Izimfihlakalo Zezulu #4229

By Emanuel Swedenborg

Study this Passage

  
/ 10837  
  

4229. MAYELANA NESAHLUKO 32.

Emqingweni wesithathu kuqalwe incazelo yesibikezelo seNkosi ku-Mathewu 24 malungana noLwahlulelo lokuGcina. Incazelo ilotshwe eziNgenis-weni zeZahluko zokugcina zalowomqingo, zaqhutshezwa kwaze kwafinyelelwa esahlukwaneni 31 sikaMathewu 24 (bheka izinombolo 3353-3356, 3486-3489, 3650-3655, 3897-3901, 4056-4060). Ingqondo engaphakathi yalezozibikezelo zeNkosi ivela obala esiqoqweni sencazelo, engukuthi, lesosibikezela simalungana nezigaba ezilandelanayo zokubhubha kweSonto loBukhrestu nokusungulwa kweSonto eliSha loBukhrestu. Nalokho kubhubha kweSonto elidala iNkosi ibikezela ukuthi kuyokwenzeka ngalelihlelo elilandelayo:

Abantu beSonto bayoqala ukungazi ukuthi ukulunga neqiniso kuyini, baqale nokuphikisana ngakho.

Emva kwalokho bayobukela phansi ukulunga namaqiniso.

Kabayukuvuma ukulunga neqiniso ezinhliziyweni zabo.

Bayophendukezela noma bayohlanekezela ukulunga neqiniso.

Ngenxa yokuthi liyobe likhona iqiniso lenkolo nokulunga kwesisa senhliziyo okusele engcosaneni yabantu beSonto, ababizwa nga “bakhethiweyo”, iNkosi ibikezela ngesimo senkolo ngaleyonkathi.

INkosi ibikezela futhi ngesimo sesisa senhliziyo ngaleyonkathi.

Ekugcineni iNkosi ibikezela ngokuqala kweSonto eliSha, okufanekiswa ngamazwi achazwe kugcina, okuthi: INdodana yoMuntu iyothuma izingelosi zaYo ngokukhala okukhulu kwecilongo, ziqoqe abakhethiweyo baYo emimoyeni yomine, kusukela emkhawulweni omunye wezulu kuze kube komunye (Mathewu 24:31).

Ngalamazwi iNkosi yayifanekisa ukuqala kweSonto eliSha (lokhu kungabhekwa ekugcineni kwenombolo 4060).

  
/ 10837