Iz Swedenborgovih djela

 

Izimfihlakalo Zezulu #1

Proučite ovaj odlomak

  
/ 10837  
  

1. INCWADI KAGENESIS

Kakho umuntu ongabona ngokusukela engqondweni yemvelo yeZwi yeThestamente eliDala ukuthi lengxenye yeZwi imumethe izimfihlo zasezulwini ezijulile, nokuthi konke okuqukethwe kuyo, kabanzi nangemininingwane, kuphathelene neNkosi, nezulu laYo, nesonto, nenkolo, nazozonke izinto ezixhumene nalezizinto. Ngokuba engqondweni yemvelo noma yamabala yalengxenye yeZwi, umuntu angabona kuphela—kabanzi—ukuthi zonke izinto kuyo ziphathelene namasiko nemithetho eSonto lamaJuda. Nokho iqiniso elimsulwa wukuthi kulolo nke leloZwi kukhona okungaphakathi okungaveli nakancane kokungaphandle ngaphandle kokuyingcosane okwadalulwa futhi kwachazwa yiNkosi kuBafundi baYo; njengokuthi imihlabelo ifanekisa iNkosi; ukuthi izwe laseK-hanana neJerusalema kufanekisa izulu—okuyisizathu sokuba kubizwe ngeKhanana lasezulwini nangeJerusalema lasezulwini—nokuthi iPharadisi lifanekisa okufanayo. (Mathewu 6:33)

  
/ 10837  
  

Iz Swedenborgovih djela

 

Izimfihlakalo Zezulu #1225

Proučite ovaj odlomak

  
/ 10837  
  

1225. Ukuthi ngo “Shemi” kufanekiswa iSonto langaphakathi sekuphawuliwe kwabuye kwakhonjiswa esahlukwaneni 18 kuya phambili eSahlukweni esingaphambi kwalesi.

  
/ 10837  
  

Iz Swedenborgovih djela

 

Izimfihlakalo Zezulu #1502

Proučite ovaj odlomak

  
/ 10837  
  

1502. Ngokusukela kulemiziyo sekusobala manje ukuthi ngokungenisa noma ngokugogobala kukaAbrama eGibhithe kakulinganiswa futhi kakufanekiswa lutho olunye ngaphandle kweNkosi, ikakhulu ukufundiswa kwaYo ngenkathi iseyingane noma isengumfana. Lokhu kuqiniswa nangokushiwo kuHoseya, ukuthi:

Ngayibiza indodana yaMi ukuba iphume eGibhithe (Hoseya 11:1; Mathewu 2:15).

Kuqiniswa futhi nangokushiwo nguMose, encwadini yakhe uEksodusi, ukuthi:

Ukuhlala kwabantwana bakwaIsrayeli abakuhlalayo eGibhithe kwakuyiminyaka engamakhulu amane namashumi amathathu. Kwathi ekupheleni kweminyaka engamakhulu amane namashumi amathathu, kwathi ngalo lolosuku, amabandla kaJehova aphuma ezweni laseGibhithe (Eksodusi 12:40, 41).

Leyominyaka engamakhulu amane namashumi amathathu ayikalwanga kusukela ekungeneni kukaJakobe eGibhithe, kodwa yakalwa kusukela ekungeniseni noma ekugogobaleni kukaAbrama eGibhithe. Ngakho-ke nge “ndodana yaMi eGibhithe” kuHoseya 11:1 kufanekiswa iNkosi ngengqondo engaphakathi. Lokhu kuqiniswa futhi nawukuthi nge “Gibhithe” eZwini kakufanekiswa lutho olunye ngaphandle kolwazi, njengoba kukhonjisiwe ezinombolweni 1164, 1165, 1462.

[2] Ukuthi kuqukethwe lezizimfihlakalo kulamazwi kungabasobala futhi nangokuthi kushiwo okufanayo ngoAbrama ngenkathi egogobele eFilistiya, okungukuthi, wabiza umkakhe ngodadewabo (Genesise 20:1-18), nangokushiwo ngoIsaka, okwathi ngenkathi egogobele eFilistiya wabiza umkakhe ngodadewabo (Genesise 26:6-13). Lokhukubizwa kwabafazi ngodade kwakungeke kulotshwe noma kubikwe eZwini, nezimo zakho ezifanayo, ukuba kwakungacashe mfihlakalo kukho. Okunye, leli yiZwi leNkosi elingeke libe nempilo kulo ngaphandle kokumumatha ingqondo engaphakathi emalungana neNkosi uqobo.

[3] Izimfihlakalo ezicashe emazwini alengxenye yeZwi, nasemazwini amalungana noAbrama kanye noIsaka beseFilistiya, zimayelana nendlela okwahlanganiswa ngayo iNgqikithi yoBuntu beNkosi eNgqikithini yoBunkulunkulu baYo, noma okuyinto efanayo, zimayelana nokuthi iNkosi yaphenduka kanjani yaba wuJehova nangeNgqikithi yaYo yoBuntu. Zimayelana futhi nokuthi ukwethwasiswa noma ukufundiswa kweNkosi, okuyisihloko salesiSahluko, kwaqala ebunganeni baYo. Nangaphezu kwakhokonke lokhu, kulamazwi kucashe izimfihlakalo eziningi kangangoba umuntu angekukholwe ubuningi bazo, nalezo ezibaliwe ziyingcosana kangangoba kufana nokuthi kazikho. Nangaphezu kwezimfihlakalo ezijule kakhulu ezimalungana neNkosi lamazwi amumethe izimfihlakalo ezimalungana nokufundiswa kanye nokuzalwa kabusha komuntu ukuze abe ngowezulu lamazulu, nokufundiswa nokuzalwa kabusha komuntu ukuze abe ngokamoya; zimalungana hhayi nomuntu ngamunye kuphela kodwa futhi zimalungana neSonto kabanzi. Kulamazwi kucashe futhi imfihlakalo emalungana nokufundiswa kwezingane ezulwini. Ngamafuphi iphathelene nokwenzeka kubobonke abantu abagcina beyizithombe nofuzo lweNkosi. Lezizimfihlakalo kazibonakali nakancane engqondweni engaphandle noma yemvelo yeZwi, ngenxa yokuthi zimbozwa futhi zifiphazwe yimininingwane yomlando; kepha zibonakala ngokuchachile engqondweni engaphakathi.

  
/ 10837