Из произведений Сведенборга

 

Izimfihlakalo Zezulu # 443

Изучить этот эпизод

  
/ 10837  
  

443. Empilweni yangemuva kokufa umuntu uphiwa amandla okubona nokwazi ngokuchachile ukuthi eminye imimoya yayinayiphi imiqondo isaphila emhlabeni malungana nomphefumulo, nomumoya, nangempilo yangemuva kokufa; ngokuba uma imimoya igcinwa esimweni esifana neyayikuso isesemzimbeni wemvelo, imicabango yayo ifuza imicabango eyayinayo emzimbeni wemvelo, nomcabango wayo uba sobala sengathi uyamenyezwa. Ngolunye usuku, ngabona komunye umuntu owayesanda kufa, okuyinto naye ayiqinisa, ukuthi imbala esesemzimbeni wemvelo wayekholwa ukuthi umumoya ukhona, kodwa wayecabanga ukuthi lowomumoya wawunempilo efiphele ngemuva kokufa. Isizathu sokucabanga kanjalo kwabe kungukuthi uma impilo yomzimba wemvelo ihoxiswa, kakusali lutho ngaphandle kwempilo efiphele nelufikifiki; ngokuba wayethatha umzimba wemvelo njengomnini wempilo, ngakhoke umqondo wakhe womumoya kwakuwumqondo wento engekho; futhi wazigxilisa kulomqondo ngenxa yokubona ukuthi nezilwane zinempilo ecishe ifana neyomuntu. Manjeke wayemangaliswa wukuthi imimoya nezingelosi zihlala ekukhanyeni okwedlulele, enkaliphweni, enhlakaniphweni, nasen-jabulweni okwedlulele, okuhambisana nokubona noqonda okwedlulele nokuphelele kangangoba awekho amagama aneleyo okukuchaza. Ngakhoke iqiniso elimsulwa wukuthi impilo yemimoya nezingelosi kayifiphele nakancane, kepha iyakhanya futhi ichache ngokwedlulele.

  
/ 10837  
  

Из произведений Сведенборга

 

Izimfihlakalo Zezulu # 5552

Изучить этот эпизод

  
/ 10837  
  

5552. ISIQHUBEZO MAYELANA NOKUQHAMISANA KOMUNTU NOMUNTU OMKHULU.

LAPHA UKUQHAMISANA KUMAYELANA NESIKHUMBA NEZINWELE KANYE NAMATHAMBO OMZIMBA.

Kuyisimilo sokuqhamisana ukuba izingxenye zomuntu ezibukhuphekhuphe kakhulu kunezinye ziqhamisane nemiphakathi yasezulwini ebukhuphekhuphe kakhulu kuneminye imiphakathi, nakanjalo eyimiphakathi enenjabulo kunayoyonke, njengemiphakathi eqhamisana nezinzwa zomuntu zangaphandle nezangaphakathi ezixhumene nengqondo kanye nentando yakhe. Kepha izingxenye zomuntu ezingebukhuphekhuphe kangako ziqhamisana nemiphakathi yemimoya engebukhuphekhuphe kangako, njengezingqimba zesikhumba ezimboze wonke umzimba, kanye noqwanga namathambo asekela umzimba nakhokonke okukuwo, noboya obumila esikhumbeni. Uqobo nesimilo kwaleyomiphakathi eqhamisana nazozonke lezizingxenye zomzimba womuntu kumele kuphawulwe ngakho.

  
/ 10837