Izimfihlakalo Zezulu # 1407

Por Emanuel Swedenborg

Estudar Esta Passagem

  
/ 10837  
  

1407. Isahlukwana 1: UJehova wathi kU-Abrama: Phuma ezweni lakini, nasekuzalweni kwakho, nasendlini kayihlo, uye ezweni engizokukhombisa lona. Izenzeko ezichazwa lapha nakokulandelayo zenzeka ngempela emlandweni njengoba zibikiwe; kepha futhi lezizenzeko ziyafanekisa, nawowonke amagama amumethe incazelo kamoya. Ngo “Abrama” kufanekiswa iNkosi engqondweni engaphakathi, njengoba sekuphawuliwe. Ukuthi “uJehova wathi kuAbram” kufanekisa ukulumuka noma ukuqonda kokuqala kwazozonke izinto. Ukuthi “Phuma ezweni lakini” kufanekisa izinto zomzimba nezinto zomhlaba U-Abrama ayezohoxa kuzo. Ukuthi “nasekuzalweni kwakho” kufanekisa izinto zomzimba nezomhlaba ezazingaphandle kakhulu. Ukuthi “nasendlini kayihlo” kufanekisa izinto zomzimba nezomhlaba ezazingaphakathi. Ukuthi “uye ezweni engizokukhombisa lona” kufanekisa izinto zezulu likamoya nezezulu lamazulu ezazizoqhakathiswa noma ezazizokhonjiswa.

  
/ 10837