З творів Сведенборга

 

Izimfihlakalo Zezulu #1408

Вивчіть цей уривок

  
/ 10837  
  

1408. Izenzeko ezishiwo lapha nakokulandelayo zenzeka ngempela emlandweni njengoba zilotshiwe, nokho futhi lezizenzeko zomlando ziyafanekisa, nawowonke amagama achaza lezizenzeko amumethe noma agodle incazelo kamoya. Kunjalo kuzozonke izingxenye zeZwi eziwumlando, hhayi iziNcwadi zikaMose kuphela kodwa futhi eziNcwadini zikaJoshuwa, AbAhluleli, USamuweli, nama Khosi, okuyizincwadi ezingenalutho olunye ngaphandle kwemilando yangempela. Kepha yize lezizincwadi ziqukethe imilando engqondweni yemvelo noma engaphandle, nokho engqondweni engaphakathi kucashe izimfihlakalo zezulu, nokuyizimfihlakalo ezingenakubonakala umanje umqondo neso lawo kugqolozele umlando wasemhlabeni wemvelo, nalezizimfihlakalo kazembulwa ngaphambi kokuba umqondo uziqhelise engqondweni yemvelo noma engaphandle. IZwi leNkosi linjengomzimba onomphefumulo ophilayo ngaphakathi kwawo. Izinto zomphefumulo kazibonakali umanje umqondo ugxile noma ujolozele/ugqolozele izinto zomzimba, kangangoba umqondo uze ungakholwa ukuthi umzimba unomphefumulo, kungasaphathwa ukuthi umphefumulo uyaphila ngemuva kokufa. Kodwa umqondo unele wahlukane nezinto zomzimba, izinto zomphefumulo nezempilo zivela obala; nakulokhu kulele isizathu sokuba kungani izinto zomzimba kumele zife ngaphambi kokuba umuntu azalwe kabusha, nesizathu sokuba kungani umzimba wemvelo kumele ufe ukuze umuntu akwazi ukungena ezulwini abone izinto zasezulwini.

[2] Kunjalo futhi nangeZwi leNkosi. Umzimba walo wemvelo uyizinto ezishiwo kulo ngengqondo yemvelo, nalapho umqondo ujolozele amagama aleyongqondo izinto ezingaphakathi kazibonakali nakancane. Kepha lapho umzimba walo ugudluka izinto ezingaphakathi kwalawomagama zibonakala okokuqala ngqa. Nokho, izinto ezisengqondweni yemvelo zifana nezinto ezikumuntu wemvelo lapho esesemzimbeni wenyama, nalezozinto ziyiziminya ezisenkumbulweni ezingena kuye ngesu lezinzwa neziyizikhongozelo noma izitsha kabanzi eziqukethe izinto zangaphakathi. Ngalokhu kungabonakala ukuthi izitsha ziyinto eyodwa, nezinto ezibucayi eziqukethwe yizitsha zingenye into eyahlukile. Izitsha zingezemvelo, kanti izinto ezibucayi ezisezitsheni zingezezulu likamoya nezulu lamazulu. Ngendlela efanayo imilando yeZwi, njengayoyonke imisho eseZwini, ikabanzi, ingeyomhlaba wemvelo, imbala iyizitsha zemvelo eziqukethe izinto zezulu likamoya nezezulu lamazulu. Lezizinto kazibonakali ngaphandle kokubonakala ngesu lengqondo engaphakathi.

[3] Umahluko ophakathi kwengqondo engaphandle nengqondo engaphakathi ungaba sobala kunoma wubani ngokuthi izinto eziningi eZwini ziphawulwa ngokusukela ezimbonakalweni, imbala ziphawulwa ngokusukela emalutheni ezinzwa, njengokuthi iNkosi iyathukuthela, iyajezisa, iyaqalekisa, iyabulala, neminye imisho eminingi enjengalena, ekubeni kodwa ingqondo engaphakathi isho noma iqukethe okuphambene nalokho, okungukuthi, iNkosi kayibonaze ithukuthele noma ijezise, kungasaphathwa ukuqalekisa noma ukubulala. Nokho kabalimali ngalutho abantu abakholwa ngayoyonke inhliziyo yabo ngenxa yobunguphane babo ukuthi iZwi lisho lokhu elikusho ngengqondo yemvelo umanje bephila impilo yesisa senhliziyo. Nesizathu sokungalimali ngenxa yalokho wukuthi iZwi kalifundisi lutho olunye ngaphandle kwalokhu—ukuthi bonke abantu kumele baphile impilo yesisa senhliziyo maqondana nomakhelwane nokuba bathande iNkosi ngaphezu kwazozonke izinto. Abagcina lomyalo bangumnini wezinto zangaphakathi, kanjalo kubo amalutha abawazuze ngengqondo yemvelo ahlakazeka noma achitheka kalula.

  
/ 10837  
  

З творів Сведенборга

 

Izimfihlakalo Zezulu #1107

Вивчіть цей уривок

  
/ 10837  
  

1107. Kukhona abangena encithakalweni ngokuzikhethela nangokuthanda kwabo kanjalo bakhiphe kubo imigomo engamanga abaphuma nayo emhlabeni wemvelo. (Kakho umuntu ongakhipha imigomo engamanga kuye ngaphandle kwesikhathi esaneleyo nezaba noma namasu awahlinzekwe yiNkosi). Ngasosonke isikhathi beh-leli emhlabeni ongezansana iNkosi ibagcina besethembeni lokukhululwa nasemcabangweni wenhloso yokuba sencithakalweni, owukuthi, basencithakalweni ukuze baqondiswe futhi balungiselelwe ukwamukela injabu lo yasezulwini.

  
/ 10837