Iz Swedenborgovih djela

 

Izimfihlakalo Zezulu #0

Proučite ovaj odlomak

/ 10837  
  

IZIMFIHLO ZASEZULWINI EZIQUKETHWE EZIBHALWENI EZINGCWELE NOMA EZWINI LENKOSI ZISONJULULIWE KUQALWA ENCWADINI KAGENESIS KANYE NEZINTO EZIMANGALISAYO EZIBONWE EMHLABENI WEMIMOYA NASEZULWINI LEZINGELOSI

KULOTSHWE WU EMANUEL SWEDENBORG

KWAHUNYUSHWA KUSUSWA ESINGISINI KUYISWA ESIZULWINI UMQINGO WOKUQALA

IHUNYUSHWE NGU wuZAMOKUHLE T. ZUNGU

---

Arcana Coelestia: The Heavenly Arcana contained in the Holy Scripture or Word of the Lord unfolded in the Book of Genesis together with wonderful things seen in the World of Spirits and in the Heaven of Angels

By Emanuel Swedenborg

Translated into Zulu by Zamokuhle T. Zungu

---

UHLU LOMLOBI LWEZIHLOKO EZIQUKETHWE EMQINGWENI WOKUQALA.

IziMfihlo zeZulu ezisonjululwe eziBhalweni eziNgcwele noma eZwini leNkosi zikwiNcazelo, eyiNgqondo engaPhakathi yeZwi. Ukuthi lengqondo inhloboni kungabonwa kulezozinto ezikhonjiswe malungana nayo ngokusukela eLwazini lokuzazela mathupha ezinombolweni 1767-1777, 1869-1879; nasemongweni noma engqikithini yenkulumo (ezinombolweni 1-5, 64-66, 167, 605, 920, 937, 1143, 1224, 1404, 1405, 1408, 1409, 1502 ekugcineni, 1540, 1659, 1756, 1783, 1807).

IZinto eziMangalisayo ezibonwe eMhlabeni weMimoya naseZulwini leziNgelosi, kuqalwe ngazo futhi zajotshelelwa ezahlukweni ezimbalwa. Kulomqingo kukhona lezizihloko ezilandelayo:

Mayelana nokuVuswa komuntu kwabafileyo, nokungena kwakhe ekuphileni okuphakade (n. 168-181).

Isiqhubezo mayelana nokungena komuntu ekuphileni okuphakade (n. 182-189; naku 314-319).

Ukuthi ngaleyonkathi impilo yoMphefumulo noma yoMumoya injani (320-323).

Ezinye izibonelo zemicabanga yeMimoya yokuthi yayicabangani ngoMphefumulo noma ngoMumoya ngenkathi isesemzimbeni wemvelo (n. 443-448).

Mayelana neZulu kanye neNjabulo yaseZulwini (n. 449-459; 537-546; 547-553).

Mayelana namaBandla abumba noma enza iZulu (n. 684-691).

Mayelana nesiHogo (n. 692-700).

Mayelana neziHogo zalabo abebebuswa yiNzondo, ukuPhindisa, noluNyae ezimpilweni zabo zemvelo (n. 814-823).

Mayelana neziHogo zalabo abebebuswa wukuPhinga neSigweba; mayelana futhi neziHogo zabaKhohlisi nezabaThakathikazi (n. 824-831).

Mayelana neziHogo zabaHahayo; namayelana neJerusalema eliNgcolile, nabaPhangi eHlane; namayelana nothuvi obugcwele eziHogweni zalabo abebecwile ezinjabulweni zomzimba noma zezinzwa besaphila emhlabeni wemvelo (n. 938-946).

Mayelana nezinye iziHogo ezehlukile kulezi esezibalwe ngenhla (n. 947-970).

Mayelana neziNcithakalo (n. 1106-1113).

UHlu lomlobi lwezihloko eziqukethwe emqingweni wesikhombisa.

IziMfihlakalo zezulu ezisonjululwe ezibhalweni eziNgcwele noma ezwini leNkosi ziqukethwe ezincazelweni, eyingqondo engaphakathi yezwi. Izanduleliso ezendulela izahluko ezimbalwa ziyincazelo yalokhu okulandelayo: Ziyincazelo eyingqondo engaphakathi yamazwi eNkosi akuMathewu 25:34-36 (ezinombolweni 4954-4959).

Ziyisiqhubezo mayelana nokuqhamisana komuntu noMuntu oMkhulu: ukuqhamisana kwamanyonga nezitho ezixhumene nawo (ezinombolweni 5050-5062).

Ziyincazelo eyingqondo engaphakathi yamazwi eNkosi akuMathewu 25:37-46 (ezinombolweni 5063-5071).

Ziyisiqhubezo mayelana nokuqhamisana komuntu nomuntu omkhulu: ukuqhamisana kwezitho zomuntu zangaphakathi nezitho zomuntu omkhulu zangaphakathi (ezinombolweni 5171-5190).

Ziyisiqhubezo mayelana nokuqhamisana komuntu nomuntu omkhulu (ezinombolweni 5377-5396).

Ziyisiqhubezo mayelana nokuqhamisana komuntu nomuntu omkhulu: ukuqhamisana kwesikhumba, izinwele, namathambo (ezinombolweni 5552-5573).

Ziyisiqhubezo mayelana nokuqhamisana: ukuqhamisana kwezifo nomhlaba kamoya (ezinombolweni 5711-5727).

UHLU LOMLOBI LWEZIHLOKO EZIQUKETHWE KULOMQINGO.

Kuqukethwe izimfihlakalo zezulu ezethulwe ngencazelo yengqondo enga pha-kathi yeZibhalo ezingcwele noma yeZwi.

Okujotshelelwe ekugcineni kwezinye iZahluko kumayelana nezingelosi ka nye nemimoya okuhanqa umuntu (bheka izinombolo 5846-5866).

Isiqhubezo mayelana nezingelosi kanye nemimoya okuhanqe umuntu (bheka izinombolo 5976-5993).

Kujotshelelwe okumayelana nomngenela nobudlelwane bomphefumulo emzimbeni wemvelo (bheka izinombolo 6053-6058).

Isiqhubezo mayelana nomngenela nobudlelwane bomphefumulo emzimbeni wemvelo (6189-6215).

Isiqhubezo mayelana nomngenela nobudlelwane bomphefumulo emzimbeni wemvelo (6307-6327).

Isiqhubezo mayelana nomngenela nobudlelwane bomphefumulo emzimbeni wemvelo (bheka izinombolo 6466-6496).

Isiqhubezo mayelana nomngenela nobudlelwane bomphefumulo emzimbeni wemvelo (bheka izinombolo 6598-6626).

Okunye okulotshiwe (bheka amakhasi 503, 504).

/ 10837  
  

Iz Swedenborgovih djela

 

Izimfihlakalo Zezulu #182

Proučite ovaj odlomak

  
/ 10837  
  

182. ISAHLUKO SESITHATHU

ISIQHUBEZO MALUNGANA NOKUNGENA EMPILWENI YAPHAKADE KWALABO ABAVUSWAKWABAFILEYO.

Lapho izingelosi zezulu lamazulu zibungaza ukumuntu osevusiwe, kazimshiyi, ngoba zibathanda bonke abavusiweyo. Kodwa uma umphefumulo womuntu usuwuhlobo lokuba ungabe usabungazwa yizingelosi zezulu lamazulu, ovusiweyo ulangazelela ukwehlukana nazo; nalapho sekufika lesisikhathi, kufika futhi nezingelosi zezulu lamazulu kuye maqede zimuphe usizo lokukhanya, ngo kuba ngaphambi kwalokhu ubengaboni lutho, kepha ubecabanga kuphela.

  
/ 10837  
  

Iz Swedenborgovih djela

 

Izimfihlakalo Zezulu #1462

Proučite ovaj odlomak

  
/ 10837  
  

1462. Nge “Gibhithe” kufanekiswa ulwazi oluyiziminya uma kumaqondana neNkosi, kodwa kufanekiswa ulwazi kabanzi uma kumaqondana nabanye abantu. Lokhu kusobala ngokufanekiswa nge “Gibhithe” eZwini, okuyinto osekukhulunyiwe ngayo ezindaweni ezimbalwa, ikakhulu ezinombolweni 1164, 1165 Imbala iSonto laseMandulo lalikhona eGibhithe, njengoba lalikhona nakwezinye izindawo eziningi (bheka inombolo 1238), nangenkathi leloSonto lilapho kwakugcwele lonke uhlobo lolwazi khona kakhulu kunakhokonke okunye; nalokhu kuyisizathu sokuba “iGibhithe” igcine ifanekisa ulwazi. Kepha ngemuva kokuba abalapho bezame ukungena ezimfihlakalweni zenkolo ngesu lalolonke ulwazi ababenalo, kanjalo badingide iqiniso lezimfihlakalo zoBunkulunkulu ngokusukela emandleni abo, iGibhithe laphenduka indawo yomlingo, nangaleyondlela lafanekisa iziminya eziphendukezelayo noma ezedukisayo, okuphuma kuzo amanga nobubi obususelwe kulawomanga, njengoba lokhu kuchachile kuIsaya 19:11.

[2] Ukuthi nge “Gibhithe” kufanekiswa lonke uhlobo lolwazi oluwusizo, kanjalo kulesisahlukwana esiphezu kwaso kufanekiswa ulwazi oluyiziminya ezikwazi ukuba yizikhongozelo ezikhongozela izinto zezulu lamazulu nezinto zezulu likamoya, kuba sobala kulezizindawo eZwini. KuIsaya kuthiwa:

Baledukisile iGibhithe, itshe legumbi lezizwe (Isaya 19:13).

Lapha iGibhithe libizwa nge “tshe legumbi lezizwe”, njengoba kwakumele libe yisisekelo sokwesekela izinto zenkolo ezifanekiswa nge “zizwe”. Kuye futhi lomphrofethi kuthiwa:

Ngalolosuku kuyokuba yimizi eyisihlanu ezweni laseGibhithe eyokhuluma ulimi lwaseKhenani, ifunge uJehova Sebawoti. Lowo nalowomuzi uyobizwa ngoMuzi weLanga. Ngalolosuku kuyokuba khona ialthare kuJehova phakathi kwezwe laseGibhithe, nensika kuJehova emkhawulweni walo; liyokuba wuphawu nobufakazi kuJehova Sebawoti ezweni laseGibhithe, ngokuba bayokhala kuJehova ngabacindezeli; Yena uyobathumela umsindisi nomvikeli, abophule. UJehova uyokuzazisa eGibhithe, nabaseGibhithe bayomazi uJehova ngalolosuku, bamkhonze ngomhlatshelo nangomnikelo, benze izethembiso kuJehova, bazigcwalise. UJehova uyokulishaya iGibhithe, alishaye maqede aliphulukise; bayobuyela kuJehova, bamncenge, abaphulukise (Isaya 19:18-22).

Lapha kukhulunywa nge “Gibhithe” ngendlela evumayo, ewukufanekisa labobantu abaneziminya noma amaqiniso emvelo ayizinkongozelo zamaqiniso ezulu likamoya.

[3] Kuye futhi lomphrofethi kuthiwa:

Ngalolosuku kuyokubakhona indlela ephuma eGibhithe iye eAsiriya; iAsiriya iyongena eGibhithe, neGibhithe ingene eAsiriya, nabaseGibhithe bayokhonza iAsiriya. Ngalolosuku uIsrayeli uyokuba ngowesithathu kanye neGibhithe neAsiriya, babe yisibusiso phakathi komhlaba, uJehova Sebawoti ayobabusisa ngaso ethi: Malibusiswe iGibhithe abantu baMi, neAsiriya umsebenzi wezandla zaMi, noIsrayeli ifa laMi (Isaya 19:23-25).

Nalapha nge “Gibhithe” kufanekiswa ulwazi olubunjwe ngamaqiniso emvelo; kanti nge “Asiriya” kufanekiswa ubuqotho noma izinto zengqondo; ngo “Israyeli” kufanekiswa izinto zikamoya noma zezulu likamoya, okuyizinto ezilandelana ngalelohlelo. Yilokhukulandelana okubanga ukuba kuthiwe lapha “Ngalolosuku kuyokubakhona umgwaqo ophuma eGibhithe uye eAsiriya, noIsrayeli uyokuba ngowesithathu kanye neGibhithe neAsiriya”.

[4] KuHezekeli kuthiwa:

Ilineni elcolekileyo elifekethisiweyo elivela eGibhithe laliwuseyili wakho, ukuze libe yibhanela kuwena (Hezekeli 27:7).

Lapha kukhulunywa ngeTire, okuwumuzi ofanekisa ukuba ngumnini weziminya. Nge “lineni elicolekileyo elifekethisiweyo” kufanekisa amaqiniso aqukethwe kuzozonke izinhlobo zolwazi oluwusizo; ngokuba ulwazi, ekubeni lungolomuntu ongaphandle, kumele lube wusizo kumuntu ongaphakathi. Kuye futhi lomphrofethi kuthiwa:

Isho kanje iNkosi uJehovi, ithi: Ngasekupheleni kweminyaka engamashumi amane ngiyoqoqa iGibhithe phakathi kwabantu ehlakazekele kubo, ngibuyise ukuthunjwa kweGibhithe (Hezekeli 29:13).

Okushiwo lapha kuyafana nokushiwo kwezinye izindawo eziningi ngoJuda nangoIsrayeli, ukuthi babeyoqoqwa phakathi kwabanye abantu maqede babuyiswe ekuthunjweni. KuZakhariya kuthiwa:

Kuyokuthi kulabo abangakhuphuki emindenini yomhlaba, ukuya eJerusalema bayokhuleka eNkosini uJehova Sebawoti, kungabikho mvula phezu kwabo. Uma umndeni wa seGibhithe ungakhuphuki, uze ufike… (Zakhariya 14:17, 18).

Nalapha “iGibhithe” isetshenziswe ngengqondo noma ngendlela evumayo ukuze lifanekise okufanayo, okuwulwazi olubunjwe ngamaqiniso emvelo.

[5] Ukuthi ulwazi noma inhlakanipho yobuntu kufanekiswa nge “Gibhithe” kuba sobala nakuDaniyeli 11:43, lapho ulwazi lwezinto zezulu lamazulu nezezulu likamoya zibizwa nge “ngcebo yangasese yegolide nesiliva” nange “zinto ezingamagugu zaseGibithe”. NangoSolomoni kuthiwa inhlakanipho yayedlula inhlakanipho yawowonke amadodana asempumalanga nayoyonke inhlakanipho yabaseGibhithe (1 Amakhosi 4:30). Nendlu eyakhiwa wuSolomoni eyakhela indodakazi kaFaro kayifanekisi lutho olunye (1 Amakhosi 7:8; nasezahlukwaneni ezilandelayo).

[6] Ukuhanjiswa kweNkosi eGibhithe ngenkathi isengumntwana kwakungafanekisi lutho olunye olwahlukile kunokufanekiswa lapha ngoAbram, yize nokho esinye isizathu sokuba iNkosi ihanjiswe khona kwabe kungukugcwalisa konke okwasekwenzekile nokwakufanekisa Yona. Uhambo lukaJakobe namadodana akhe beya eGibhithe engqondweni engaphakathi kwakungafanekisi lutho olunye ngaphandle kokufundiswa kweNkosi okokuqala ngolwazi oluseZwini, njengoba lokhu kuchachile kulezizimpinda ezilandelayo. Malungana neNkosi ku Mathewu kuthiwa:

Ingelosi yeNkosi yabonakala kuJosefa ngephupho, ithi: Vuka, uthabathe umntwana nonina, ubalekele eGibhithe, uhlale khona, ngize ngikutshele. Wavukake, wathabatha umfana nonina ebusuku, wamuka waya eGibhithe, wahlala khona waze wafa uHerodi, ukuze kugcwaliswe okwashiwo wumphrofethi ngesikhathi ethi: Ngibizile indodana yaMi ukuba iphume eGibhithe (Mathewu 2:13-15; 19-21).

KuHoseya lamazwi abekwe kanje:

Lapho uIsrayeli esengumfana ngamthanda, ngayibiza indodana yaMi ukuba iphume eGibhithe (Hoseya 11:1).

Ngalokhu kuyachacha ukuthi ngo “Israyeli osengumfana” kufanekiswa iNkosi, nokufundiswa kwayo ngenkathi isengumfana kuchazwa ngamazwi “ Ngayibiza indodana yaMi ukuba iphume eGibhithe”.

[7] Kuye futhi lomphrofethi kuthiwa:

Ngomphrofethi uJehova wakhuphula uIsrayeli emkhipha Gibhithe, nangomphrofethi walondolozwa (Hoseya 12:13).

Nalapha ngo “Israyeli” kushiwo iNkosi. Ngo “mphrofethi” kufanekiswa umuntu ofundisayo, kanjalo ofundisa ulwazi oluyiziminya. KumaHubo kaDavidi kuthiwa:

Sibuyise, Nkulunkulu Sebawoti, ukhanyise ubuso baKho ukuze sisindiswe. Wakhipha umvini eGibhithe, waxosha izizwe, watshala wona (AmaHubo 80:7, 8).

Nalapha kushiwo iNkosi, ebizwa ngo “mvini eGibhithe” malungana nolwazi oluyiziminya eyayifundiswa lona.

  
/ 10837