixhumene nalezizinto. Ngokuba engqondweni yemvelo noma yamabala yalengxenye yeZwi, umuntu angabona kuphela—kabanzi—ukuthi zonke izinto kuyo ziphathelene namasiko nemithetho eSonto lamaJuda. Nokho iqiniso elimsulwa wukuthi kulolo nke leloZwi kukhona okungaphakathi okungaveli nakancane kokungaphandle ngaphandle kokuyingcosane okwadalulwa futhi kwachazwa yiNkosi kuBafundi baYo; njengokuthi imihlabelo ifanekisa iNkosi; ukuthi izwe laseK-hanana neJerusalema kufanekisa izulu—okuyisizathu sokuba kubizwe ngeKhanana lasezulwini nangeJerusalema lasezulwini—nokuthi iPharadisi lifanekisa okufanayo. (Mathewu 6:33)

  
/ 10837  
  

Из Сведенборгових дела

 

Izimfihlakalo Zezulu # 1540

Проучите овај одломак

  
/ 10837  
  

1540. INGQONDO ENGAPHAKATHI. Njengoba sekuke kwaphawulwa, imilando eseZwini eyenzeka ngempela iqale eSahlukweni esandulelayo. Yonke eminye imilando, kuze kufinyelele eSahlukweni esandulelayo, noma, kuze kufinyelele lapho kukhulunywa khona ngoEbere, bekuyimilando eqanjiwe. Isiqhubezo somlando kaAbrama lapha sifanekisa engqondweni engaphakathi iNkosi, ikakhulu sifanekisa impilo yaYo ngaphambi kokuhlanganiswa koMuntu waYo ongaphandle noMuntu waYo ongaphakathi baze babentonye noma basebenze njengoMuntu oyedwa, okungukuthi, ngaphambi kokuba uMuntu ongaphandle naYe abe ngowezulu lamazulu nowoBunkulunkulu. Imininingwane yomlando ifanekisa iNkosi, kanti amazwi uqobo afanekisa lezozinto ezifanekiswa ngawo, Kodwa ngoba imininingwane namazwi kuyizincazelo zomlando nakanjani umfundi ugxila kukho, ikakhulu namuhla lapho abantu abaningi, imbala cishe bonke abantu, bengakholwa nakancane ukuthi kukhona ingqondo engaphakathi, kungasaphathwa ukuthi kukhona ingqondo engaphakathi kulelo nalelogama eZwini. Mhlawumbe namanje ngeke bakholwe ukuthi lengqondo ikhona yize isikhonjiswe ngokuchache kangaka kuze kube manje. Kukhona esinye futhi isizathu sokuba ingqondo engaphakathi yehluke kangaka engqondweni engaphandle, kangangokuba ingabonakali. Nokho ukuthi lengqondo ikhona bangakwazi ngokuthi umlando uwodwa kawuyona ingxenye yeZwi, ngokuba kabukho uBunkulunkulu kuwo uma wahlukanisiwe nengqondo yawo yangaphakathi, ekubeni lapho ufana nje nayoyonke eminye imilando nezindaba zezwe. Yingqondo engaphakathi eyenza ukuba umlando oseZwini ubengcwele noma ube noBunkulunkulu. Ukuthi ingqondo engaphakathi yiyona eyiZwi uqobo kuyachacha ngezinto eziningi esezambuliwe, njengokuthi:

Ngayibiza indodana yaMi ukuba iphume eGibhithe (Mathewu 2:15) ;

Nokunye okuningi okufana nalokhu. NeNkosi uQobo, ngemuva koVuko lwaYo, yafundisa abafundi baYo okwakulotshwe ngaYo kuMose nakubaPhrofethi (Luka 24:27), kanjalo yabafundisa ukuthi akukho lutho olulotshwe eZwini olungekho malungana naYo, nombuso waYo, nangeSonto laYo. Lezozinto ezilotshiwe zeZwi zingezezulu likamoya nezezulu lamazulu, kodwa ingqondo yazo yemvelo isikhathi esiningi iqukethe izinto zomhlaba, zomzimba, nezemvelo ezingeke nakancane zibe yiZwi leNkosi. Namuhla abantu kabaqondi lutho ngaphandle kwezinto zomhlaba, nomzimba, nezemvelo. Kabazi nakancane ukuthi izinto zikamoya nezinto zezulu lamazulu ziyini. Kwakwehlukile ngomuntu noma ngelungu leSonto laseMandulondulo nangelungu leSonto laseMandulo. Ukuba lamawomalungu ayephila namuhla efunda iZwi ayengeke ayinake ingqondo yalo yemvelo, ayezoyithatha njengento engelutho, kodwa ayezonaka ingqondo yalo engaphakathi kuphela. Amalungu alawomaSonto ayamangala ukuthi umuntu angaliqonda kanjani iZwi ngenye indlela. Ngakho-ke zonke izincwadi zabantu basemandulondulo nabasendulo zilotshwe ngendlela yokuba zibe nencazelo engaphakathi eyahlukile encazelweni yangaphandle.

  
/ 10837  
  

Из Сведенборгових дела

 

Izimfihlakalo Zezulu # 6598

Проучите овај одломак

  
/ 10837  
  

6598. ISIQHUBEZO MAYELANA NOMNGENELA NOBUDLELWANE OBUPHAKATHI KOMPHEFUMULO NOMZIMBA.

Kuyinto eyaziwa kahle ukuthi abantu bayedlulana ngamandla okuqonda nokubona ngengqondo okulungileyo empilweni yabo yangasese, nokuqotho empilweni yabo yasemphakathini, nangokukhanukela ukulunga empilweni yabo kamoya. Umuntu wedlula omunye ngalamandla ngenxa yokuthi umcabango walowomuntu wenyuselwe ezintweni zezulu, nakanjalo ugudlukile ezingeni lezinzwa zakhe zomzimba. Ngokuba abantu abanomcabango ongakwazi ukwenyukela ngaphezulu kwezinga lezinzwa zomzimba kabanakukubona okulungileyo nokuqotho. Ngakho-ke loluhlobo lwabantu luncika kokuluzwa kushiwo ngabanye abantu, futhi lukhuma ngokusukela enkumbulweni yalo, nangalokho luzibona luhlakaniphe ngaphezu kwabanye abantu. Kepha abantu abakwaziyo ukwenyusa umcabango wabo ngaphezu kwezinga lezinzwa zomzimba, uma okuqukuthwe yinkumbulo yabo kuhleliwe, banamandla kunabanye okuqo nda nokubona ngengqondo. Amandla abo ancike ekuphakameni kwezinga aba buka ngalo izinto ngokusukela engaphakathini.

  
/ 10837