Iz Swedenborgovih djela

 

Izimfihlakalo Zezulu #1

Proučite ovaj odlomak

  
/ 10837  
  

1. INCWADI KAGENESIS

Kakho umuntu ongabona ngokusukela engqondweni yemvelo yeZwi yeThestamente eliDala ukuthi lengxenye yeZwi imumethe izimfihlo zasezulwini ezijulile, nokuthi konke okuqukethwe kuyo, kabanzi nangemininingwane, kuphathelene neNkosi, nezulu laYo, nesonto, nenkolo, nazozonke izinto ezixhumene nalezizinto. Ngokuba engqondweni yemvelo noma yamabala yalengxenye yeZwi, umuntu angabona kuphela—kabanzi—ukuthi zonke izinto kuyo ziphathelene namasiko nemithetho eSonto lamaJuda. Nokho iqiniso elimsulwa wukuthi kulolo nke leloZwi kukhona okungaphakathi okungaveli nakancane kokungaphandle ngaphandle kokuyingcosane okwadalulwa futhi kwachazwa yiNkosi kuBafundi baYo; njengokuthi imihlabelo ifanekisa iNkosi; ukuthi izwe laseK-hanana neJerusalema kufanekisa izulu—okuyisizathu sokuba kubizwe ngeKhanana lasezulwini nangeJerusalema lasezulwini—nokuthi iPharadisi lifanekisa okufanayo. (Mathewu 6:33)

  
/ 10837  
  

Iz Swedenborgovih djela

 

Izimfihlakalo Zezulu #167

Proučite ovaj odlomak

  
/ 10837  
  

167. Kodwa ukuba kukhona umuntu owaziyo ukuthi zingakanani izimfihlakalo eziqukethwe kuleso nalesosahlukwana, ubeyokhexa umlomo. Ngokuba yileso naleso sahlukwana siqukethe izimfihlo noma izimfihlakalo eziningi kangangoba kazinakubalwa, yize lokhu kungabonakali nakancane engqondweni yemvelo ezilotshwe ngayo. Ngamafuphi, amazwi engqondo yemvelo, alotshwe ngayo, afanekiswe ngokuchachile emhlabeni wemimoya, futhi afanekiswe ngendlela noma ngehlelo elihle ngokumangalisayo. Ngokuba umhlaba kamoya uwumhlaba ofanekisayo, futhi nomayini efanekiswe ngokuchachile kuwo kuqondwa yimimoya eyizingelosi zezulu likamoya noma lesibili ngisho nangayoyonke imininingwane yakho. Nalokhu okuqondwa yimimoya eyizingelosi zezulu lesibili kuqondwa yizingelosi zezulu lamazulu noma lesithathu ngokugcwele, ngesu lemiqondo yobungelosi engakhulumekiyo. Ngokusukela kumusa weNkosi izingelosi zezulu lesithathu zikuqonda lokhu ngokwahlukahlukana okungenamkhawulo. Linjalo iZwi leN-kosi.

  
/ 10837  
  

Iz Swedenborgovih djela

 

Izimfihlakalo Zezulu #1405

Proučite ovaj odlomak

  
/ 10837  
  

1405. Kepha, njengoba sekukhonjiswe ngokuchachile, engqondweni yangaphakathi lelo nalelogama limele liqondwe ngokwehlukile kulokho okushiwo engqondweni yalo yemvelo—liqondwe ngokusengathi ingqondo yalo yemvelo kayikho; ngokuba ngaphakathi kwengqondo yangaphakathi kuhlala umphefumulo nempilo yeZwi, okungenakubonakala ngaphandle kokunyamalala kwengqondo yangaphandle. INkosi izihola ngalendlela ukuqonda iZwi lapho lifundwa wumuntu emhlabeni.

  
/ 10837