З творів Сведенборга

 

Izimfihlakalo Zezulu #0

Вивчіть цей уривок

/ 10837  
  

IZIMFIHLO ZASEZULWINI EZIQUKETHWE EZIBHALWENI EZINGCWELE NOMA EZWINI LENKOSI ZISONJULULIWE KUQALWA ENCWADINI KAGENESIS KANYE NEZINTO EZIMANGALISAYO EZIBONWE EMHLABENI WEMIMOYA NASEZULWINI LEZINGELOSI

KULOTSHWE WU EMANUEL SWEDENBORG

KWAHUNYUSHWA KUSUSWA ESINGISINI KUYISWA ESIZULWINI UMQINGO WOKUQALA

IHUNYUSHWE NGU wuZAMOKUHLE T. ZUNGU

---

Arcana Coelestia: The Heavenly Arcana contained in the Holy Scripture or Word of the Lord unfolded in the Book of Genesis together with wonderful things seen in the World of Spirits and in the Heaven of Angels

By Emanuel Swedenborg

Translated into Zulu by Zamokuhle T. Zungu

---

UHLU LOMLOBI LWEZIHLOKO EZIQUKETHWE EMQINGWENI WOKUQALA.

IziMfihlo zeZulu ezisonjululwe eziBhalweni eziNgcwele noma eZwini leNkosi zikwiNcazelo, eyiNgqondo engaPhakathi yeZwi. Ukuthi lengqondo inhloboni kungabonwa kulezozinto ezikhonjiswe malungana nayo ngokusukela eLwazini lokuzazela mathupha ezinombolweni 1767-1777, 1869-1879; nasemongweni noma engqikithini yenkulumo (ezinombolweni 1-5, 64-66, 167, 605, 920, 937, 1143, 1224, 1404, 1405, 1408, 1409, 1502 ekugcineni, 1540, 1659, 1756, 1783, 1807).

IZinto eziMangalisayo ezibonwe eMhlabeni weMimoya naseZulwini leziNgelosi, kuqalwe ngazo futhi zajotshelelwa ezahlukweni ezimbalwa. Kulomqingo kukhona lezizihloko ezilandelayo:

Mayelana nokuVuswa komuntu kwabafileyo, nokungena kwakhe ekuphileni okuphakade (n. 168-181).

Isiqhubezo mayelana nokungena komuntu ekuphileni okuphakade (n. 182-189; naku 314-319).

Ukuthi ngaleyonkathi impilo yoMphefumulo noma yoMumoya injani (320-323).

Ezinye izibonelo zemicabanga yeMimoya yokuthi yayicabangani ngoMphefumulo noma ngoMumoya ngenkathi isesemzimbeni wemvelo (n. 443-448).

Mayelana neZulu kanye neNjabulo yaseZulwini (n. 449-459; 537-546; 547-553).

Mayelana namaBandla abumba noma enza iZulu (n. 684-691).

Mayelana nesiHogo (n. 692-700).

Mayelana neziHogo zalabo abebebuswa yiNzondo, ukuPhindisa, noluNyae ezimpilweni zabo zemvelo (n. 814-823).

Mayelana neziHogo zalabo abebebuswa wukuPhinga neSigweba; mayelana futhi neziHogo zabaKhohlisi nezabaThakathikazi (n. 824-831).

Mayelana neziHogo zabaHahayo; namayelana neJerusalema eliNgcolile, nabaPhangi eHlane; namayelana nothuvi obugcwele eziHogweni zalabo abebecwile ezinjabulweni zomzimba noma zezinzwa besaphila emhlabeni wemvelo (n. 938-946).

Mayelana nezinye iziHogo ezehlukile kulezi esezibalwe ngenhla (n. 947-970).

Mayelana neziNcithakalo (n. 1106-1113).

UHlu lomlobi lwezihloko eziqukethwe emqingweni wesikhombisa.

IziMfihlakalo zezulu ezisonjululwe ezibhalweni eziNgcwele noma ezwini leNkosi ziqukethwe ezincazelweni, eyingqondo engaphakathi yezwi. Izanduleliso ezendulela izahluko ezimbalwa ziyincazelo yalokhu okulandelayo: Ziyincazelo eyingqondo engaphakathi yamazwi eNkosi akuMathewu 25:34-36 (ezinombolweni 4954-4959).

Ziyisiqhubezo mayelana nokuqhamisana komuntu noMuntu oMkhulu: ukuqhamisana kwamanyonga nezitho ezixhumene nawo (ezinombolweni 5050-5062).

Ziyincazelo eyingqondo engaphakathi yamazwi eNkosi akuMathewu 25:37-46 (ezinombolweni 5063-5071).

Ziyisiqhubezo mayelana nokuqhamisana komuntu nomuntu omkhulu: ukuqhamisana kwezitho zomuntu zangaphakathi nezitho zomuntu omkhulu zangaphakathi (ezinombolweni 5171-5190).

Ziyisiqhubezo mayelana nokuqhamisana komuntu nomuntu omkhulu (ezinombolweni 5377-5396).

Ziyisiqhubezo mayelana nokuqhamisana komuntu nomuntu omkhulu: ukuqhamisana kwesikhumba, izinwele, namathambo (ezinombolweni 5552-5573).

Ziyisiqhubezo mayelana nokuqhamisana: ukuqhamisana kwezifo nomhlaba kamoya (ezinombolweni 5711-5727).

UHLU LOMLOBI LWEZIHLOKO EZIQUKETHWE KULOMQINGO.

Kuqukethwe izimfihlakalo zezulu ezethulwe ngencazelo yengqondo enga pha-kathi yeZibhalo ezingcwele noma yeZwi.

Okujotshelelwe ekugcineni kwezinye iZahluko kumayelana nezingelosi ka nye nemimoya okuhanqa umuntu (bheka izinombolo 5846-5866).

Isiqhubezo mayelana nezingelosi kanye nemimoya okuhanqe umuntu (bheka izinombolo 5976-5993).

Kujotshelelwe okumayelana nomngenela nobudlelwane bomphefumulo emzimbeni wemvelo (bheka izinombolo 6053-6058).

Isiqhubezo mayelana nomngenela nobudlelwane bomphefumulo emzimbeni wemvelo (6189-6215).

Isiqhubezo mayelana nomngenela nobudlelwane bomphefumulo emzimbeni wemvelo (6307-6327).

Isiqhubezo mayelana nomngenela nobudlelwane bomphefumulo emzimbeni wemvelo (bheka izinombolo 6466-6496).

Isiqhubezo mayelana nomngenela nobudlelwane bomphefumulo emzimbeni wemvelo (bheka izinombolo 6598-6626).

Okunye okulotshiwe (bheka amakhasi 503, 504).

/ 10837  
  

З творів Сведенборга

 

Izimfihlakalo Zezulu #1408

Вивчіть цей уривок

  
/ 10837  
  

1408. Izenzeko ezishiwo lapha nakokulandelayo zenzeka ngempela emlandweni njengoba zilotshiwe, nokho futhi lezizenzeko zomlando ziyafanekisa, nawowonke amagama achaza lezizenzeko amumethe noma agodle incazelo kamoya. Kunjalo kuzozonke izingxenye zeZwi eziwumlando, hhayi iziNcwadi zikaMose kuphela kodwa futhi eziNcwadini zikaJoshuwa, AbAhluleli, USamuweli, nama Khosi, okuyizincwadi ezingenalutho olunye ngaphandle kwemilando yangempela. Kepha yize lezizincwadi ziqukethe imilando engqondweni yemvelo noma engaphandle, nokho engqondweni engaphakathi kucashe izimfihlakalo zezulu, nokuyizimfihlakalo ezingenakubonakala umanje umqondo neso lawo kugqolozele umlando wasemhlabeni wemvelo, nalezizimfihlakalo kazembulwa ngaphambi kokuba umqondo uziqhelise engqondweni yemvelo noma engaphandle. IZwi leNkosi linjengomzimba onomphefumulo ophilayo ngaphakathi kwawo. Izinto zomphefumulo kazibonakali umanje umqondo ugxile noma ujolozele/ugqolozele izinto zomzimba, kangangoba umqondo uze ungakholwa ukuthi umzimba unomphefumulo, kungasaphathwa ukuthi umphefumulo uyaphila ngemuva kokufa. Kodwa umqondo unele wahlukane nezinto zomzimba, izinto zomphefumulo nezempilo zivela obala; nakulokhu kulele isizathu sokuba kungani izinto zomzimba kumele zife ngaphambi kokuba umuntu azalwe kabusha, nesizathu sokuba kungani umzimba wemvelo kumele ufe ukuze umuntu akwazi ukungena ezulwini abone izinto zasezulwini.

[2] Kunjalo futhi nangeZwi leNkosi. Umzimba walo wemvelo uyizinto ezishiwo kulo ngengqondo yemvelo, nalapho umqondo ujolozele amagama aleyongqondo izinto ezingaphakathi kazibonakali nakancane. Kepha lapho umzimba walo ugudluka izinto ezingaphakathi kwalawomagama zibonakala okokuqala ngqa. Nokho, izinto ezisengqondweni yemvelo zifana nezinto ezikumuntu wemvelo lapho esesemzimbeni wenyama, nalezozinto ziyiziminya ezisenkumbulweni ezingena kuye ngesu lezinzwa neziyizikhongozelo noma izitsha kabanzi eziqukethe izinto zangaphakathi. Ngalokhu kungabonakala ukuthi izitsha ziyinto eyodwa, nezinto ezibucayi eziqukethwe yizitsha zingenye into eyahlukile. Izitsha zingezemvelo, kanti izinto ezibucayi ezisezitsheni zingezezulu likamoya nezulu lamazulu. Ngendlela efanayo imilando yeZwi, njengayoyonke imisho eseZwini, ikabanzi, ingeyomhlaba wemvelo, imbala iyizitsha zemvelo eziqukethe izinto zezulu likamoya nezezulu lamazulu. Lezizinto kazibonakali ngaphandle kokubonakala ngesu lengqondo engaphakathi.

[3] Umahluko ophakathi kwengqondo engaphandle nengqondo engaphakathi ungaba sobala kunoma wubani ngokuthi izinto eziningi eZwini ziphawulwa ngokusukela ezimbonakalweni, imbala ziphawulwa ngokusukela emalutheni ezinzwa, njengokuthi iNkosi iyathukuthela, iyajezisa, iyaqalekisa, iyabulala, neminye imisho eminingi enjengalena, ekubeni kodwa ingqondo engaphakathi isho noma iqukethe okuphambene nalokho, okungukuthi, iNkosi kayibonaze ithukuthele noma ijezise, kungasaphathwa ukuqalekisa noma ukubulala. Nokho kabalimali ngalutho abantu abakholwa ngayoyonke inhliziyo yabo ngenxa yobunguphane babo ukuthi iZwi lisho lokhu elikusho ngengqondo yemvelo umanje bephila impilo yesisa senhliziyo. Nesizathu sokungalimali ngenxa yalokho wukuthi iZwi kalifundisi lutho olunye ngaphandle kwalokhu—ukuthi bonke abantu kumele baphile impilo yesisa senhliziyo maqondana nomakhelwane nokuba bathande iNkosi ngaphezu kwazozonke izinto. Abagcina lomyalo bangumnini wezinto zangaphakathi, kanjalo kubo amalutha abawazuze ngengqondo yemvelo ahlakazeka noma achitheka kalula.

  
/ 10837  
  

З творів Сведенборга

 

Izimfihlakalo Zezulu #1409

Вивчіть цей уривок

  
/ 10837  
  

1409. Ukuthi izenzeko zomlando njengoba zichaziwe ziyafanekisa, kodwa onke amagama achazayo amamuthe incazelo kamoya kubasobala ngosekuphawuliwe kwabuye kwakhonjiswa malungana nezifanekiso nangezinto ezimumethe incazelo kamoya ezinombolweni 665, 920, 1361 Kodwa njengoba izifanekiso ziqala lapha, ilungile enye incazelo efuphi ngalokhu. ISonto laseMandulondulo, elaliyiSonto lezulu lamazulu, lalithatha zonke izinto zemvelo, zomhlaba, nezomzimba, okwakuvele kuyizinto ezazaziwa ngesu lezinzwa zabantu balo, njengezinto ezingelutho olunye ngaphandle kwezinto ezifileyo. Kodwa ngesizathu sokuthi zonke izinto emhlabeni ziveza umqondo othile wombuso weNkosi, nakanjalo ziveza umqondo othile wezinto zezulu lamazulu nezezulu likamoya, ngakhoke abantu baleloSonto babengacabangi ngalezozinto ababezibona phambi kwabo noma bezazi ngesu lezinzwa, kepha babecabanga ngezinto zezulu lamazulu nangezinto zezulu likamoya. Empeleni babengacabangi ngokusukela kulezozinto kepha babecabanga ngesu lazo. Ngalendlela izinto ezazifile kubo zazivuka ziphile.

[2] Lezozinto ezazigodle noma zimumethe incazelo kamoya zaziqoqwe yizizukulwane zabantu baleloSonto ezindebeni zabo mathupha, maqede izizukulwane zaguqula lezozinto zaba yizimfundiso ezaba yiZwi leSonto laseMandulo ngemuva kukaZamcolo. Lezizimfundiso eSontweni laseMandulo kwakuyizinto ezimumethe incazelo kamoya, ngokuba ngazo bafunda izinto zangaphakathi, nangokusukela kuzo babecabanga ngezinto zikamoya nangezinto zezulu lamazulu. Kepha lapho lezizimfundiso seziqala ukushabalala, nalapho abantu beSonto laseMandulo bengasazazi izinto zangaphakathi ezifundiswayo, baqala ukuthatha zona lezizinto zemvelo nezomhlaba ezinencazelo kamoya njengezinto ezingcwele, bazikhonza, bengasenawo nomncane umcabango wokuthi ziyafanekisa, lezozinto zemvelo nomhlaba zaqala ukuba yizifanekiso. Ngalokhu kwavumbuka iSonto elifanekisayo elaqala ngoAbrama nangemuva kwakhe lasungulwa ezizukulwaneni zikaJakobe. Ngokusukela kulokhu, makwaziwe ukuthi izifanekiso zasuka zavumbuka ezintweni ezazimumethe incazelo kamoya eSontweni laseMandulo, nokuthi lezozinto ezazimumethe incazelo kamoya zazisuka emiqondweni yezulu lamazulu yeSonto laseMandulondulo.

[3] Ukuthi izifanekiso zinjani kubasobala ngezingxenye zeZwi eziwumlando, lapho zonke izenzo zalabokhokho, okungukuthi, izenzo zikaAbrama, zikaIsaka, nezikaJakobe, nakamuva zikaMose, zabAhluleli, nezamakhosi akwaJuda nawakwaIsrayeli, zingelutho olunye ngaphandle kwezifanekiso. Nanjengoba sekuke kwaphawulwa ngenhla, eZwini ngo “Abrama” kufanekiswa iNkosi, nangoba ufanekisa iNkosi, ngakho-ke ufanekisa umuntu wezulu lamazulu. No “Isaka” ufanekisa iNkosi, nangalokho ufanekisa umuntu kamoya, kanti no “Jakobe” ufanekisa iNkosi, nangalokho ufanekisa umuntu wemvelo ohambisana noma ofanelene nomuntu kamoya.

[4] Kodwa ubunjalo bezifanekiso buwukuba isimilo somuntu ofanekisayo singakhankanywa noma singabhekwa, kubhekwe kuphela lokho akufanekisayo. Ngokuba onke amakhosi akwaJuda nakwaIsrayeli, noma ngabe isimilo sawo sasinjani, ayefanekisa uBukhosi beNkosi, nabobonke abaphristi, noma ngabe babenhloboni yabantu, babefanekisa uBuphristi baYo. Kanjalo abantu ababi nabantu abalungileyo babekwazi ukufanekisa iNkosi, nezinto zezulu lamazulu nezezulu likamoya zombuso waYo, ngokuba, njengoba sekuphawuliwe kwabuye kwakhonjiswa, izifanekiso zazingahlanganise lutho noma zahluke geqe kumuntu ofanekisayo. Ngakho-ke yonke imilando eseZwini iyafanekisa, nanjengoba lokhu kuyiqiniso, kuyalandela ukuthi amagama aseZwini ayaqhamisa noma amumethe incazelo kamoya, okungukuthi, asho okwahlukile engqondweni engaphakathi kokushiwo engqondweni yemvelo noma engaphandle.

  
/ 10837