From Swedenborg's Works

 

Izimfihlakalo Zezulu #0

Study this Passage

/ 10837  
  

IZIMFIHLO ZASEZULWINI EZIQUKETHWE EZIBHALWENI EZINGCWELE NOMA EZWINI LENKOSI ZISONJULULIWE KUQALWA ENCWADINI KAGENESIS KANYE NEZINTO EZIMANGALISAYO EZIBONWE EMHLABENI WEMIMOYA NASEZULWINI LEZINGELOSI

KULOTSHWE WU EMANUEL SWEDENBORG

KWAHUNYUSHWA KUSUSWA ESINGISINI KUYISWA ESIZULWINI UMQINGO WOKUQALA

IHUNYUSHWE NGU wuZAMOKUHLE T. ZUNGU

---

Arcana Coelestia: The Heavenly Arcana contained in the Holy Scripture or Word of the Lord unfolded in the Book of Genesis together with wonderful things seen in the World of Spirits and in the Heaven of Angels

By Emanuel Swedenborg

Translated into Zulu by Zamokuhle T. Zungu

---

UHLU LOMLOBI LWEZIHLOKO EZIQUKETHWE EMQINGWENI WOKUQALA.

IziMfihlo zeZulu ezisonjululwe eziBhalweni eziNgcwele noma eZwini leNkosi zikwiNcazelo, eyiNgqondo engaPhakathi yeZwi. Ukuthi lengqondo inhloboni kungabonwa kulezozinto ezikhonjiswe malungana nayo ngokusukela eLwazini lokuzazela mathupha ezinombolweni 1767-1777, 1869-1879; nasemongweni noma engqikithini yenkulumo (ezinombolweni 1-5, 64-66, 167, 605, 920, 937, 1143, 1224, 1404, 1405, 1408, 1409, 1502 ekugcineni, 1540, 1659, 1756, 1783, 1807).

IZinto eziMangalisayo ezibonwe eMhlabeni weMimoya naseZulwini leziNgelosi, kuqalwe ngazo futhi zajotshelelwa ezahlukweni ezimbalwa. Kulomqingo kukhona lezizihloko ezilandelayo:

Mayelana nokuVuswa komuntu kwabafileyo, nokungena kwakhe ekuphileni okuphakade (n. 168-181).

Isiqhubezo mayelana nokungena komuntu ekuphileni okuphakade (n. 182-189; naku 314-319).

Ukuthi ngaleyonkathi impilo yoMphefumulo noma yoMumoya injani (320-323).

Ezinye izibonelo zemicabanga yeMimoya yokuthi yayicabangani ngoMphefumulo noma ngoMumoya ngenkathi isesemzimbeni wemvelo (n. 443-448).

Mayelana neZulu kanye neNjabulo yaseZulwini (n. 449-459; 537-546; 547-553).

Mayelana namaBandla abumba noma enza iZulu (n. 684-691).

Mayelana nesiHogo (n. 692-700).

Mayelana neziHogo zalabo abebebuswa yiNzondo, ukuPhindisa, noluNyae ezimpilweni zabo zemvelo (n. 814-823).

Mayelana neziHogo zalabo abebebuswa wukuPhinga neSigweba; mayelana futhi neziHogo zabaKhohlisi nezabaThakathikazi (n. 824-831).

Mayelana neziHogo zabaHahayo; namayelana neJerusalema eliNgcolile, nabaPhangi eHlane; namayelana nothuvi obugcwele eziHogweni zalabo abebecwile ezinjabulweni zomzimba noma zezinzwa besaphila emhlabeni wemvelo (n. 938-946).

Mayelana nezinye iziHogo ezehlukile kulezi esezibalwe ngenhla (n. 947-970).

Mayelana neziNcithakalo (n. 1106-1113).

UHlu lomlobi lwezihloko eziqukethwe emqingweni wesikhombisa.

IziMfihlakalo zezulu ezisonjululwe ezibhalweni eziNgcwele noma ezwini leNkosi ziqukethwe ezincazelweni, eyingqondo engaphakathi yezwi. Izanduleliso ezendulela izahluko ezimbalwa ziyincazelo yalokhu okulandelayo: Ziyincazelo eyingqondo engaphakathi yamazwi eNkosi akuMathewu 25:34-36 (ezinombolweni 4954-4959).

Ziyisiqhubezo mayelana nokuqhamisana komuntu noMuntu oMkhulu: ukuqhamisana kwamanyonga nezitho ezixhumene nawo (ezinombolweni 5050-5062).

Ziyincazelo eyingqondo engaphakathi yamazwi eNkosi akuMathewu 25:37-46 (ezinombolweni 5063-5071).

Ziyisiqhubezo mayelana nokuqhamisana komuntu nomuntu omkhulu: ukuqhamisana kwezitho zomuntu zangaphakathi nezitho zomuntu omkhulu zangaphakathi (ezinombolweni 5171-5190).

Ziyisiqhubezo mayelana nokuqhamisana komuntu nomuntu omkhulu (ezinombolweni 5377-5396).

Ziyisiqhubezo mayelana nokuqhamisana komuntu nomuntu omkhulu: ukuqhamisana kwesikhumba, izinwele, namathambo (ezinombolweni 5552-5573).

Ziyisiqhubezo mayelana nokuqhamisana: ukuqhamisana kwezifo nomhlaba kamoya (ezinombolweni 5711-5727).

UHLU LOMLOBI LWEZIHLOKO EZIQUKETHWE KULOMQINGO.

Kuqukethwe izimfihlakalo zezulu ezethulwe ngencazelo yengqondo enga pha-kathi yeZibhalo ezingcwele noma yeZwi.

Okujotshelelwe ekugcineni kwezinye iZahluko kumayelana nezingelosi ka nye nemimoya okuhanqa umuntu (bheka izinombolo 5846-5866).

Isiqhubezo mayelana nezingelosi kanye nemimoya okuhanqe umuntu (bheka izinombolo 5976-5993).

Kujotshelelwe okumayelana nomngenela nobudlelwane bomphefumulo emzimbeni wemvelo (bheka izinombolo 6053-6058).

Isiqhubezo mayelana nomngenela nobudlelwane bomphefumulo emzimbeni wemvelo (6189-6215).

Isiqhubezo mayelana nomngenela nobudlelwane bomphefumulo emzimbeni wemvelo (6307-6327).

Isiqhubezo mayelana nomngenela nobudlelwane bomphefumulo emzimbeni wemvelo (bheka izinombolo 6466-6496).

Isiqhubezo mayelana nomngenela nobudlelwane bomphefumulo emzimbeni wemvelo (bheka izinombolo 6598-6626).

Okunye okulotshiwe (bheka amakhasi 503, 504).

/ 10837  
  

From Swedenborg's Works

 

Izimfihlakalo Zezulu #1409

Study this Passage

  
/ 10837  
  

1409. Ukuthi izenzeko zomlando njengoba zichaziwe ziyafanekisa, kodwa onke amagama achazayo amamuthe incazelo kamoya kubasobala ngosekuphawuliwe kwabuye kwakhonjiswa malungana nezifanekiso nangezinto ezimumethe incazelo kamoya ezinombolweni 665, 920, 1361 Kodwa njengoba izifanekiso ziqala lapha, ilungile enye incazelo efuphi ngalokhu. ISonto laseMandulondulo, elaliyiSonto lezulu lamazulu, lalithatha zonke izinto zemvelo, zomhlaba, nezomzimba, okwakuvele kuyizinto ezazaziwa ngesu lezinzwa zabantu balo, njengezinto ezingelutho olunye ngaphandle kwezinto ezifileyo. Kodwa ngesizathu sokuthi zonke izinto emhlabeni ziveza umqondo othile wombuso weNkosi, nakanjalo ziveza umqondo othile wezinto zezulu lamazulu nezezulu likamoya, ngakhoke abantu baleloSonto babengacabangi ngalezozinto ababezibona phambi kwabo noma bezazi ngesu lezinzwa, kepha babecabanga ngezinto zezulu lamazulu nangezinto zezulu likamoya. Empeleni babengacabangi ngokusukela kulezozinto kepha babecabanga ngesu lazo. Ngalendlela izinto ezazifile kubo zazivuka ziphile.

[2] Lezozinto ezazigodle noma zimumethe incazelo kamoya zaziqoqwe yizizukulwane zabantu baleloSonto ezindebeni zabo mathupha, maqede izizukulwane zaguqula lezozinto zaba yizimfundiso ezaba yiZwi leSonto laseMandulo ngemuva kukaZamcolo. Lezizimfundiso eSontweni laseMandulo kwakuyizinto ezimumethe incazelo kamoya, ngokuba ngazo bafunda izinto zangaphakathi, nangokusukela kuzo babecabanga ngezinto zikamoya nangezinto zezulu lamazulu. Kepha lapho lezizimfundiso seziqala ukushabalala, nalapho abantu beSonto laseMandulo bengasazazi izinto zangaphakathi ezifundiswayo, baqala ukuthatha zona lezizinto zemvelo nezomhlaba ezinencazelo kamoya njengezinto ezingcwele, bazikhonza, bengasenawo nomncane umcabango wokuthi ziyafanekisa, lezozinto zemvelo nomhlaba zaqala ukuba yizifanekiso. Ngalokhu kwavumbuka iSonto elifanekisayo elaqala ngoAbrama nangemuva kwakhe lasungulwa ezizukulwaneni zikaJakobe. Ngokusukela kulokhu, makwaziwe ukuthi izifanekiso zasuka zavumbuka ezintweni ezazimumethe incazelo kamoya eSontweni laseMandulo, nokuthi lezozinto ezazimumethe incazelo kamoya zazisuka emiqondweni yezulu lamazulu yeSonto laseMandulondulo.

[3] Ukuthi izifanekiso zinjani kubasobala ngezingxenye zeZwi eziwumlando, lapho zonke izenzo zalabokhokho, okungukuthi, izenzo zikaAbrama, zikaIsaka, nezikaJakobe, nakamuva zikaMose, zabAhluleli, nezamakhosi akwaJuda nawakwaIsrayeli, zingelutho olunye ngaphandle kwezifanekiso. Nanjengoba sekuke kwaphawulwa ngenhla, eZwini ngo “Abrama” kufanekiswa iNkosi, nangoba ufanekisa iNkosi, ngakho-ke ufanekisa umuntu wezulu lamazulu. No “Isaka” ufanekisa iNkosi, nangalokho ufanekisa umuntu kamoya, kanti no “Jakobe” ufanekisa iNkosi, nangalokho ufanekisa umuntu wemvelo ohambisana noma ofanelene nomuntu kamoya.

[4] Kodwa ubunjalo bezifanekiso buwukuba isimilo somuntu ofanekisayo singakhankanywa noma singabhekwa, kubhekwe kuphela lokho akufanekisayo. Ngokuba onke amakhosi akwaJuda nakwaIsrayeli, noma ngabe isimilo sawo sasinjani, ayefanekisa uBukhosi beNkosi, nabobonke abaphristi, noma ngabe babenhloboni yabantu, babefanekisa uBuphristi baYo. Kanjalo abantu ababi nabantu abalungileyo babekwazi ukufanekisa iNkosi, nezinto zezulu lamazulu nezezulu likamoya zombuso waYo, ngokuba, njengoba sekuphawuliwe kwabuye kwakhonjiswa, izifanekiso zazingahlanganise lutho noma zahluke geqe kumuntu ofanekisayo. Ngakho-ke yonke imilando eseZwini iyafanekisa, nanjengoba lokhu kuyiqiniso, kuyalandela ukuthi amagama aseZwini ayaqhamisa noma amumethe incazelo kamoya, okungukuthi, asho okwahlukile engqondweni engaphakathi kokushiwo engqondweni yemvelo noma engaphandle.

  
/ 10837  
  

From Swedenborg's Works

 

Izimfihlakalo Zezulu #920

Study this Passage

  
/ 10837  
  

920. Kilesisahlukwana kuchazwa inkonzo kabanzi yabantu beSonto laseMandulo, okungukuthi, ichazwa nge “althari nomnikelo walo wokushiswa”, okwakuyizici ezisemqoka zenkonzo efanekisayo. Nokho kumele kuqalwe ngokudalula ukuthi inkonzo yabantu beSonto laseMandulondulo yayinjani, nokuthi yasukela kanjani inkonzo yokukhonza iNkosi ngesu lemifanekiso enkonzweni yeSonto laseMandulundulo. Kumuntu weSonto laseMandulondulo yayingekho enye inkonzo ngaphandle kwenkonzo engaphakathi efana neyasezulwini, ngokuba abantu baleloSonto babesondelene noma bexhumene nezulu kangangoba babentonye nalo. Lokho kuxhumana kwabe kungubona noma ukuqonda okufana nokwasezulwini osekukhulunyiwe kaningana ngakho ngenhla. Ngakhoke ekubeni labobantu babengahlukene nezingelosi, babengabantu bangaphakathi. Imbala babezizwa futhi beziqon-da ngezinzwa zomzimba izinto zangaphandle zomzimba nezemhlaba wemvelo, kodwa babengazinaki. Kuzozonke izinto ababeziqonda ngesu lezinzwa zabo zomzimba babeqonda okoBunkulunkulu nokwezulu. Njengesibonelo sokuthi lapho bebona intaba ephakeme babengabi nomqondo wentaba kepha babebanomqondo wokuphakama, nangesu lalomqondo ngentaba ephakeme babeqonda izulu neNkosi. Yingakho kwaze kwathiwa iNkosi “ihlala ekuphakameni okuphakeme kakhulu”, yabizwa nango “Phakeme noPhezulu kakhulu”, nokuba kamuva iNkosi ikhonzelwe ezintabeni. Babeqonda kanjalo ngakhokonke ababekubona ngamehlo. Esinye isibonelo salokhu wukuthi lapho bekhangela ukusa babengaqondi ukusa kosuku kodwa babeqonda isenzeko sasezulwini esifana nokusa kanye nokusanguluka kwemiqondo yabantu. Kungenxa yalokhu ukuba iNkosi yayibizwa ngoKusa, ngeMpumalanga nangeNtathakusa. Nalapho bebona umuthi, izithelo zawo, namaqabunga awo babengazinaki lezizinto kodwa ngazo babebona umfanekiso womuntu. Ngesithelo babebona uthando nesisa senhliziyo, nangamaqabunga babebona inkolo. Kungalesisizathu ukuba umuntu weSonto wayengafaniswa nomuthi nanepharadisi, nokukuye kufaniswa nezithelo namaqabunga njekuphela, kodwa futhi wayebizwa ngomuthi.

[2] Sinjalo isimilo sabantu abagunywa yimiqondo yasezulwini yezingelosi. Bonke abantu bangaba nolwazi lokuthi umqondo kabanzi ubusa yonke imininingwane eyizingxenye zawo. Kunjalo nangazonke izinto ezizwiwa nezaziwa ngezinzwa zomzimba, kanye nalezo ezibonwayo nezizwiwa ngezindlebe. Imbala umuntu kazinaki lezozinto, ngaphandle kuphela kangangebanga zingena emqondwe ni kabanzi womuntu. Ake sibheke isibonelo somuntu onesimilo sokuhlala eneme ; konke lowomuntu akuzwayo nakubonayo kuba sengathi kuyamthokozisa futhi kuyamhlekisa. Kepha konke okuzwiwa nokubonwa wumuntu ohlala edabukile noma elusizi kuba sengathi kumbangela usizi futhi kuyamdabukisa. Kwenzeka kanjalo nakwezinye izinhlobo zezimilo, ngokuba inkanuko yabo kabanzi ikuzozonke izingxenye eziyibumbile futhi yenza ukuba leyo naleyogxenye ibonwe futhi izwi we enkanukweni kabanzi. Ezinye izinto noma izici kaziveli nokuvela, kodwa kuba sengathi kazikho noma kazisho lutho. Kwakunjalo nakumuntu weSonto laseMandulondulo. Nomayini ayeyibona ngamehlo akhe yayinobuzulu noma yayimumethe okungokwasezuwini, ngakhoke konke ayekubona, kuye kwakuba sengathi kuyaphila.

[3] Konke lokhu kuchachisa ukuthi inkonzo eNgcwele yomuntu weSonto laseMandulondulo yayinjani, ukuthi kwakuyinkonzo yangaphakathi, ingeyona nakancane eyangaphandle. Kodwa lapho iSonto liya ngokuya libhubha ezizukulwaneni zalo, lokhokuqonda noma ukubona okwakuwumphumela wokuxhumana kwaleloSonto nezulu ngqo kwaya ngokuya kushabalala, kwaqala nesimo sezinto esisha. Ezintweni lezozizukulwane ezazizazi ngesu lezinzwa zomzimba, zazingasaboni lutho lwasezulwini njengoba kwakwenzeka kuqala, kodwa zasezibona okwasemhlabeni wemvelo kuphela. Nalapho beya ngokuya bebona okwasemhlabeni kuphela, nokubona kwabo okwasezulwini kwakuya ngokuya kushabalala. Ekugcineni, isizukulwane sokugcina esasiphila ngaphambi kukaZamcolo, sasingasaboni noma sasingasaqondi noluncane lwasezulwini ezintweni ezazisibona ngamehlo, kodwa sibona kuphela okomhlaba, okwezinzwa, nokwemvelo. Yilokhu okwaba nomphumela wokwahlukanisa uluntu nezulu, kwadala ukuba ukuxhumana kwezulu noluntu kungabibikho ngaphandle kokuxhumana ngendlela ejikeleza noma eqhele kakhulu. Kusukela lapho, ukuxhumana komuntu nomhlaba kamoya kwaguquka kwaba wukuxhumana nesihogo, nasesihogweni umuntu wathola umqondo wakhe kabanzi, okuphuma kuwo yonke imiqondo yezingxenye noma yemininingwane, njengoba kusanda kuphawulwa. Ngalenkathike, lapho umqondo wasezulwini uziveza kuye, wawungasho lutho. Ekugcineni lesosizukulwane esase sixhumene nesihogo sasingasafuni ngisho ukuvuma ukuthi kukhona okukamoya noma okwezulu lamazulu. Kanjalo isimo somuntu saguquka sagumbuqa.

[4] Ngenxa yokuthi iNkosi yayikwazi kungakenzeki ukuthi isimo somuntu siyogumbuqa ngalendlela, yahlinzeka ukulondolozwa kwemfundiso emalungana nenkolo ukuze abantu bazi ngesu layo ukuthi okwezulu lamazulu kuyini nokuthi okwezulu likamoya noma okukamoya kuyini. Leyomfundiso yayaqoqwe kumalungu eSonto laseMandulondulo ngabantu esesikhulumile ngabo ababizwa ngoKhayini nababizwa ngoEnokhi. Yingakho kuthiwa uKhayini wabekwa uphawu ukuze abambonayo bangambulali, kuthiwa futhi uEnokhi wathathwa wuNkulunkulu. Malungana nalababantu bobabili, ungabheka iSahluko 4:15, ezinombolweni 393, 394, nakwiSahluko 5:24. Leyomfundiso yayifundisa kuphela ngezinto eziyizimpawu, kanjalo ngezinto eziyinkinga. Okungukuthi, yayifundisa ngezinto zemvelo ezazifanekisa izinto zikamoya, njengezintaba, ezazifanekisa izinto zasezulwini neNkosi; ukusa nempumalanga, nakho okwakufanekisa izinto zasezulwini neNkosi; izinhlobonhlobo zemithi nezithelo zazo, ezazifanekisa umuntu nezinto zasezulwini ezikuyena; njalo. Lezizinto zabe ziyizihloko zaleyomfundiso, nezabe ziqoqelwe ndawonye zisuselwe ezimpawini ezifanekisayo zeSonto laseMandulondulo. Nendlela yokubhala kwabantu ababenaleyomfundiso yayifuze indlela okubhalwe ngayo leyomfundiso. Nanjengoba kuleyomifanekisa yemfundiso yabo babethanda, im-bala babebona, okoBunkulunkulu nokwezulu, nangenxa futhi yokuthi imfundiso kwakungeyasemandulondulo, baqala futhi bavunyelwa ukwenza imifanekiso yemfundiso isisekelo senkonzo yabo. Kwaqala kanjalo ikukhonzela kwabo ezintabeni, ezixhotsheni zemithi, phakathi kwemithi, nokumisa izinsika noma izithombe, kwalandela ukukhonza ealthari nokushisa umnikelo, okwagcina kuyizici ezimqoka kunazozonke kuyoyonke inkonzo yabo. Len-konzo yaqalwa yiSonto laseMandulo, yanda ezizukulwaneni zalo nasezizweni ezaziwomakhelwane, kanye nezinye izinto eziningi ezibuye zidalulwe kamuva ngomusa weNkosi woBunkulunkulu.

  
/ 10837