От "Съчиненията на Сведенборг

 

Izimfihlakalo Zezulu #947

Проучете този пасаж

  
/ 10837  
  

947. ISAHLUKO 9. ISIQHUBEZO MALUNGANA NEZIHOGO.

LAPHA KUMALUNGANA NEZINYE IZIHOGO EZAHLUKILE KULEZO OSEKUKHULUNYWE NGAZO.

Abantu abaphila ngokukhohlisa abanye, abakholwa ukuthi bangazuza nomayini ngomacebo okukhohlisa, nasebazigxilisa ekukhohliseni besaphila emhlabeni wemvelo ngoba bephumelela ngakho, bazibona behlala emphongolweni othile ongasokhohlo, obizwa ngo “mphongolo wasesihogweni”, onesizibekelo, nangaphandle kwawo kumi indilingana phezu kwesisekela esinxantathu abawu thatha njengawowonke umhlaba abawubusayo nabawuphetheyo. Kubonakala kanjalo kubona. Labo abebegebenga abantu abamsulwa ngokubakhohlisa bahlala isikhathi eside kakhulu kulomphongolo, futhi ngitsheliwe ukuthi abanye babo sebehlale khona isikhathi esiyiminyaka engamakhulu amabili. Lapho bekhishwa kuwo baphuma sebenalutha okuzikhohlisa kangangoba bacabanga ukuthi wonke umhlaba nomkhathi uyimbulunga abahamba phezu kwawo bewunyathela ngezinyawo zabo, bengakhohliwe bengonkulunkulu noma izithixo zaleyombu lunga nomkhathi wayo. Bengivamile ukubabona nokukhuluma nabo ngalamalutha abo okuzikhohlisa. Kepha ngoba babevele benamalutha besaphila emhlabeni wemvelo kabazange basuke kulamalutha abo. Ngibonile futhi kaningana uku thi bayedusa noma bayikhohlisa kanjani imicabango yabanye abantu ngobuqili, nangokuphazima kweso baguqulele imicabango yabantu kwezinye izinto, bafake eminye imiqondo ezikhundleni zeminye, bekwenza lokhu ngendlela yokuba kungaziwa futhi kungabonakali ukuthi kwenziwa yibo, bekwenza futhi ngendlela elula ngokunswempu. Njengoba lemimoya inesimilo esinje, kayivunyelwa nakancane ukuba seduze kwabantu, ngoba ingabajova ngoshevu wayo ngendlela efi hlakele necashe kakhulu.

  
/ 10837  
  

От "Съчиненията на Сведенборг

 

Izimfihlakalo Zezulu #814

Проучете този пасаж

  
/ 10837  
  

814. Uhlobo lwemimoya oluqukethe inzondo eyesabekayo, kanjalo olubhodla impindiso, lungaphefumuli lutho olunye ngaphandle kokubulala omunye umumoya, lunganeliseki lungakakufezi lokho, luvalelwe esihogweni esiwukufa nesijule kakhulu lapho kunuka khona iphunga elibi kakhulu lezidumbu. Okumangalisayo wukuthi lemimoya ilithanda kakhulu lelophunga kangangoba ikhetha lona phakathi kwamaphunga amnandi ngokwedlulele. Lubi kakhulu kangako uhlobo namalutha aphuma ebubini kwalemimoya. Isihogo salemimoya yiso esiphafuka lelophunga; nalapho lesisihogo sivulwa, okuyinto engavamile ukwenzeka, futhi lapho yenzeka yenzeka isikhathi esin-cane, iphunga elibi elikhuphuka liphu ma kuso libi futhi linamandla kangangoba imimoya ayikwazi ukuhlala kuleyondawo ephafukelwayo. Abanye genii noma imimoya ephindisayo, ike yalethwa kimi iphuma kulesosihogo ukuze ngiyibone noma ngiyazi ukuti injani. Yangcolisa umoya ngokuphefumula umoya owubuthi nomubi kan-gangoba imimoya eyayingihaqile yasuka ngenxa yokuthi ayikwazanga ukuwubekezelela, khonalapho umoya wayo wabanga ukuba isisu sami siguquke, kuthi kangiphalaze.

[2] Leyomimoya ephindisayo yazethule kimi njengengane encane, enobuso obuthandekayo, ithukuse isinqindi sokugwaza kuyo, yathunyelwa kimi iphethe indishi esandleni. Ngalokhu, ngaziswa ukuthi yabe inenhloso yokubulala, ngokugwaza noma ngobuthi, nalokhu ikwenze ngesu lokuzenzisa ubusulwa. Kepha oqotsheni lwayo yayinqunu futhi inemizimba emnyama kakhulu. Nokho masinya yabuyiselwa esihogweni sayo esiwuqobo lokufa, ngavunyelwa nokubona indlela lemimoya eyayingena ngayo esihogweni sayo. Yayihamba iya ngakwesokunxele sami, ekuphakameni okuqondene nenhlafuno yami, yahamba ibanga elide ngaphambi kokuphulukundlela ingene esihogweni sayo. Lapho yehlela esihogweni sayo yayidlula entweni efana nomlilo, idlule entuthwini eshunqayo nefana nentuthu yembuthuma, maqede ngezansi kwaleyombuthuma bangene ezingxenyeni ezingaphambili lapho kwakukhona imigede eminingi emnyama eyehlela phansi. Ngesikhathi behlela esihogweni sabo, ngasosonke lesosikhathi babebalisa emiqondweni yabo befuna ukwenza ububi—ngaphandle kwesizathu—ikakhulu emimoyeni emsulwa. Ngesikhathi lemimoya yehla yedlula emlilweni yayikhala imemeza kakhulu. Ukuze lemimoya yaziwe ukuthi iphumaphi nokuthi inhloboni, lapho ithunyelwa ngaphandle iphathiswa indilinga ethile enanyathiselwe ngameva ensimbi anombala wethusi; nalendilinga balokhu beyicindezela beyijikijikisa, okuyisu lokukhombisa ukuthi banhloboni nokuthi baboshiwe noma bavalelwe.

  
/ 10837