From Swedenborg's Works

 

Izimfihlakalo Zezulu #3650

Study this Passage

  
/ 10837  
  

3650. ISANDULELISO SESAHLUKO 28.

Kwisanduleliso seSahluko 27 kusonjululwe okwakufundiswa futhi kwabikezelwa yiNkosi kuMathewu 24:8-14, mayelana noKwahlulelwa kokuGcina, okungukuthi, mayelana nezinsuku zokugcina zeSonto (bheka izinombolo 3486-3489). Manje sekulandela ukusonjululwa nokuchazwa ngendlela efanayo kwamazwi eNkosi alandelayo, ezahlukwana 15-18, kuyena uMathewu, lapho iNkosi ithi khona: Ngakhoke nxa nibona amanyala encithakalo ashiwo nguDaniyeli umphrofethi emi endaweni engcwele, ofundayo makaqaphele, nabaseJudiya mababalekele ezintabeni; nophezu kwendlu angehli ukuyothatha okusendlini yakhe; nosensimini angabuyeli emuva ukuyothatha ingubo yakhe.

  
/ 10837  
  

From Swedenborg's Works

 

Izimfihlakalo Zezulu #4422

Study this Passage

  
/ 10837  
  

4422. GENESISE 34

ULWAHLULELO LOKUGCINA

Kwisanduleliso salesiSahluko kuzochazwa amazwi eNkosi akuMathewu 24:42-51. Lezizahlukwana zokugcina kuMathewu 24, ezimalungana nokuphela kwenkathi noma ngokuza kweNkosi, afundeka kanje engqondweni yeZwi engaphandle:

Ngakhoke lindani, ngokuba anazi ukuthi iNkosi yenu iyofika ngaluphi usuku. Kepha yazini lokhu, ukuthi, uma umninindlu ebewazi umlindo isela eliyofika ngawo, ubeyolinda, angavumi ukuba indlu yakhe ibhodlozwe. Ngalokho nani hlalani, nilindele, ngokuba iNdodana yoMuntu iyofika ngehora eningalicabangiyo. Pho, wubani oyinceku eyethembekile neqaphelisisayo, inkosi yayo eyimise phezu kwabendlu yayo ukuba ibanike ukudlangesikhathi sakho na? Ibusisiwe leyonceku okuyokuthi lapho kufika inkosi yayo, iyifumane yenze njalo. Ngiqinisile ngithi kini: Iyakuyimisa phezu kwayoyonke impahla yayo. Kodwa kwenzekani uma leyonceku ekhohlakele ithi enhliziyweni yayo: Inkosi yami ilibele (ukufika), iqale ukushaya izinceku ezikanye nayo, idle, iphuze nezidakwa na? Inkosi yaleyonceku iyofika ngosuku engayibhekile ngalo nangehora engalaziyo, iyinqamule kabili, iyimisele isabelo sayo kanye nabazenzisi; laphoke kuyokubakhona ukukhala nokugedla amazinyo.

Ukuthi lamazwi amumetheni kungabonwa ngokulandelana komcabango, ngokuba isihloko salolonke ivangeli lalesiSahluko yinkathi yokugcina noma yokubhubha kweSonto, engqondweni engaphakathi okungukuphela kwenkathi nokuza kweNkosi emhlabeni wemvelo. Ukuthi kufanekiswa ukuphela kwenkathi ngalamazwi kusobala ngencazelo yasosonke lesiSahluko, njengoba lokhu kungabonwa kwizanduleliso zikaGenesis ezingaphambi kwalesi esiphezu kwaso. Okungukuthi, kungabonwa encazelweni esezinombolweni 3353-3356; 3486-3489; 3650-3655; 3751-3757; 3897-3901; 4056-4060; 4229-4231; 4332-4335, okuyizanduleliso zeZahluko 26-33.

[2] Nokulandelana komcabango oqukethwe kulamazwi evangeli kuphawuliwe kulezizinombolo, okuwukulandela okumi kanje: Ngenkathi iSonto loBukhrestu elasungulwa yiNkosi ngemuva kokufika kwaYo emhlabeni wemvelo seliqala ukweduka, okungukuthi, seliphambuka noma selihlehla ekulungeni,

(i). Abantu balo baqala ukulahlekelwa wulwazi lokuthi ukulunga noma iqiniso kuyini, kepha bephikisana ngakho.

(ii). Baqala futhi nokubukela phansi ukulunga neqiniso.

(iii). Ngemuva kwalokho babengasakuvumi ukulunga neqiniso ezinhlizi yweni zabo.

(iv). Ngemuva kwalokho baqala ukuhlanekezela noma ukuphendukezela ukulunga neqiniso.

(v). Nangenxa yokuthi iqiniso lenkolo nokulunga kwesisa senhliziyo kwakuzosala kwabanye babo ababizwa nga “bakhethiweyo”, kuchazwake isimo senkolo ngaleyonkathi yokweduka kweSonto loBukhrestu.

(vi). Ngemva kwalokho kuchazwa isimo sesisa senhliziyo ngaleyonkathi.

(vii). Okokugcina kuchazwa ukuqala kweSonto elisha elelama iSonto loBukhrestu.

(viii). Kuphethwa ngokwenekwa kwesimo sokulunga neqiniso eSontweni elidala loBukhrestu eselichithiwe kwasungulwa elisha. Ngokusukela kulokhu kulandelana komcabango kungabonakala ukuthi kugudliswani ezahlukwaneni zokugcina zikaMathewu 24, okungukuthi, kungamazwi okugqugquzela abantu beSonto ukuba bangasuki ekulungeni kwenkolo ngoba uma besuka bayobhubha.

  
/ 10837