From Swedenborg's Works

 

Izimfihlakalo Zezulu #0

Study this Passage

/ 10837  
  

IZIMFIHLO ZASEZULWINI EZIQUKETHWE EZIBHALWENI EZINGCWELE NOMA EZWINI LENKOSI ZISONJULULIWE KUQALWA ENCWADINI KAGENESIS KANYE NEZINTO EZIMANGALISAYO EZIBONWE EMHLABENI WEMIMOYA NASEZULWINI LEZINGELOSI

KULOTSHWE WU EMANUEL SWEDENBORG

KWAHUNYUSHWA KUSUSWA ESINGISINI KUYISWA ESIZULWINI UMQINGO WOKUQALA

IHUNYUSHWE NGU wuZAMOKUHLE T. ZUNGU

---

Arcana Coelestia: The Heavenly Arcana contained in the Holy Scripture or Word of the Lord unfolded in the Book of Genesis together with wonderful things seen in the World of Spirits and in the Heaven of Angels

By Emanuel Swedenborg

Translated into Zulu by Zamokuhle T. Zungu

---

UHLU LOMLOBI LWEZIHLOKO EZIQUKETHWE EMQINGWENI WOKUQALA.

IziMfihlo zeZulu ezisonjululwe eziBhalweni eziNgcwele noma eZwini leNkosi zikwiNcazelo, eyiNgqondo engaPhakathi yeZwi. Ukuthi lengqondo inhloboni kungabonwa kulezozinto ezikhonjiswe malungana nayo ngokusukela eLwazini lokuzazela mathupha ezinombolweni 1767-1777, 1869-1879; nasemongweni noma engqikithini yenkulumo (ezinombolweni 1-5, 64-66, 167, 605, 920, 937, 1143, 1224, 1404, 1405, 1408, 1409, 1502 ekugcineni, 1540, 1659, 1756, 1783, 1807).

IZinto eziMangalisayo ezibonwe eMhlabeni weMimoya naseZulwini leziNgelosi, kuqalwe ngazo futhi zajotshelelwa ezahlukweni ezimbalwa. Kulomqingo kukhona lezizihloko ezilandelayo:

Mayelana nokuVuswa komuntu kwabafileyo, nokungena kwakhe ekuphileni okuphakade (n. 168-181).

Isiqhubezo mayelana nokungena komuntu ekuphileni okuphakade (n. 182-189; naku 314-319).

Ukuthi ngaleyonkathi impilo yoMphefumulo noma yoMumoya injani (320-323).

Ezinye izibonelo zemicabanga yeMimoya yokuthi yayicabangani ngoMphefumulo noma ngoMumoya ngenkathi isesemzimbeni wemvelo (n. 443-448).

Mayelana neZulu kanye neNjabulo yaseZulwini (n. 449-459; 537-546; 547-553).

Mayelana namaBandla abumba noma enza iZulu (n. 684-691).

Mayelana nesiHogo (n. 692-700).

Mayelana neziHogo zalabo abebebuswa yiNzondo, ukuPhindisa, noluNyae ezimpilweni zabo zemvelo (n. 814-823).

Mayelana neziHogo zalabo abebebuswa wukuPhinga neSigweba; mayelana futhi neziHogo zabaKhohlisi nezabaThakathikazi (n. 824-831).

Mayelana neziHogo zabaHahayo; namayelana neJerusalema eliNgcolile, nabaPhangi eHlane; namayelana nothuvi obugcwele eziHogweni zalabo abebecwile ezinjabulweni zomzimba noma zezinzwa besaphila emhlabeni wemvelo (n. 938-946).

Mayelana nezinye iziHogo ezehlukile kulezi esezibalwe ngenhla (n. 947-970).

Mayelana neziNcithakalo (n. 1106-1113).

UHlu lomlobi lwezihloko eziqukethwe emqingweni wesikhombisa.

IziMfihlakalo zezulu ezisonjululwe ezibhalweni eziNgcwele noma ezwini leNkosi ziqukethwe ezincazelweni, eyingqondo engaphakathi yezwi. Izanduleliso ezendulela izahluko ezimbalwa ziyincazelo yalokhu okulandelayo: Ziyincazelo eyingqondo engaphakathi yamazwi eNkosi akuMathewu 25:34-36 (ezinombolweni 4954-4959).

Ziyisiqhubezo mayelana nokuqhamisana komuntu noMuntu oMkhulu: ukuqhamisana kwamanyonga nezitho ezixhumene nawo (ezinombolweni 5050-5062).

Ziyincazelo eyingqondo engaphakathi yamazwi eNkosi akuMathewu 25:37-46 (ezinombolweni 5063-5071).

Ziyisiqhubezo mayelana nokuqhamisana komuntu nomuntu omkhulu: ukuqhamisana kwezitho zomuntu zangaphakathi nezitho zomuntu omkhulu zangaphakathi (ezinombolweni 5171-5190).

Ziyisiqhubezo mayelana nokuqhamisana komuntu nomuntu omkhulu (ezinombolweni 5377-5396).

Ziyisiqhubezo mayelana nokuqhamisana komuntu nomuntu omkhulu: ukuqhamisana kwesikhumba, izinwele, namathambo (ezinombolweni 5552-5573).

Ziyisiqhubezo mayelana nokuqhamisana: ukuqhamisana kwezifo nomhlaba kamoya (ezinombolweni 5711-5727).

UHLU LOMLOBI LWEZIHLOKO EZIQUKETHWE KULOMQINGO.

Kuqukethwe izimfihlakalo zezulu ezethulwe ngencazelo yengqondo enga pha-kathi yeZibhalo ezingcwele noma yeZwi.

Okujotshelelwe ekugcineni kwezinye iZahluko kumayelana nezingelosi ka nye nemimoya okuhanqa umuntu (bheka izinombolo 5846-5866).

Isiqhubezo mayelana nezingelosi kanye nemimoya okuhanqe umuntu (bheka izinombolo 5976-5993).

Kujotshelelwe okumayelana nomngenela nobudlelwane bomphefumulo emzimbeni wemvelo (bheka izinombolo 6053-6058).

Isiqhubezo mayelana nomngenela nobudlelwane bomphefumulo emzimbeni wemvelo (6189-6215).

Isiqhubezo mayelana nomngenela nobudlelwane bomphefumulo emzimbeni wemvelo (6307-6327).

Isiqhubezo mayelana nomngenela nobudlelwane bomphefumulo emzimbeni wemvelo (bheka izinombolo 6466-6496).

Isiqhubezo mayelana nomngenela nobudlelwane bomphefumulo emzimbeni wemvelo (bheka izinombolo 6598-6626).

Okunye okulotshiwe (bheka amakhasi 503, 504).

/ 10837  
  

From Swedenborg's Works

 

Izimfihlakalo Zezulu #1502

Study this Passage

  
/ 10837  
  

1502. Ngokusukela kulemiziyo sekusobala manje ukuthi ngokungenisa noma ngokugogobala kukaAbrama eGibhithe kakulinganiswa futhi kakufanekiswa lutho olunye ngaphandle kweNkosi, ikakhulu ukufundiswa kwaYo ngenkathi iseyingane noma isengumfana. Lokhu kuqiniswa nangokushiwo kuHoseya, ukuthi:

Ngayibiza indodana yaMi ukuba iphume eGibhithe (Hoseya 11:1; Mathewu 2:15).

Kuqiniswa futhi nangokushiwo nguMose, encwadini yakhe uEksodusi, ukuthi:

Ukuhlala kwabantwana bakwaIsrayeli abakuhlalayo eGibhithe kwakuyiminyaka engamakhulu amane namashumi amathathu. Kwathi ekupheleni kweminyaka engamakhulu amane namashumi amathathu, kwathi ngalo lolosuku, amabandla kaJehova aphuma ezweni laseGibhithe (Eksodusi 12:40, 41).

Leyominyaka engamakhulu amane namashumi amathathu ayikalwanga kusukela ekungeneni kukaJakobe eGibhithe, kodwa yakalwa kusukela ekungeniseni noma ekugogobaleni kukaAbrama eGibhithe. Ngakho-ke nge “ndodana yaMi eGibhithe” kuHoseya 11:1 kufanekiswa iNkosi ngengqondo engaphakathi. Lokhu kuqiniswa futhi nawukuthi nge “Gibhithe” eZwini kakufanekiswa lutho olunye ngaphandle kolwazi, njengoba kukhonjisiwe ezinombolweni 1164, 1165, 1462.

[2] Ukuthi kuqukethwe lezizimfihlakalo kulamazwi kungabasobala futhi nangokuthi kushiwo okufanayo ngoAbrama ngenkathi egogobele eFilistiya, okungukuthi, wabiza umkakhe ngodadewabo (Genesise 20:1-18), nangokushiwo ngoIsaka, okwathi ngenkathi egogobele eFilistiya wabiza umkakhe ngodadewabo (Genesise 26:6-13). Lokhukubizwa kwabafazi ngodade kwakungeke kulotshwe noma kubikwe eZwini, nezimo zakho ezifanayo, ukuba kwakungacashe mfihlakalo kukho. Okunye, leli yiZwi leNkosi elingeke libe nempilo kulo ngaphandle kokumumatha ingqondo engaphakathi emalungana neNkosi uqobo.

[3] Izimfihlakalo ezicashe emazwini alengxenye yeZwi, nasemazwini amalungana noAbrama kanye noIsaka beseFilistiya, zimayelana nendlela okwahlanganiswa ngayo iNgqikithi yoBuntu beNkosi eNgqikithini yoBunkulunkulu baYo, noma okuyinto efanayo, zimayelana nokuthi iNkosi yaphenduka kanjani yaba wuJehova nangeNgqikithi yaYo yoBuntu. Zimayelana futhi nokuthi ukwethwasiswa noma ukufundiswa kweNkosi, okuyisihloko salesiSahluko, kwaqala ebunganeni baYo. Nangaphezu kwakhokonke lokhu, kulamazwi kucashe izimfihlakalo eziningi kangangoba umuntu angekukholwe ubuningi bazo, nalezo ezibaliwe ziyingcosana kangangoba kufana nokuthi kazikho. Nangaphezu kwezimfihlakalo ezijule kakhulu ezimalungana neNkosi lamazwi amumethe izimfihlakalo ezimalungana nokufundiswa kanye nokuzalwa kabusha komuntu ukuze abe ngowezulu lamazulu, nokufundiswa nokuzalwa kabusha komuntu ukuze abe ngokamoya; zimalungana hhayi nomuntu ngamunye kuphela kodwa futhi zimalungana neSonto kabanzi. Kulamazwi kucashe futhi imfihlakalo emalungana nokufundiswa kwezingane ezulwini. Ngamafuphi iphathelene nokwenzeka kubobonke abantu abagcina beyizithombe nofuzo lweNkosi. Lezizimfihlakalo kazibonakali nakancane engqondweni engaphandle noma yemvelo yeZwi, ngenxa yokuthi zimbozwa futhi zifiphazwe yimininingwane yomlando; kepha zibonakala ngokuchachile engqondweni engaphakathi.

  
/ 10837  
  

From Swedenborg's Works

 

Izimfihlakalo Zezulu #1885

Study this Passage

  
/ 10837  
  

1885. Nokho lezizinhlobo zezibonakalo kazijwayelekile, futhi ngakhonjiswa zona ngenhloso kuphela yokuba ngibe nolwazi lwazo. Kodwa izinto engijwayele ukuzi “bona” [njengoba zigagulwe esihlokweni salomsebenzi] yizozonke lezo, ngomusa weNkosi woBunkulunkulu, ongazibona eMqingweni wokuQala ngaphambi nangemuva kwaleso nalesoSahluko sawo. Nokho-ke lezozinto kakuzona ezezibonakalo kodwa yizinto engazibona ngesikhathi umzimba wami uphapheme ngokugcwele, okuyinto esiyenzeke iminyaka eminingi.

ISANDULELO.

[Yileso nalesoSahluko soMqingo wesiBili olimini lwesiLatini (iZahluko 16-21) zashicilelwa ngezikhathi ezahlukene. Ngakhoke lesiSandulelo singathathwa njengengxenye yangaphambi kweSahluko 16 Esinye iSandulelo singaphambi kweSahluko 18]

UMqingo wokuqala ubuyincazelo yeZahluko eziyishumi nanhlanu ka –Genesis, ukhomba okumumethwe engqondweni engaphakathi yalezoZahluko. Okwengezwe kuleyoncazelo yizinto engavunyelwa ukuzibona nokuzizwa emhlabeni wemimoya nasezulwini lezingelosi ngomusa weNkosi woBunkulukulu. Manje kuzolandela uMqingo wesiBili okuzokwengezwa kuwo ngezinto engazibona futhi ngazizwa kuleso nalesoSahluko. Lokho okuzokwengezwa kulesiSahluko 16 kumalungana ne “Zibonakalo naMaphupho” kanye nezibonakalo namaphupho okubikezelayo okuchazwe eZwini. Ngiyazi ukuthi bayingcosane abantu abazokholwa ukuthi kukhona umuntu ongabona izinto ezisempilweni engemuva kokufa kanjalo akwazi ukubika ngesimo semiphefumulo ngemuva kokufa; ngokuba bayingcosane abantu abakholwa ukuthi abantu bayavuka ngemuva kokufa, empeleni bayingcosane abafundile abakholwa ukuthi abantu bayavuka kuneminguphane. Kuyiqiniso ukuthi bakhuluma ngakho ngezindebe zomlomo, ngoba imfundiso yenkolo ibafundisa bayovuka ngemuva kokufa; nokho bayakuphika lokho ezinhliziyweni zabo.

[2] Empeleni abanye bakubeka ngembaba ukuthi bona ngeke bakholwe ukuthi umutu uyavuka ngemuva kokufa kuze kubekhona umuntu ovukayo, bambone, bamuzwe ekhuluma, futhi bamthinte. Kodwa uma lokhu kungenzeka kungamele kwenzeke kubobonke abantu, okungukuthi, kungamele bonke babone, bezwe, futhi bathinte umuntu ovukileyo—yize empeleni engekho umuntu ophika ukuvuka enhliziyweni yakhe ongagotshezelwa yilokho, kodwa esikhundleni sokugotshezelwa kungangena kuye inkani yokukuphikisa nalokho eqinisa ufudu lwakhe lokuphika. Abanye nokho bathi ngempela bayovuka kodwa bayovuka ngoSuku lokwaHlulelwa, okuwusuku asebegabadele malungana nalo umqondo wokuthi ngalo kuyobhubha noma kuyoshabalala zonke izinto ezisemkhathini. Nokho ngoba abantu sebalulindela lolusuku amakhulu ngamakhulu eminyaka, nabo sebeyangabaza. Ukuthi kushiwoni noma kufanekiswani ngolwaHlulelo lokuGcina okukhulunywa ngalo eZwini kuzochazwa ekugcineni kweSahluko 17 ngezansi, ngomusa weNkosi woBunkulunkulu.

[3] Ngalokhu kuyabonakala ukuthi abantu abangamakholwa emazweni oBukhrestu anjani noma acabangani namuhla. AbaSadusi abaphathwa kuMathewu 22:23 nasezahlukwaneni ezilandelayo babekuphika baze balale phansi ukuvuka komuntu, nokho babengcono kunaMakhrestu anamuhla athi awakuphiki ukuvuka, ngenxa yemfundiso yenkolo yawo, njengoba sekuphawuliwe, kodwa ebe ekuphika ezinhliziyweni zawo, okuyinto eyenza ukuba amazwi abo aphambane nenkolo yabo, nenkolo yabo iphambane namazwi abo. Nokho ukuze kugwemeke ukuzigxilisa kwabo kulomqondo ongamanga, ngivunyeliwe ngomusa weNkosi woBunkulunkulu, ngisesemzimbeni wemvelo emhlabeni, ukuba ngibe semumoyeni wasempilweni yangemuva kokufa—ngokuba umuntu ungumumoya ogqokiswe umzimba wenyama noma wemvelo. Ngikuleyompilo ngivunyeliwe ukukhuluma nemiphefumulo esanda kuvuka ekufeni. Empeleni ngivunyeliwe ukukhuluma cishe nabobonke abantu ebengibazi bengakafi, nokukhuluma zonke izinsuku nemimoya nezingelosi, okuyinto eyenzeke manje iminyaka eminingi, nokuba ngibone izinto ezimangalisayo kulowomhlaba ezingakaze zibonwe noma zicatshangwe ngumuntu. Nakhokonke obekwenzeka khona bekungewona amalutha.

[4] Njengoba bebaningi kakhulu kangaka abantu abathi bayokholwa ukuthi kuyavukwa ngemuva kokufa lapho kukhona umuntu oyovuka maqede ababikele ngempilo engemuva kokufa, kusazobonakala noma bazokholwa yize benezinhliziyo ezilukhuni. Kepha nakhu engingakusho kugcwale umlomo, ukuthi aMakhrestu angena empilweni engemuva kokufa yiwona amabi ngaphezu kwabobonke abanye abantu ngokuzonda umakhelwane, ngokuzonda inkolo, nangokuphika iNkosi—ngokuba kuleyompilo okusenhliziyweni kuyaziveza noma kuyazimemezela, hhayi okusezindebeni zomlomo. Futhi aMakhrestu yiwona aphinga kakhulu kunabobonke abanye. Nangoba iSonto ngalokho seliqala ukushabalala kulabo abakulo, kusobala ukuthi selisenkathini yalo yokugcina, njengoba lokhu ngivunyeliwe ukukwazi. Malungana nengqondo engaphakathi yeZwi—ukuthi iyini nokuthi injani—ngiyakunxusa ukuba ubheke okuphawuliwe kwakhonjiswa emQingweni wokuQala, ezinombolweni 1-5, 64-66, 167, 605, 920, 937, 1143, 1224, 1404, 1405, 1408, 1409, 1502 (ekugcineni), 1540, 1659, 1756, ikakhulu ku 1767-1777 naku 1869-1879, naku 1783, 1807; kulomQingo ezinombolweni 1886-1889.

  
/ 10837