From Swedenborg's Works

 

Izimfihlakalo Zezulu #0

Study this Passage

/ 10837  
  

IZIMFIHLO ZASEZULWINI EZIQUKETHWE EZIBHALWENI EZINGCWELE NOMA EZWINI LENKOSI ZISONJULULIWE KUQALWA ENCWADINI KAGENESIS KANYE NEZINTO EZIMANGALISAYO EZIBONWE EMHLABENI WEMIMOYA NASEZULWINI LEZINGELOSI

KULOTSHWE WU EMANUEL SWEDENBORG

KWAHUNYUSHWA KUSUSWA ESINGISINI KUYISWA ESIZULWINI UMQINGO WOKUQALA

IHUNYUSHWE NGU wuZAMOKUHLE T. ZUNGU

---

Arcana Coelestia: The Heavenly Arcana contained in the Holy Scripture or Word of the Lord unfolded in the Book of Genesis together with wonderful things seen in the World of Spirits and in the Heaven of Angels

By Emanuel Swedenborg

Translated into Zulu by Zamokuhle T. Zungu

---

UHLU LOMLOBI LWEZIHLOKO EZIQUKETHWE EMQINGWENI WOKUQALA.

IziMfihlo zeZulu ezisonjululwe eziBhalweni eziNgcwele noma eZwini leNkosi zikwiNcazelo, eyiNgqondo engaPhakathi yeZwi. Ukuthi lengqondo inhloboni kungabonwa kulezozinto ezikhonjiswe malungana nayo ngokusukela eLwazini lokuzazela mathupha ezinombolweni 1767-1777, 1869-1879; nasemongweni noma engqikithini yenkulumo (ezinombolweni 1-5, 64-66, 167, 605, 920, 937, 1143, 1224, 1404, 1405, 1408, 1409, 1502 ekugcineni, 1540, 1659, 1756, 1783, 1807).

IZinto eziMangalisayo ezibonwe eMhlabeni weMimoya naseZulwini leziNgelosi, kuqalwe ngazo futhi zajotshelelwa ezahlukweni ezimbalwa. Kulomqingo kukhona lezizihloko ezilandelayo:

Mayelana nokuVuswa komuntu kwabafileyo, nokungena kwakhe ekuphileni okuphakade (n. 168-181).

Isiqhubezo mayelana nokungena komuntu ekuphileni okuphakade (n. 182-189; naku 314-319).

Ukuthi ngaleyonkathi impilo yoMphefumulo noma yoMumoya injani (320-323).

Ezinye izibonelo zemicabanga yeMimoya yokuthi yayicabangani ngoMphefumulo noma ngoMumoya ngenkathi isesemzimbeni wemvelo (n. 443-448).

Mayelana neZulu kanye neNjabulo yaseZulwini (n. 449-459; 537-546; 547-553).

Mayelana namaBandla abumba noma enza iZulu (n. 684-691).

Mayelana nesiHogo (n. 692-700).

Mayelana neziHogo zalabo abebebuswa yiNzondo, ukuPhindisa, noluNyae ezimpilweni zabo zemvelo (n. 814-823).

Mayelana neziHogo zalabo abebebuswa wukuPhinga neSigweba; mayelana futhi neziHogo zabaKhohlisi nezabaThakathikazi (n. 824-831).

Mayelana neziHogo zabaHahayo; namayelana neJerusalema eliNgcolile, nabaPhangi eHlane; namayelana nothuvi obugcwele eziHogweni zalabo abebecwile ezinjabulweni zomzimba noma zezinzwa besaphila emhlabeni wemvelo (n. 938-946).

Mayelana nezinye iziHogo ezehlukile kulezi esezibalwe ngenhla (n. 947-970).

Mayelana neziNcithakalo (n. 1106-1113).

UHlu lomlobi lwezihloko eziqukethwe emqingweni wesikhombisa.

IziMfihlakalo zezulu ezisonjululwe ezibhalweni eziNgcwele noma ezwini leNkosi ziqukethwe ezincazelweni, eyingqondo engaphakathi yezwi. Izanduleliso ezendulela izahluko ezimbalwa ziyincazelo yalokhu okulandelayo: Ziyincazelo eyingqondo engaphakathi yamazwi eNkosi akuMathewu 25:34-36 (ezinombolweni 4954-4959).

Ziyisiqhubezo mayelana nokuqhamisana komuntu noMuntu oMkhulu: ukuqhamisana kwamanyonga nezitho ezixhumene nawo (ezinombolweni 5050-5062).

Ziyincazelo eyingqondo engaphakathi yamazwi eNkosi akuMathewu 25:37-46 (ezinombolweni 5063-5071).

Ziyisiqhubezo mayelana nokuqhamisana komuntu nomuntu omkhulu: ukuqhamisana kwezitho zomuntu zangaphakathi nezitho zomuntu omkhulu zangaphakathi (ezinombolweni 5171-5190).

Ziyisiqhubezo mayelana nokuqhamisana komuntu nomuntu omkhulu (ezinombolweni 5377-5396).

Ziyisiqhubezo mayelana nokuqhamisana komuntu nomuntu omkhulu: ukuqhamisana kwesikhumba, izinwele, namathambo (ezinombolweni 5552-5573).

Ziyisiqhubezo mayelana nokuqhamisana: ukuqhamisana kwezifo nomhlaba kamoya (ezinombolweni 5711-5727).

UHLU LOMLOBI LWEZIHLOKO EZIQUKETHWE KULOMQINGO.

Kuqukethwe izimfihlakalo zezulu ezethulwe ngencazelo yengqondo enga pha-kathi yeZibhalo ezingcwele noma yeZwi.

Okujotshelelwe ekugcineni kwezinye iZahluko kumayelana nezingelosi ka nye nemimoya okuhanqa umuntu (bheka izinombolo 5846-5866).

Isiqhubezo mayelana nezingelosi kanye nemimoya okuhanqe umuntu (bheka izinombolo 5976-5993).

Kujotshelelwe okumayelana nomngenela nobudlelwane bomphefumulo emzimbeni wemvelo (bheka izinombolo 6053-6058).

Isiqhubezo mayelana nomngenela nobudlelwane bomphefumulo emzimbeni wemvelo (6189-6215).

Isiqhubezo mayelana nomngenela nobudlelwane bomphefumulo emzimbeni wemvelo (6307-6327).

Isiqhubezo mayelana nomngenela nobudlelwane bomphefumulo emzimbeni wemvelo (bheka izinombolo 6466-6496).

Isiqhubezo mayelana nomngenela nobudlelwane bomphefumulo emzimbeni wemvelo (bheka izinombolo 6598-6626).

Okunye okulotshiwe (bheka amakhasi 503, 504).

/ 10837  
  

From Swedenborg's Works

 

Izimfihlakalo Zezulu #1224

Study this Passage

  
/ 10837  
  

1224. Ngokusukela kulemiziyo kusobala ukuthi lamagama afanekisani engqondweni engaphakathi yeZwi, okungukufanekisa ukuthi iSonto laseMandulo, elaliyiSonto langaphakathi, laliphiwe inhlakanipho, inkalipho, ulwazi, nolwazi noma iziminya zeqiniso nezokulunga. Lezizinto ziqukethwe engqondweni engaphakathi yize zingabonakali engqondweni yemvelo ngaphandle kokuthi lababantu bayimisuka noma bangoyise bezizwe ezishiwo ngalawomagama, nokunomphumela wokuba kungabonakali lutho kuwo oluyimfundiso, kungasaphathwa ukubonakala kokukamoya nokwezulu lamazulu. Kunjalo nakubaPhrofethi lapho kwesinye isikhathi kuye kubekhona uhlu lwamagama afanekisa izinto zempela engqondweni engaphakathi, nalawomagama abekwe ngokulandelana ngendlela noma ngehlelo elikhangayo.

  
/ 10837  
  

From Swedenborg's Works

 

Izimfihlakalo Zezulu #2658

Study this Passage

  
/ 10837  
  

2658. Ngamazwi “ngokuba indodana yalesisigqilakazi kayiyukudla ifa kanye nendodana yami, noIsaka” kufanekiswa ukuthi ubuqotho bobuntu kabukwazi ukuba nempilo efana neyoBuqotho boBunkulunkulu uqobo, ngeqiniso nangokulunga. Lokhu kuchachiswa ngukufanekiswa kokuba ngumnini wempilo yomunye ngo “kudla ifa”, okuzokhulunywa ngakho khonamanje ngezansi; kuchachiswa futhi ngukufanekiswa kobuqotho bobuntu malungana neqiniso namalungana nokulunga nge “ndodana yesigqilakazi”, okukhulunywe ngakho enombolweni 2657; nangokufanekiswa koBuqotho boBunkulunkulu malungana neqiniso nge “ndodana yami uIsaka” obushiwo nge “ndodana”, namalungana nokulunga okushiwo ngo “Isaka”, okukhulunywe ngakho ezinombolweni 2623, 2630. Ukuthi uIsaka unguBuqotho boBunkulunkulu mayelana nokulunga kusobala ezahlukwaneni 6, 7 (ezinombolweni 2640, 2641, 2643) — ngokufanekiswa kwenkanuko yokukhanukela iqiniso, noma kokulunga okugobhoza kuphuma eqinisweni ngo “kuhleka” noma nge “nsini” uIsaka aqanjwa ngayo. Ngokusukela kulokhu kusobala ukuthi ngamazwi “indodana yalesisigqilakazi kayiyukudla ifa kanye nendodana yami, noIsaka” kushiwo ukuthi ubuqotho bobuntu kakuba nayo impilo efana neyoBuqotho boBunkulunkulu, namalungana neqiniso nokulunga. Ukungakwazi kobuqotho bobuntu ukuba nempilo efana neyoBuqotho boBunkulunkulu kuchachiswa ngumziyo noma ngumcabango owodwa wokuthi uNkulunkulu uyimpilo uqobo lwayo, ngakhoke ungumnini wempilo enguYe, kanti ubuqotho bobuntu buyisitho sokukhongozela impilo njekuphela nakanjalo kabunayo impilo ewuqobo lwabo.

[2] Ngenkathi uBuntu beNkosi sebungoboBunkulunkulu kwabungasesona isitho noma isikhongozelo sempilo; basebuyiMpilo uqobo lwayo, sebuyiMpilo kaJehovah uqobo lwaKhe. Ubuntu baYo babunaleMpilo kwasekuqaleni kokumithwa kwaYo ngokusukela kuJehovah, njengoba kusobala ngokuchachile emazwini aYo kuJohane lapho ithi: Njengalokhu uYise enokuphila ngokwaKhe, kanjalo uyiphile neNdodana ukuba ibe nokuphila ngokwaYo (Johane 5:26).

NguBuntu boBunkulunkulu lobu obubizwa nge “Ndodana”, (bheka izinombolo 1729, 2159, 2628). Kulo futhi lelivangeli kuthiwa: Ukuphila kwakukuYe, ukuphila kwakungukukhanya kwabantu (Johane 1:4).

Kulo futhi lelivangeli kubuye kuthiwe: UJesu wathi: Mina ngiyindlela, neqiniso, nokuphila (Johane 14:6).

Futhi:

UJesu wathi: Mina ngingukuvuka nokuphila; okholwa yiMi, noma efa, uyophila (Johane 11:25).

Futhi:

Isinkwa sikaNkulunkulu singuYe owehla ezulwini, opha umhlaba ukuphila (Johane 6:33).

Nokho umuntu kayona impilo kodwa uyisitsha noma isikhongozelo sayo (bheka inombolo 2021, nakwezinye izindawo ezahlukene). Ngokusukela kulokhu kungabasobala ukuthi ngenkathi iNkosi iguquka iba nguJehova nangoBuntu baYo, lokho okwakungeyona impilo oqotsheni lwakho, okungukuthi, okwakungubuntu phaqa, kwaxoshwa. Yilokhuke okufanekiswa ngomusho othi indodana yesigqilakazi kayinakudla ifa kanye nendodana uIsaka.

[3] Lapho “ukudla ifa” engqondweni engaphakathi kumalungana neNkosi kufanekisa ukuba ngumnini kwaYo kwempilo kaYise, kanjalo ukuba ngumnini wempilo ngaphakathi kwaYo; kepha lapho kumalungana nabantu ukuba nempilo yeNkosi, okungukuthi, ukwamukela impilo eNkosini. Lokhu kuchache ezindaweni eziningi eZwini. Ukuba ngumnini wempilo engaphakathi kwaYo kuwuqobo lweNgqikithi yempilo, okunguJehovah, kanti ukuba ngumnini wempilo yeNkosi, noma ukwamukela impilo eNkosini, kungukuvuma iNkosi ngothando nangenkolo. Nangenxa yokuthi abantu abanjalo bahlala eNkosini futhi bangabeNkosi babizwa ngezindlalifa namadodana aYo.

[4] EThestamenteni eliDala kusetshenziswa “ifa” lapho kukhulunywa ngakho kokubili, okwezulu lamazulu lamazulu noma ukulunga, nokwezulu likamoya noma iqiniso, yize okwezulu lamazulu kuchazwa ngelinye igama, nokwezulu likamoya kuchazwa ngelinye elahlukile. Elokuqala igama lingachazwa ngo “kuba ngumnini ngokudla ifa” kanti elesibili lingachazwa ngo “kudla ifa”. Olimini lokuqala noma lwakudala igama lokuqala ligudlisa futhi ukuba ngumnini, kanti elesibili ligudlisa okususelwe ekubeni ngumnini, ngendlela okwezulu lamazulu nokwezulu likamoya okuhlobene ngayo, noma ngendlela ukulunga neqiniso okuhlobene ngayo. Kulesisahlukwana esiphezu kwaso, lapho uIsaka efanekisa khona uBuqotho beNkosi boBunkulunkulu noma uBuntu boBunkulunkulu, kusetshenziswe igama elichaza ukuba ngumnini ngelungelo lokudla ifa, ngokuba uBuntu beNkosi boBunkulunkulu yibo bodwa obuyindlalifa nomnini, njengoba naYo iNkosi ifundisa kumfanekiso olotshwe kuMathewu 21:33, 37, 38; Markhu 12:7; Luka 20:14; nakwezinye izindawo ezahlukene lapho imemezela khona ukuthi konke okungokukaYise kungokwaYo.

[5] Lapho “ukuba ngumnini ngokudla ifa” no “kudla ifa” kumalungana nabantu eZwini, kufanekisa ukwamukela impilo eNkosini, ngakhoke kusho ukwamukela impilo ephakade noma izulu, ngokuba yilabo abamukela iNkosi kuphela abamukela izulu. Lokhu kuchachile esAmbulweni sikaJohane, lapho kuthiwa khona: Onqobayo uyokwamukela konke ngokudla ifa, futhi ngiyokuba nguNkulunkulu wakhe naye abe yiNdodana yaMi (IsAmbulo 21:7).

KuMathewu kuthiwa: Lowo nalowo oshiye izindlu noma abafowabo, noma odadewabo ngenxa yegama laMi uyokwamukela okuphindwe ngekhulu, adle ifa lokuphila okuphakade (Mathewu 19:29; 25:43; Markhu 10:17; Luka 18:18).

Lapha izulu libizwa ngo “kuphila okuphakade”, kodwa kwezinye izindawo libizwa nge “mpilo” noma ngo “kuphila”, njengakuMathewu 18:8, 9; 19:17; Johane 3:36; 5:24, 29, nesizathu salokhu wukuthi iNkosi iyimpilo uqobo lwayo, nomuntu owamukela impilo yaYo usezulwini.

[6] KumaHubo kaDavidi kuthiwa: UNkulunkulu uzolisindisa iSiyoni, akhe imizi yakwaJudah; bayohlala khona ngokudla ifa; nenzalo yezinceku zakhe iyolidla ifa, nalabo abathanda igama laKhe bayohlala kulo (AmaHubo 69:35, 36).

Lapha ukuba “ngumnini ngokudla ifa” kumalungana nalabo okukhona kubo uthando lwasezulwini lamazulu, kanti “ukudla ifa” kumalungana nalabo okukhona kubo uthando lwasezulwini likamoya.

KuIsaya kuthiwa: Owethemba kiMi uzokudla ifa lezwe, abe ngumnini ngefa lentaba yaMi engcwele (Isaya 57:13).

Lapha kufanekiswa okufanayo nokufanekiswa ngempinda engenhla.

[7] KuEksodusi kaMose kuthiwa: Ngiyokuningenisa ezweni engaphakamisa isandla saMi ngalo ukulinika uAbrahama, noIsaka, noJakobe, ngiyolinika njengefa ngokuzalwa (Eksodusi 6:8).

Engqondweni engaphandle yeZwi lamazwi asho ukuthi izwe laseKhanani liyophiwa bona njengefa ngokuzalwa, okuyinto empeleni engazange yenzeke. Kepha engqondweni engaphakathi asho ukuthi izulu liyophiwa labo okukhona kubo uthando lokuthanda iNkosi futhi abakholwa kuYo, ngokuba njengoba iNkosi ifanekiswa ngo “Abrahama, Isaka, noJakobe” kanjalo uthando uqobo nenkolo uqobo kufanekiswa ngabo, ngakhoke ngabo kufanekiswa abantu abanothando nenkolo futhi abahlala eNkosini. Kufanekiswa labobantu futhi ngoAbrahama, Isaka, noJakobe, abaningi abayohlala nabo etafuleni lokudla embusweni wezulu kuMathewu 8:11; ngokuba abantu abasezulwini kabazi lutho ngoAbrahama, Isaka, noJakobe, ekubeni bazi kuphela okuqhamyiswa nokufanekiswa ngabo. Futhi kabazi lutho “ngokuhlala nabo etafuleni lokudla” noma ngokudla kanye nabo. Ngokuba onke amagama aphathwa eZwini afanekisa izinto zangempela (bheka izinombolo 1224, 1264, 1876, 1888), nezwe laseKhanani lifanekisa izulu (bheka izinombolo 1585, 1607, 1866), elibuye libizwe futhi ngokuthi “izwe” njekuphela (bheka izinombolo 1413, 1607, 1733, 2571). Kanjalo nakuMathewu kuthiwa: Babusisiwe abamnene, ngokuba bayokudla ifa lezwe (Mathewu 5:5).

  
/ 10837